Ongakusho Ngomagazini
INqabayokulinda August 1
“Abantu abaningi bakholelwa ukuthi bonke abantu bayoya ezulwini. Ingabe yilokho okukholelwayo? [Lindela impendulo.] Phawula okushiwo yilo mbhalo ngomhlaba. [Funda IHubo 37:11, 29.] Lesi sihloko sibonisa lokho uJesu akufundisa ngekusasa lesintu lapho esemhlabeni.” Khulumela isihloko esiqala ekhasini 22.
Phaphama! August
“Zimbalwa izinto empilweni ezibuhlungu ukwedlula ukufa komzali. Ingabe uyavuma? [Lindela impendulo.] Abaningi baduduzwe amavesi eBhayibheli afana naleli. [Funda isAmbulo 21:4.] Lesi sihloko sichaza indlela yokubhekana nemizwelo eminingi eba khona, ikakhulukazi entsheni.” Khulumela isihloko esiqala ekhasini 10.
INqabayokulinda September 1
“Abanye bathi uma uthembekile kuNkulunkulu, uyokubusisa ngengcebo kanti ukuhlupheka kuwuphawu lokuthi uyakulahla. Ucabangani? [Lindela impendulo.] Ngokuthakazelisayo, uJesu wayengesona isicebi. [Funda uLuka 9:58.] Lo magazini ukhuluma ngezinhlobo zezibusiso izikhonzi zikaNkulunkulu ezingazilindela.”
Phaphama! September
“Ingabe ucabanga ukuthi intsha yanamuhla inezinselele ezidlula ezeminyaka edlule? [Lindela impendulo.] Abaningi banomuzwa wokuthi leli vesi lisichaza kahle isikhathi esiphila kuso. [Funda eyesi-2 Thimothewu 3:1.] Lo magazini uchaza izimiso zeBhayibheli ezisebenzayo zokusiza abazali nentsha ukuba bakwazi ukubhekana nazo.”