ULwesihlanu, Okthoba 16
Ningazivumeli izinhliziyo zenu ziphambukele ezindleleni zakhe. Ninganhlanhlatheli ezindleleni zakhe.—IzAga 7:25.
Indaba elandiswa uSolomoni ibonisa lokho okungenzeka kunoma yimuphi umkhulekeli kaJehova. Angase enze isono esikhulu bese kamuva abone sengathi yonke into yenzeke ngokushesha. Noma angase athi, “Ngibone sekwenzeka nje.” Nokho, uma ecabangisisa ngokwenzekile, cishe uyoqaphela ukuthi kunezinto ezingahlakaniphile azenzile ezimholele ekwenzeni isono. Lezo zinto kungenzeka bezihlanganisa ukuchitha isikhathi nabangani ababi, ukuzijabulisa okungcolile, noma ukujwayela ukuya ezindaweni ezingabazisayo—kungaba ngokoqobo noma kuyi-inthanethi. Mhlawumbe uyekile nokuthandaza, ukufunda iBhayibheli, ukuya emihlanganweni yebandla noma ukushumayela. Njengensizwa okukhulunywe ngayo encwadini yezAga, kungenzeka isono akasenzanga ngokushesha. Yini esiyifundayo kule ndaba? Kudingeka singagcini nje ngokugwema ukwenza isono, kodwa nezinto eziholela kuso. Yilelo kanye iphuzu elalivezwa uSolomoni ngemva kokulandisa indaba.—Math. 5:29, 30. w24.07 16 ¶10-11
UMgqibelo, Okthoba 17
Sinale ngcebo ezitsheni zobumba.—2 Kor. 4:7.
Iyini le ngcebo? Iwumsebenzi wokushumayela umyalezo woMbuso osindisa ukuphila. (2 Kor. 4:1) Ziyini izitsha zobumba? Zimelela izinceku zikaNkulunkulu ezitshela abanye izindaba ezinhle. Ngesikhathi sikaPawulu, abahwebi babesebenzisa izitsha zobumba ukuze bathuthe izinto eziyigugu ezifana nokudla, iwayini nemali. Ngendlela efanayo, uJehova usiphathise umyalezo wezindaba ezinhle oyigugu. Ngosizo lukaJehova singakwazi ukuba namandla esiwadingayo okushumayela umyalezo wethu ngokwethembeka. Ngezinye izikhathi, singase sesabe abantu noma sesabe ukuthi ngeke basilalele. Singayinqoba kanjani leyo nselele? Cabanga ngomthandazo wabaphostoli lapho beyalwa ukuba bangashumayeli. Kunokuba besabe, bacela uJehova ukuba abasize baqhubeke bekhuluma ngesibindi.’ UJehova wawuphendula ngokushesha umthandazo wabo. (IzE. 4:18, 29, 31) Uma ngezinye izikhathi uzizwa wesaba abantu, cela uJehova akusize unqobe ukwesaba abantu ngothando onalo ngabo. w24.04 16 ¶8-9
ISonto, Okthoba 18
Baba wethu osemazulwini, malingcweliswe igama lakho.—Math. 6:9.
Uthando esinalo ngoJehova lusenza singcwelise igama lakhe. Sifuna ukuba nesandla ekuhlanzeni igama lakhe elihlanjalazwe uSathane ngamanga akhe amabi. (Gen. 3:1-5; Jobe 2:4; Joh. 8:44) Enkonzweni yethu, siyakulangazelela ukumelela uNkulunkulu wethu, sitshele noma ubani ongathanda ukulalela iqiniso ngaye. Sifuna ukutshela wonke umuntu ukuthi imfanelo yakhe evelele uthando, ukuthi indlela yakhe yokubusa ilungile futhi inobulungisa nokuthi maduze uMbuso wakhe uzoqeda konke ukuhlupheka, wenze bonke abantu babe nokuthula futhi bajabule. (IHu. 37:10, 11, 29; 1 Joh. 4:8) Lapho sivikela idumela likaJehova enkonzweni, singcwelisa igama lakhe. Kuyasijabulisa nokwazi ukuthi senza lokho okulindelekile kithi njengoFakazi BakaJehova. w24.05 18 ¶12