ISimiso Sesonto Lika-September 14
ISONTO ELIQALA NGO-SEPTEMBER 14
INgoma 117
□ ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
□ ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: Numeri 26-29
No. 1: Numeri 27:1-14
No. 2: Kuyini Ukuqondisa Umqondo, Futhi Kungani Kubalulekile? (Efe. 6:4)
No. 3: UJesu Uyakwazi Ukusivikela (lr-ZU isahl. 33)
□ UMhlangano Wenkonzo:
INgoma 33
5 imiz: Izaziso.
10 imiz: Ukwenza Izimpindelo. Ingxoxo nezilaleli esekelwe ezigabeni ezintathu ezingaphansi kwesihlokwana esisekhasini 97 encwadini ethi Ukuhlelelwa. Makube nomboniso wokuthi impindelo ingenziwa kanjani kumuntu owamukele incwadi ehanjiswa ngaleyo nyanga.
10 imiz: Ukuqala Izifundo ZeBhayibheli. Landisa okuhlangenwe nakho noma uxoxe nabamemezeli ngokuthi yini eye yafezwa ensimini yebandla lapho kucelwa izifundo zeBhayibheli ngosuku olubekelwe leyo njongo. Kusetshenziswa isipho sencwadi sika-September, makube nomboniso wokuthi isifundo seBhayibheli singaqalwa kanjani ngokuhambela kokuqala.
10 imiz: “Uyophendula Kanjani?” Ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
INgoma 56