Amazwibela Ombiko Wenkonzo
Siyajabula ukunazisa ukuthi phakathi no-March iBotswana ifinyelele inani elisha labamemezeli abangu-1 785, okuwukwanda ngamaphesenti angu-7 enanini labamemezeli langonyaka odlule. Ifinyelele nenani elisha lezifundo zeBhayibheli elingu-2 988. NeLesotho ibe nenyanga enhle kakhulu, ifinyelele inani elisha lamaphayona avamile elingu-303, nelezifundo zeBhayibheli elingu-5 604.