Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 7/10 k. 8
  • Ongakusho Ngomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ongakusho Ngomagazini
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2010
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2009
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2009
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2009
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2010
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2010
km 7/10 k. 8

Ongakusho Ngomagazini

INqabayokulinda July 1

“Iningi lethu aliqiniseki ukuthi kufanele lithini kumngane ogula kakhulu noma ogulela ukufa. Ucabangani ngalesi seluleko? [Funda uJakobe 1:19 bese ulindela impendulo.] Lesi sihloko sinikeza ukusikisela okuningana okusekelwe ezimisweni zeBhayibheli.” Khulumela isihloko esiqala ekhasini 10.

Phaphama! July

“Ingabe abesifazane kufanele bagcotshwe njengezikhonzi? [Lindela impendulo.] Nakhu okushiwo iBhayibheli ngowesifazane othile. [Funda eyabaseRoma 16:1.] Kodwa-ke, elinye ivesi lithi abesifazane kufanele bathule ebandleni. Ngakho-ke, uyini umbono weBhayibheli? Lesi sihloko siyachaza.” Khulumela isihloko esiqala ekhasini 28.

INqabayokulinda August 1

“Abantu abaningi banovalo lokuthi umhlaba uyokonakaliswa noma ubhujiswe impi yenuzi noma ukushintsha kwesimo sezulu. Ucabanga ukuthi kuyoke kwenzeke lokho? [Lindela impendulo.] Phawula lokho okushiwo iBhayibheli ngale ndaba. [Funda isAmbulo 11:18.] Lo magazini uphendula imibuzo emine evame ukubuzwa mayelana nokuphela kwezwe.”

Phaphama! August

“Kungenzeka wake waxoxa noFakazi BakaJehova ngaphambili. Wake wazibuza yini ukuthi kungani singena indlu ngendlu, ikakhulukazi ngoba abantu abaningi abanasithakazelo? [Lindela impendulo bese ufunda uMathewu 24:14.] Sithole ukuthi abaningi banemibono eyiphutha ngathi. Lo magazini uyachaza ukuthi bangobani oFakazi BakaJehova.”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela