Imibiko Evelele Yonyaka Odlule
Ingxenye yasemhlabeni yenhlangano kaJehova iqhubekela phambili ngamandla amakhulu! Sikumema ukuba ufunde izinto ezenzeke kulezi zinyanga ezidlule.
Izindawo Ezithengiwe Nezidayisiwe
Indawo Entsha Yendlunkulu Yomhlaba Wonke
Ngo-July 2009, oFakazi BakaJehova bathenga umhlaba endaweni eseNew York, e-U.S.A., behlela ukuthuthela khona indlunkulu yabo. Le ndawo engamahektare angu-102 isendaweni eqhele ngamakhilomitha angu-80 enyakatho-ntshonalanga yezakhiwo ebezilokhu ziseBrooklyn, eNew York, kusukela ngo-1909.
Kuzohlala futhi kusebenze izikhonzi zaseBethel ezingaba ngu-800 ezakhiweni ezintsha ezizoba namahhovisi, isakhiwo sezinkonzo ezihlukahlukene kanye nezakhiwo ezine zokuhlala. Kuhlelwe nokuba kule ndawo kwakhiwe isakhiwo sokulondoloza amagugu esizogcina umlando woFakazi BakaJehova wosuku lwanamuhla.
Leso sakhiwo sizodla umhlaba ongaba amahektare angu-18 omhlaba othengiwe bese kuthi ihlathi namaxhaphozi azungeze indawo kungathintwa. Ingadi ngeke ibe notshani obuningi. Kunalokho izakhiwo zizokwenziwa zifane nendawo ezikuyo enamahlathi. Abadwebi bamapulani baklame izakhiwo ngendlela eyonga ugesi nemali, okuzonciphisa umonakalo ongase wenzeke emvelweni, kunciphise nezindleko. Ngokwesibonelo, kuzothelwa umhlabathi ophahleni, kutshalwe izitshalo ezingakuzweli ukubanda nokulula ukuzinakekela ukuze kunciphe amanzi emvula azogelezela phansi futhi kugcinwe amazinga okushisa ngaphakathi efaneleka. Ihhovisi liklanywe ngendlela evumela ukukhanya kwelanga ukuba kukhanyise ngaphakathi. Ukongiwa kwamanzi nako kusemqoka.
Yini ebangele ukuba kuthuthwe? Amahhovisi amagatsha kwamanye amazwe manje asenyathelisa amaBhayibheli nezincwadi ezisekelwe eBhayibhelini, okuwumsebenzi owawenziwa eBrooklyn kuphela. Ngo-2004, umsebenzi wokunyathelisa nokuthutha izincwadi e-United States wabe sewenziwa eWallkill, eNew York, indawo eqhele ngamakhilomitha angaba ngu-145 enyakatho-ntshonalanga yeBrooklyn. Izindleko nazo zibe nomthelela. Kuyabiza ukunakekela izakhiwo esezindala futhi zibe zisezindaweni ezihlukene eBrooklyn. Ngokuthuthela esakhiweni esincane, singayisebenzisa kahle iminikelo.
Amahhovisi Egatsha Ahlanganisiwe
Kusukela ngo-September 2012 amahhovisi egatsha oFakazi BakaJehova angaphezu kuka-20 aseqondiswa amagatsha amakhulu. Zimbili izizathu eziyinhloko zalolu shintsho:
1. Ezobuchwepheshe sezenze umsebenzi waba lula. Eminyakeni yamuva, ukuthuthuka kwezindlela zokuxhumana nezokunyathelisa kunciphise inani lezisebenzi emagatsheni amakhulu. Njengoba base benciphile abantu ababekhonza emagatsheni amakhulu, kwavuleka indawo engasetshenziselwa ukuhlalisa abathile ababesebenza emagatsheni amancane kwamanye amazwe.
Manje njengoba sebekulezo zindawo abasebenzela kuzo, oFakazi abanolwazi olunzulu banakekela umsebenzi wokufundisa ngeBhayibheli. Ngokwesibonelo, umsebenzi wokushumayela eCosta Rica, e-El Salvador, eGuatemala, eHonduras, eNicaragua nasePanama usuqondiswa igatsha laseMexico. Ngenxa yalokho, avalwa amahhovisi egatsha kulawo mazwe ayisithupha. Izikhonzi zaseBethel ezingu-40 ezazikulawo magatsha ayisithupha zabelwa egatsheni laseMexico. Ezinye ezingaba ngu-95 zahlala emazweni azo, zangenela inkonzo yesikhathi esigcwele.
Abanye kulawo mazwe aseMelika Ephakathi baqhubeka nomsebenzi emahhovisi abahumushi, beqondiswa igatsha laseMexico. Ngokwesibonelo, abahumushi abangaba ngu-20 ePanama bahumusha izincwadi ngezilimi zendabuko. EGuatemala, oFakazi abangu-16 bahumusha izincwadi ngezilimi ezine zendawo. EMelika Ephakathi, lolu shintsho lunciphise isibalo sezisebenzi zaseBethel sasuka ku-300 saba ngu-75.
2. Kutholakala izisebenzi ezengeziwe ezizochitha isikhathi esiningi zishumayela Ngenxa yalokhu kuhlanganiswa kwamagatsha, abafowethu abebekhonza emagatsheni amancane sebengagxila ekushumayeleni izindaba ezinhle. Omunye umfowethu wase-Afrika, owabelwa emsebenzini wokushumayela, wabhala: “Ukuvumelanisa indlela yami yokuphila nezimo ezintsha kwakuyinselele ezinyangeni zokuqala ezimbalwa. Kodwa ukuba sensimini nsuku zonke kuye kwanginikeza intokozo nezibusiso engingeziqhathanise nalutho. Ngikhuluma nje ngiqhuba izifundo ezingu-20, abanye babo bayeza nasemihlanganweni yebandla.”
Uphawu Oludala LwaseBrooklyn
Sekuphele iminyaka engaphezu kwengu-40 izakhamuzi zaseNew York City zibona amagama abomvu odongeni olude olungamamitha angu-4,6 phezu kwendlunkulu yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova. Abaningi bathembele esikhathini nasemazingeni okushisa okubhalwe kulolu donga.
Umnikazi walesi sakhiwo uyena owayefake lolu phawu eminyakeni engaphezu kwengu-70 edlule. OFakazi BakaJehova basithenga ngo-1969, base belushintsha lwaba yilokho oluyikho manje.
Abafowethu bafaka amagama ophawu oluthi “Watchtower” ngo-1970
Ukuze lolu phawu lube usizo nakakhulu, luye lwalungiswa kaningana. Maphakathi nawo-1980, kwafakwa nezinga lokushisa olukalwa ngamaCelsius, lwaba kanye nolukalwa ngamaFahrenheit nesikhathi.
U-Eboni, olubonayo lolu phawu uma esefulethini lakhe eBrooklyn, uthi: “Kumnandi ukubuka efasiteleni ubone isikhathi nezinga lokushisa ngaphambi kokuya emsebenzini. Angishiywa isikhathi futhi ngiyasizakala ngikwazi ukugqoka ngendlela evumelana nesimo sezulu.”
Ingabe luyobe lukhona lolu phawu eminyakeni engu-40 ezayo? Njengoba kuhlelwa ukuba indlunkulu yoFakazi BakaJehova ithuthwe, leso sinqumo siyokwenziwa abazothenga lesi sakhiwo.
Ukusakaza Izwi
Into Entsha EManhattan
Ngo-November 2011, oFakazi BakaJehova eManhattan baqala ukusebenzisa indlela entsha yokumemezela isigijimi seBhayibheli kubantu ngokusebenzisa amatafula nezinqola ezilungiswe kahle okubekwe kuzo izincwadi. Lo mkhankaso wenziwa engxenyeni eseningizimu yeManhattan, okuyidolobha elidala neliphithizela kunawo wonke eNew York City. Le ndawo yahlukaniswa yaba izingxenye ezine. Ingxenye ngayinye inezindawo eziningana okuma kuzo iphayona kanye netafula noma inqola elungiswe kahle, kwabekwa kuyo izincwadi ukuze abantu abadlulayo bazibheke. Amatafula amaningi atholakala phakathi noma eduze kwezindawo zokugibela izinto zokuthutha umphakathi, okudlula kuzo amashumi ezinkulungwane zabantu usuku ngalunye.
Umbhangqwana ongamaphayona uhambisa omagazini etafuleni lezincwadi eGrand Central Station eNew York City
Kulezi zindawo abantu bangathola izimpendulo ezivela eBhayibhelini zemibuzo eminingi. Abangathandi ukuchitha isikhathi eside bangathatha izincwadi abazozifunda kamuva. Zitholakala ngezilimi eziningi. Uma incwadi ingekho ngolimi oluthandwa umuntu, inga-odwa bese eyithola ngemva kwezinsukwana.
Umphakathi neziphathimandla baye bayamukela le ndlela yokushumayela. Elinye iphoyisa lathi: “Benihlaleleni sonke lesi sikhathi? Ninakho nje okudingwa abantu.” Enye indoda yema lapho ibona incwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Yathi ibone abantu abalinde isitimela befunda le ncwadi yazibuza ukuthi bayithathephi. Manje isiyazi.
Enye insizwa yayidlula eduze kwelinye lalawa matafula lapho iya emsebenzini nsuku zonke kwaze kwaphela amasonto ayisithupha. Ekugcineni yema yathi: “Ngidinga usizo.” Izikhonzi ezazimi etafuleni zayisiza. Zayinika iBhayibheli, zayibonisa ukuthi ingazuza kanjani ngokulisebenzisa. Abantu abadlulayo abanesithakazelo baye bema ukuze baxoxe ngezihloko zeBhayibheli futhi esikhathini esiyizinyanga ezingu-8, abangu-1 748 babonisa isifiso sokutadisha iBhayibheli. Ngo-June 2012, le ndlela entsha yokushumayela eManhattan yayisisize abantu ukuba bathole omagazini abangu-27 934 nezincwadi ezingu-61 019.
Omagazini Bethu—Amakhasi Ambalwa, Izilimi Ezengeziwe
Kusukela ngo-January 2013, amakhasi e-Phaphama! ne-Nqabayokulinda yomphakathi ancishiswa asuka ku-32 aba ngu-16. Ngenxa yokuthi lab’ omagazini banezihloko ezimbalwa, abahumushi bazokwazi ukubahumushela ezilimini eziningi. Okwamanje, i-Phaphama! ihunyushelwa ezilimini ezingu-98, INqabayokulinda ihunyushelwa kwezingu-204. INqabayokulinda efundwayo izolokhu inamakhasi angu-32.
Ezinye zezihloko ebezivela komagazini abanyathelisiwe sezivela kuphela engosini ethi www.jw.org/zu kuyi-Internet. Lokhu kuhlanganisa izihloko ezithi “Ezentsha,” “Izifundo Zami ZeBhayibheli” nombiko wokuthweswa kweziqu eGileyadi zonke ebezivela kuyi-Nqabayokulinda yomphakathi, nesithi “Ukubukeza Komkhaya” nesithi “Intsha Iyabuza” ebezikuyi-Phaphama!
Ngaphezu kwalokho, uchungechunge lwezihloko ezitholakala kuyi-Internet kuphela zinikeza izimpendulo ezicacile nezifingqiwe zemibuzo yeBhayibheli nangoFakazi BakaJehova. Izincwadi ezinyatheliswayo zizotholakala nakuyi-Internet. Abantu bangazithola ngokushesha izincwadi zethu engosini ethi www.jw.org ngezilimi ezingaphezu kuka-440 nge-computer nangomakhalekhukhwini.
Ingosi Yethu Engokomthetho Ithuthukisiwe
Phakathi nezinyanga ezimbalwa ezidlule, oFakazi BakaJehova abaningi endlunkulu eNew York bebesebenza benza i-www.jw.org ikhange nakakhulu futhi kube lula ukuyisebenzisa nge-computer noma ngomakhalekhukhwini. Ngaphezu kwalokho, baye bathuthukisa le ngosi benemigomo emibili:
1. Ukuhlanganisa izingosi zethu. Izingosi ezintathu zoFakazi BakaJehova sezihlanganisiwe zaba ingosi eyodwa engokomthetho ethi www.jw.org. Lezi ezinye ezimbili, i-www.watchtower.org ne-www.jw-media.org, azisasebenzi. Ukuhlanganisa lezi zingosi kwenza ukuba abantu abafuna ukwaziswa ngoFakazi noma okumayelana nabo baye endaweni eyodwa kuphela. Ngokwesibonelo, ungafunda, ulalele noma uprinte amakhasi eBhayibheli nezincwadi ezisekelwe kulo ngezilimi eziningi.
Ngo-August 28, 2012, kwakhishwa ingosi ye-Internet eklanywe kabusha ethi www.jw.org\zu
2. Ukwenezela ukwaziswa. Le ngosi ethuthukisiwe inezimpendulo zemibuzo yeBhayibheli nokwaziswa okuphathelene nomsebenzi wokushumayela, amahhovisi egatsha, amaHholo oMbuso nemihlangano yoFakazi BakaJehova. Ingxenye ethi “Izindaba” ibika ngezenzakalo ezithinta abafowethu emhlabeni wonke. Kunezingxenye ezenzelwe imikhaya, intsha nezingane.
Ngokuvamile, ngosuku olulodwa kuba nabantu abangamakhulu ezinkulungwane abafunda izincwadi zethu kuyi-Internet. Bazithathela izinto ezilalelwayo, ama-EPUB, ama-PDF noma ama-video olimi lwezandla acishe abe ingxenye yesigidi. Nsuku zonke, abantu abayikhulu bacela ukuthunyelelwa umuntu ozobafundela iBhayibheli.
Kusizwa Zonke Izinhlobo Zabantu
IBhayibheli Elingamamitha Amabili
INguqulo Yezwe Elisha ephelele—etholakala nge-Braille yesiNgisi, iSpanishi nesiNtaliyane—inemiqulu engu-20 kuya ku-28 futhi kudingeka okungenani ube neshalofu elinesikhala esingamamitha amabili ozolibeka kulo! Amanye amaBhayibheli eBraille awayidingi indawo enkulu kangako. Ngokwesibonelo, imishini ebhala nge-Braille isiza izimpumputhe ukuba zibhale futhi zithole ukwaziswa okugcinwe kuyi-computer ngomshini omncane onezinkinobho eziphakamayo ziphinde zehle ezikhipha izinhlamvu ze-Braille. Zingakwazi ukuthola futhi zilalele izincwadi eziqoshiwe ngomshini ofunda ngokuzwakalayo izinto ezibhaliwe.
Sekudlule iminyaka engaphezu kweyikhulu oFakazi benyathelisa izincwadi zeBhayibhelini zezimpumputhe futhi manje sezitholakala ngezilimi ezingu-19. Nakuba izimpumputhe ezinesithakazelo zingathola lezi zincwadi ngaphandle kwenkokhiso, eziningi zinikela ngokuzithandela.
UMfoweth’ u-Anthony Bernard waseSri Lanka uqhuba ukukhulekela komkhaya ngeBhayibheli leBraille yesiNgisi
OFakazi benze uhlelo lwe-computer olukwazi ukuguqulela amagama kuyi-Braille yezilimi ezihlukahlukene. Ngemva kokuhlela kahle amagama avamile nezinhlamvu ze-Braille, uhlelo lwe-computer luguqula okubhaliwe kube i-Braille. Luhlela nencwadi ngendlela ezokwenza umuntu ongaboni ayifunde kalula. Lo mshini uzokwenza ukuba kunyatheliswe izincwadi ze-Braille, kuhlanganise neBhayibheli le-Braille, nganoma iluphi ulimi olunezinhlamvu ze-Braille, kuhlanganise nalezo ezingasebenzisi izinhlamvu ezivamile.
Ngaphambili, lapho kukhululwa incwadi entsha emhlanganweni woFakazi BakaJehova, izethameli zazitshelwa ukuthi izincwadi ze-Braille zinga-odwa kamuva. Ngonyaka odlule, ihhovisi legatsha lase-United States lenza inhlolovo emabandleni ukuze lithole ukuthi abayizimpumputhe bahlele ukuya kumuphi umhlangano nokuthi basebenzisani lapho befunda (incwadi enezinhlamvu ezisephepheni, umshini obhala nge-Braille noma umshini ofunda ngokuzwakalayo izinto ezibhaliwe).
Kwathunyelwa amakhophi ezincwadi ze-Braille emihlanganweni ababezoya kuyo, okwenza bakwazi ukuthola izincwadi ezintsha kanyekanye nabo bonke abantu. Izincwadi ezifundwa ngemishini zathunyelwa kulabo ababezifuna ngemva kwesonto elilodwa kuphele umhlangano.
Udade oyimpumputhe wathi: “Kuyilungelo elimangalisayo ukuthola izincwadi kanyekanye nabo bonke abantu. IHubo 37:4 lithi uJehova uyosinika izicelo zenhliziyo yethu. Ukwenzile lokho kule mpelasonto!” Omunye uFakazi oyimpumputhe waqala ukukhala wathi: “Ngiyambonga uJehova ngokusinakekela kahle kangaka.”
Izinkulungwane Zifunda Ukufunda Nokubhala
Ngo-2011, oFakazi BakaJehova basiza abantu abangaphezu kuka-5 700 bakwazi ukufunda nokubhala. Nakhu okwenzekile emazweni athile:
EGhana: Eminyakeni engu-25 edlule, sisize abangaphezu kuka-9 000 ukuba bafunde ukufunda nokubhala.
Ikilasi lokufunda ukufunda nokubhala eZambia
EMozambique: Abevile ku-19 000 sebefunde ukufunda phakathi neminyaka engu-15 edlule. Umfundi ogama lakhe nguFelizarda wathi: “Kuyangijabulisa ukuthi manje sengiyakwazi ukufundela abanye imiBhalo. Kwakunzima ngaphambili.”
ESolomon Islands: Ihhovisi legatsha liyabhala: “Esikhathini esedlule, abaningi abahlala emaphandleni babengayitholi imfundo yasezikoleni. Kanti ambalwa kakhulu namantombazane ayefunda. Ngakho-ke, abesifazane ngokukhethekile baye basizakala kakhulu kula makilasi. Lapho sebephothulile, abaningi baba nokuzethemba okwengeziwe.”
EZambia: Kusukela ngo-2002, cishe abangu-12 000 baye bathuthukisa amakhono abo okufunda nokubhala. U-Agnes, ugogo oneminyaka engu-82, uthi: “Lapho ebandleni kumenyezelwa ukuthi kuzoba namakilasi okufunda ukufunda nokubhala, ngathi ngibonwa yini. Ekilasini lokuqala, ngafunda ukuzibhalela igama lami!”
Izingoma ZoMbuso Ngezilimi Eziningi
OFakazi BakaJehova bahumusha izincwadi zeBhayibheli ngezilimi ezingaba ngu-600. Ukuhumusha iculo elinezingoma ezingu-135 kuwumsebenzi onzima kukodwa nje. Yize kunjalo, ingakapheli iminyaka emithathu lase lihunyushwe lonke iculo labo elisha elithi Hubelani UJehova ngezilimi ezingu-116. Ezinye izilimi ezingu-55 zinezingoma ezingu-55 kanti amaculo ezinye izilimi asendleleni nawo.
ESolomon Islands: Ibandla licula ngesiPidgin
Abahumushi bamaculo bazama ukubhala amagama azwakalayo, amtoti nakhumbuleka kalula. Ngaphezu kwalokho, amagama asetshenziswa engomeni yokudumisa kufanele abe lula ukuze oculayo ayiqonde ngokushesha incazelo nenjongo yomusho awuculayo. Kuzo zonke izilimi, amagama kufanele ahlangane namanothi ukuze kuculeke kalula, kube njengokungathi lawo magama avela kuye lo oculayo.
Abahumushi bakwenza kanjani lokho? Kunokuba babhale imishwana ehunyushwe ngokuqondile eculweni lesiNgisi, abahumushi bafundiswe ukuba babhale amagama amasha adlulisela imiqondo nemizwa ebalulekile yeculo lesiNgisi. Nakuba bezama ukunamathela emiqondweni esemiBhalweni okusekelwe kuyo ingoma ngayinye, abahumushi basebenzisa izinkulumo ezivamile zolimi lwabo ezizoqondakala futhi zikhumbuleke kalula.
Isinyathelo sokuqala kwaba ukuhumusha izwi nezwi lengoma yesiNgisi. Ngemva kwalokho, uFakazi okwaziyo ukubhala amagama ezingoma, washintsha lokho okuhunyushiwe wakwenza kwaba amagama amnandi, kodwa azwakalayo, olimi okuhunyushelwa kulo. Abahumushi nabahlola okuhunyushiwe babeqikelela ukuthi okuhunyushiwe kunamathela emiBhalweni bese behlola umsebenzi walowo obebhala amagama engoma. Nakuba kuwumsebenzi omkhulu ukuhumusha iculo lethu, oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke bayakujabulela ukucula izingoma zoMbuso ngezilimi zabo.
AmaHhovisi Abahumushi
IsAmbulo sabikezela ukuthi abagcotshiwe osukwini lwethu babezomema abantu ukuba beze ‘bathathe amanzi okuphila ngesihle.’ (IsAm. 22:17) Lesi simemo sasiyodluliselwa ‘kubo bonke abantu nezilimi.’ (IsAm. 7:9) Kuze kube muva nje, iningi labahumushi belisebenzela ehhovisi legatsha, ngisho noma ulimi lwabo lukhulunywa kwezinye izindawo. Bekunzima ukuba bahambisane nokushintsha kolimi nokufinyelela izinhliziyo zabantu abafunda izincwadi abazihumushile. Kepha manje abahumushi abaningi bayiswa emahhovisi asezindaweni okukhulunywa kuzo ulimi lwabo. Lokhu kube isibusiso ngezindlela eziningi, njengoba okushiwo abahumushi kubonisa.
Umhumushi wesiMaya eMexico wathi: “Kwaba njengokungathi ngiyisitshalo esincane esiphindiselwe emhlabathini waso, lapho sikhulele khona.” Umhumushi eningizimu yeRussia wathi: “Ukuba nehhovisi endaweni okukhulunywa kuyo ulimi kuwusizo olukhulu kubahumushi. Indlela ulimi olusetshenziswa ngayo kumathelevishini, ezincwadini nakuyi-Internet, ihluke kakhulu endleleni abantu abazikhulumela ngayo ekuphileni kwansuku zonke. Ukuze sikwazi ukuhumusha ngendlela engokwemvelo, kumelwe nakanjani sizwe indlela abantu abakhuluma ngayo.”
“Kwaba sengathi ngiyisitshalo esincane esiphindiselwe emhlabathini waso, lapho sikhulele khona”
Umhumushi wesiLuba eCongo wathi: “Ulimi lwethu silukhuluma zonke izinsuku—lapho senza imisebenzi evamile njengokuthenga nokuxoxa nomakhelwane, lapho sishumayela, nalapho sisemihlanganweni yobuKristu. Sifunda umsebenzi esiwuhumushile futhi sisebenzisa izincwadi zesiLuba ensimini, ngakho siyakwazi ukubona ukuthi abantu bayaluzwa yini ulimi olusetshenziswa abahumushi.”
Umhumushi wesiLhukonzo e-Uganda wathi: “Awuyazi injabulo esiba nayo lapho siya emihlanganweni eqhutshwa ngolimi esilukhulumayo nesihumushela kulo. Insimu isimnandi nakakhulu manje ngoba sikhuluma nabantu ngolimi esaluncela.”
Kuwazuzisile namabandla ababelwe kuwo abahumushi. Mayelana nabahumushi besiMaya, omunye udade wathi: “Abahumushi bayasikhuthaza ngamazwi nangesibonelo. Ungathi iBethel ihleshuliwe, nathi sathola iqhezu layo, akuve kuyinto enhle!”
Abahumushi besiLuo, eKisumu, eKenya
Abahumushi nabo bayakhuthazeka. Umhumushi waseKenya wathi: “Abantu balapha abakaze bacabange ukuthi bayoke babe nezincwadi eziseqophelweni eliphezulu kangaka ngolimi lwabo ngoba zimbalwa kakhulu izincwadi zesiLuo. Ngakho abaningi bajabula kakhulu lapho bezibona. Uma ngibona injabulo yabo, ngiyakhuthazeka ngempela futhi ngithola izizathu ezengeziwe zokuqhubeka nesabelo sami futhi ngisenze kahle kakhulu.”
Abahumushi abaningi besebeneminyaka eminingi bekhonza ehhovisi legatsha. Umoya wabo omuhle nokuzimisela kwabo ukubeka izithakazelo zezimvu zikaJehova kuqala waziswa kakhulu futhi uyabusiswa. Umhumushi wesiXhosa eNingizimu Afrika wakufingqa kanje: “INdikimba Ebusayo yenza isinqumo esihle kakhulu sokuvula amahhovisi abahumushi. Sasijabule eBethel, kodwa sijabule kakhulu kuleli hhovisi labahumushi.”
Amanqampunqampu Avela Emhlabeni Wonke
“Abafowethu Basiphatha Kahle”
NgeSonto, ngo-June 3, 2012, kwaphahlazeka indiza eNigeria. Le ndiza eyayithwele abantu abangu-153 yaphahlazeka endaweni enabantu abaningi edolobheni laseLagos elikhulu kunawo wonke eNigeria, bafa bonke ababekuyo, kwafa nenani elingaziwa kuleyo ndawo.
ELagos, eNigeria: Ngemva koku-phahlazeka kwendiza
UCollins Eweh nomkhaya wakhe babehlala esitezi esiphezulu esakhiweni esinezitezi ezintathu okwawela kuso indiza. Lapho kwehla lo mshophi, lo mkhaya wawusesifundweni eHholo LoMbuso.
Cishe ngo-3:35 ntambama, phakathi neSifundo Se-Nqabayokulinda, uCollins nomkakhe uChinyere baphawula ukuthi kungena izingcingo eziningi komakhalekhukhwini babo, kodwa abazange baziphendule. Lapho isifundo siphela, uChinyere waphendula ucingo lwakhe. Omakhelwane bamtshela ukuthi ifulethi lakhe liyasha. Lapho befika ekhaya, abakwa-Eweh baphawula ukuthi indiza yayiphahlazekele esakhiweni sabo yayothi cababa esakhiweni esiseduze, lapho yashela khona.
UChinyere wathi: “Ukube sasisekhaya ngabe safa. Ngemva kwale nhlekelele, nakuba sasisele nezingubo esasizigqoke esifundweni, sasiphila. Ngokushesha umbonisi wesifunda wamisa ikomiti yokunikeza usizo futhi abafowethu basiphatha kahle. Asive sibonga.”
UCollins wathi: “Izihlobo zami ezazingiphikisa ngoba nginguFakazi sezishintshe umqondo. Esinye sazo sathi: ‘UJehova wakho uyayiphendula imithandazo. Ungasuki kulo Nkulunkulu wakho ngoba uyakusiza.’ Esinye sathi: ‘Noma ngabe yini le obuyenzela uNkulunkulu, qhubeka nayo uyenze ngomphefumulo wonke.’ Sisibonile ngempela isandla sikaJehova sisihlenga. Ngijabule kakhulu.”
Iphalamende Liyavuma Ukuba Isonto Libhaliswe
EBudapest, eHungary: Abafowethu bashumayeza izivakashi nomaphi lapho bezithola khona
Ngo-February 27, 2012, uhulumeni waseHungary wamukela isichibiyelo soMthetho Wesonto oqaphela oFakazi BakaJehova njengenkolo ebhalisiwe. Lokhu kuzoba usizo olukhulu ekushumayeleni izindaba ezinhle kuleli zwe. Kunikeza noFakazi BakaJehova ilungelo lokungayikhokhi intela nokuthola iminikelo, futhi bahambele amajele nezibhedlela ukuze bafundise ngeBhayibheli.
ISikhumbuzo Esasisendaweni Ekhethekile
Iphayona elikhethekile eRundu, eNamibia, labika ngeSikhumbuzo elaya kuso ngalapho lihlala khona. Kwakutholakale abantu abanesithakazelo kuleyo ndawo, ngakho abafowethu baqhuba iSikhumbuzo ngolimi lwendawo, isiRumanyo, okokuqala ngqa. Liyabhala: “Kwakuyindawo enhle, saqhutshelwa ngaphandle inyanga igcwele, kukhanyiswe izibani zikaphalafini namalambu amabili.” Kwabenza bazizwa besondelene noJehova. Ummemezeli okunguyena yedwa kule ndawo wayeqale ukushumayela ngo-March, kodwa eSikhumbuzweni kwakunabantu abangu-275!
Ukunikezelwa Kwamagatsha Kudumisa UJehova
Emlandweni wenhlangano kaJehova eCentral African Republic naseChad, umhla ka-November 19, 2011 awusoze walitshalwa. Ngalolo suku, abazalwane nodade abangu-269 babebuthene phambi kwezakhiwo zegatsha ezazisanda kuphothulwa. Kwakumnandi ukuba khona kukaSamuel Herd, ilungu leNdikimba Ebusayo, ezonikezela iBethel entsha kuJehova ukuze isetshenziselwe inkonzo yakhe. Njengoba isimiso sasiqhubeka, kwabukezwa umlando womsebenzi wokushumayela wala mazwe amabili. ECentral African Republic waqala ngo-1947, eChad waqala ngo-1959. Inkulumo elandelayo yalandisa ngomsebenzi wokwakha nakho konke okwakuhilelekile ekuphothuleni izakhiwo. Ngemva kokudluliselwa kwemikhonzo evela emazweni amaningi, izilaleli zethamela inkulumo yokunikezela igatsha kaMfoweth’ uHerd. Amalungu angu-42 omkhaya waseBethel ayajabula ngokuba namahhovisi abahumushi angu-8, ikhishi, igumbi lokudlela nelondolo. Kunamakamelo angu-22 nezinye izindawo ezinjengendawo yokwamukela izivakashi, amahhovisi abaqondisi nendawo yokuthumela izincwadi, futhi konke lokhu kwenza umkhaya waseBethel usebenze kahle kakhulu.
Kwakuqala ngqa ukuba kunikezelwe igatsha eCongo
UMfoweth’ uJackson wethula inkulumo yokunikezela igatsha eKinshasa, eCongo
NgoMgqibelo wango-May 26, 2012, kwaqopheka umlando koFakazi BakaJehova eCongo (Kinshasa). Ngemva kweminyaka engu-8 yokwakha nokuvuselela izakhiwo zegatsha, zabe sezinikezelwa. Lolu suku lwalukhethekile ngoba, nakuba kwase kuyiminyaka engaba ngu-50 likhona ihhovisi legatsha eCongo, kwakuqala ngqa ukuba kube nesimiso sokunikezela igatsha kuleli zwe. UGeoffrey Jackson weNdikimba Ebusayo walinikezela emagcekeni aseBethel, kunabantu abangu-2 422, iningi labo elineminyaka engaphezu kwengu-40 labhapathizwa. Kwakunezivakashi ezingu-117 zivela emazweni angu-23. Ezinye izithunywa zevangeli ezazikhonze eCongo kudala zalandisa okuhlangenwe nakho okuyisikhuthazo. Bonke babejabule kakhulu futhi bezimisele ukusebenzisa lezi zakhiwo ngenjongo yokukhulekela uJehova kuphela.
Umbiko Wezomthetho
Ngo-June 30, 2011, i-European Court of Human Rights (ECHR [iNkantolo YaseYurophu Yamalungelo Abantu]) yakhipha isinqumo esithi uhulumeni waseFrance wawephule amalungelo oFakazi BakaJehova lapho ubaphoqa ukuba bakhokhe intela engamaphesenti angu-60 eminikelo eyayinikelelwe oFakazi BakaJehova eFrance phakathi kuka-1993 no-1996. Nakuba iNkantolo yacela oFakazi nohulumeni ukuba baluxazulule bodwa lolu daba, uhulumeni wama kwelokuthi wawungephuli umthetho uma ufuna le ntela emba eqolo, ngakho abakwazanga ukuluxazulula kahle bebodwa lolu daba lwentela. Ngakho, isinqumo esakhishwa i-ECHR ngo-July 5, 2012, sathi uhulumeni waseFrance awususe yonke imiphumela edalwe yile ntela. Ngaphezu kokubuyisela imali engaba ngu-R50 493-245 eyathathwa ngesikhathi kufunwa le ntela (kanye nenzalo esukela ngesikhathi kuthathwa le mali), uhulumeni kumelwe ukhokhele oFakazi enye imali engu-R605 000 yezindleko zecala.
Izinceku zikaJehova eziqotho e-Eritrea ziphucwe ubuzwe bazo ngenxa yesinqumo sazo sokwethembeka endabeni yokungathathi hlangothi. (Isaya 2:4) Eminyakeni engu-17 edlule, abaningi baye baboshwa futhi sikhuluma nje abazalwane nodade abangaba ngu-50 basejele, kuhlanganise nawogogo nabantwana abaneminyaka emibili ubudala. Ngeshwa, ngo-July 2011, uMfoweth’ uMisghina Gebretinsae waba uFakazi wokuqala owashonela ejele lase-Eritrea. Ngaphambi kokuba ashone, wayevalelwe yedwa kuyi-container kathayela isonto lonke; kuthiwa wafa ngaphansi kwezimo azingaqondakali. Abafowethu bayaqhubeka bezama ukubonana nezikhulu ukuze bazisize ziqonde ukuthi isimo sethu sokuthanda ukuthula nesifiso sethu sokungathathi hlangothi asisho ukuthi asiwuhloniphi uhulumeni wase-Eritrea.
ENdiya: Omunye wabafowethu umi ngaphandle kwenkantolo ngaphambi kokuba afakwe ejele
OFakazi BakaJehova eNdiya basabekezelela ukuhlukunyezwa lapho besensimini. Amadoda, omame nabantwana, ngisho nogogo oneminyaka engu-60 nomntwana onezinyanga ezingu-18 bonke baye bathukwa futhi bashaywa. Abanye baye bakhunyulwa izingubo basongelwa nangokuthi bazobulawa. Ukuzithela ngabandayo nobandlululo lwamaphoyisa kuye kwenza oFakazi BakaJehova bahlushwa nakakhulu. Esikhundleni sokuba abakwasidlodlo bamangalele izindlavini, baye babopha oFakazi ngenxa yamacala angamanga. Abasuke beboshiwe bakhokhiswa ibheyili enkulu futhi amaphoyisa ayabathuka, abashaye, abenqabele nokuba bathole ukwelashwa, ukudla namanzi. Ngemva kwalokho, babekezelela ukugqigqa iminyaka ezinkantolo kuthethwa amacala abo, ngaphambi kokuba amacala esulwe. Sekukhalazwe kaningi eKomitini Yezwe Yamalungelo Abantu ngethemba lokuthi izosiza abafowethu.
ETurkey: Naphezu kobunzima adlule kubo, uMfoweth’ uFeti Demirta uyaqhubeka eshumayela ngentshiseko
Ngo-November 2011, i-ECHR yavumelana ngazwilinye ukuthi izwe laseTurkey lalephule ilungelo lenkululeko kanembeza kaYunus Erçep, omunye woFakazi BakaJehova owagwetshwa futhi wagqunywa ejele ngoba enqabe ukuya empini ngenxa kanembeza. Kusukela ngo-March 1998, uMfoweth’ u-Erçep uye wabizelwa kwezempi izikhathi ezingu-39 futhi waquliswa icala izikhathi ezingaphezu kuka-30. Uye wahlawuliswa, waboshwa, wafakwa nasesibhedlela sezinhlanya ngoba kuthiwa “uhlanyiswa inkolo.”
Ngo-October 2004, uMfoweth’ u-Erçep wafaka isikhalo kuyi-ECHR. Lapho le Nkantolo ikhipha isinqumo, yathi “lo muntu, njengoba enguFakazi KaJehova, ufuna ukuba akhululwe enkonzweni yezempi hhayi ngoba ezicabangela yena noma engafuni ukwenza umsebenzi onzima kodwa ngenxa yezinkolelo zakhe ezingokwenkolo abambelele kuzo ngobuqotho.”
UFeti Demirtaş ungomunye futhi uFakazi KaJehova eTurkey owenqaba ukuqeqeshelwa ezempi lapho ebizwa ngo-2005. Wabanjwa, washaywa, waquliswa icala, futhi wavalelwa ejele izinsuku ezingu-554 kwaze kwaba yilapho ededelwa ngo-June 2007. Ngenxa yokuthi uMfoweth’ uDemirtaş akavumanga ukulahla izinkolelo zakhe ezisekelwe eBhayibhelini, kwabhalwa umbiko owamchaza ngokuthi uyagula ekhanda. Lapho i-ECHR ikhipha isinqumo esalahla izwe laseTurkey, yathola ukuthi uMfoweth’ uDemirtaş waphathwa ngesihluku yiziphathimandla zaseTurkey nokuthi ilungelo lakhe lenkululeko kanembeza lalephuliwe.
Lezi zinqumo ezimbili ze-ECHR zilandela isinqumo esiwumhlahlandlela sango-July 2011 (Bayatyan v. Armenia) soMkhandlu Omkhulu we-ECHR, lapho waqinisekisa khona ukuthi uMthetho-sisekelo Wamalungelo Abantu BaseYurophu uyawavikela amalungelo abantu abenqaba izinkonzo ezithile ngenxa kanembeza. Lokhu kubopha wonke amazwe angamalungu oMkhandlu WaseYurophu, kuhlanganise neTurkey.
I-ECHR yakhipha isinqumo nangokuqondene ne-Armenia ecaleni elaliphakathi kukaBukharatyan ne-Armenia noTsaturyan ne-Armenia ngo-January 2012, esaqinisekisa ukuthi kwakwephulwe amalungelo angokwenkolo oFakazi BakaJehova ababili ababenqabe ukuya empini ngenxa kanembeza. Lapho ikhipha isinqumo, iNkantolo yacaphuna isinqumo esiwumhlahlandlela eyasikhipha ecaleni elaliphakathi kukaBayatyan ne-Armenia.
Naphezu kwalezi zahlulelo eziyingqophamlando, uhulumeni usalokhu ubashushisa, ubagweba futhi ubavalela ejele abantu abenqaba izinkonzo ezithile ngenxa kanembeza. Izichibiyelo zoMthetho obizwa ngokuthi i-Alternative Service, ezagunyazwa uhulumeni wase-Armenia ngo-March 2012, zisazohlaziywa iphalamende. Kwethenjwa ukuthi uhulumeni wase-Armenia uzozisebenzisa izahlulelo ze-ECHR ngokuba udedele abafowethu abasagqunywe ejele ngoba bengayi empini ngenxa kanembeza.
OFakazi BakaJehova e-Azerbaijan basalokhu becindezelwa uhulumeni: bayaseshwa baboshwe ngoba beye emihlanganweni engokwenkolo, kuhlolwa izincwadi zabo zenkolo, oFakazi bakwamanye amazwe bayaxoshwa, ukushaywa nokuthukwa amaphoyisa nokusongelwa ngokuthi oFakazi bazobhekwa njengenkolo engabhalisiwe. Kusukela iKomiti Yombuso Esebenzelana Nezinhlangano Zenkolo ichithe isicelo soFakazi sokubhaliswa kabusha, amaphoyisa abelokhu ephazamisa imihlangano yabo yokukhulekela enokuthula nenkonzo abayenzela umphakathi futhi akubekela imingcele ukulandwa kwezincwadi zabo zeBhayibheli kwamanye amazwe nokusakazwa kwazo. Izinkantolo ziye zabahlawulisa imali eshisiwe oFakazi BakaJehova ngokusakaza izincwadi zenkolo nokuya emihlanganweni yabo. Ngokwesibonelo, omunye udade wahlawuliswa u-R15 272 ngoba eye emhlanganweni edolobheni laseGanja. Ngenxa yokuthi lezi zenzo zephula amalungelo okukhulekela ngenkululeko agunyazwe uMthetho-sisekelo Wamalungelo Abantu BaseYurophu, sekufakwe izicelo eziningi kuyi-ECHR ngethemba lokuqedwa ukuhlushwa nokushushiswa koFakazi BakaJehova e-Azerbaijan.
Abakwasidlodlo ezindaweni ezihlukahlukene zaseRussia bayaqhubeka nokuhlukumeza nokushushisa oFakazi BakaJehova futhi bacindezela izinkantolo ukuba zigwebe oFakazi ngokusebenzisa inkululeko yabo yokukhulekela uNkulunkulu. Ngenxa yomthetho osugxekwe kakhulu wokuthi izincwadi zoFakazi ziyeqisa, izinkantolo zaseRussia ziye zamemezela ukuthi izincwadi ezingu-64 zoFakazi BakaJehova ziyeqisa. Muva nje umshushisi mumbe uthe incwadi ethi Funda KuMfundisi Omkhulu, incwadi efundisa izingane ngoJesu Kristu, mayibhekwe njengeyeqisayo. Ezindaweni eziningi zaseRussia, izinkantolo ziyivalile ingosi engokomthetho ye-Internet yoFakazi BakaJehova. Zigunyaze amaphoyisa ukuba agade amalungu amabandla ngomshoshaphansi, awagade ngokusebenzisa ama-video ayimfihlo nangokuvula iposi lawo. Ngenxa yalokho, akhuluma nomakhelwane abaphikisayo, aseshe imizi yoFakazi, athathe izincwadi nezinye izinto. OFakazi baye bakhalelwa ozankosi bezihambela nje emgwaqweni, beshayela izimoto noma bezehlela esitimeleni. Imihlangano yobuKristu iye yaphazanyiswa abakwasidlodlo nabadala babekwa amacala okwalusa ibandla. Kwezinye izindawo, abashushisi bazama ukwenza izinkantolo zivale i-Local Religious Organization (LRO) yoFakazi BakaJehova.
Ngo-May 2012 edolobheni laseTaganrog, oFakazi abangu-17 babekwa icala lokuhlela nokuhlanganyela ezenzweni zobugebengu ngenxa nje yokuthi babenza imisebenzi yenkolo yabo. Kukule ndawo lapho inkantolo yavala khona iLRO yoFakazi BakaJehova ngo-2009 neHholo LoMbuso lathathwa ngoba kuthiwa oFakazi bayeqisa. Njengoba base bengavunyelwe ukusebenzisa iHholo LoMbuso, oFakazi bahlangana emizini yabazalwane noma emahholo abawaqashile, kodwa manje iziphathimandla zizama ukubavala ukuba bakhulekele ndawonye. Ngo-July 2012, umbhangqwana ongamaphayona edolobheni laseSiberia, iChita, watholwa unecala lokudala inzondo ngoba wawuhambisa incwadi yokutadisha iBhayibheli okuthiwa iyeqisa, ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? ngesikhathi ushumayela. Wagwetshwa amahora angu-200 wenziswa umsebenzi ophoqelelwe, kodwa usidlulisile lesi sigwebo.
Nakuba i-ECHR ikhiphe izinqumo ezimbili ezithetha oFakazi BakaJehova zilahle izwe laseRussia—ngo-2007 ecaleni lika-Kuznetsov Nabanye neRussia nango-2010 ecaleni elaliphakathi koFakazi BakaJehova eMoscow neRussia—iziphathimandla zaseRussia zisalokhu zizishaya indiva lezi zinqumo zale Nkantolo ephakeme kakhulu. Ngenxa yalokho, oFakazi BakaJehova bathumele ezinye izicelo ezingu-19 kuyi-ECHR benethemba lokuthi ezinye izinqumo zayo zizokwenza iziphathimandla zaseRussia zipheze ukushushisa abantu bakaJehova, futhi zibayeke ‘baphile ukuphila okuzolile nokunokuthula ngokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu okuphelele nokungathathi izinto kalula.’—1 Thim. 2:2.
INingizimu Korea iyaqhubeka ibopha izinsizwa ngenxa yokungathathi hlangothi kobuKristu. Inyanga ngayinye kugwetshwa izinsizwa ezingaba ngu-45, zigwetshwe unyaka nesigamu ejele. Ngenxa yalokho, abafowethu abacela ku-750 bavalelwe emajele aseKorea—okuyinani elikhulu kunawo wonke loFakazi BakaJehova ababoshelwe ukholo lwabo emhlabeni. Kusukela ngo-1950, oFakazi BakaJehova abangaba ngu-17 000 baye bagwetshwa iminyaka engaphezu kwengu-32 000 besejele.
Ngo-2012, iziphathimandla zabacindezela ngisho nakakhulu oFakazi abenqaba izinkonzo ezithile ngenxa kanembeza ngokuba—ngokokuqala ngqa—abantu abenqaba ngenxa kanembeza ukuba amasosha asebenza ngezikhathi ezithile ubavalele ejele. Esikhathini esedlule, abantu babehlawuliswa nje kuphela uma benqaba ukuqeqeshelwa ukuba amasosha asebenza ngezikhathi ezithile. Ngenxa yokuthi umuntu ubizwa kaningi ukuba azosebenza njengesosha, kusho ukuthi abantu abenqabayo bazomangalelwa kaningi. Ngokwesibonelo, ngo-November 2011, uHo-jeong Son wagwetshwa izinyanga ezingu-8 ejele. Kwathi ngo-June 2012 kwaphinde kwathethwa icala lakhe, wayesegwetshwa izinyanga eziyisithupha evalelwe ejele. Ngemva nje kwecala lesibili, waboshwa, wadedelwa ngebheyili ngemva kwezinsuku ezingu-29, kulindwe umphumela wokudlulisa kwakhe icala. Ulindelwe izinyanga ezingu-14 edonsa ejele.
ENingizimu Korea, inyanga ngayinye kugwetshwa izinsizwa ezingaba ngu-45, zigwetshwe unyaka nesigamu ejele
IKomiti Yenhlangano Yezizwe Yamalungelo Abantu iyigxeke kaningi iNingizimu Korea ngokwephula ilungelo lokusebenzisa unembeza ngenkululeko. Kufakwe izicelo ezintsha kule Komiti naseNkantolo Yomthetho-sisekelo Yaseningizimu Korea ngenjongo yokuzama ukuxazulula lolu daba.