Incwadi Evela ENdikimbeni Ebusayo
Bafowethu Nodadewethu Abathandekayo:
UBaba wethu osezulwini, uJehova, uyisibonelo esizedlula zonke sothando. Yingakho iBhayibheli lithi: “UNkulunkulu uluthando.” (1 Joh. 4:8) Nakuba uJehova enguMninimandla onke, iZwi lakhe alilokothi lithi “uNkulunkulu ungamandla.” Usekela ukubusa kwakhe ikakhulu othandweni. Yeka ukuthi lokhu kusisondeza kangakanani kuye!
Ngokujabulisayo uJehova akasiphoqi ukuba simkhonze. Akayena umashiqela. Ufuna simkhonze ngothando olusuka ezinhliziyweni. Lapho senza lokhu, sibonisa ukuthi sifuna ububusi bakhe ngoba sikholelwa ukuthi indlela abusa ngayo ilungile futhi inothando. Lokhu kuye kwabonakala kusukela ekuqaleni komlando womuntu.
Kunokuba aphoqe u-Adamu no-Eva ukuba bamlalele, uJehova wabanika ithuba lokuba bazikhethele. Ukube babemthanda ngempela uJehova futhi bekwazisa lokho ayebenzele kona, babeyoyenqaba imizamo kaSathane yokubahlubula.
Ekuhambeni kwesikhathi, uMose washo lokhu enkulumweni yakhe yokugcina esizweni sakwa-Israyeli: “Bheka ngibeka phambi kwakho namuhla ukuphila nokuhle, ukufa nokubi.” (Dut. 30:15) Abantu babenenkululeko yokuzinqumela ukuthi bafuna ukuphila kanjani. Ngokufanayo, uJoshuwa wathi kuma-Israyeli: “Uma kukubi emehlweni enu ukukhonza uJehova, zikhetheleni namuhla ukuthi nizokhonza bani.” Abantu bamphendula uJoshuwa bathi: “Kuyinto engacabangeki, ukuba sishiye uJehova.” (Josh. 24:15, 16) Nathi sizizwa ngendlela efanayo namuhla. Ngoba siyamthanda uJehova, “kuyinto engacabangeki” ngathi ukuba simshiye.
Ebandleni lobuKristu, siyiqonda ngokucacile indaba yenkululeko yokuzikhethela. Nakuba abadala benikezwe igunya lokuseluleka ngisho nokusiyala, abafuni ukubusa noma ukulawula ukuphila noma ukholo lwabanye. Umphostoli uPawulu wabhala: “Akukhona ukuthi singamakhosi phezu kokholo lwenu, kodwa siyizisebenzi ezikanye nani ukuze nijabule, ngoba nimi ngokholo lwenu.”—2 Kor. 1:24.
Yeka ukuthi kwanelisa kanjani ukwenza okuthile ngoba sifuna ukukwenza kunokuba siphoqwe ukuba sikwenze! UJehova usicela ukuba senze okuhle ngoba sithanda. Ukubaluleka kwalokho kubonakala emazwini kaPawulu aphefumulelwe: “Uma nginikela ngakho konke enginakho ukuze kondliwe abanye, futhi uma nginikela ngomzimba wami, ukuze ngiziqhayise, kodwa ngingenalo uthando, angizuzi lutho nhlobo.”—1 Kor. 13:3.
Yeka injabulo aba nayo uJehova—yeka udumo—ngokubona izigidi zabafowethu nodadewethu zimkhonza ngoba zimthanda ngezinhliziyo zazo zonke!
UJehova naye uzithanda kakhulu zonke izinceku zakhe, kuhlanganise nani nonke zingane nabasha enibonisa ukuthi nithanda uJehova kunezwe nokuzanelisa elikunikayo. Qinisekani ukuthi nathi sinithanda kakhulu.—Luka 12:42, 43.
Ngenxa yothando ngoJehova, ngonyaka odlule nina bafowethu nodadewethu nani enisebasha nichithe amahora angu-1 748-697 447 nimemezela izindaba ezinhle. Beshukunyiswa uthando, abangu-7 782 346 emhlabeni wonke bahlanganyela enkonzweni yasensimini. Siyajabula ngokuthi kunabasha abangu-268 777, phakathi kwabo kunentsha eningi, ababonakalise ukuzinikezela kwabo kuJehova ngokubhapathizwa emanzini. Lokhu kusho ukuthi kunesilinganiso sabangu-5 168 ababebhapathizwa isonto ngalinye. Yeka indlela lokhu okuzithinta ngayo izinhliziyo zethu!
Kulesi sikhathi sokuphela abantu bakaNkulunkulu kufanele babhekane nezinkinga eziningi, izinselele, ushushiso, ukugula, kanti abanye sebegugile. Kodwa sizimisele ukuba singalokothi ‘sihlehlele emuva’ noma ‘siyeke.’ Sinithanda kakhulu nonke.—Heb. 10:39; 2 Kor. 4:16.
Abafowenu,
INdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova