Yiba Nekhono Enkonzweni Yakho
1 Umphostoli uPawulu wakhuthaza ukuthuthukisa ikhono enkonzweni. Wabhala: “Khuthalela ukuba uziveze uthembekile kuNkulunkulu, isisebenzi esingenamahloni, esiqondisa kahle izwi leqiniso.”—2 Thim. 2:15.
2 Ikhono enkonzweni liyaflnyelelwa. Ngakho-ke, kumelwe ‘sikhuthale’—senze umzamo oqotho—ukuze sibe izikhonzi ezinekhono. Kodwa yini ezosisiza?
FUNDA EZWINI LIKANKULUNKULU
3 Ulwazi lwethu siqu lwemiBhalo luhlobene ngokuqondile nokuphumelela kwethu njengezikhonzi. Lapho sijwayelene kangcono nalokho iBhayibheli elikufundisayo, yilapho siyoba ngabaphumelela ngokwengeziwe ‘ekuqondiseni kahle izwi leqiniso.’ Ngakho kubalulekile ukubeka eceleni isikhathi sesifundo somuntu siqu.—1 Thim. 4: 15,16.
4 Enye indlela yokujwayelana neZwi likaNkulunkulu ‘ukuqaphelisisa’ imfundo esekelwe eBhayibhelini etholakala emihlanganweni yebandla. (Heb. 2:1) Amaphuzu amahle okungakhulunywa ngawo enkonzweni kuyaxoxwa ngawo ezinkulumweni zeningi noma angakhothozwa eSifundweni Sencwadi Sebandla. iSikole SeNkonzo Esingokwasezulwini sisinikeza ukuqeqeshwa okubalulekile kokuba abafundisi abanekhono, futhi uMhlangano Wenkonzo unikeza ukusikisela okuwusizo nemiboniso esebenzisekayo yokusisiza ekubeni ngabathuthuka ngokwengeziwe njengezikhonzi. Nokho, ukuze sithole inzuzo enkulu kakhulu, sidinga ukuba ngabalungiselele kahle futhi sihlanganyele ngenkuthalo kuyo yonke imihlangano.
SEBENZISA UKUSIKISELA
5 UPawulu watshela ibandla laseFilipi ukuba lenze izinto elalizifunde ngaye. (Fil. 4:9) Nathi sidinga ukwenza izinto esizifunda ngenhlangano kaJehova. Ngokwesibonelo, kumagazini weNqabayokulinda kaJuly 15, 1988, amakhasi 15-20, safunda ngezindlela esingaqalisa ngazo insimu “entsha” ezindaweni ezisetshenzwa njalo. Ngaphezu kokugcizelela isidingo sesingeniso esisha, esikhangayo, nesiqondile, isihloko sasikhuthaza ukuba senze umninikhaya alindele ukuba simhambele njalo. Kwanikezwa iseluleko sokuba abangashwampuluzi ekufuneni abafanelekile, sifune abantu abahlukahlukene abahlala endlini eyodwa. Ngokusebenzisa lokhu kusikisela, senza izinto esizifundayo futhi sithuthukisa amakhono ethu enkonzweni.
6 Ingabe siyisebenzisa njalo incwadi ethi Ukubonisana enkonzweni yasensimini? Izethulo ezisikiselwe kanye nengxenye ebonisa indlela yokusabela kwabangase bavimbe ingxoxo ingalola amakhono ethu okufakaza. Ngaphezu kwalokho, ukulungiselela nokuprakthiza iSihloko SeNgxoxo nendlela esiyosethula ngayo isipho senyanga kuyoba nengxenye ekuphumeleleni kwethu enkonzweni.
7 Uma ungathanda ukuthola ukusikisela okwengeziwe ngokuqondene nendlela yokuthuthukisa inkonzo yakho, khuluma nombonisi wenkonzo noma umqhubi wesifundo sencwadi futhi ucele usizo. Sonke singawathuthukisa , amakhono ethu njengezikhonzi, ‘siqondise kahle izwi leqiniso.’ Kungekudala, uJehova uzoletha isiphelo kulesimiso esibi. Kuze kube yilesosikhathi, isifiso sethu esisuka enhliziyweni siwukusiza abantu abaningi ngangokunokwenzeka ukuba basindiswe futhi balethe udumo kuNkulunkulu wethu uJehova.—Joh. 15:8.