Yiba Yisikhonzi Esithuthukayo
1 UBaba wethu wasezulwini uyajabula lapho izikhonzi zakhe zithuthuka ngokomoya. Lokho kuhlanganisa nokuthuthuka njengesikhonzi esivuthiwe futhi esishumayela izindaba ezinhle ngokuphumelelayo. UPawulu wakhuthaza uThimothewu owayengumbonisi ukuba aqhubeke ezimisela ukuze intuthuko yakhe ibonakale kubo bonke. (1 Thim. 4:13-15) Sonke kufanele sizimisele ukuthuthukisa inkonzo yethu, ngisho nalabo phakathi kwethu abangabamemezeli abangomakadebona.
2 Zibekele Imigomo: Ukuze sithuthuke kudingeka sizibekele imigomo. Yimiphi imigomo esingazibekela yona? Singazama ukuba ochwepheshe ekusebenziseni inkemba yethu engokomoya, iBhayibheli. (Efe. 6:17) Mhlawumbe kunengxenye yenkonzo yethu okufanele sithuthukise kuyo, njengenkonzo kamagazini, ukushumayela ngocingo noma endaweni yamabhizinisi. Mhlawumbe singasebenzela ekwenzeni izimpindelo ezingeziwe. Omunye umgomo omuhle kakhulu esingazibekela wona kungaba ukuthuthukisa ikhono lethu lokuqala nokuqhuba izifundo zeBhayibheli.
3 Amalungiselelo: Imihlangano yebandla, ikakhulukazi iSikole Senkonzo Esingokwasezulwini noMhlangono Wenkonzo, ihlelelwe ukuba isisize sithuthuke njengezikhonzi. Lapho senza umzamo wokulungiselela nokuba khona kule mihlangano nokusebenzisa ukusikisela esikuthola kuyo, ziyoba nkulu nezinzuzo esiyozithola—2 Kor. 9:6.
4 Sidinga nokusizana ukuze sithuthuke. (IzAga 27:17) Ukulalelisisa izintshumayelo zalabo esisebenza nabo enkonzweni kuyosisiza ukuba sithuthuke. Ngaphezu kwalokho, umbonisi wethu wesifundo sencwadi uyohlela ukuba sithole usizo. Yeka isibusiso okuyiso ukusizwa yiphayona elinokuhlangenwe nakho noma omunye ummemezeli ukuze siphumelele ngokwengeziwe futhi sithole injabulo enkulu enkonzweni! Ingabe kunommemezeli omusha esifundweni sethu sencwadi? Mhlawumbe singathatha isinyathelo sokummema ukuba asebenze nathi.
5 Umsebenzi obaluleke kunayo yonke owenziwa namuhla yinkonzo yobuKristu. Njengoba sinika uJehova ‘umhlatshelo wethu wokudumisa,’ sifuna ukumnika okungcono kakhulu. (Heb. 13:15) Uma sizimisela ukuthuthuka enkonzweni, siyoba yizisebenzi ‘ezingenamahloni ngalutho, eziphatha izwi leqiniso ngokufanele.’—2 Thim. 2:15.