Ukusiza Intsha Ukuba Iphebeze Inhlekelele
1 UJehova ufuna ukuba sisijabulele isipho esiyigugu sokuphila asiphe sona. Ngakho, uye wasivumela ukuba sibe nezinga elithile lenkululeko yomuntu siqu ukuze sikwazi ukuphishekela izifiso zezinhliziyo zethu. Kodwa kanye naleyonkululeko, uJehova ngokufanelekile ufuna silandise ngalokho esikwenzayo.—UmSh. 11:9.
2 Njengoba singaphelele futhi sinesono, singayiphebeza kanjani inhlekelele engasehlela njengomphumela wendlela esilawula ngayo ukuphila kwethu? (UmSh. 11:10) Kungenzeka yini ngisho nangentsha engenakho okuhlangenwenakho ukuba igweme inhlekelele? Ngokujabulisayo, kithina impendulo inguyebo. UJehova usiqaphela kahle isidingo sethu sesiqondiso, futhi ngothando uye wanikeza iseluleko nokuqondisa okusiza kokubili abasha nabadala ngokufanayo ukuba badlule ngokuphepha ebunzimeni obandayo obuphawula lezinsuku zokugcina.—IHu. 19:7; 119:9; 2 Thim. 3:1.
UMTHWALO WEMFANELO WABAZALI
3 Abazali abanakubavikela ngokuphelele abantwana babo emathonyeni amabi. Kodwa ingqondo yomntwana ingaqiniswa kanjani? ‘Ngokumondla ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi.’ (Efe. 6:4) Phakathi kwezinye izinto, lokhu kuhilela isifundo somkhaya, isiqondiso esingokomoya nesokuziphatha, umsebenzi onempilo wangemva kwesikole, ukuyala okufanelekile, nesibonelo esihle sobuzali.
4 Incwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, eyakhishwa eMhlanganweni Wesigodi “Wokuzinikela KuNkulunkulu,” iklanyelwe ukusiza abantu abasha. Isiza futhi nabazali ukuba babonisane nabantwana babo ngokuqondene nezindinganiso ezilungile. Uma imithetho kaNkulunkulu igxiliswa ngokuphumelelayo engqondweni nasenhliziyweni yomntwana, lemithetho ingasebenza njengethonya elilawulayo, noma eliqondisayo. Izingxoxo zomkhaya ngokwaziswa okukulencwadi entsha kuyoqinisa intsha ukuba iphebeze inhlekelele.
5 Lapho kukhululwa incwadi ethi Intsha Iyabuza, abazali bakhuthazwa ukuba bayisebenzise njengesisekelo sengxoxo yomkhaya. Ekupheleni kwesahluko ngasinye, kunesihlokwana esithi “Imibuzo Yengxoxo.” Lemibuzo ayiklanyelwanga ukuba kuhlaziywe ukwaziswa ngokwesigaba ngasinye. Umbuzo ngamunye uhlanganisa isihlokwana esisodwa noma ngaphezulu. Ezinye izinhloko zemikhaya zingase zikhethe ukucabangela imibuzo ngemva kokufunda isahluko sonke. Ezinye zingabuza imibuzo ziyifaka njalo ngemva kokufundwa kokwaziswa okungaphansi kwesihlokwana ngasinye esihambelana nawo.
UKUSIZA INTSHA ENSIMINI YETHU
6 Singase sithole intsha eningi ensimini yethu. Mhlawumbe usuyakhile kakade ingxoxo ongathanda ukuyisebenzisa. Noma ungase ufune ukusho okuthile okunjengalokhu okulandelayo:
7 “Ngokuvamile, sicabangela ubusha njengenkathi ejabulisa kakhulu ekuphileni kwethu. Kodwa, ngeshwa, sibona abantu abasha abaningi namuhla abangajabule. Akunjalo? [Lindela impendulo.] Izindinganiso ezishintshayo ziye zadala izwe elinokudideka elinezinkinga eziningi ezithinta abantu abasha futhi zibaphuce injabulo. Bangasitholaphi isiqondiso esinokwethenjelwa? [Lindela umbono wakhe.] Phawula lokho iBhayibheli elikutusayo kumaHubo 119:9. [Funda.] iBhayibheli liqokomisa umthwalo wemfanelo wabazali ekufundiseni okufanele bese linikeza lomyalo okuzAga 1:8: [Funda]. Ngokuvumelana nalokhu, incwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo iqukethe isiqondiso esizuzisayo esisekelwe eBhayibhelini, futhi inokuhlangenwe nakho okuningi okwenzeke ngempela okuyosiza intsha ukuba ibone ukuthi ingabhekana kanjani nekusasa ngokuphumelelayo futhi ikujabulele ukukwenza. [Veza izihloko zezahluko ezimbalwa ukuze uvuse isithakazelo.] Ungayijabulela lencwadi ewusizo nenemifanekiso emihle ngomnikelo ka-R3,75 kuphela.”
8 IBhayibheli libonisa ukuthi intsha idinga ukuqondisa amandla ayo emigomweni ehlakaniphile nenenzuzo. Ngokuqinisekile lencwadi iyobonisa intsha eningi umthombo wokuhlakanipha okungapheli—iBhayibheli. Yeka ithuluzi eliwusizo lokuqondisa intsha ekuphileni okugcwele manje nasekusaseni elilondekile!—UmSh. 12:1.