Siza Abanye Ukuba Babe Nekhono Ekusebenziseni IZwi LikaNkulunkulu
1 UJehova uye wenza amalungiselelo amaningi okusiqeqesha ukuba siphumelele ekwenzeni inkonzo yethu yomuntu siqu. Ngokusebenzisa lokho aye wakulungiselela, ‘izinyathelo zethu ziye zaqiniswa.’ (IHu. 37:23) Ngokwesibonelo, cishe iSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini sesineminyaka engu-50 sinikeza ukuqeqesha okuqhubekayo ekhonweni lokukhuluma nokufundisa. Lesi siye sanezelwa uMhlangano Wenkonzo wamasonto onke, nezinkulumo zawo ezisebenzayo, imiboniso, nezikhathi zezingxoxo.
2 Siyazuza ngokuhambela okuvamile kombonisi wesifunda. Umbonisi wenkonzo uvakashela iqembu ngalinye lesifundo sencwadi futhi anikeze isikhuthazo sothando sokusiza ekuthuthukiseni amakhono ethu enkonzweni yasobala. Kanye nakho konke lokhu, isikhathi ngasinye esihlangana ngaso ngenxa yenkonzo yasensimini, imizuzu eyishumi yemfundo esebenzayo inikeza isikhuthazo nokusikisela okuwusizo kwangalolosuku. (Heb. 10:23-25) Amalungiselelo anjalo ngenhlangano yakhe abonisa ukukhathalela kukaJehova kothando ngalabo aye wabathuma ukuba bashumayele izindaba ezinhle.
SIZA INTSHA NABAFUNDI BEBHAYIBHELI
3 Abamemezeli abasebancane nalabo abasebasha badinga usizo lwasikhathi sonke lomuntu siqu enkonzweni yasobala. Nakuba sonke singanikeza usizo ngezikhathi ezithile, umthwalo wemfanelo oyinhloko uwela phezu kwabazali nalabo abaqhuba izifundo zeBhayibheli nabanjalo. (Gal. 6:6; Efe. 6:4) Ukuphumelela ekusebenziseni iBhayibheli akuzenzekeli ngokudlula kwesikhathi nangokuba nesilinganiso esithile sokuhlangenwe nakho. Kunalokho, kunesidingo sosizo lothando lomuntu siqu oluhleliwe nokuqeqesha.
4 Usizo lomuntu siqu kumelwe luqale ngaphambi kokuba umuntu ahlanganyele ngokoqobo enkonzweni. Bukeza iSihloko Sengxoxo. Siza labo abafanelekela ukuhlanganyela enkonzweni ukuba benze intshumayelo elula. Mhlawumbe bangasebenzisa umbhalo owodwa nje kwesikiselwe kuze kube yilapho sebezuze okuhlangenwe nakho okukhudlwana nesibindi. Njengoba nisebenza ndawonye enkonzweni, zinike isikhathi phakathi nezindlu sokuba unikeze ukutusa futhi unikeze ngomusa ukusikisela kokuthi angathuthukisa kanjani. Gcizelela isidingo sokulondoloza isimo sengqondo sokuthandaza ngazo zonke izikhathi.—Efe. 6:18, 19.
5 Nakuba amaphayona amaningi avamile nabanye abamemezeli abanokuhlangenwe nakho behlanganyela enkonzweni ngokuyinhloko phakathi nesonto, yeka ukuthi kuhle kanjani uma labamemezeli abaphumelelayo bengahlela kabusha izimiso zabo ukuze basekele inkonzo yasensimini yangezimpela-sonto ngezikhathi ezithile. Ukuzinikela komuntu siqu okunjalo ngabo kuyokwaziswa kakhulu abanye abangathanda ukuba bathuthuke ngokusebenza kanye nabo enkonzweni.—UmSh. 4:9, 10.
6 Esikhathini esithile sonke sasibasha futhi singenakho okuhlangenwe nakho enkonzweni yasensimini. Iningi lethu lathola isikhuthazo nokuqeqeshwa kubamemezeli abanokuhlangenwe nakho okwengeziwe noma emaphayoneni. Ikhono lethu lamanje nenjabulo eyandisiwe enkonzweni kuwumphumela oqondile walolosizo. (IzAga 27:17; IzE. 20:35) Kwangathi ukwazisa kwethu ngalokho uJehova aye wasenzela khona ngokuqeqeshwa ngenkuthalo enkonzweni kungasishukumisela ukuba sizenze sitholakalele ukusiza abanye ukuba babe nekhono elengeziwe ekusebenziseni iZwi likaJehova.