Fundisa Ngekhono Nangentshiseko
“Ngalokho hambani nenze izizwe zonke abafundi, . . . Nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho.”—MATHEWU 28:19, 20.
1. Yini ekhuthazwa izAga 22:29, futhi kanjani?
IZWI LIKAJEHOVA likhuthaza ikhono nenkuthalo. Ngokwesibonelo, lithi: “Uyambona umuntu ehlakaniphile emsebenzini wakhe na? Uyakuma phambi kwamakhosi, akayikuma phambi kwabantukazana nje.” (IzAga 22:29) Yebo, akukho lutho olululazayo ngokusebenzela “abantukazana nje.” Kodwa umsebenzi omuhle wengcweti enekhono awunakuhlala uyimfihlo. Phela, izindaba zekhono layo zingase zifinyelele izindlebe zenkosi, engase nayo ifune inkonzo yayo!
2. (a) Ukuze ube nekhono kunoma imuphi umsebenzi, yini edingekayo? (b) Kungani ukuphumelela kwesikhonzi esingumKristu njengomfundisi kubaluleke kangaka?
2 Ulwazi nekhono kuyadingeka kunoma imuphi umsebenzi. Umuntu angase akufundele ukubaza futhi angase afunde nokwengeziwe ngokubukela labo abanekhono kulowomsebenzi. Kodwa ukuze yena ngokwakhe abe nekhono, kumelwe asebenzise ulwazi alutholile emsebenzini. Udokotela ohlinzayo kumelwe afunde. Kodwa ukuze abe yingcweti, kumelwe asebenzise ulwazi lwakhe endlini yokuhlinzela. Futhi kulowomsebenzi ikhono libalulekile, ngoba ubuciko ngokuvamile bungenza umehluko phakathi kokuphila nokufa kwesiguli. Nokho, okubaluleke kakhulu ubuciko njengesikhonzi. Ngani? Ngoba ukuphumelela kwesikhonzi njengomfundisi kungayithinta indlela abantu abasabela ngayo ezindabeni ezinhle. Futhi, ukusabela kwabo kungenza umehluko phakathi kokuphila okuphakade nokufa okungenaluvuko kubona.—Duteronomi 30:19, 20; Johane 17:3.
3. Kufunani ukwenziwa kwabafundi?
3 Ukuthunywa uJesu Kristu akunika abalandeli bakhe kuhilela ukufundisa. Wathi: “Ngalokho hambani nenze izizwe zonke abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelikaMoya oNgcwele, nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho; bhekani, mina nginani izinsuku zonke kuze kube-sekupheleni kwezwe.” (Mathewu 28:19, 20) Yebo, ikhono liyadingeka ekufundiseni abanezinhliziyo eziqotho zonke izinto uJesu ayala ngazo.
4. (a) Ukufundisa ngekhono kumelwe kwenziwe ngasiphi isimo? (b) Wazuza kanjani uApholo ngokuzihlanganisa noAkwila noPrisila?
4 Ukufundisa okunjalo ngekhono kumelwe kwenziwe ngentshiseko. Yebo, amaKristu kumelwe ‘ashisekele imisebenzi emihle,’ futhi lena ngokuqinisekile ihlanganisa ukufundisa imfundo engokomoya enkonzweni nasebandleni. (Thithu 2:14) Njengabafundisi abanekhono, uAkwila noPrisila “bamthatha [uApholo e-Efesu] bamchasisela indlela kaNkulunkulu ngesineke esikhulu.” Lokhu kwamzuzisa kakhulu uApholo, ngoba kamuva eAkhaya “waphikisa abaJuda ngamandla phambi kwabantu, ekhomba ngemibhalo ukuthi uJesu unguKristu.” (IzEnzo 18:24-28) Ngokusobala, uApholo wafundisa ngakho kokubili ikhono nentshiseko.
‘Qaphela Isifundiso Sakho’
5. Ngokweyoku-1 Thimothewu 4:16, kungani kumelwe sifundise ngekhono nangentshiseko?
5 Umphostoli uPawulu watshela umngane wakhe ongumKristu uThimothewu: “Ziqaphele wena kanye nesifundiso, ume kulezozinto; ngokuba ngokwenza lokho uyakuzisindisa wena nabakuzwayo.” (1 Thimothewu 4:16) Njengoba khona kanye ukusinda kwabo bobabili umfundisi nomfundi kusengozini, ngokuqinisekile imfundo enjalo kumelwe ifundiswe ngekhono nangentshiseko.
6. Ungaba kanjani nekhono ekusebenziseni imiBhalo, futhi imiphi imibuzo efanelekile engacatshangelwa?
6 Ngokuqinisekile ababazi nodokotela abahlinzayo kumelwe baziqaphele bona. Kumelwe bakwazi ukusebenzisa amathuluzi abo ngobungcweti. Kunjalo nangesikhonzi esingumKristu, esithuluzi laso eliyinhloko ‘liyinkemba kaMoya eyizwi likaNkulunkulu.’ (Efesu 6:17) Ungaba kanjani nobuciko ekusebenziseni imiBhalo? Yebo, ngokuyitadisha nokuyisebenzisa njalo. Ngakho, usuye walifunda iBhayibheli kusukela ekuqaleni kuya ekugcineni, uthatha isikhathi ukuba uzindle ngeseluleko salo esiphakeme? Ingabe ulifunda nsuku zonke? Ingabe ulisebenzisa njalo enkonzweni yasensimini? Futhi ingabe ukusebenzisa ngokunenzuzo ukudla okucebile okungokomoya okunikezwa uJehova ‘ngenceku ethembekileyo neqondayo’?—Mathewu 24:45-47.
7. Ikuphi ukusikisela okunikezwayo ngokuphathelene nesikhathi sokutadisha, futhi isidingo sokutadisha singaboniswa kanjani ngokomBhalo?
7 Qiniseka ukuthi ubekela eceleni isikhathi sokutadisha iZwi likaNkulunkulu nezincwadi zobuKristu beqiniso. Lokhu kuyogcwalisa ingqondo yakho ngokwaziswa okuhle okuyokuzuzisa okungasetshenziswa ekuphenduleni imibuzo eqotho. (1 Petru 3:15; Kolose 4:6) Izikhathi zokutadisha nokuzindla ziyahlukahlukana ngemikhaya nangabantu ngabanye. Abanye bangase bakuthole kuzuzisa ukutadisha ekupheleni kosuku. Abanye bangase babe abaphapheme kangcono lapho bevuka. Abanye futhi bangathola ihora lasemini lifaneleke kangcono kubo. Kunoma yikuphi, ukukwenza njalo nenkuthalo kubaluleke kakhulu. UJoshuwa namakhosi akwaIsrayeli kwakumelwe bafunde iZwi likaNkulunkulu nsuku zonke.—Joshuwa 1:7, 8; Duteronomi 17:18-20.
Sebenzela Ukuba Umfundisi Ongcono
8. Ukusetshenziswa kokuhlobanisa izinto engqondweni kungalithuthukisa kanjani ikhono lakho lokufundisa?
8 Ukuthuthuka kwekhono lokufundisa kusho umsebenzi onzima. Enye indlela yokukhulisa ikhono lakho njengomfundisi iwukusebenzisa ukuhlobanisa izinto engqondweni lapho utadisha iBhayibheli noma izincwadi zobuKristu. Hlobanisa imiqondo emisha naleyo osuyazi kakade. Lokhu kuyokwenza ukuba uhlele indaba engqondweni ukuze ukwazi ukuchaza izinto ngokucacile lapho ufundisa abanye. Ngokungangabazeki, uye wakusebenzisa ukuhlobanisa izinto lapho utadisha esikhathini esidlule. Ngokwesibonelo, esikhathini esithile kungenzeka wawungaqapheli ukuthi amaKristu kumelwe azithobe ngokulinganiselwe “phansi kwamandla ombuso.” Kodwa manje siyazi ukuthi ukulalela uNkulunkulu kumelwe kuze kuqala. (Roma 13:1-8; Marku 12:17; IzEnzo 5:29) Uyakuqonda lokhu ngoba uye wahlobanisa amaphuzu amasha nalawo owaziyo kakade.
9. Bonisa ukuthi ungazibona kanjani ngamehlo engqondo izenzakalo ezilotshwe eBhayibhelini.
9 Enye indlela yokukhulisa ikhono lakho lokufundisa iwukubona ngamehlo engqondo izenzakalo ezilotshwe eBhayibhelini. Kungani ungakwenzi lokhu manje ngabAhluleli 7:19-22? Besebumnyameni, uGideyoni namadoda angama-300 bazungeza ikamu labakwaMidiyani lapho abalindi besanda kubekwa. Ngokushesha, uzwa iviyo likaGideyoni labayi-100 lishaya amacilongo, futhi ulibona liphahlaza izitsha zamanzi ezinkulu ebeliziphethe. Amanye amaIsrayeli angama-200 enza into efanayo. Futhi njengoba bonke bephakamisa izibani ezivuthayo, ubezwa bememeza: “Inkemba kaJehova nekaGideyoni.” Njengoba abakwaMidiyani abathukile bebaleka, amaviyo amathathu kaGideyoni ayaqhubeka eshaya amacilongo awo, futhi uthola ukuthi uJehova uye wenza izitha ezibalekayo zabulalana zodwa ngenkemba. Ngenxa yokuthi uye wasibona ngamehlo engqondo lesisenzakalo, akungabazeki ukuthi uyosikhumbula kahle futhi uyokwazi ukusisebenzisa lapho ufundisa abanye. Ngokuqinisekile, esinye isifundo esisifundisayo siwukuthi uJehova angakhulula abantu bakhe ngaphandle kwempi yomuntu enamandla.—IHubo 94:14.
10. Ekufundiseni, ungawusebenzisa kanjani umfanekiso otholakala kubAhluleli 9:8-15?
10 Imifanekiso emihle, kuhlanganise naleyo esemiBhalweni, nayo ingalikhulisa ikhono lakho njengomfundisi. Ngokwesibonelo, cabangela abAhluleli 9:8-15. Indodana kaGideyoni uJothamu yakhuluma ngesikhathi lapho imithi yaya kozigcobela inkosi. Nakuba umnqumo, umkhiwane, nomvini wenqaba isikhundla sobukhosi, umkhaya ophansi wabemukela ngentshiseko. Izitshalo ezibalulekile zamelela abantu ababalulekile abangazange bafune ubukhosi phezu kwamaIsrayeli abakanye nawo. Nokho, umkhaya, osiza kuphela njengezinkuni, wamelela ubukhosi buka-Abimeleki oqhoshayo, ongumbulali, owafuna ukubusa abanye kodwa wahlangabezana nesiphetho esibi ekugcwalisekeni kwesiprofetho sikaJothamu. (AbAhluleli 9:50-57) Lomfanekiso ungase usetshenziswe ukugcizelela isidingo sokwenza okulungile nesokuthobeka, singaqhoshi.—IHubo 18:26, 27; 1 Petru 5:5.
11. (a) Imaphi amaphuzu agcizelelwa umfanekiso kaJesu olotshwe kuMathewu 13:45, 46? (b) Isimo salowomfanekiso kaJesu sisikiselani ngemifanekiso esetshenziswa abafundisi abangamaKristu?
11 UMfundisi oMkhulu, uJesu Kristu, waziwa kahle ngemifanekiso yakhe emihle kakhulu. Ngokwesibonelo, cabangela amazwi akhe: “Umbuso wezulu ufana nomthengi ofuna amaparele amahle; eselifumene iparele linye elinenani elikhulu, waya wathengisa ngakho konke anakho, walithenga.” (Mathewu 13:45, 46) Ngaleyondlela uJesu wabonisa ukuba yigugu koMbuso futhi wabonisa ukuthi umuntu oyazisa ngempela inzuzo yokuwuthola angazimisela ukwehlukana nanoma yini ukuze enze kanjalo. Ayikho into eyayinzima ngalowomfanekiso, futhi abafundisi abangamaKristu benza kahle ngokukhumbula lelozinga lapho besebenzisa imifanekiso njengosizo lokufundisa.
Imihlangano Ingasenza Sibe Nekhono Ngokwengeziwe
12. Ukuba khona ezinkulumweni zeningi kungakusiza kanjani ukuba uthuthukise ikhono lakho lokufundisa?
12 Imihlangano yobuKristu ifeza ingxenye ebalulekile ekwenzeni izinceku zikaJehova abafundisi abanekhono nabashisekayo. Njengoba iNtshumayelo kaJesu yaseNtabeni ibonisa, izinkulumo zeningi ziyizindlela ezinhle zokunikeza imfundo engokomoya. (Mathewu 5:1–7:29) Ngakho, izinkulumo zeningi ziphakathi kwemihlangano yoFakazi BakaJehova namuhla. Ingabe uba khona njalo? Ingabe uyisilaleli esihle? Ingabe uyalivula iBhayibheli lakho lapho amatekisi efundwa isikhulumi? Ingabe kuwumkhuba wakho ukuthatha amaphuzu? Lezi izindlela zokuthuthukisa ikhono lakho njengomfundisi, futhi imfundo enhle engokomBhalo kumelwe yandise kokubili ikhono lakho nentshiseko yakho njengomenzi wabafundi.
13, 14. (a) Kunini lapho umsebenzi wokwenza abafundi waba nokubaluleka okuvelele phakathi kwezinceku zikaJehova? (b) Imiphi imibuzo engabuzwa ngokuphathelene neSifundo seNqabayokulinda neSifundo Sencwadi Sebandla?
13 Umsebenzi wokwenza abafundi waba nokubaluleka okuvelele phakathi kwezinceku zikaJehova ngobizo ‘lokuMemezela iNkosi noMbuso,’ olwamenyezelwa okokuqala emhlanganweni wazo eCedar Point, eOhio, ngo-1922. Kuwo lowonyaka, izifundo zeqembu zeThe Watch Tower zahlelwa okokuqala. Ngokuqinisekile lomagazini uye wagcina ukufundisa ngeBhayibheli nokushumayela ngoMbuso kuphambili, lona kanye igama lawo liyasho INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova. Ingabe ungumfundi oshisekayo weZwi likaNkulunkulu neNqabayokulinda njengosizo? Ingabe uhlanganyela ngenkuthalo eSifundweni seNqabayokulinda samasonto onke?
14 Isifundo Sencwadi Sebandla samasonto onke naso sinikeza amathuba okuthuthukisa ikhono lakho njengomfundisi wezindaba ezinhle. Lapho uphendula imibuzo kulemihlangano emincane, naseSifundweni seNqabayokulinda, ingabe ubeka indaba ngamazwi akho siqu? Ingabe amazwi akho aveza lokho okukholelwayo enhliziyweni yakho?
15. Iyini injongo yoMhlangano WeNkonzo, futhi ukuqondiswa kunikezwe kanjani ngayo?
15 Ngaphambi kuka-1922, izinceku zikaJehova zazihlangana njalo eMhlanganweni Wokuthandaza, Ukudumisa, Nokufakaza phakathi nesonto. Kwakuyithuba lokucula, ukunikeza ubufakazi, nokuhlanganyela emthandazweni. Kodwa ngokugcizelela okwandayo kokumenyezelwa koMbuso endlini ngendlu, lomhlangano wathuthukela ekubeni uMhlangano WeNkonzo, ogcizelela umsebenzi wokushumayela. IBulletin, yayingeyosizo olukhethekile, yayiqukethe iziyalezo zenkonzo yasensimini ‘nezingxoxo,’ noma ubufakazi obabungasetshenziswa enkonzweni. Namuhla, INkonzo Yethu YoMbuso inikeza usizo olufanayo, kanye nesiqondiso samasonto onke ‘seMihlangano Yokusisiza Ekwenzeni Abafundi.’ Ingabe uhlanganyela njalo emihlanganweni enjalo? Ingabe uyasisebenzisa iseluleko esenzelwe ukukusiza ukuba ufundise ngekhono nangentshiseko?
16. Njengoba kwashiwo ekuqaleni kwaso, iyini injongo yeSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini?
16 Ukuze kuthuthukiswe ukufundisa okunekhono, iSikole SeNkonzo Esingokwasezulwini samiswa emabandleni oFakazi BakaJehova ngo-1943. Ngokuphathelene nenjongo eyinhloko yalesikole, incwadi yaso yokuqala yokuchasisa yathi: “Lemfundo ayenzelwe ukuthatha isikhathi sakho esisetshenziselwa enkonzweni yasensimini, kodwa ihlelelwe ukukwenza ube nobuciko ngokwengeziwe kuyo. Uma sisebenzisa amagama afaneleka ngokwengeziwe, injongo ‘yaleMfundo ENkonzweni EngokwaseZulwini’ iwukulungiselela wonke ‘amadoda athembekile’ lawo aye ezwa iZwi likaNkulunkulu futhi aqinisekisa ukholo lwawo kulo, ukuba ‘akwazi ukufundisa abanye’ ngokuya endlini ngendlu, ngokwenza izimpindelo, ngokuqhuba izifundo eziyizibonelo nezifundo zencwadi, futhi, ngamafuphi, ngokuhlanganyela kuzo zonke izici zenkonzo yoMbuso. Kuyinjongo yayo ukwenza wonke umuntu abe ngophumelela ngokwengeziwe enkonzweni engokwaseZulwini kube udumo egameni leNkosi; ukuze ahlonyiswe kangcono ukunikela obala ithemba elikuye; ukuze abe ‘nesu lokufundisa, abekezele, elaya ngobumnene.’ (2 Thimothewu 2:24, 25) Akungabikho muntu olahlekelwa umbono walenjongo eyinhloko yalemfundo.” (Course in Theoeratic Ministry, ikhasi 4) Lokhu kusalokhu kuyinjongo eyinhloko yeSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini. Ingabe ubusebenzisa ukwaziswa okuhle ngokufundisa, ukufunda, ukukhuluma eningini, nokufanayo okuvela kulencwadi yesikole?a Ingabe ubhalisile? Ingabe wemukela ngenjabulo futhi ufeze izabelo zakho esimisweni sesikole? Lelilungiselelo likaJehova ngenhlangano yakhe lingasiza ekukwenzeni isikhonzi esinekhono nesinentshiseko.
Ukuqeqeshelwa Ukufundisa Ngentshiseko
17. Imaphi amalungiselelo angokomoya uJehova aye wawenzela labo abafundisa abanye iqiniso lakhe elingcwele?
17 UJehova wenza inala yamalungiselelo angokomoya kulabo abanelungelo lokufundisa abanye iqiniso lakhe elingcwele. Phakathi kwezinye izinto, ulungiselela izincwadi zeBhayibheli, imihlangano yamasonto onke, nemihlangano emikhulu. Amalungiselelo amahle kanjalo enza oFakazi bakhe abazinikezele babe abafundisi abanekhono nabashisekayo.
18. Belandela izibonelo zikaJesu noPawulu, yimaphi amalungiselelo abadala abangawenza ukuze bathuthukise inkonzo yasensimini namuhla?
18 Kodwa kuthiwani uma simiswe njengabadala noma singofakazi bakaJehova abanokuhlangenwe nakho okwengeziwe? Khona-ke uthando ngabanye kumelwe lusishukumisele ukuba sisize amaKristu amasha nanokuhlangenwe nakho okuncane ukuba abe abafundisi abanekhono nabashiseka ngokwengeziwe. Ngokuqinisekile lokhu kufanelekile, ngoba uJesu wathuma abafundi abangama-70 ngemva kokubanika iziyalezo ngenkonzo yabo. (Luka 10:1-24) UPawulu wafundisa ababonisi base-Efesu “phambi kwabantu nakuzo izindlu ngezindlu,” futhi lokhu kwakuyohilela ukubaqeqeshela ukufakaza kwabangakholwayo lapho behamba indlu ngendlu enkonzweni yasensimini. (IzEnzo 20:20, 21) Ngokufanayo, abadala, amaphayona, nabanye, bangaqeqesha ngenjabulo oFakazi abakanye nabo enkonzweni yasensimini namuhla. Ingabe uyasizwa isidingo sokuqeqeshwa okunjalo? Khona-ke ngayo yonke indlela kufune futhi ukwamukele. Ingabe ungumdala? Khona-ke yenza amalungiselelo okuqeqesha abanye enkonzweni lapho wena ngokwakho uhola ngentshiseko enkonzweni yasensimini.
Qhubeka Uba Nekhono
19. Kungani kumelwe sithandazele inkonzo yethu?
19 Odokotela abahlinzayo, ababazi, nabanye bangaba nekhono ngokwengeziwe ngokutadisha okuqhubekayo nokusetshenziswa kolwazi olutholakalayo. Kunjalo futhi nangezikhonzi ezingamaKristu. Ngakho-ke, yeka ukuthi kubaluleke kanjani ukuba ufakazi kaJehova ngamunye ozinikezele asebenze kanzima andisa ikhono lakhe njengomfundisi wezindaba ezinhle! Futhi njengoba lona kuwumsebenzi kaJehova, kumelwe ube yinto esiyithandazela ngobuqotho. Uma sifuna usizo lukaNkulunkulu nesiqondiso, singaba nethemba lokuthi uyobusisa inkonzo yethu yentshiseko. Njengoba umphostoli uJohane asho: “Nesikucelayo siyakukwamukeliswa nguye [uJehova uNkulunkulu], ngokuba sigcina imiyalo yakhe, senza okuthandekayo ebusweni bakhe.”—1 Johane 3:22.
20. NjengoFakazi BakaJehova, yini okumelwe ibe isinqumo sethu njengoba lesimiso sisondela ekupheleni kwaso?
20 Ngakho-ke, njengoba isimiso sezinto esibi samanje sisondela ekupheleni kwaso, kwangathi singazikhandla enkonzweni. Kwangathi ‘singaziqaphela thina kanye nesifundiso sethu,’ kube ukusindiswa kwethu siqu nokwalabo abagcina isigijimi soMbuso. Yebo, asenze wonke umzamo ukuba sifundise ngekhono nangentshiseko.
[Umbhalo waphansi]
a Ngokwesibonelo, siza ubheke ethi INcwadi Yokuchasisa ISikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini nethi Qualified to Be Ministers (Ebukezwe Kabusha), ezakhishwa yiWatchtower Bible and Tract Soeiety of New York, Inc.
Ubungathini?
◻ Ngaphandle kokufundisa, umsebenzi wokwenza abafundi udingani?
◻ Kungani kubaluleke kangaka ‘ukuqaphela isifundiso sakho’?
◻ Iziphi ezinye izindlela zokukhulisa ikhono lokufundisa?
◻ Imihlangano yobuKristu ingasisiza kanjani ukuba sibe abafundisi abanekhono nabashisekayo beZwi likaNkulunkulu?
◻ Yini abadala nabanye oFakazi abanokuhlangenwe nakho abangayenza ngokuphathelene nenkonzo yasensimini?
[Isithombe ekhasini 17]
Ukubona ngamehlo engqondo izenzakalo zeBhayibheli kungakusiza ukuba ube umfundisi ongcono
[Isithombe ekhasini 19]
Umqhubi weSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini usiza abafundi ukuba babe nekhono enkonzweni yoMbuso