Iqiniso Nokholo Kuyachuma
OFAKAZI BAKAJEHOVA bazimisele ukukhulekela uNkulunkulu “ngomoya nangeqiniso.” (Johane 4:23, 24) Yebo, isigijimi seBhayibheli abasimemezelayo siyalidalula iphutha, kepha njengomphostoli uPawulu bayabuza: ‘Sesaba yizitha kini ngokunishumayeza iqiniso na?’ (Galathiya 4:16) Akunjalo neze! LamaKristu ayabathanda omakhelwane bawo futhi afuna bajabulele inkululeko engokomoya okuyiqiniso kuphela eliyenza ibe khona.—Johane 8:32.
OFakazi futhi bazimisele ukulondoloza ukholo oluqinile, ngisho noma beshushiswa ngenxa yokukhuluma iqiniso. Ngempela, ukholo lwamaKristu athobekile ePangi lunikeza ubufakazi bokuthi ngosizo lukaJehova izinceku zakhe zingalondoloza ubuqotho kuye kuze kube sekupheleni. Lokho kungase kube ukuphela kwalesimiso esibi sezinto noma ukufa komuntu ngokwakhe ethembekile, mhlawumbe ngenxa yokushushiswa okunonva okuphefumlelwe inkolo.—Mathewu 24:13.
Ukusebenza Kokholo
Labobathandi beqiniso ababulawa ngonya esifundazweni saseKivu kwakungebona bodwa ababonisa ukholo oluqinile. Ngokwesibonelo, cabangela uBingimeza Bunene, udade osekhulile. Ababili emadodaneni akhe, uMalala Ramazani noAkilimali Walugaba, babephakathi kwalabo ababulawa ePangi. Ngaphezu kwalokho, abadala besizwe bacindezela umyeni wakhe ukuba ajoyine ababulali bomshana wakhe, uAmisi Melende. Lapho amadodana akhe amabili nomshana wakhe bebulawa, wonke umkhaya wakhe, kuhlanganise nomyeni wakhe wamlahla. Nokho, wathola induduzo emazwini omhubi: “Ngokuba ubaba nomame bangishiyile, kodwa uJehova uzakungamukela.” (IHubo 27:10) Abafowabo nodadewabo okholweni bamamukela futhi bamduduza ngezikhumbuzo zothando zethemba elimangalisayo lovuko.
Umyeni walodade, uRamazani Musombwa, waboshwa ngenxa yokuhlanganyela ekubulaweni komshana wakhe, kepha ekugcineni wakhululwa. Kamuva, wavuma ukuthi wahlabeka umxhwele ngokuma komkakhe ngesibindi nothando oFakazi abakanye naye abalubonisa kuye nakomalokazana bakhe abafelwe. Manje ubonisa ukuzisola okukhulu futhi uhambisana nomkakhe uma eya emihlanganweni yoFakazi BakaJehova. Ngenxa yoshintsho lwakhe oluphelele, uye waba isisulu sokugxekwa nokwenziwa inhlekisa kodwa uzimisele ukukhonza uJehova kusukela manje kuye phambili.
Bonke abanye abafelokazi abasebasha balahlwa imikhaya yabo ngenxa yokuthi yesaba ukubulawa uKimbilikiti. Bonke lababesifazane abasebasha bama beqinile futhi benqaba ukulahla ukholo lwabo kuJehova. Bamukelwa abakholwa kanye nabo futhi bakubona lokho uJesu akubikezela ngokuthi: “Ngiqinisile ngithi kini: Akukho-muntu oshiye indlu noma abafowabo, noma odadewabo, noma unina, noma uyise, noma abantwana, noma amazwe ngenxa yami nangenxa yevangeli, ongayikwemukeliswa ngekhulu: manje kulesisikhathi izindlu, nabafowabo, nawonina, nabantwana, namazwe kanye nokuzingelwa, nasenkathini ezayo ukuphila okuphakade.”—Marku 10:29, 30.
Ukholo Neqiniso Kuye Kwachuma
Namuhla, izimo zoFakazi BakaJehova endaweni yasePangi zibuyele esimweni sazo. Bonke abafelwe nabantu abathakazelayo abaphoqeka ukuba babalekele kweminye imizi namadolobha baye babuyela emakhaya abo. OFakazi sebeyashumayela futhi ngesigijimi soMbuso lapho ngentshiseko nokuzimisela okuvuselelwe kabusha. Naphezu kwakho konke abaye babhekana nakho, ‘banjengabazalwane abathola ithemba ngezibopho zikaPawulu bazuza kakhulu isibindi sokukhuluma izwi likaNkulunkulu ngokungesabi.’—Filipi 1:14.
Yebo, kukhona ukudabuka ngokubulawa ngonya kwamadoda angamaKristu athembekile eBandla lasePangi. Kodwa esinye isikhonzi esiyiphayona manje sikhonza njengombonisi owengamele futhi abantu bakaJehova laphaya phakathi neAfrika bayaqiniseka ngothando lukaNkulunkulu ngoKristu, njengoba luboniswe emazwini kaPawulu: “Ngubani ozakusahlukanisa nothando lukaKristu na? Noma ukuhlupheka, noma ukubandezeka, noma ukuzingelwa, noma indlala, noma ukuhamba-ze, noma ingozi, noma inkemba, na? . . . Kepha kukho konke lokho siyanqoba nokunqoba ngowasithandayo.”—Roma 8:35-39.
Nokho, kungani uJehova ayengavumela ukubulawa kwalabofakazi abathembekile? Kulelizwe lanamuhla elinobudlova, kuye kwaba nezimo eziningi zokuvikela kukaJehova abantu bakhe ngokusobala. Ngokwenza kanjalo, ubonisa indlela angase abadlulise ngayo bephephile ‘osizini olukhulu.’ (Mathewu 24:21; Isaya 26:20) Kodwa, njengoba uJesu asho kuJohane 16:1-3, kungase kube nezimo lapho evumela abaphikisi ukuba bafinyelele ezingeni lokubulala ngokoqobo abantu phakathi koFakazi BakaJehova. Ukugcina kwabo ezimweni ezinjalo, njengoba kwenza abafowethu abathembekile esifundazweni saseKivu, kusebenza njengobufakazi nanjengesibonakaliso sokuthi izinceku zikaNkulunkulu zizimisele ukugcina ubuqotho kuze kube sekufeni—Jobe 27:5; IzAga 27:11.
Sikhunjuzwa ngobufakazi obukhulu obaba umphumela ngemva kokufa komfel’ ukholo wekhulu lokuqala uStefanu. (IzEnzo 8:1-8) Ngakho kungenzeka ukuthi lokhu kubulala ngonya okwesabekayo kuyobangela abaningi besizwe samaRega nabanye eZaire nakwezinye izindawo ukuba bacabange ngokungathi sína ngeqiniso leBhayibheli. Yeka ukuthi oFakazi BakaJehova bayojabula kanjani ukusiza abantu abanjalo abaqotho ukuba bagqashuke ekwesabeni nokukholelwa ezeni okuhlangene nenkolo kaKimbilikiti! Futhi yeka inkululeko eyojatshulelwa yibo bonke abamukela iqiniso likaNkulunkulu elimangalisayo!