Bashushiselwa Ukukhuluma Iqiniso
OFAKAZI BAKAJEHOVA abazisekeli izinkolelo kanye nemikhuba kaKimbilikiti ngoba lokhu kuphikisana nezimiso ezingokomBhalo. OFakazi baye bakhululwa iqiniso elitholakala eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli. (Johane 8:31, 32) Ngakho-ke, bayenqaba ukuvumela amadodana abo ukuba asokwe ngokwemikhuba yesiko likaKimbilikiti. OFakazi bayenqaba futhi ukukhipha ukudla, imali, noma izimpahla ezifunekayo phakathi nezikhathi zesiko, futhi abesifazane abahlanganyeli ezikhathini zokudoba eziphoqelelwe ezihlelelwe injongo efanayo.
Ngokuthakazelisayo, ngokuphathelene nokubulawa koFakazi okushiwo ngaphambili, ummeli kahulumeni washo lokhu eNkantolo: ‘AmaWarenga athile ayehlanganyela esikhathini esedlule emasikweni kaKimbilikiti futhi azaziyo izimfihlo manje angoFakazi BakaJehova. Aye azembula izimfihlo, ikakhulukazi lezo eziphathelene nokungabibikho kwedlozi elibizwa ngokuthi uKimbilikiti. Ngakho-ke, baye badalula amanga ngeminikelo efunwa yilokho okuthiwa idlozi, lokho ngokoFakazi BakaJehova, okuwukukhohlisa okukhulu okuhlelwe amadoda amadala aqondisa lemikhosi.’
Njengoba abantu besizwe samaRega bemukela izimfundiso eziyiqiniso zeBhayibheli, ukukholelwa ezeni nokwesaba ukufa kuthathelwe indawo iqiniso nethemba lovuko. (Johane 5:28, 29) Esikhundleni sokuthuka onina, omkabo, nodadewabo bayabahlonipha abesifazane.—Efesu 5:21–6:4; 1 Thimothewu 5:1, 2.
Ngokuphambene kakhulu, amasonto amaningi nezithunywa zeLobukholwa zivumela amalungu azo ukuba alandele inkolo yesizwe ngaphansi kwesivikelo sokuthiwa ubuKristu. Empeleni, abapristi abaningi nabapristi abakhulu beKimbilikiti bacatshangelwa njengamalungu athembekile, nahlonishwayo amasonto ahlukahlukene. Yeka indlela okwehluke ngayo esimweni somphostoli uPawulu! Wabhala: “Maningaboshelwa ejokeni linye nabangakholwayo, ngokuba kunakuhlangayela kuni ukulunga nokungalungi na? Kunabudlelwane buni ukukhanya nobumnyama na? . . . Linakuvumelana kuni ithempeli likaNkulunkulu nezithombe na?”—2 Korinte 6:14-16.
Ngokuvame kakhulu, labo abanokuxhumana okukhulu nakho kokubili iKimbilikiti namasonto obuOrthodox baye bavusela oFakazi BakaJehova inkathazo. Lababaphikisi baye bafana kakhulu nabenzi bezithombe base-Efesu lasendulo. Babona umsebenzi wabo ufakwa engozini uPawulu, owababonisa ukuthi ‘akusibo onkulunkulu labo abenziwe ngezandla.’ (IzEnzo 19:23-28) Isimiso esifanayo siyasebenza eqinisweni lokuthi idlozi uKimbilikiti alikho.
OFakazi BakaJehova bazizwa bebophekile ukuba benze amaqiniso anjengalana aziwe. Kuyiqiniso, ngenxa yokukhuluma iqiniso, ngezinye izikhathi baye bashushiswa. Kodwa yini engafundwa ekukhuthazeleni kwabo ngokwethembeka?