Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w85 3/1 k. 10
  • Izelelesi Zithola Isigwebo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izelelesi Zithola Isigwebo
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukudalulwa Kwemfihlakalo YeKimbilikiti
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Bashushiselwa Ukukhuluma Iqiniso
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Iqiniso Nokholo Kuyachuma
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Babulawelwa Ukholo Lwabo!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
w85 3/1 k. 10

Izelelesi Zithola Isigwebo

LAPHO imibiko yokubulala ngonya ifinyelela eKinshasa, iziphathi-mandla zikahulumeni zathatha izinyathelo zokuqinisekisa ukuthi kwenziwa ukulunga. Ngenxa yalokhu, iziphathi-mandla kumelwe zituswe.

Kwalethwa amaloli namabutho kulesifunda. Ekugcineni, izelelesi zabanjwa futhi zalethwa ecaleni enkantolo yesigodi saseKindu, eKivu.

Ukwahlulela icala kwakungelula, ngoba abehluleli babesongelwa njalo futhi becindezelwa ukuba basonte umthetho. Babefunjathiswa ngezimali ezinkulu. Lapho isahlulelo sokuba necala sikhishwa, bamukela ngisho nencwadi engaziwa eyayithi uKimbilikiti wayezoziphindiselela kubo.

Ngokuthakazelisayo, ngisho nangesikhathi secala abamangalelwa babephikelela ngokuthi uKimbilikiti uyidlozi nokuthi lelidlozi lababangela ukuba benze izinto. Phakathi nokuthethwa kwecala, uMahluleli uTumba ngokuhlakanipha wahlela ukuba umtshingo kaKimbilikiti ukhaliswe ngokuzwakalayo endlini yenkantolo. Wathi uma uKimbilikiti eyidlozi, umsindo womtshingo wawungenakuba namphumela kubantu bamaRega abasendlini yenkantolo. Waba yini umphumela? Lapho kwenziwa imisindo esabekayo, kwaba khona isiphithiphithi endlini yenkantolo. Abesifazane babaleka ngokwesaba, besaba ukuthi kwakungenzeka babone uKimbilikiti futhi babulawe. Amadoda akhophozela futhi aphuma endlini yenkantolo, eshiya ngemuva abamangalelwa kuphela, inkantolo kanye nezibukeli ezithile ezingesizo zesizwe samaRega. Nalapha futhi uKimbilikiti wadalulwa njengobuqili bokukholelwa ezeni obugqilaza abantu bamaRega.

Inkantolo yaseKindu yagwebela ukufa abantu abayisithupha balabo ababehileleke ngokuqondile ekubulaleni. Abanye abaningana bathola izigwebo zokuvalelwa ejele nokuhlawula. Ngokungaphezulu, kwafunwa izinxephezelo ezithile ngenxa yabafelwe. (Izigwebo zedluliselwa enkantolo ephakeme eBukavu, eKivu.)

Isenzo esinengqondo seziphathi-mandla sisikhumbuza amazwi omphostoli uPawulu: “Ngokuba ababusi abesabeki kwabenza okuhle kodwa kwabenza okubi. . . . [umbuso] uyisikhonzi sikaNkulunkulu, umphindiseli wokwehlisela ulaka kowenza okubi.” (Roma 13:1-4) Khona-ke oFakazi BakaJehova bayaqhubeka ‘benxusa, bekhuleka, becela ukuba ukubonga kwenzelwe abantu bonke, amakhosi nabo bonke abakhulu, ukuze sihlale kahle nangokuthula, ngokumesaba uNkulunkulu nangesizotha esipheleleyo.’ UPawulu wenezela: “Lokhu kuhle, kuyabongeka emehlweni kaNkulunkulu uMsindisi wethu othanda ukuba abantu bonke basindiswe, bafinyelele ekulazini iqiniso.”−1 Thimothewu 2:1-4.

Ngenxa yomphumela walezizehlakalo ePangi, siyaqiniseka ukuthi abantu abaningi bamaRega abaqotho ‘bayofinyelela ekulazini iqiniso’ futhi khona-ke bakhululwe ebugqilini obukhohlisayo bokukholelwa ezeni. Ngenxa yalaba kanye nabanye abantu abanhliziyo-ziqotho kuwo wonke umhlaba, oFakazi BakaJehova bayoqhubeka befuna. Siyajabula ngempela, ukwenza ngokuvumelana nokholo futhi sihlanganyele iqiniso loMbuso nabo bonke abathanda ukulunga, ngisho nasezingxenyeni ezikude kakhulu zeAfrika.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela