Babulawelwa Ukholo Lwabo!
KWAKUNGESONTO kusempondozankomo. Isixuku sabantu abangaba ama-500 sazungeza indlu emzini wasePangi, esifundazweni iKivu, eZaire. AmaKristu ayelele ngokuthula ekhaya avuswa ngendluzula isixuku esixokozelayo nokugaklazwa komnyango. Waba yini umphumela? Amadoda ayisikhombisa angamaKristu adonselwa ngaphandle, ashaywa ngonya futhi aphoqelelwa ukuba ahambe amakhilomitha ayisikhombisa eya emzini waseKilungulungu phakathi nehlathi.
Lapho, lamadoda athanda ukuthula angamaKristu anqanyulwa oqhoqhoqho futhi omunye wacuywa izitho zomzimba. Imizimba yawo yangcwatshwa emhosheni ngemva kokuba amanzi evinjelwe ngenxa yalesisenzo. Kamuva amanzi adedelwa, futhi umfula wageleza phezu kwethuna labo, ushiya kungekho noluncane uphawu besehlakalo sesihluku!
Kungani Lababantu Abangenacala Babulawa Ngonya?
Lokhu kubulawa koFakazi BakaJehova abathembekile kwakuwumvuthwandaba wegagasi lokushushiswa elaqala ngo-1978 kuyo yonke ingxenye yesifunda saseKivu esigcwele isizwe samaRega. Kungani babulawa ngonya? Kungoba oFakazi BakaJehova benqaba ukulandela “iKimbilikiti.” Abaholi balenkolo yokhokho yaseWaregas bakholelwa ukuthi oFakazi bayingozi enkulu kuso sonke isimo sesizwe futhi kumelwe baqedwe.
Kusukela ngo-1978 kuya ku-1983 amaHholo OMbuso amaningana oFakazi BakaJehova ashiswa amalungu ashisekela lenkolo. Asongela oFakazi abaningi, abaxosha emakhaya abo, futhi athatha izimpahla zabo. Ngokuvamile kwakwenziwa imizamo yokuqeda oFakazi ngobuthakathi nangokuloya. Njengoba kungekho nowodwa walemizamo owabonakala uphumelela, abashushisi baphendukela ekubulaleni abantu abaningi ngonya.—Qhathanisa noNumeri 23:23.
Isehlakalo Esishaqisayo
Nokho, ake sibhekisise lezozehlakalo zesihluku zangeSonto, ngoAugust 14, 1983. Ngokubheka iYearbook of Jehovah’s Witnesses, ka-1983 yeka ukuthi lifaneleka kanjani itekisi nokukhulumela kwalolosuku! Ngosuku olwandulela ukubulawa kwamadoda ayisikhombisa angamaKristu athembekile, amalungu amaningi ebandla elincane loFakazi BakaJehova ePangi ayevela kweminye imizi eze emhlanganweni ovamile wangoMgqibelo. Wonke alala khona akuze abe seduzane nomhlangano wawo wokukhulekela wangeSonto ekuseni. Abantu abayisikhombisa bahlala endlini kaKalumba Malumalu, oyisikhonzi sesikhathi esigcwele nongumbonisi owengamele webandla. Sebebonke babeyi-11, kuhlanganisa noMzalwane uMalumalu, umkakhe nezingane zabo ezimbili ezincane. Abanye abahlanu bathola indawo yokulala ekhaya likaMzalwane Kikuni Mutege.
Ngemva komhlangano wangoMgqibelo, oFakazi bachitha ubusuku obuhle botha umlilo, behlabelela izingoma zoMbuso futhi bexoxelana okuhlangenwe nakho. Baphawula ukuthi amaqembu amancane abantu ayelokhu edlula kaningi ngokungajwayelekile, onke ebhekise amabombo emzini ongamakhilomitha amabili ukusuka ePangi. OFakazi babengazi kanjani ukuthi lokhukuqoqana kwezitha kwakusho ukuthini?
Cishe ngo-5 ekuseni ngosuku elandelayo indlu yombonisi owengamele yayizungezwe isixuku esasiholwa iNduna yeQembu uMulamba Musembe. Kwathiwa uMzalwane Kampema Amuri noWaseka Tabu mabahambe nabo baye eNduneni yesiGodi (uKatunda Banangozi) ukuze benze “iSalongo” (umsebenzi womphakathi oyisibopho wokulungisa imigwaqo, amabhuloho, nokunye). UMzalwane uKampema ngokuzithoba wachaza ukuthi kwase kwenziwe ilungiselelo kakade neNduna uKatunda lokwenza lowomsebenzi ngosuku olulandelayo. Kodwa iNduna yeQembu yakhetha ukubheka lempendulo njengokweyisa futhi yayaleza ukuba uMzalwane Kampema ashaywe. Lokhu kwalandelwa isiyalezo sokuba nabanye abazalwane bashaywe.
Kulesosikhathi isixuku saqaphela ukuthi “umfundisi” uKalumba Malumalu (umbonisi owengamele) wayebuyele endlini yakhe. Ngakho bonke basunduza indlu kwaze kwaba yilapho bebhodloza olunye udonga. Khona-ke, abaningana babo bagijimela ngaphakathi ukuze babambe uMzalwane Malumalu. Kulolodweshu odade baphathwa ngendluzula, kodwa bona nezingane zabo bakwazi ukubalekela kumphathi wamaphoyisa endawo ukuze bavikeleke.
Ngesikhathi esifanayo, abazalwane ababili abahlala kwenye indlu bakwazi ukubaleka. Omunye wabo (uHemedi Mwingilu) wacasha endlini esakhiwa futhi wasibona isehlakalo. Omunye umzalwane (uLulima Kazalwa) wabalekela ehlathini.
Ekugcineni, abazalwane abayisikhombisa baboshwa, bashaywa, futhi bathathwa beboshwe izandla. Phakathi nalo lonke uhambo lwamakhilomitha amahlanu ukuya ehlathini eduze naseKilungulungu, babechokolozwa futhi beshaywa abathumbi babo. Nakuba abazalwane babecishe ukuquleka lapho befika lapho, babezimisele ukuba bangahlehli okholweni lwabo—futhi ngisho nakuba ukufa kwabo kwakuseduze. Babhekana nokufa ngesibindi nangesizotha, njengoba kwenza amanye amaKristu amaningi athembekile ezikhathi zakudala nezanamuhla.—Mathewu 24:9; IsAmbulo 2:10.
Omunye umzalwane, uAmisi Milende, wabulawa ngokushesha ngemva kwalokho. Wayesohambweni lokuya eKama, kodwa amadoda ayethunywe lapho ambopha futhi ambuyisela eBinyangi (engamakhilomitha ayi-15 ukusuka ePangi) eboshiwe ukuze avele phambi kukaKibonge Kimpili, enye iNduna yeQembu. Lapho esalinde ukuba iNduna ifike, loFakazi oshisekayo wakhuthaza ngokomoya omunye wabazala bakhe futhi watshela ababemshushisa ukuthi nakuba ayesezokufa, uyolindela nje uJehova uNkulunkulu ukuba amvusele kulomhlaba ozokuba ipharadesi. Lensizwa ethembekile yabulawa amadoda amaningana. Umalume wayo siqu wahlanganyela kulokhu; wayenonya kakhulu ngoba amadodana akhe amabili ayebe ngoFakazi BakaJehova ngosizo lukaMzalwane uMilende. Eqinisweni, lamadodana amabili, uMalala Ramazani noAkilimali Walugaba, ayephakathi kwabanye oFakazi abayisikhombisa ababulawa!
Kwenzekani Ngabasinda?
Lezizehlakalo ezibuhlungu zaphumela ekubulaweni kwamadoda ayisishiyagalombili ashiya abafelokazi nezintandane. Abasinda nabanye oFakazi bendawo kanye nabantu abathakazelayo baba izisulu zenzondo enkulu. Ngakho ekugcineni babalekela eKindu, idolobha elikhulu eliseduzane, futhi banakekelwa kahle amalungu amabandla amathathu alapho oFakazi BakaJehova. Ihhovisi legatsha leWatch Tower Society eKinshasa nalo lasiza laba abafelwe ngokubathumelela izingubo zokwembatha, zokulala, nemali. Lolusizo lothando lwaziswa kakhulu futhi lwaphumela ebufakazini obuhle emalungwini emikhaya engakholwa nakwabanye ababebukele. (Johane 13:34, 35; Jakobe 1:27) Izikhulu zikahulumeni nazo zangenela. Izelelesi zaboshwa futhi kwathathwa izinyathelo ezingokomthetho ngokumelene nazo.
Lezizenzakalo ezishaqisayo zaphakamisa imibuzo eminingi. Iluhlobo luni lwenkolo iKimbilikiti? Izinkolelo kanye, nemikhuba enjani eyayingashukumisela loluhlobo loshushiso? Futhi kungani kungoFakazi BakaJehova kuphela futhi kungabi ngezinye izinkolo eziyizisulu zenzondo enjalo?
[Isithombe ekhasini 3]
Umuzi wasePangi
[Isithombe ekhasini 4]
Indlela eyisa endaweni yokubulawa