“Siyanibonga Ngothando Olukhulu Eninalo Ngabantu”
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! ERUSSIA
◼ Edolobheni laseChita empumalanga yeSiberia, kunebandla loFakazi BakaJehova elalisebenzisa ikilasi lesikole ukuze liqhube imihlangano yobuKristu kwaze kwaba yilapho lithuthela eHholo LoMbuso lalo elisha. Ngenxa yokuthi lab’ oFakazi babegcina leli kilasi lihlanzekile, belungisa izinto, futhi benomusa nobuntu, abaphathi besikole babhala incwadi yokubonga ibandla.
Ngokwengxenye, yayithi: “Siyanibonga ngothando olukhulu eninalo ngabantu, olubonwa yibo bonke abantu enihlangana nabo, nangemisebenzi yenu yevangeli nokunikeza usizo emphakathini uwonke. Asisoze sakukhohlwa esikubonile phakathi nale minyaka sisebenzelana ndawonye, okubonisa ukuthi labo bantu abakholelwa kuNkulunkulu bahloniphekile, bayacophelela, banomusa, futhi ngaphezu kwakho konke, bangabantu abanemigomo abanokholo nenjongo ekuphileni.” OFakazi BakaJehova bayawazisa lawo mazwi.
◼ Ebangeni elingaba amakhilomitha angu-5 500 entshonalanga yeChita, ummeleli wegatsha laseRussia loFakazi BakaJehova wamenyelwa emkhosini okhethekile owawuhlelwe yihhovisi labaqondisi lesifunda saseSt. Petersburg. Wayemenyelweni? Ngemva kokuncibilika kweqhwa unyaka ngamunye, oFakazi bendawo bayasiza ngokususa imfucumfucu enqwabelene ibanga elingaba amakhilomitha angu-60 emgwaqweni ongekude negatsha. Sibonga ngalo moya omuhle wokusiza umphakathi, isikhulu esithile saklomelisa oFakazi ngokunika ummeleli wegatsha isitifiketi sokunconywa. Izilaleli zashaya ihlombe elihlokomayo. Ngokuthakazelisayo, lapho isikhulumi esasimenywe kulo mkhosi siphimisela igama likaNkulunkulu, elithi Jehova, ngendlela engafanele, idlanzana labangebona oFakazi ezilalelini lasikhuza ngokushesha, libonisa ukuthi lalilazi igama likaNkulunkulu nabantu ababizwa ngalo.
Isizathu esiyinhloko esenza abantu babe nalolu lwazi inkonzo yasobala yoFakazi BakaJehova, abangaba ngu-150 000 eRussia. Kuwumgomo wabo ukuqhubeka bebonisa “uthando olukhulu ngabantu” ngokuhlanganyela isigijimi seBhayibheli esiduduzayo nabo bonke abalalelayo.—Mathewu 22:39.
[Isithombe ekhasini 29]
Igatsha laseRussia lathola isitifiketi sokunconywa