Ukubuka Okwezwe
◼ Ngo-2007 amaShayina angaba yizigidi ezingu-47 antula amanzi aphuzwayo ngenxa yesomiso esibi kunazo zonke eminyakeni eyishumi. Ngesikhathi esifanayo, angaba yizigidi ezingu-42 ahlaselwa yiziphepho, kanti ayizigidi ezingu-180 ahlaselwa yizikhukhula.—I-XINHUA NEWS AGENCY, ECHINA.
◼ “Ngo-2003, cishe owesifazane oyedwa kwabahlanu ababekhulelwe emhlabeni wonke wakhipha isisu. EYurophu, lesi silinganiso cishe singabesifazane abathathu kwabahlanu . . . Emazweni ayengaphansi kweSoviet Union, . . . abesifazane abangaba amaphesenti angu-45 ababekhulelwe ngo-2003 bazikhipha izisu.”—I-BRITISH MEDICAL JOURNAL, EBRITHANI.
Imidlalo Yama-video Enobudlova Esontweni
I-New York Times ibika ukuthi “amakhulu abefundisi abamagange befuna ukukhuthaza intsha ukuba ize esontweni baye bagxekwa kakhulu ngokusebenzisa ithuluzi elingavamile lokudonsela abantu esontweni”—“umdlalo we-video onobudlova” kodwa “othandwa kakhulu.” Lo mdlalo uhloselwe abantu asebekhulile. Kuwona, umdlali oyisosha kumelwe abulale abantu ngezindlela ezihlukahlukene. Leli phephandaba lithi lokhu akubavimbanga abagqugquzeli bamaqembu ahlukahlukene entsha engamaProthestani nabavangeli “ekugcwaliseni izikhungo zabo ngamashumi emishini yokudlala ukuze intsha eningi ithuthelekele kumathelevishini amakhulu iyodlala le midlalo yokudubulana.”
Imininingwane Yezingane Iyebiwa
I-Wall Street Journal ithi liyanda inani lezingane eziyizisulu zokwebiwa kwemininingwane yazo, okungase kube nomphumela oyinhlekelele esikhathini esizayo lapho zizama ukutsheleka izimali. Ubugebengu obunjalo, obuvame ukwenziwa ilungu lomkhaya, kungaphela amashumi eminyaka bungatholakali. Leli phephandaba liyachaza: “Abantu abaningi abaqapheli ukuthi othile ubelokhu esebenzisa imininingwane yabo ngokungemthetho . . . kuze kube yilapho befaka isicelo sokuqala somsebenzi, selayisense yokushayela, betsheleka imali yokufunda noma yokuthenga indlu.” Abanye bayashesha ukwazi ngalokhu uma inkampani etshelekisa ngezimali izama ukuthola imali yesikweleti esinqwabelene egameni lesisulu.
Iziqhumane Zamabhomu Enuzi “Zilahlekile”
Ngo-August 30, 2007, indiza i-B-52 yeButho Lasemoyeni Lase-United States yandiza inqamula elase-United States amahora amathathu nesigamu ithwele amabhomu ayisithupha enuzi “ayefakwe ngephutha ephikweni layo,” kubika i-Washington Post. Leli phephandaba lithi abashayeli bale ndiza kanye nezisebenzi zasesikhumulweni ezafaka la mabhomu azilibonanga leli phutha, “okwaphela amahora angu-36 wonke lingabonwa muntu.” Imibiko ithi “izikhulu zeButho Lasemoyeni zathi la mabhomu ayengacushiwe futhi ayengelona neze usongo emphakathini.” Noma kunjalo, ingqapheli ethile iyabuza: “Kufanele sikhathazeke kangakanani?”
Amajuba Alinganisa Izinga Lokungcola
Abacwaningi base-University of Rajasthan, enyakatho yeNdiya bathi ucwaningo olwenziwe ngamajuba edolobheni laseJaipur lubonisa ukuthi lezi zinyoni zingasetshenziselwa ukulinganisa izinga lokungcola. I-Gobar Times yaseNew Delhi, eyisithasiselo sikamagazini i-Down to Earth iyachaza: “Izinto ezisansimbi ezigcwele endaweni okuhlala kuyo lezi zinyoni zinamathela ezimpapheni, futhi zihlale lapho ngisho nangemva kokuba [izimpaphe] sezivuthukile.” Njengoba ngokuvamile amajuba ehlala ndawonye, izinga le-cadmium, i-chromium, ithusi nomthofu elitholakala ezimpapheni zawo zingaba isilinganiso esinembile sezinga lokungcola kwendawo.