Intsha Iyabuza
Ngingamelana Kanjani Nesilingo?
◼ UKaren akukapheli ngisho nemizuzu eyishumi esemcimbini lapho ebona kufika abafana ababili bephethe izikhwama ezinkulu eziningana. Akubuzwa ukuthi yini ekulezo zikhwama. Ngaphambili, wayebezwile laba bafana bethi kuyoba “notshwala obuningi” kulo mcimbi. Kodwa, uKaren akazange akusho lokhu kubazali bakhe. Wayezitshela ukuthi laba bafana bayazidlalela nje. Phela, bekufanele kube nabantu abadala kulo muzi—ndawana-thile.
Kusenjalo, uKaren uzwa izwi alijwayele ngemva kwakhe. “Umeleni nje lapho, s’thingithingi?” Uyaphenduka abheke umngane wakhe uJessica ophethe amabhodlela amabili kabhiya asanda kuvulwa. UJessica ulinika uKaren abese ethi, “Manje ungangitsheli ukuthi usemncane ukuthi ungazijabulisa nje kancane!”
UKaren ufuna ukwenqaba. Kodwa ithonya lokuba avume linamandla kakhulu kunalokho abekucabanga. Akanandaba notshwala. Ukuthi nje uJessica ungumngane wakhe, manje uKaren akafuni ukubhekwa njenges’thingithingi, njengoba uJessica embize ngaso. Nangale kwalokho, uJessica ungenye yamantombazane aziphethe kahle. Ngakho uma ephuza, pho kunani? UKaren uyacabanga: ‘Ubhiya nje. Akufani nokudla izidakamizwa noma ukulala nothile.’
UMA usemncane, isilingo siza ngezindlela ezihlukahlukene. Ngokuvamile sihilela abobulili obuhlukile. URamona oneminyaka engu-17 uthi: “Amantombazane asesikoleni ayabelesela. Ayathanda ukukuthintathinta abone ukuthi uzogcina wenzenjani. Awadeli!” UDeanna, naye oneminyaka engu-17, uke wabhekana nesimo esifanayo. Uthi: “Umfana othile weza kimi wangigaxa. Ngamshaya ingalo ngathi kuye, ‘Wenzani? Angikwazi nokukwazi!’”
Nawe ungase ubhekane nezilingo, futhi kungase kubonakale sengathi azipheli. Njengoba omunye umKristu akubeka, “isilingo sinjengomuntu ongqongqoza mlibe emnyango angalunaki uphawu oluthi Ungaphazamisi.” Ingabe uzwa lokho kungqongqoza kaningi kunokuba ufisa? Ngokwesibonelo, ingabe kukhona kulokhu okulandelayo okuyisilingo kuwe?
□ Ukubhema
□ Ukuphuza utshwala
□ Ukudla izidakamizwa
□ Ukubuka izithombe ezingcolile
□ Ukuhlanganyela ekuziphatheni okubi kobulili
□ Okunye ․․․․․
Uma ufake uqhwishi kunoma ikuphi okungenhla, ungaphethi ngokuthi awunakuba umKristu. Ungafunda indlela yokulawula izifiso ezingalungile futhi umelane nesilingo. Kanjani? Kuyasiza ukuqaphela ukuthi isilingo sibangelwa yini. Cabangela izici ezintathu.
1. Ukungapheleli. Ukuthambekela kokwenza okungalungile kuvamile kubo bonke abantu abangaphelele. Ngisho nomphostoli uPawulu—owayengumKristu ovuthiwe—wavuma ngokwethembeka: “Lapho ngifisa ukwenza okuhle, kukhona okubi kimi.” (Roma 7:21) Ngokusobala, ngisho nomuntu oqotho ngempela ngezinye izikhathi uyasiqaphela “isifiso senyama nesifiso samehlo.” (1 Johane 2:16) Kodwa ukugxila esifisweni sokwenza okungalungile kuyomane kwenze izinto zibe zimbi kakhulu, ngoba iBhayibheli lithi: “Isifiso, lapho sesakhekile, sizala isono.”—Jakobe 1:15.
2. Amathonya angaphandle. Isilingo sikuyo yonke indawo. UTrudy uthi: “Esikoleni nasemsebenzini, abantu bakhuluma ngobulili njalo. Kuyi-TV nakumabhayisikobho, ngaso sonke isikhathi benziwa bubonakale bubuhle kakhulu futhi bujabulisa. Awuvamile ukubona imiphumela yabo emibi!” UTrudy wazi ngokuhlangenwe nakho kwakhe ukuthi la mathonya angaba namandla kangakanani. Uyakhumbula: “Ngangicabanga ukuthi ngithanda othile lapho ngineminyaka engu-16. Umama wahlala nami phansi wangitshela ukuthi uma izinto ziqhubeka ngale ndlela, ngizogcina ngikhulelwe. Ngashaqeka ngokuthi umama wayecabanga into enjalo! Ngemva kwezinyanga ezimbili, ngakhulelwa.”
3. “Izifiso zobusha.” (2 Thimothewu 2:22) Le nkulumo ingahlanganisa noma isiphi isifiso esivamile lapho umuntu esakhula, njengokufuna ukwamukelwa noma ukufisa ukuzimela. Lezo zifiso azizimbi, kodwa uma zingalawuleki, zingenza kube nzima ukumelana nesilingo. Ngokwesibonelo, ukufisa ukuzimela kungakwenza ufulathele izindinganiso ezinhle ozifundiswe ekhaya. Yilokho okwenzeka kuSteve lapho eseneminyaka engu-17. Uthi, “Ngavukela abazali bami ngenza cishe yonke into ababengifundise ukuthi ngingayenzi—konke lokhu ngemva nje kokubhapathizwa.”
Kuyavunywa, amathonya achazwe ngenhla anamandla. Kodwa ungamelana nesilingo. Kanjani?
◼ Okokuqala, phawula ukuthi isiphi isilingo esinamandla kuwe. (Kungenzeka usukwenzile lokhu ngenhla.)
◼ Okulandelayo, zibuze, ‘Sivame ukuvela nini lesi silingo?’ Faka uqhwishi kwelinye lamabhokisi alandelayo:
□ Lapho ngisesikoleni
□ Lapho ngisemsebenzini
□ Lapho ngingedwa
□ Okunye ․․․․․
Ukwazi ukuthi isilingo singase sivele nini kungase kukusize ngisho nokuba usigweme ngokuphelele. Ngokwesibonelo, ake ucabangele isimo esichazwe ekuqaleni kwalesi sihloko. Isiphi isixwayiso uKaren asithola sokuthi kuzoba nenkinga emcimbini aya kuwo? Wayengasigwema kanjani isilingo zisuka nje?
◼ Njengoba (1) ususiphawulile isilingo futhi (2) wabona ukuthi singase sivele nini, usukulungele ukuthatha isinyathelo. Umgomo wakho wokuqala ukuthola ukuthi ungawanciphisa noma uwavale kanjani amathuba okuhlangana naleso silingo. Ngezansi, bhala lokho ongase ukwenze.
․․․․․
․․․․․
(Izibonelo: Uma njalo ngemva kwesikole uhlangana nezingane ezikukhuthaza ukuba ubheme nazo, mhlawumbe ungashintsha indlela ohamba ngayo ukuze uzigweme. Uma uvame ukuthola izithombe ezingcolile ze-Internet ungazicelanga, ungase ucabangele ukufaka izinhlelo ze-computer ezivala lowo mthombo nazo zonke ezinye izingosi ezinjalo. Ungase futhi ucophelele emagameni owafakayo lapho ucwaninga kuyi-Internet.)
Kuyiqiniso, awunakuzigwema zonke izilingo. Cishe uyobhekana nesilingo esinamandla kakhulu—mhlawumbe ungasilindele. Yini ongayenza ngalokho?
Kulungele. Lapho uJesu “elingwa uSathane,” wenqaba ngokushesha. (Marku 1:13) Ngani? Ngoba kakade wayazi ukuthi umi kuphi ezimpikiswaneni ezavela. Cabanga ngalokho. UJesu wayengelona irobhothi. Wayengakuvumela ukunqotshwa yisilingo. Kodwa wayesenqumile kakade ukulalela uYise ngaso sonke isikhathi. (Johane 8:28, 29) UJesu wayeqinisile ngempela lapho ethi: “Angehlanga ezulwini ukuba ngizokwenza intando yami kodwa intando yalowo ongithumileyo.”—Johane 6:38.
Ezikhaleni ezingezansi, bhala izizathu ezimbili zokuthi kungani kufanele umelane nesilingo obhekana naso njalo kanye nezindlela ezimbili ozimisele ukumelana naso ngazo.
1. ․․․․․
2. ․․․․․
Khumbula, lapho uvumela ukunqotshwa yisilingo, uba yisigqila sezifiso zakho. (Thithu 3:3) Kungani uvumela ukulawulwa yizifiso zakho? Sebenzisa ukuvuthwa ulawule izifiso zakho kunokuba uzivumele ukuba zikulawule.—Kolose 3:5.
Izihloko ezengeziwe eziwuchungechunge ezithi “Intsha Iyabuza” zingatholakala engosini ye-Internet ethi www.watchtower.org/ype
[Umbhalo waphansi]
a Amagama akulesi sihloko ashintshiwe.
OKUDINGA UKUCATSHANGELWA
◼ Ingabe izidalwa eziphelele zingalingwa?—Genesise 6:1-3; Johane 8:44.
◼ Uma umelana nesilingo, ukuthembeka kwakho kuba naliphi ithonya kwabanye?—IzAga 27:11; 1 Thimothewu 4:12.
[Ibhokisi ekhasini 27]
ZAMA LESI SIVIVINYO
Thatha ikhampasi, uyimise ngendlela eyenza uthi lukhombe enyakatho. Yibe usubeka uzibuthe eceleni kwayo. Kwenzekani? Uthi alusakhombi endaweni efanele. Kunalokho, lutshekela ngakuzibuthe.
Unembeza wakho unjengaleyo khampasi. Uma uqeqeshwe kahle, uyotshekela “ngasenyakatho” futhi ukusize ukuba wenze izinqumo ezihlakaniphile. Kodwa njengozibuthe, abangane abayingozi banamandla angathikameza ukwahlulela kwakho ezindabeni zokuziphatha. Yini esiyifundayo? Zama ukugwema abantu nezimo ezingase zithikameze umuzwa wakho wokuziphatha okufanele!—IzAga 13:20.
[Ibhokisi ekhasini 27]
UKUSIKISELA
Hlela izimpendulo ongase uzisebenzise lapho othile ezama ukukuyengela ekwenzeni okubi. Ungakhathazeki. Ungazishayi olungile. Ngokuvamile okudingekayo nje ukwenqaba ngendlela elula nenokuzethemba. Ngokwesibonelo, uma ofunda naye ekunika ugwayi, ungase uthi: “Ungadlali ngogwayi wakho ngokuwunika mina. Angibhemi!”
[Isithombe ekhasini 28]
Lapho uvumela ukunqotshwa yisilingo, uba yisigqila sezifiso zakho