OFakazi BakaJehova Umbiko Wencwadi Yonyaka Ka-1998
ENOMUZWA wokuphuthuma okukhulu, umprofethi uJoweli wabikezela ukuza kosuku lukaJehova. Futhi waveza isihluthulelo sokusinda lapho ebhala: “Kuyakuthi bonke ababiza igama likaJehova bakhululwe.”—Joweli 1:15; 2:1, 28-32.
Usuku lukaJehova olunjalo lwafikela iJerusalema ngo-607 B.C.E. Kwakuyisikhathi uJehova akhipha ngaso isahlulelo. Eminyakeni eminingi ngaphambili wayexwayise izakhamuzi zakwaJuda nezaseJerusalema ngokuthi zaziyolandisa kabuhlungu ngokumphatha kwazo ngendelelo. Yebo, zazilazi igama lakhe futhi zilisebenzisa, kodwa zazingasiceli ngobuqotho isiqondiso sikaJehova. Zazingenawo ngempela umuzwa wokuthi uJehova uzozenza zilandise ngalokho ezazikwenza. (Neh. 9:26; Zef. 1:4-6, 12) Ukubiza kwazo uJehova ngosuku lokuhlupheka kwakuzoba ukwedelela, futhi uJehova wathi wayengeke azilalele. (Jer. 11:10, 11) Kodwa lapho iJerusalema libhujiswa, abathandi bokulunga abanjengoJeremiya, uBaruki, u-Ebedi-Meleki namadodana kaJonadaba basinda ngoba babefuna ngobuqotho ukwenza okulungile nokumjabulisayo uNkulunkulu.
Umphostoli uPetru wachaza ukuthi isiprofetho sikaJoweli sagcwaliseka nangekhulu lokuqala. Eqondiswa umoya ongcwele, uPetru wabonisa ukuthi okwenzeka ngePentekoste lika-33 C.E. kwakuwukugcwaliseka kwalokho okwakulotshwe uJoweli ngokuthululwa komoya kaNkulunkulu ngaphambi kokufika kosuku lukaJehova. Lolo suku lukaJehova lwafika ngolaka olubhubhisayo phezu kweJerusalema ngo-70 C.E. (IzE. 2:16-21) Nokho, cishe eminyakeni engu-14 ngaphambi kwalokho, umphostoli uPawulu wabhalela amaKristu aseRoma wacaphuna uJoweli 2:32. (Roma 10:13) Ngani? Ukuze agcizelele ukungakhethi kukaNkulunkulu phakathi kwamaJuda namaGreki. Njengoba umprofethi ayelobile, insindiso yayitholakala kubo “bonke ababiza igama likaJehova.” Kodwa kungani amaKristu aseRoma kwakudingeka axwayiswe ngembubhiso eyayizofikela iJerusalema elalikude? Ukuze angasondeli endaweni eyingozi. Bonke ababeye emkhosini wePhasika LamaJuda eJerusalema ngo-70 C.E. bavaleleka lapho kugadla inhlekelele kulowo muzi. Kodwa cishe eminyakeni emine ngaphambi kwalokho, labo ababelalele izwi likaNkulunkulu ngeNdodana yakhe, babephume baphela kulowo muzi owawuqalekisiwe.—Luka 21:20-22.
Usuku lukaJehova olunemiphumela emikhulu nakakhulu lulapha phambi kwethu. Ukukhishwa kwesahlulelo sikaJehova kuyofinyelela emagumbini omane omhlaba. Kodwa wonk’ umuntu obiza igama likaJehova ngokholo futhi abonise ukholo emhlatshelweni osusa izono weNdodana yakhe, uJesu Kristu, angasinda—kungakhathaliseki ukuthi uyisizwe sini, uluhlanga luni noma ukhuluma limi luni. (IsAm. 7:9, 10) Noma kunjalo, eyabaseRoma 10:14 iyabuza: “Bayombiza kanjani lowo abangabekanga ukholo kuye? Bayolubeka kanjani ukholo kulowo abangezwanga ngaye?” OFakazi BakaJehova bayakuqaphela ukuphuthuma kokuba wonk’ umuntu anikezwe lelo thuba.
Ngonyaka wenkonzo odlule, kusukela ngo-September 1996 kuya ku-August 1997, oFakazi BakaJehova banikeza ubufakazi obuhle kakhulu ngoJehova, iNdodana yakhe noMbuso wobuMesiya. Babika ukuthi bafakaza obala emazweni angu-232, emaqoqweni eziqhingi nasemasimini. Umbiko ubonisa ukuthi kwachithwa amahora angaphezu kwezigidi eziyinkulungwane kulomsebenzi, empeleni amahora angu-1 179 735 841! Kwaqhutshwa izifundo zeBhayibheli zasekhaya ezingu-4 552 589 ngokwesilinganiso, kwathi inani elisha labantu abangu-375 923 labonisa ukuzinikezela kwalo kuJehova ngobhapathizo.
Lobu bufakazi bembulunga yonke buthakazelisa ngokukhethekile uma siqaphela ukuthi obani abahlanganyela ekubunikezeni. Bavela kuzo zonke izizwe nezinhlanga—bakhuluma amakhulu ezilimi. Abaningi balwa nezinkinga ezingathi sína zomnotho, njengoba kunjalo nangabantu bezwe abahlala kulo. Izinkulungwane zihlala emazweni acekelwe phansi yizimpi. Abaningi abafakaza ngokwethembeka balwa nokugula okungathi sína. Naphezu kwezigigaba ezihlasimulisayo eziye zenzeka eRwanda, oFakazi balapho, ngaphandle kwamaphayona, ngokwesilinganiso bachitha amahora angaphezu kuka-20 ngenyanga emunye, enkonzweni yasensimini. Phakathi nezinxushunxushu e-Albania, abamemezeli babeqikelela ukuba bafakaze emini ngesikhathi kuthè ukuzola—ngaphambi kokuba kuqale ukudubulana.
Inyanga ngayinye emhlabeni wonke kwakunesilinganiso sabangu-5 353 078 abahlanganyela emsebenzini wokumemezela ngoMbuso. Inani elisha eliphakeme labangu-5 599 931 lahlanganyela enkonzweni yasensimini ngesikhathi esithile phakathi nonyaka. Lihlanganisa nebutho elikhulu lamaphayona—isilinganiso sangu-706 270 inyanga ngayinye. Lingaphezu kwelanoma yinini ngaphambili. Yini eyenza lokhu?
Ukusabela Ngentshiseko Esimemweni Esikhethekile
Ekuqaleni kuka-1997 kwaphuma lesi simemo: “Kufuneka Amaphayona Asizayo.” Nge-Nkonzo Yethu YoMbuso kwanikezwa ukusikisela okuwusizo ngendlela umuntu angahlela ngayo isikhathi sakhe ukuze aphayone. Kwanikezwa isikhuthazo esifudumele sokuhlanganyela ngenyanga eyodwa noma ezengeziwe kusukela ngo-March kuya ku-May. Igatsha ngalinye lazibekela umgomo walo. Ngokwesibonelo, kwakufuneka angu-100 000 e-United States, angu-20 000 ePhilippines, angu-10 000 eRepublic of Korea, angu-2 000 eNew Zealand, angu-350 eLiberia.
Kwaba njani ukusabela? Kwanikezwa ubufakazi obuhle kakhulu bokuthi ngempela izinceku zikaJehova ‘zizinikela ngenjabulo,’ njengoba kwabikezelwa kumaHubo 110:3. Ngo-March, iGuadeloupe yeqela ngalé komgomo wayo wamaphayona asizayo ngamaphesenti angu-43; i-Ecuador ngamaphesenti angu-73. IPuerto Rico yaba nangu-4 173, okuyinani elingaphezu kokuphindwa kabili kwenani elalilindelekile. Naphezu kwezimo zomnotho ezinzima e-Ukraine, lapho kukhishwa isimemo samaphayona asizayo angu-5 000 khona, kwabhalisa angu-10 365. E-United States, inani elihlanganisiwe lamaphayona asizayo omkhankaso wezinyanga ezintathu laba ngu-251 880; okwaba amaphesenti angu-130 ngaphezu kwesikhathi esifanayo ngonyaka owandulele.
Kwenziwa umzamo owengeziwe wokuhlanganyela kulomkhankaso okhethekile. Yaba yini imiphumela? Igatsha laseLiberia labika: “Insimu yaqala ukuthuthuka ngomkhankaso okhethekile ka-March. Kuwukuzidela okukhulu ukukhonza njengephayona elisizayo kuleli lizwe elicekelwe phansi yimpi, lapho abanye abafowethu nodadewethu beye balahlekelwa yiyo yonke impahla yabo kwaze kwaba kathathu. Kwabaningi, ukutholela imikhaya yabo ukudla okuyisisekelo nsuku zonke, mhlawumbe okuyindishi ‘kawoyela wesundu nelayisi’ noma ukolweni ‘owomisiwe’ kungumqansa. Kwakubonakala singenakuwufinyelela umgomo wethu wamaphayona asizayo angu-350, owawucishe ulingane namaphesenti angu-25 esilinganiso senani labamemezeli lonyaka odlule. Nakuba kunjalo, bethembela kuJehova, abafowethu basabela kahle, futhi inani eliphakeme kunawo wonke labangu-496 lahlanganyela emsebenzini wamaphayona asizayo ngo-March! Njengoba amaphayona avamile engu-150, akhethekile engu-29, abamemezeli abangamaphesenti angu-42 ababika ngo-March babeye bahlanganyela emkhakheni othile wenkonzo yamaphayona!”
Kuthiwani ngezindawo lapho insimu kakade ihlanganiswa khona masonto onke noma ngokushesha okukhulu? Endaweni eseduze negatsha laseColombia, indoda ethile yatshela iphayona: “Angikholwa. Ngesikhathi ngiyogibela ibhasi eFaca, abathile bakhulumile nami. Lonke usuku bayangithola—ebhasini, yonke indawo. Manje u-8:00 ebusuku, futhi nisayibambile.” Siyini isizathu? Kungoba oFakazi BakaJehova bafuna ukusiza abantu bangene endleleni eya ekuphileni. Bafuna nokuba igazi lalabo abalilahlayo leli thuba lingabuzwa kubo.—Hez. 3:19; IzE. 20:26, 27.
U-March futhi kwakuyinyanga okwagujwa ngayo iSikhumbuzo sokufa kukaKristu. Iyiphi indlela engcono esasingabonisa ngayo ukwazisa ngalokho okushiwo iSikhumbuzo kunokuhlanganyela ngokwengeziwe emsebenzini iNdodana kaNkulunkulu eyawuphathisa abalandeli bayo!—Math. 28:19, 20; IzE. 1:8.
“Qhubekani Nikwenza”
Ukufa nokuvuswa kukaJesu Kristu kuye kwaba nethonya elinamandla ekuphileni komKristu weqiniso ngamunye. Umphostoli uPawulu wabhala: “Uthando uKristu analo luyasiphoqelela . . . Wafela bonke ukuze labo abaphilayo bangabe besaziphilela bona, kodwa baphilele yena owabafela futhi wavuswa.” (2 Kor. 5:14, 15) Ngosuku lokugcina lokuphila kwakhe njengomuntu, uJesu Kristu wamisa isikhumbuzo sokufa kwakhe. Unyaka ngamunye abalandeli bakhe abagcotshwe ngomoya kwakufanele bagubhe isikhumbuzo sokufa kwakhe komhlatshelo. Ngo-March 23, 1997 bakwenza lokho, belalela umyalo kaJesu. (1 Kor. 11:25) Izigidi zabanye zabuthana kanye nabo njengezibukeli. Ingqikithi yababekhona emhlabeni wonke yayingu-14 322 226, ngaphezu kwesigidi kunababekhona ngo-1996. Yeka ubufakazi obumangalisayo bomusa nesibusiso sikaJehova!
Ezindaweni eziningi, oFakazi BakaJehova babekushisekela ngempela ukumema abanye ukuba babe nabo eSikhumbuzweni. ETogo, abamemezeli abangu-19 emzaneni waseGame Seva bajabulela ukubona kukhona abangu-820. Abamemezeli abangu-209 abakha ibandla lase-Aksu, eKazakstan, bamukela abangu-1 080 kulomkhosi okhethekile. E-Ekpe, eBenin, abamemezeli abangu-56 ngokuqinisekile bamangala futhi bajabula lapho kufika abangu-1 351 kulesi senzakalo. Ngo-March, iqembu labamemezeli abane nje eliseGbapa, eLiberia, laya liphindelela kubantu libakhumbuza ngokubaluleka kweSikhumbuzo. Ngenxa yalokho, kwaba khona abangu-193 kulowo muzana.
Ukusabela Olwazini Oluholela Ekuphileni
Ingxenye esemqoka yenkonzo yobuKristu ukwenza abafundi. Ngaphambi kokubuyela ezulwini, uJesu wayala abalandeli bakhe ukuba ‘benze abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, bababhapathize . . . , babafundise.’ (Math. 28:19, 20) Ngokuvumelana nalokho, oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke bamema abantu ukuba bamukele isimiso samahhala sokufundiswa ngeBhayibheli ngokomuntu siqu. Kulonyaka odlule, ngokwesilinganiso senyanga ngayinye, kwaqhutshwa izifundo ezinjalo ezingu-4 552 589.
Ezinye zalezi zaziqhutshelwa abantu ababefuna iqiniso. Indoda ethile yaseLebanon yathola amakhophi e-Nqabayokulinda ne-Phaphama! ezibini. Ngemva kokuwafunda futhi ibona isimemezelo sesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala, yaya kofuna oFakazi.
Abanye babengenaso isithakazelo ekuqaleni. EVanuatu, eningizimu-ntshonalanga yePacific, indodana yenkosi yesigodi esithile eyayifunda iqiniso yathukutheliswa ukuthi abazali bayo bashiya iSonto LaseHabe bazihlanganisa noFakazi BakaJehova. Nokho, ngelinye ilanga iphayona elithile lakwazi ukuxoxa nayo futhi lacela ukuyibonisa indlela yokuqhuba isifundo seBhayibheli, “lizama nje.” Lasebenzisa incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? Ngemva kokufunda isihloko esisodwa, lensizwa yafuna ukufundelwa okwesibili nokwesithathu. Ngokushesha yayisifunda kabili ngesonto, iya nasemihlanganweni.
Abantu abaningi bathi bangasinambitha nje isifundo, bafune ukufundelwa kaningana ngesonto. Kwaba njalo ngoLars, indoda yaseDenmark eyayithi ayikholelwa kuNkulunkulu. Ngemva kokuvuma ukufunda incwadi ethi Life—How Did It Get Here? By Evolution or by Creation? yasheshe yagculiseka ukuthi uNkulunkulu ukhona. Yabe isifisa ukufunda okwengeziwe—yayifisa kangangokuba ngokushesha yayisifundelwa kathathu ngesonto ngencwadi ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade. Abazalwane abathathu babeshintshana ngokuqhuba lesi sifundo.
Yebo, ukuba nolwazi nje akwanele. Kudingeka umuntu enze intando kaNkulunkulu. Ngezinye izikhathi izinguquko zisuke zizinkulu. Ukuziphatha kwensizwa ethile e-Indonesia kwakunyanyeka kangangokuba abazali bayo abangabalandeli bakaConfucius base beyiyise kuziphathimandla bethi iyihlongandlebe. Kodwa imfudumalo nothando eyaboniswa lona lapho ekugcineni iya emihlanganweni yoFakazi BakaJehova kwayenza yafuna ukumazi uJehova. Ngemva nje kwezinyanga ezimbili ifundelwa, yenza izinguquko ezinkulu ekuphileni kwayo—yayeka ugwayi, yayeka nezidakamizwa. Masinyane yaba ummemezeli, yabhapathizwa, yaba yiphayona elisizayo, yayisiba elivamile—konke yakwenza ngezinyanga ezingu-15!
Ngempela, njengoba kwabikezelwa kusAmbulo 7:9, 10, “isixuku esikhulu,” esivela kuzo zonke izizwe, izizwana, abantu nezilimi siyeza sizokhonza uJehova.
Ukuhlakanipha Ekufinyeleleni Abantu
Lapho uJesu Kristu eqhuba inkonzo yakhe, wayeya lapho kunabantu khona. Wayeya emizini yabo. Wayefakaza nalapho abadobi behlanza khona amanetha abo, emthonjeni womuzi nasethempelini eJerusalema. (Math. 13:1, 2; 26:55; Luka 5:1-3; Joh. 4:5-26) Nomphostoli uPawulu washumayela obala ‘nasendlini ngendlu’ ngoba kwakuyindlela engcono kakhulu leyo yokuqikelela ukuthi akushiywa muntu. (IzE. 20:20) Namuhla oFakazi BakaJehova baya lapho kunabantu khona, belingisa lokhu.
Ukufakaza ngocingo kwenziwa kakhulu kunanini ngaphambili. Lokhu kwenza oFakazi bakwazi ukuxhumana njalo nabantu abahlala ezakhiweni okungangeneki kalula kuzo, ezakhiweni ezihlale zikhiyiwe nokungangeni noma ubani kuzo. Ucingo lusetshenziselwa nokufinyelela abantu abahlala eziqhingini ezincane ezingazodwa ezakha iBahamas. Ibanga nezindleko zokubafinyelela bezilokhu ziyisithiyo esikhulu. Manje, “bahanjelwa” njalo ngocingo.
Ummemezeli othile eDominican Republic uyakujabulela ukufakaza esikhumulweni sezindiza. Lommemezeli uyabika: “Insimu yasesikhumulweni sezindiza ikhethekile. Ngikwazi ukukhuluma nabantu bezizwe eziningi, ngaphandle kwe-passport. Ngiye ngikhulumele izihloko ezikhangayo izihambi ezingazifunda endizeni. Ngiye ngikhulume nanalabo abalethe izihambi esikhumulweni noma abalinde abagibeli abafikayo. Ngihambisa omagazini abacishe babe ngu-30 ngehora. Manje izisebenzi zasesikhumulweni sezindiza ziyangilinda ukuze zithole omagazini abasha. Sengiqale isifundo seBhayibheli nesinye sezisebenzi.” Kulonyaka odlule oFakazi baseDominican Republic bavula isitodlwana kuyi-National Book Fair, okuyisenzakalo esinesasasa kuleli lizwe. Izingxoxo ezinhle zaholela ezifundweni zeBhayibheli eziningana.
Abadala ebandleni laseTaiwan bahlela ukuba abazalwane nodade abafanelekayo bahambele izibhedlela ezinkulu ensimini yabo. Odade ababili bahambela uMnyango We-dialysis. Injongo yabo kwakuwukubonisa ubungane ezigulini okudingeka zihlale lapho amahora amaningi ngosuku. Ibe khona yini imiphumela emihle? Ngokwesibonelo, lapho indoda ethile ibonisa isithakazelo, udade weza nomyeni wakhe wamethula kuyo. Kwaqalwa isifundo futhi siqhutshwa masonto onke esibhedlela. Ngokushesha lendoda yaqala ukuba khona njalo emihlanganweni yebandla.
Abanye oFakazi e-Australia benza amaphasela ababezowanikeza abangcwabi. Ayenencwajana ethi Lapho Ufelwa Othandekayo nethi Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela? kanye namapheshana afanelekela abashonelwe. Amukelwa kahle. Abazalwane bayaqhubeka bebahambela ngezikhathi ezithile beyobanikeza ezinye izincwajana namapheshana.
Emazweni amaningi iziboshwa ziye zanda. Uma kungenzeka, oFakazi BakaJehova bayazishumayeza nazo. Cishe eminyakeni engu-15 edlule, oFakazi eSão Paulo, eBrazil, baqala ukuhambela ijele elikhulu elalineziboshwa ezingaba ngu-6 000. Kuqhutshwa izifundo zeBhayibheli ezingu-45 lapho. Iziboshwa ezingu-9 manje zingabamemezeli boMbuso, zonke zilifunde ejele iqiniso. Lapho zibhapathizwa, zibhalisela ukuba amaphayona asizayo. Ezinye iziboshwa ziqhuba izifundo zeBhayibheli zamasonto onke nemikhaya yazo kanti esinye sinekilasi esifundisela kulo iziboshwa ezingaba ngu-30 ukuba zikwazi ukufunda nokubhala. Ngenxa yalokho, abaphathi bejele bayawuncoma umsebenzi owenzelwa iziboshwa.
ENingizimu Afrika oFakazi ababili bahambela izimantshi, abameli nomabhalane ezinkantolo. Bathola umshadisi owababuza: “Anifikanga ngani ngaphambidlana?” Wathi wayeseshadise abantu abangaphezu kuka-20 ngalolo suku ekuseni. Wathatha incwadi ethi Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya; nemibhangqwana emithathu eyayisehhovisi lakhe yayithatha. Manje abazalwane baya khona kathathu ngesonto banikeze inkulumo yemizuzu emihlanu ezilalelini ezingaba ngu-60 kuya kweziyikhulu. Bachaza umbono kaJehova ngomshado, baphawule nokuthi njalo ngoLwesihlanu imishado engaphezu kwekhulu iphela ngesehlukaniso kuyo lenkantolo efanayo. Babe sebehambisa incwadi ethi Injabulo Yomkhaya ukuze basize lemibhangqwana yenze imishado yayo iphumelele.
Lapho ilungu lomkhaya waseBethel yasePhilippines liya emhlanganweni okhethekile lahamba ngebhasi elihamba amabanga amade. Ukuze abagibeli bachithe isizungu, abashayeli bamabhasi bavame ukubukisa amafilimu ama-video. Kodwa kulolu hambo, umfowethu wabuza ukuthi angayidlala yini ikhasethi ye-video ayeyiphethe. Umshayeli wavuma. Umphumela waba ukuthi abagibeli abangu-70 babuka ikhasethi ethi Jehovah’s Witnesses—The Organization Behind the Name. Ngempela, ziningi izindlela zokwenza abantu bezwe izindaba ezinhle.
Injabulo Yokushumayela “Ensimini Engakathintwa”
Njengomphostoli uPawulu, owayekujabulela ukushumayela ezindaweni okwakungakaze kufakazwe kuzo, abanye oFakazi BakaJehova bosuku lwanamuhla bazenza batholakale ukuze basebenze “insimu engakathintwa” kanye nezindawo okungafakazwa njalo kuzo.—Roma 15:23.
Izindawo ezinkulu zasemaphandleni aseMoldova, eMpumalanga Yurophu, eqinisweni ziyinsimu engakaze ithintwe ngezindaba ezinhle. Noma kunjalo, lapho zisetshenzwa, ezinye zibonakala zithela impela. Ibandla elithile eTighina lasebenza imizana emibili kuleyo nsimu ngo-January 1997. Izifundo zaqalwa ngokushesha, futhi kwathi emhlanganweni wesigodi wasehlobo, kwabhapathizwa abangu-13 bakuleyo mizana. Yeka isizathu sokujabula!
Udade oyiphayona eLima, ePeru, wayefuna ukwandisa inkonzo yakhe ngokufakaza endaweni engayodwa. Wahamba amahora angu-15 ngebhasi eya edolobheni azalelwa kulo esifundeni sase-Andamarca. Babengekho oFakazi kubantu abangu-7 000 abahlala kuleyo ndawo. Okwammangaza ukuthi washeshe wathola umsebenzi. Kwafika udade owayephayona naye. Bakuthola kulula ngendlela emangalisayo ukufakaza kodokotela, onjiniyela, abadwebi bamapulani nabanye abantu abafundele imisebenzi. Abanye babekhungethwe indlala yangempela engokomoya. Ngezinyangana nje ezimbalwa, imihlangano yebandla emithathu yayisiqhutshwa njalo, kuba nabangu-15. ESikhumbuzweni kwaba khona abangu-66.
Umbhangqwana ongamaphayona owawukhonza lapho kunendingeko enkulu khona eGuyana wathola imiphumela emihle ngokumangalisayo ungakafiki nasensimini yawo. Washumayeza abantu ababehlala lapho wahlwelwa khona. Ngakusasa ekuseni, ngaphambi kokuqhubeka nohambo lwawo, intombazanyana ethile yeza etendeni lawo yathi unina wayecela ukukhuluma nawo. Yeka indlela owamangala ngayo lapho uthola owesifazane owayeseneminyaka engu-14 efunda izincwadi zeNhlangano! Udadewabo owayese-United States wayelokhu emthumelela zona. Ithonya lazo ekuphileni komkhaya lalibe namandla kangangokuba wawusulishiyile iSonto LamaKatolika, ubekezelela ngisho nokucwaswa umphakathi ngokwenza kanjalo! NgeSonto elilandelayo kwaqhutshwa umhlangano. Kwakukhona abangu-47, kuhlanganise namalungu angu-23 omkhaya walenkosikazi. Kamuva kwenziwa amalungiselelo okugubha iSikhumbuzo, kwakukhona abangu-66. Yeka inala yezibusiso kulabo abasabela obizweni ‘lokuwelela eMakedoniya basize’!—IzE. 16:9.
Abasha “Badumisa Igama LikaJehova”
Kuyakhuthaza ukubona abasha abaningi phakathi kwalabo abakhonza uJehova ngentshiseko. IHubo 148:7-13 linalesi simemo: “Mdumiseni uJehova emhlabeni . . . nina-zinsizwa nezintombi, nani-maxhegu nabafana. Mabadumise igama likaJehova, ngokuba ngelakhe igama lodwa eliphakeme; inkazimulo yakhe iphezu komhlaba nezulu.” Izinkulungwane eziningi zamukela leso simemo somusa. Zibamba amathuba okunikeza ubufakazi obuhle ngomlomo nangokuziphatha kwazo kobuKristu.
Ukuhlola okwenziwa kubamemezeli eGhana kwabonisa ukuthi amaphesenti angu-12 abamemezeli abangaphezu kuka-50 000 ayeneminyaka ephakathi kweyisithupha nengamashumi amabili ubudala. Igatsha lase-Argentina libika ukuthi isigamu sabangu-3 441 ababhapathizwa ochungechungeni lwamuva lwemihlangano yesigodi kwakuyintsha esukela eminyakeni engu-12 kuya phezulu. Iningi lalentsha lisafunda. Linensimu engavamile abanye abangenakuyifinyelela kalula. Futhi ngokuvamile iba insimu enezithelo.
UDaniel, ongummemezeli ongabhapathiziwe oneminyaka eyisithupha eGhana, uqhuba izifundo zeBhayibheli eziyishumi, iningi lazo abangane basesikoleni. Omunye wabo, oneminyaka engu-19 ubudala, waba khona eSikhumbuzweni ngo-March nyakenye. Lapho uthisha kaDaniel etshela ikilasi okuyiphutha mayelana nomsuka wokuphila kwezilwane, uDaniel wabamba ithuba. Ngesikhathi sekhefu, waya kuthisha wamtshela ngomusa ukuthi unencwadi enganikeza incazelo eyengeziwe ngalokho ababexoxa ngakho. Ngemva kokuba lothisha efunde incwajana engangomagazini, wabhalela uyise kaDaniel incwadi. Lowo thisha manje uyathuthuka olwazini oluholela ekuphileni okumi phakade.
Ngisho nojahidada abafundiswe abazali abesaba uNkulunkulu bangaba nendima ephumelelayo ekunikezeni ubufakazi. ERussia lapho umama othile nendodakazi yakhe eneminyaka emihlanu behamba ngesitimela, kuvame ukuba kube ingane eqala izingxoxo. Uma kukhona ohleli eduze kwabo, lentombazane iye ibuze: “Uxolo Mama, ingabe uyazi ukuthi igama likaNkulunkulu uJehova?” Ngokuvamile impendulo iba “uCha.” Lentombazane ibe isiphendukela kunina bese ithi: “Mama ngicela umchazele bandla.”
Phakathi kwentsha yethu kukhona oFakazi abanesibindi nabashiseka kakhulu. UBjarki, manje oneminyaka eyishumi, uvamile ukushumayeza izingane afunda nazo e-Iceland. Muva nje ziye zagomela ngokuthi akayena umKristu ngoba ukholelwa kuJehova, hhayi kuNkulunkulu. Lapho ezama ukuzichazela, azizange zimkholelwe. Lapho eseya ekhaya, uBjarki wacela omunye wabafana afunda nabo ukuba aye naye kubo ngoba kwakunokuthile ayefuna ukumbonisa kona. UBjarki wafike wavula iBhayibheli kuGenesise 2:5, lapho igama likaNkulunkulu livela khona embhalweni waphansi weBhayibheli lesi-Iceland, futhi wasebenzisa ne-New World Translation yesiNgisi ukuze agculise umngane wakhe ukuthi igama likaNkulunkulu uJehova. UBjarki wayesethi: “Manje usuzibonele ngokwakho ukuthi ngokweBhayibheli, igama likaNkulunkulu uJehova, ngakho lapho abafana esikoleni bethi igama elithi Jehova akulona elikaNkulunkulu, ubatshele ukuthi abakushoyo kuyiphutha ngoba wena uzibonele lona eBhayibhelini.” Ngakho uBjarki akamfundisanga nje iqiniso kuphela umngane wakhe, kodwa futhi wamfundisa nendlela yokushumayela.
Ngezinye izikhathi ubufakazi bokuhlakanipha buye banikezwa khona kanye ekilasini. Umzalwane osemusha eLebanon wanikeza izingane afunda nazo inkulumo ephathelene noFakazi BakaJehova. Wahlanganisa nombukiso we-video ethi Jehovah’s Witnesses—The Organization Behind the Name. Lapho kuthiwa akabhale indaba ngalokho ayekwenzile ngamaholide esikole “ama-Ista,” ummemezeli wasePortugal osemncane wathi phakathi kokunye wayeye eSikhumbuzweni. Ngenxa yesithakazelo esavuswa yilokho, uthisha wakhe wavuma ukuqhutshelwa isifundo seBhayibheli futhi manje ungummemezeli ongabhapathiziwe.
Intshiseko yentsha eningi iye yayishukumisela ukuba ibhalise njengamaphayona asizayo—enye njengamaphayona avamile. UMarie Rose waseRwanda ungomunye wayo. Nakuba esesesekhondari, usebenza kanzima ukuze asize unina osekhulile, kodwa futhi uyiphayona elivamile eliqhuba izifundo zeBhayibheli ezingu-15. ECameroon, uGlory wayeyiphayona elisizayo ebe esafunda, nakuba bengekho abomkhaya wakubo ababengoFakazi. Manje uyiphayona elivamile, kanti nabanye abathathu emkhayeni wakubo sebengoFakazi ababhapathiziwe. UGlory uthi: “Ukuphayona ngisesesikoleni kwaba indlela engcono kakhulu yokuzivikela ezidakamizweni, ekuziphatheni okubi nasebudloveni obuthé chithi saka ezikoleni eziningi kulezi zinsuku.”
ISikole Salabo Abakhetha Ukuphayona
Kunemfundo ekhethekile yokuqeqesha amaphayona avamile asenonyaka esezinhlwini. Kwaqala ngo-November 1977 ukukhishwa kwezimemo zokuya eSikoleni Senkonzo Samaphayona e-United States. Eminyakeni engu-20 edlule, amaphayona angaphezu kuka-195 000 e-United States kuphela aye azuza kulesi sikole. Lelo nani lihlanganisa nabafundi abangu-10 345 abaya esikoleni kulonyaka wenkonzo odlule. Amakhulu ezinkulungwane emhlabeni kabanzi aye athola lokhu kuqeqeshwa.
Uyini umgomo walesi sikole? Lemfundo iklanyelwe ukusiza amaphayona ukuba (1) alingise uJesu Kristu ngokuhamba noJehova, (2) agcwale uthando olwengeziwe ngayo yonke inhlangano yabazalwane (3) nokuba alole amakhono awo okushumayela nokufundisa ukuze akhanye ngokwengeziwe “njengezinkanyiso ezweni.”—Fil. 2:15.
Othisha ababili bathi ngalé kokuqeqeshela inkonzo yasensimini okuwusizo, lemfundo isiza abafundi “ukuba balinganisele emsebenzini wokuphayona futhi bangazivumeli izinto zalesi simiso zibenze balahlekelwe umbono oqondile.” Ngenxa yalokho, abaningi baye basizwa ukuba bangenele inkonzo yesikhathi esigcwele njengomsebenzi owanelisayo.
Phakathi neminyaka engu-8 edlule, lapho kuphela ukuvinjelwa komsebenzi woFakazi BakaJehova eMpumalanga Yurophu nase-Afrika, ngokushesha kwenziwa amalungiselelo ukuze amaphayona kulezi zindawo azuze eSikoleni Senkonzo Samaphayona. ISlovenia iyabika: “Imiphumela emihle yesikole iyabonakala njengoba izinga lephayona ngalinye nokuphumelela kwalo kuthuthuka.” Intshiseko eboniswa yilabo abaye baya esikoleni ngokuvamile yenza nabanye baphayone. Kwaba njalo eHungary, lapho ibandla elalinamaphayona amahlanu lithola amanye angu-21 ngemva kokuba amanye eye eSikoleni Senkonzo Samaphayona.
Ngempela isivuno sikhulu. Ensimini kunesidingo sezikhonzi ezivumayo neziqeqeshwe kahle. Akungabazeki ukuthi iSikole Senkonzo Samaphayona siyoqhubeka sisiza ekugcwaliseni lesi sidingo.
Iminyaka Eyishumi YeSikole Sokuqeqeshela Inkonzo
Ngemva kweminyaka ecishe ibe yishumi kuqale iSikole Senkonzo Samaphayona, kwavulwa iSikole Sokuqeqeshela Inkonzo ngo-October 1, 1987, ePittsburgh, ePennsylvania, e-U.S.A. Abadala abangashadile nezinceku ezikhonzayo eziya kulesi sikole bangase babelwe ukukhonza nomaphi lapho kunendingeko enkulu khona ensimini yomhlaba. Eminyakeni eyishumi edlule kwakunamabandla angu-54 911 emhlabeni kabanzi; manje kunangu-85 256. Kunesidingo esikhulu samadoda afanelekela ukwelusa, ukufundisa nokuhola emsebenzini omkhulu wokushumayela. ISikole Sokuqeqeshela Inkonzo sicija amadoda azinikezele ukuba agcwalise leso sidingo.—2 Thim. 2:2.
Kusukela saqala, bangu-3 698 abaye baya kulesi sikole emazwekazini aseMelika, bangu-1 208 e-Afrika, bangu-1 804 e-Asia naseziqhingini zePacific, kanti bangu-2 295 eYurophu. Abaphothule kulesi sikole manje bakhonza emazweni ahlukene angu-126.
Iningana labafundi likwazi ukukhuluma izilimi eziningi. Amakhono anjalo asetshenziswa ngokushesha emazweni akubo noma lapho kunezizwe eziningi khona noma emasimini akwamanye amazwe. Abanye baye bafunda izilimi zasemazweni abathunyelwa kuwo.
Amakhulu abafundi basemsebenzini wamaphayona akhethekile, asiza ekusebenzeni izindawo ezingazodwa. Amabandla adinga abadala nezinceku ezikhonzayo aye azuza ezinkonzweni zabo. Abanye babelwa emsebenzini wesifunda. Ngokwesibonelo, iNigeria ibika ukuthi abafundi abangu-50 basemsebenzini wokujikeleza kulelo lizwe. Cishe inani elifanayo likhonza emkhakheni ofanayo eMexico, lapho kumiswe khona amabandla amaningi amasha. EPhilippines abafundi abangu-37 basemsebenzini wesifunda, kanti abangu-111 bakhonza njengababambeli bababonisi bezifunda. Abanye abafundi abanamakhono obuchwepheshe baye babelwa ukuyogcwalisa izidingo ezithile emsebenzini wamagatsha.
Lesi sikole sibonakala siyilungiselelo elihle lokunikeza ukuqeqesha okubalulekile kubazalwane abazenza batholakalele ukukhonza izithakazelo zoMbuso ngokuzithandela. (IHu. 110:3) Ngenxa yokuphathiswa kwabo imithwalo yemfanelo emikhudlwana, kufuneka okuningi kubo, nokho, izibusiso abazitholayo ziningi.—Luka 12:48b.
“Nethabe Phambi KukaJehova”
Kwa-Israyeli wasendulo, abakhulekeli bakaJehova babebuthana njalo bezogubha imikhosi yezikhathi ezithile zonyaka. Labo ababeya eMkhosini Wamadokodo waminyaka yonke babeyalwa: “Nethabe phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu izinsuku eziyisikhombisa.” (Lev. 23:40) Ngokufanayo nasosukwini lwethu, imihlangano yesigodi yaminyaka yonke iyisikhathi sokwethaba okukhulu kubantu bakaJehova. Ekuqaleni konyaka wenkonzo kwakusaqhutshwa iMihlangano Yesigodi ‘Yezithunywa Zokuthula KukaNkulunkulu’ kwamanye amazwe.
Yeka ukuthi kwakuyisihloko esifaneleka kanjani leso emhlanganweni owawuseLiberia eyayicekelwe phansi yimpi! Kusasele amasonto ngaphambi komhlangano abafowethu babebonakala emadolobheni amancane namakhulu befake amabheji abo omhlangano “Wezithunywa Zokuthula KukaNkulunkulu” ngokuziqhenya. OFakazi BakaJehova babenegunya eligcwele lokufaka uphawu olunjalo olubachazayo. Abantu baseLiberia bayazi ukuthi phakathi neminyaka yempi, oFakazi BakaJehova kuphela abaye babonakala beyizithunywa zeqiniso zokuthula kokwesaba uNkulunkulu. Lapho izinkulungwane zamalungu ezinye izinkolo zizihlanganisa namaqembu alwayo futhi ziphatha izikhali zempi, abantu bakaJehova babebonakala yonke indawo bephethe amaBhayibheli, betshela abanye abantu baseLiberia ababekhathazwe yimpi umyalezo wokuthula kokwesaba uNkulunkulu.
Maphakathi no-1997 kwaqala uchungechunge lwemihlangano yesigodi ethi “Ukholo EZwini LikaNkulunkulu.” Abaningi babonga ngokujulile ngedrama ethi “Gcina Iso Lakho Lilihle.” Abanye bagxila ekufikeni ngesikhathi kwenkulumo ethi “Isimo Sokholo Lwakho—Sivivinywa Manje.” Incwajana eyakhululwa ethi—Incwadi Yabo Bonke Abantu—isikhishwe ngezilimi ezingu-58 kakade. Isici esivelele somhlangano wesigodi ePoland kwaba ukukhululwa kwe-New World Translation yesiPolish ezilalelini ezaziseWarsaw naseWrocław kanye kanye. EGreece, lapho izilaleli zizwa ukuthi inguqulo yesiGreki yayo yonke i-New World Translation of the Holy Scriptures yayisinyathelisiwe futhi manje isikhululwa, kwathi singakapheli nakuphela isaziso, kwaqhuma ihlombe elathatha isikhathi eside, zichiphiza izinyembezi zenjabulo nokwazisa.
Ngaphandle kwemihlangano yesigodi, kwakuneminye imihlangano emincane evelele ezindaweni ezihlukahlukene. Omunye wayo kwakungowokunikezela igatsha elisha kanye neHholo LoMhlangano elingamumatha abantu abangu-3 000 neHholo LoMbuso eDominican Republic ngo-November 1996. Kulabo ababekhona kwakukhona nabaningi ababephile eminyakeni eyishumi yoshushiso olunzima phakathi nesikhathi sikamashiqela uTrujillo. UJuanita Brandt, owayeyisithunywa sevangeli wathi izithunywa zevangeli zazisalile kuleli lizwe, zifakaza ngokuhlakanipha, zenza umsebenzi wokuziphilisa futhi zikhuthaza oFakazi bendawo, abaningi babo ababeboshiwe futhi behlukunyezwa. Lapho ethola iqiniso, uLuis Montás, isihlobo sikamashiqela uTrujillo, wayengumphathi-zimali weqembu lezombangazwe. Wazingelwa, waboshwa futhi kwaba kaningi ecishe efa. Kodwa nakuba eseneminyaka engu-91 ubudala, wayekhona ekunikezelweni kwegatsha futhi wakujabulela ukuba phakathi kwabangu-35 678 emhlanganweni wezwe lonke owalandela.
Omunye umhlangano ophawulekayo waba ngo-March 1997 owawumaqondana nezakhiwo zegatsha ezazandisiwe eBrazil. Esimisweni sokunikezela, kwakukhona oFakazi ababevela kuzo zonke izifundazwe ezingu-26 zaseBrazil. Ngaphezu kwalokho, kwakunezihambeli ezazivela kwamanye amazwe angu-24, nezithunywa zevangeli ezazimelele amakilasi angu-43 eSikole SaseGileyadi nezazike zakhonza eBrazil. Kwakukhonjwa ngophakathi! Emhlanganweni okhethekile owaba ngakusasa, uMilton Henschel, ilungu leNdikimba Ebusayo, wanikeza inkulumo eMaracanã Stadium eRio de Janeiro, kanti isimiso sasilalelwe nayizixuku ezazikwamanye amadolobha amane. Ingqikithi yababekhona yayingaphezu kuka-200 000. Inkulumo yakhe eyayithinta inhliziyo eyayisekelwe kumShumayeli 12 yayithi “UJehova Uyayithanda Intsha.” Wanxusa intsha, ‘Khonzani uJehova ngokugcwele, ningenele inkonzo yamaphayona ngaphambi kokufika kwezinsuku zosizi.’
Kamuva ngaleyo nyanga, umhlangano owawuse-Argentina wahlanganisa nokunikezelwa kweHholo LeMihlangano Yesigodi elisha elithi thina elimumatha abantu abangu-9 400 eCañuelas. Lesi sakhiwo sizoba yindawo yemihlangano yesigodi neyesifunda yalabo abahlala enhloko-dolobha yase-Argentina naseduze kwayo. Phakathi kokunye, isimiso sokunikezela sahlanganisa nokulandisa okushukumisayo mayelana nomsebenzi woFakazi BakaJehova e-Argentina, lapho kuye kwaqhubeka kunokwanda okungokwasezulwini naphezu kokuvinjelwa nokubekelwa neminye imingcele iminyaka engu-33. Ngakusasa ngemva kwesimiso sokunikezela, kwaba nomhlangano eRiver Plate Stadium enkulu edolobheni laseBuenos Aires. Inkundla yayigcwele pháma, kwathi abanye abazalwane bahlala otshanini phakathi enkundleni. Kwakunengqikithi yabangaphezu kuka-71 800. Abanye babehambe amabanga amade. Kwafika ibhasi elaligcwele livela ePatagonia, lihambe amakhilomitha angu-3 100. Sekukonke, kwafika amabhasi angu-1 200 eRiver Plate Stadium evela ezingxenyeni ezihlukahlukene zezwe.
UCarey Barber, owayeneminyaka engu-91 ngaleso sikhathi futhi oyilungu leNdikimba Ebusayo, wanikeza izinkulumo kulemihlangano. Enkulumweni yokunikezela wanikeza isikhuthazo esinamandla sokufunda iBhayibheli njalo, ethi: “Bafowethu nodadewethu, ingabe sonke silifunda nsuku zonke iBhayibheli? Kunabaningi abathi bamatasa kakhulu ukuba bafunde iBhayibheli nsuku zonke; kodwa kubonakala benaso isikhathi sokudla ukudla okwehla esiphundu kathathu ngosuku, futhi kuyabonakala, akunjalo? Uma befunda iBhayibheli nsuku zonke, nalokho futhi kuyobonakala, angithi?” Lapho ekhuluma ngesihloko esithi “Indlela Yokulwa Nomoya Wezwe” ngakusasa enkundleni, inkulumo yayilokhu iphazanyiswa yihlombe lezilaleli ezishisekayo nezilalelisisile. Lapho ebakhuthaza bonke ukuba baqhubeke benza okuhle nokulungileyo, wabonisa nokuthi sidinga usizo lukaJehova nomoya wakhe ukuze siphumelele. UMfoweth’ uBarber wagcizelela ukubaluleka “kokulahla inkulumo engcolile nokuziphatha okubi kwezwe.” Wayesenxusa: “Tholani intokozo nenjabulo ekukhonzeni uJehova, ekumkhulekeleni nasekumthokoziseni.” Lesi simiso esikhethekile sabahlaba umxhwele ngempela ababekhona.
‘Yelula Izintambo Zetende Lakho’
Eminyakeni yamuva liye landa ngokumangalisayo inani labantu abakhuphukela endlini kaJehova enkulu engokomoya beyofunda izindlela zakhe futhi bahambe kuzo emhlabeni wonke. (Isaya 2:2-4) Kuleminyaka emihlanu edlule bangu-1 593 995 abaye bacwiliswa emanzini bebonisa ukuzinikezela kwabo kuJehova. Kudingeka amaHholo OMbuso abangahlangana kuwo ukuze bafundiswe futhi bakhulekele khona. Kudingeka amaHholo OMhlangano abangase baqhubele kuwo imihlangano yosuku olukhethekile, eyezifunda neyezigodi. Kudingeka amahhovisi amagatsha nezindawo zokunyathelisa lapho ukuhumushela izincwadi zeBhayibheli ezilimini zendawo nokunyatheliswa kungenzelwa khona, nalapho umsebenzi woFakazi BakaJehova ungahlelwa khona ukuze wonke umuntu athole ithuba lokuzwa isigijimi soMbuso. Yeka indlela esifaneleka ngayo-ke lesi siprofetho: “Yenza ibe-banzi indawo yetende lakho; . . . ungazibambezeli, welule izintambo zakho uziqinise izikhonkwane zakho.”—Isaya 54:2.
Lezi zakhiwo ziba khona kanjani? Ngesibusiso sikaJehova emizamweni ebumbene yoFakazi bakhe. Lapho kungenzeka khona, oFakazi bendawo bazakhela bona futhi bazikhokhele bona izindleko ngeminikelo yokuzithandela. Lapho kunesidingo khona—futhi ngokuvamile siba khona—usizo luvela koFakazi bakwezinye izingxenye zezwe noma kubazalwane bomhlaba wonke. Ngezinye izikhathi, izisebenzi zokuzithandela ezisuke zivela emazweni amahlanu, ayishumi noma ngaphezulu ziyasiza ekwakhiweni kwezakhiwo zamagatsha ezinkulu.
Phakathi kwezakhiwo ezaqedwa futhi zanikezelwa phakathi nonyaka wenkonzo odlule kwakunamaHholo OMbuso amaningi, amaHholo OMhlangano nezakhiwo zamagatsha eziningana. Kwakuhlanganisa nokwakha izakhiwo zamagatsha ezintsha shá eDominican Republic, eFrench Guiana, eJamaica, eMadagascar, eMauritius, eRussia naseSierra Leone, nokunweba izakhiwo zamagatsha e-Argentina, e-Australia naseBrazil. Kwenzekeni kulamazwe ukuze kudingeke lezi zakhiwo?
E-ARGENTINA: Selokhu uhulumeni ayeka ukuvimbela umsebenzi woFakazi BakaJehova e-Argentina ngo-1980, inani labamemezeli boMbuso liye landa kuleli lizwe. Ngo-1981 kwakunoFakazi abakhuthele abangu-38 869—isilinganiso sikaFakazi oyedwa kubantu abangu-717. Manje kunabamemezeli abangu-116 151, kanti isilinganiso singuFakazi oyedwa kubantu abangu-281. Kuye kwadingeka kunwetshwe izakhiwo zefektri izikhathi eziningana. Kusanda kuthengwa ezinye izakhiwo ezimbili futhi zalungiswa, nezakhiwo zokuhlala zanwetshwa. Konke lokhu kwanezelwa enxanxatheleni yezakhiwo zegatsha ezinkulu vele.
E-AUSTRALIA: Selokhu igatsha lathuthela lapho likhona manje emaphandleni aseSydney, inani loFakazi kuleli lizwe selicishe laphindeka kabili, lafinyelela ku-60 946. Kuye kwanezelwa iminyango emisha: iRegional Engineering Office (iHhovisi Lokudweba Amapulani), ingosi Yezokwaziswa Ngezezibhedlela, uMnyango Wezomthetho neminye. I-Shipping Department manje isiyindawo yokugcina izincwadi zezindawo zasePacific. Ukuze kuhlangatshezwane nesidingo, kwanezelwa izakhiwo ezintathu—ihhovisi, isakhiwo sokusebenzela nesokuhlala—enxanxatheleni yezakhiwo zegatsha lase-Australia.
EBRAZIL: Kusukela izakhiwo zegatsha eCesário Lange zanikezelwa ngo-1981, seziye zaphindwa kathathu ngobukhulu. Siyini isizathu? Kuye kwanezelwa abantu abangaphezu kuka-338 600 enanini loFakazi BakaJehova eBrazil. Bachitha amahora angaphezu kuka-80 300 000 beshumayela izindaba ezinhle kulonyaka odlule, behambisa izigidi zezincwadi zeBhayibheli, futhi baqhuba isilinganiso sezifundo zeBhayibheli zasekhaya ezingu-443 028. Imisebenzi yamabandla angu-6 960 nababonisi abajikelezayo abangu-340 ihlelwa yileli gatsha.
EDOMINICAN REPUBLIC: Iyathela lensimu. Abamemezeli boMbuso abangu-21 007 eDominican Republic baqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya ezingu-35 362. Lezi zakhiwo zegatsha ezintsha zazidingeka ngokuphuthumayo ukuze zinakekele umsebenzi khona.
EFRENCH GUIANA: Umsebenzi wokushumayela wake wenziwa ikakhulu oFakazi baseGuadeloupe naseMartinique lapha. Ngo-1990 kwakunabamemezeli abangu-660 ababikayo futhi kwavulwa ihhovisi legatsha—kwaba namuphi umphumela? Ingakapheli iminyaka emihlanu inani labamemezeli laphindeka kabili. Ukushumayela izindaba ezinhle kuyachuma kuleli lizwe elimbozwe ikakhulu ihlathi lemvula lase-Amazon. Manje isilinganiso singuFakazi oyedwa kubantu abayikhulu. Iqiniso lokuthi abamemezeli abangu-1 468 baqhuba izifundo zeBhayibheli ezingu-2 167, nokuthi bangu-5 506 ababeseSikhumbuzweni ngo-1997 libonisa ukwanda okukhulu okuzoba khona.
EJAMAICA: Izindaba ezinhle zaqala ukushunyayelwa eJamaica ngo-1897, ngakho ukunikezelwa kwezakhiwo zegatsha ezinhle ezintsha ngo-1997 kwaqondana nonyaka wekhulu wokufakaza kuleli lizwe. Inxanxathela yezakhiwo ezintsha ihlanganisa ihhovisi legatsha elisha nesakhiwo sokusebenzela, iKhaya LaseBethel, iHholo LoMhlangano neloMbuso. Akungabazeki ukuthi lezi zakhiwo zizoba usizo olukhulu ekwandeni okwengeziwe okungokwasezulwini kuleli lizwe.
EMADAGASCAR: Kuningi okuye kwenziwa eMadagascar selokhu izinceku zikaJehova zaqala ukuhambela khona ngo-1925. Eminyakeni yamuva ijubane lomsebenzi liye lanyuka kakhulu. Ngo-March 1997, ngesikhathi abamemezeli abangu-8 404 behlanganyela enkonzweni yasensimini futhi beqhuba izifundo zeBhayibheli ezingu-22 321, bangu-45 300 ababa khona eSikhumbuzweni. Izakhiwo ezintsha zegatsha zizosiza ekunakekeleni izidingo zalesi sixuku esandayo sabakhulekeli bakaJehova.
EMAURITIUS: Kulesi siqhingi esikuyi-Indian Ocean kwakhiwe ihhovisi legatsha elisha elihle neHholo LoMhlangano elivulekile emaceleni. Kungani? Kungoba lapha eziqhingini abantu bayasabela esimemweni seBhayibheli esikhangayo sokuba beze bazodumisa uJehova. (Isaya 42:10) Eminyakeni engu-8 edlule, inani loFakazi licishe laphindeka kabili kulendawo.
ESIERRA LEONE: Impi yombango engapheli nezinxushunxushu zezombangazwe kuleli lizwe kuye kwenza abantu abaningi bafisa ukulondeka okungalethwa uMbuso kaNkulunkulu kuphela. Phakathi nalezi zimo, ukwakhiwa kwegatsha elisha kwanikeza ubufakazi obuhle. Abakhi ababevela emazweni ahlukahlukene banikela ngezinkonzo zabo ngaphandle kokukhokhelwa—into umphakathi owaqale wangayikholwa. Futhi iqiniso lokuthi abelungu bakwamanye amazwe babesebenza kanzima noFakazi baseSierra Leone laba “undaba-mlonyeni.” Kwakusobala ukuthi oFakazi BakaJehova sebekufundile ukuhlala nokusebenza ngokuthula nangobuzalwane beqiniso.
ERUSSIA: Ukunikezelwa kwezakhiwo zegatsha ezintsha eRussia kwadonsa amehlo omhlaba. Kwakuye kwenzeka izigigaba ezivelele ezingokwasezulwini kulengxenye yomhlaba. Kwakukhona abantu ababevela emazweni angu-42 kulesi simiso, ngo-June 21, 1997.
Ngo-1972 kwakunoFakazi abangu-10 000 kulo lonke elaseSoviet Union. Ngo-1991, lapho ekugcineni umsebenzi woFakazi BakaJehova uqashelwa ngokomthetho, kwakubika oFakazi abangu-49 171 kuma-republic angu-15 ayi-Union. Ngo-May 1997 oFakazi abangaphezu kuka-215 000 babekhuthele kuleyo ndawo, futhi abangu-600 000 babekhona eSikhumbuzweni ngo-March.
IRussia namanye amazwe angu-9 ayengama-republic, iphethwe igatsha laseRussia. Ukuze umsebenzi wawo uhleleke futhi ahunyushelwe izincwadi, kwakhiwe izakhiwo ezintsha zegatsha endaweni engamakhilomitha angu-40 enyakatho-ntshonalanga yeSt. Petersburg, eduze nomphakathi waseSolnechnoye. Lokhu kwenziwa ngokuvumelana nokubhaliswa ngokomthetho kwe-Administrative Center of the Regional Religious Organization of Jehovah’s Witnesses kuyi-Russian Federation. Lenxanxathela enhle inezakhiwo zokuhlala ezingu-7 ezihlala abantu abacishe babe ngu-250, iHholo LoMbuso nendlu yokudlela ngakunye okumumatha abangaphezu kuka-500, ihhovisi elivulekile nendawo yokugcina izimpahla.
Esimisweni sokunikezela, uTheodore Jaracz, ilungu leNdikimba Ebusayo, wanikeza inkulumo eyisihluthulelo ethi, “Ukwakhela Ikusasa.” Abanye balandisa ngezenzakalo ezingokomlando ezithakazelisayo. Endaweni yokwamukela izivakashi kwakuxhonywe izithombe emabhodini amakhulu, nokuhlangenwe nakho okuchaza umsebenzi woFakazi BakaJehova weminyaka engaphezu kwekhulu eRussia. Ababezibuka bafunda ukuthi ngo-1892, ngesikhathi sombhishobhi wobu-Orthodox waseMoscow, umuntu othile owatshela abanye ngayekuzwe kubaFundi BeBhayibheli (njengoba oFakazi BakaJehova babaziwa kanjalo ngaleso sikhathi) wadingiselwa endaweni manje eyiKazakstan. Bafunda ngamakhulu abantu baseRussia abathola iqiniso leBhayibheli koFakazi BakaJehova ngesikhathi besemakamu okuhlushwa amaNazi phakathi neMpi Yezwe II. Bafunda okuhlangenwe nakho kwezinkulungwane zoFakazi BakaJehova ababedingiselwe eSiberia naseMpumalanga Ekude yeRussia ngo-1951, ngesikhathi sikamashiqela uStalin.
Phakathi kwalabo ababekhona ngesikhathi kunikezelwa, kwakunabaningi ababeye bakhuthazela iminyaka eminingi ejele nasemakamu okusebenza aseSiberia ngenxa yokholo lwabo. Ungakubona ngeso lengqondo ukumangala nentokozo ababenayo labo makadebona njengoba bebuka lezi zakhiwo ezinhle ezisendaweni enjengengadi engamahektare angu-7? Abaningi bahlengezela izinyembezi, ikakhulu njengoba abazalwane bebona abanye ababebagcine besesejele. Yeka intokozo okwaba yiyo ukuba khona lapho abazalwane nodade ababesegcekeni elikhulu beqala ukucula kanye kanye izingoma zoMbuso ngezindlela ezine, izingoma ababezicula ngesikhathi bedingiselwe eSiberia emashumini eminyaka ngaphambili!
Abakhi abaningi ababevela emazweni angaphezu kuka-20, babesebenze ndawonye iminyaka engaphezu kwemine bakha lezi zakhiwo. Abanye babedele imizi yabo futhi benza izinguquko ezinkulu ekuphileni kwabo ukuze basize abafowabo baseRussia. Yeka ukuthi ukunikezelwa kwezakhiwo kwakuyisenzakalo esibangela umunyu kanjani kubona njengoba babelungiselela ukuqhubekela kwezinye izabelo ezingokwasezulwini!
Kunezisebenzi zokuzithandela ezingu-16 982 sezizonke ezisebenza endlunkulu yeNhlangano nasemagatsheni emhlabeni kabanzi. Ngenxa yezimo asebenza ngaphansi kwazo, wonke lamalungu omkhaya waseBethel angaphansi kwe-Order of Special Full-Time Servants (Isifungo Sezinceku Zesikhathi Esigcwele).
‘Amasimu Alungele Ukuvunwa’
“Phakamisani amehlo enu nibuke amasimu, ukuthi asemhlophe ukuba avunwe,” kusho uJesu. (Joh. 4:35) Kuyiqiniso nakakhulu manje lokhu kunanini ngaphambili. Kusukela ngo-1919, ngesikhathi kuqalwa umkhankaso wembulunga yonke wokufakaza ngoMbuso, kuye kwahlwanyelwa “imbewu” eningi kakhulu ensimini yomhlaba. Kuye kwasakazwa izincwadi zeBhayibheli eziyizigidi zezigidi. Kuye kwaqhutshwa izingxoxo ezingamashumi ezigidi zezigidi eziphathelene nenjongo kaJehova. Kuye kwasetshenziswa zonke izindlela ezifanele ukuze abantu banikezwe umyalezo osemqoka ngoMbuso kaNkulunkulu njengowukuphela kwethemba lesintu. Manje yisikhathi sokuvuna.
EMexico, eMelika Ephakathi neseNingizimu naseziqhingini zaseCaribbean, kuye kwabhapathizwa abangu-590 760 kuleminyaka emihlanu edlule. Kanti ngonyaka odlule kwakuqhutshwa isilinganiso sezifundo zeBhayibheli ezingu-1 858 462 nabantu ababonisa isifiso sokwazi uJehova nokumkhonza kulezi zindawo.
I-Afrika neziqhingi eziseduze ibika ukuthi kusukela ngo-1993, bangu-274 724 abaye bazinikezela futhi baba izinceku zikaJehova ezibhapathiziwe. ESikhumbuzweni kulawo mazwe kwakukhona abangu-2 863 594. EMalawi kwakunabangaphezu kuka-125 000. E-Angola kwakunabangu-160 414. EDemocratic Republic of Congo (okwakuyiZaire) ecekelwe phansi yimpi, kwakunabangu-574 736. Ngempela, abantu abaningi kakhulu kulaba bazokwamukela ukukhulekela kweqiniso.
Kusukela kwaqala ukudilizwa koDonga LwaseBerlin ngo-1989, sebengu-309 589 abafunde iqiniso futhi babhapathizwa emazweni ayeyiSoviet. Babonisa ukuthi bazimisele ukufundiswa uJehova nokwenza intando yakhe.
ENyakatho Melika naseYurophu, lapho oFakazi BakaJehova sebeshumayele khona iminyaka engaphezu kweyikhulu, abantu abaningi abayizifiki benza kube nensimu evundile yokwenza abafundi.
Ngempela, lapho usuku lukaJehova lufika, “bonke ababiza igama likaJehova [bayokhululwa].” (Joweli 2:32) Yeka indlela okubaluleke ngayo-ke ukuba sisize abantu bazi uJehova, bamethembe futhi bavumelanise ukuphila kwabo nezindinganiso zakhe zokulunga! Uma bethatha izinyathelo ezinjalo, lapho usuku lukaJehova olukhulu nolwesabekayo lufika, bangase babe phakathi kwalabo uJehova ayobabonisa umusa.—Zef. 2:3.
[Isithombe ekhasini 4, 5]
Umphostoli uPawulu wacaphuna isiprofetho sikaJoweli futhi wagcizelela ukuphuthuma kokushumayela
[Isithombe ekhasini 20]
ULuis Montás, osenesikhathi eside enguFakazi
[Isithombe ekhasini 21]
ERiver Plate Stadium, uCarey Barber wanxusa abangaphezu kuka-71 800 ukuba balwe nomoya wezwe
[Isithombe ekhasini 22]
IHholo LeMihlangano elisha elingamumatha abangu-9 400 eCañuelas, e-Argentina
[Isithombe ekhasini 27]
(1) ERussia
(2) E-Argentina
(3) ESierra Leone
(4) E-Australia
[Isithombe ekhasini 28]
(5) EFrench Guiana
(6) EBrazil
(7) EMadagascar
(8) EDominican Republic
[Isithombe ekhasini 29]
(9) EMauritius
(10) EJamaica