Umbono WeBhayibheli
Ungabasiza Yini Abafileyo?
“Kusukela ekuqaleni iSonto liye . . . labathandazela [abafileyo] . . . ukuze kuthi uma sebehlanziwe ngale ndlela, bajabulele ukubona uNkulunkulu ngokoqobo.”—“IKhathekizimu LeSonto LamaKatolika.”
ABANTU bazo zonke izinhlanga bayakhathazeka ngesimo sabafileyo. Mhlawumbe wake wabhekana nosizi nomuzwa wokulahlekelwa lapho ushonelwe othandekayo. Ungase uzibuze ukuthi labo abashonile bayaqhubeka yini bezwa, bayahlupheka yini noma basekuthuleni, nokuthi kukhona yini ongakwenza ukuze ubasize.
Abantu abaningi abangamakholwa bakholelwa ukuthi bangabasiza abafileyo. Ngokwesibonelo, amaHindu akholelwa ukuthi ukushisa isidumbu sothandekayo osebeni loMfula iGanges abese ethela umlotha kulawo manzi, kungaqinisekisa ukuthi umphefumulo womufi uthola injabulo yaphakade. Emazweni aseMpumalanga, amaBuddha ashisa imifanekiso yezimoto, yemizi, yezingubo neyemali ngenkolelo yokuthi abafileyo bayokwazi ukusebenzisa lezi zinto kwelizayo. E-Afrika, kuthelwa utshwala emangcwabeni, ngoba kukholelwa ukuthi lowo mhlatshelo uyozuzisa ofileyo.
Inkolo yamaKatolika ifundisa ukuthi uma umuntu efa engakaguquki “esonweni sokufa,” uziphuca ilungelo lokwamukelwa uNkulunkulu. Lesi simo “kuthiwa ‘isihogo.’” Ngakolunye uhlangothi, ifundisa ukuthi umuntu owamukelwa uNkulunkulu angaba nethemba lokuthola “injabulo enkulu futhi eqinisekile” noNkulunkulu ezulwini, kodwa hhayi ngaphambi kokuba ahlanzisiswe. Lokhu kungase kudinge ukuba achithe isikhathi esithile esihlanzweni ukuze “ahlanzwe ngomlilo” njengesijeziso samaphutha angathetheleleka. Nokho, lapho esesihlanzweni umuntu angasizwa ngokuba isonto limthandazele futhi enzelwe neMisa. Ngokuvamile izinkonzo ezinjalo zikhokhelwa abangane nezihlobo zomufi.
Kungokwemvelo ukufuna ukwenza konke okusemandleni akho ukuze uqede ukuhlupheka abathandekayo bakho abangase babhekane nako. Ukube bekunendlela yokubasiza, ingabe uNkulunkulu ubengeke ayichaze ngokucacile? Ake sibone ukuthi iBhayibheli lifundisani mayelana nokusiza abafileyo.
Isimo Sabafileyo
Yonke le mikhuba echazwe ngenhla isekelwe enkolelweni yokuthi umphefumulo awufi, okuwukuthi, kunengxenye yomuntu eqhubeka iphila ngemva kokufa komzimba wakhe wenyama. Ingabe yilokho iBhayibheli elikufundisayo? Lithi: “Abaphilayo bayazi ukuthi bayokufa; kodwa abafileyo bona abazi lutho, futhi abasenawo umvuzo, ngoba ukukhunjulwa kwabo sekulibalekile. Futhi uthando lwabo nenzondo yabo nomhawu wabo sekushabalele kakade, abasenaso isabelo nanini kunoma yini okumelwe yenziwe phansi kwelanga. Konke isandla sakho esikutholayo ukuba sikwenze, kwenze ngawo wonke amandla akho, ngoba akukho msebenzi namacebo nalwazi nakuhlakanipha eShiyoli, indawo oya kuyo.” (UmShumayeli 9:5, 6, 10) Elithi Shiyoli yigama lesiHebheru elisho ithuna elivamile lokufihla abantu.
Ekhuluma ngomphumela ukufa okunawo kumuntu, umhubi ophefumulelwe wabhala: ‘Umoya wakhe uyaphuma, uphindela emhlabathini wakhe; ngalolo suku imicabango yakhe iyashabalala.’—IHubo 146:4.
Okushiwo iBhayibheli kunegunya futhi kunengqondo. Uyini umbono wakho? Ingabe ubaba onothando ubengenza ukuba izingane zakhe zihlupheke ngenxa yokuthambekela kwesono okuyingxenye yobuntu bazo? (Genesise 8:21) Cha. Pho, uBaba wethu wasezulwini ubengayenza kanjani into enjalo? Lapho abathile kwa-Israyeli wasendulo bethatha umkhuba wamaqaba wokushisa izingane zabo njengomhlatshelo konkulunkulu bamanga, uJehova wawulahla lo mkhuba oyisinengiso, ewuchaza ‘njengento ayengazange ayiyaleze futhi engazange ifike enhliziyweni yakhe.’—Jeremiya 7:31.
Izono zabantu ziholela ekufeni, hhayi ekuhlushweni ngemva kokufa. NgokwemiBhalo, “inkokhelo yesono ngukufa,” futhi “lowo ofile ukhululiwe esonweni sakhe.”—Roma 5:12; 6:7, 23.
Abafileyo abahlupheki. Kunalokho, kunjengokungathi bazumeke ebuthongweni obukhulu, futhi abanamizwa—kungaba eyenjabulo noma eminye. Ngakho-ke akungatshazwa ukuthi yonke imizamo abantu abayenzayo yokusiza abafileyo ingqubuzana nezimfundiso zeBhayibheli.
Likhona Yini Ithemba Ngabafileyo?
Lokhu akusho ukuthi abathandekayo bakho abafileyo bayohlala bengezwa lutho kuze kube phakade. Ngokuphambene nalokho, banamathemba aqhakazile.
Ngaphambi kokuba avuse umngane wakhe othandekayo uLazaru ekufeni, uJesu wathi ‘wayezomvusa ebuthongweni.’ (Johane 11:11) Ngesinye isikhathi wachaza ukuthi ‘bonke abasemathuneni esikhumbuzo bayolizwa izwi lakhe, baphume.’ (Johane 5:28, 29) Abayovuswa kakade bayobe sebekhululiwe ezonweni zabo zangaphambili futhi ngenxa yalokho ngeke besahlushwa ngalokho abakwenza bengakafi. Bayoba nethuba lokufunda ukujabulela ukuphila ngaphansi kwezimo eziphelele. Yeka ithemba elihle!
Uma lelo themba likukhanga, unganqikazi ukuthola ukuthi lezi zithembiso zinokwethenjelwa yini. OFakazi BakaJehova bayokujabulela ukukusiza.
WAKE WAZIBUZA?
◼ Ingabe abafileyo bayezwa?—IHubo 146:4; UmShumayeli 9:5, 6, 10.
◼ Ingabe uNkulunkulu ubengavumela abafileyo ukuba bahlupheke esihogweni esivutha umlilo?—Jeremiya 7:31.
◼ Ingabe likhona ithemba ngabafileyo?—Johane 5:28, 29.