Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 6/09 kk. 22-23
  • Ingabe Kufanele Ubesabe Abafileyo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Kufanele Ubesabe Abafileyo?
  • I-Phaphama!—2009
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Abafileyo Bayezwa?
  • Amanga—Inkohliso
  • Bakuphi Okhokho Bethu?
    Indlela Eya Ekuphileni Okuphakade
  • Yini Eyenzekayo Ekufeni?
    Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni
  • Kuyokwenzekani Uma Sifa?
    Funda KuMfundisi Omkhulu
  • Ithemba Elingcono Ngomphefumulo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2009
g 6/09 kk. 22-23

Umbono WeBhayibheli

Ingabe Kufanele Ubesabe Abafileyo?

Amalungu esizwe sama-Annang eNigeria akholelwa ukuthi uma abafileyo bengangcwatshwa ngenhlonipho, imiphefumulo yabo izoletha ishwa—kuhlanganise nokufa kwamalungu omndeni. AmaShayina athile akholelwa ukuthi uma amasiko omngcwabo engalandelwa, imiphefumulo yabafileyo izohlasela abanye ibabulale.

INKOLELO yokuthi ekufeni kukhona okuphumayo emzimbeni—umphefumulo, umoya noma umuncwi—ivamile emiphakathini eminingi emhlabeni kabanzi. Abaningi bakholelwa nawukuthi lo mphefumulo noma umoya ungangenela ezindabeni zamalungu omkhaya noma abangane.

Kodwa, ingabe kukhona okuthile okuphilayo okuqhubeka kuphila ngemva kokufa komuntu? Ingabe lokho “okuthile” kungabalimaza abaphilayo? Uyini umbono weBhayibheli?

Ingabe Abafileyo Bayezwa?

IBhayibheli lithi abafileyo “abazi lutho.” Libuye lithi abafileyo “abasenamandla ekufeni.” (UmShumayeli 9:5; Isaya 26:14) Lapho likhuluma ngomuntu wokuqala, u-Adamu, iZwi likaNkulunkulu liyachaza: “UJehova uNkulunkulu wabe esebumba umuntu ngothuli lomhlabathi wafuthela emakhaleni akhe umoya wokuphila, umuntu waba ngumphefumulo ophilayo.”—Genesise 2:7.

Phawula ukuthi u-Adamu wadalwa waba umphefumulo ophilayo, okusho umuntu ophilayo. IBhayibheli lithi u-Adamu akanikwanga umphefumulo owawungaziphilela ngaphandle komzimba. Ngakho lapho u-Adamu ona, wafa. Waba “umphefumulo ofile.” IBhayibheli liphinde lithi, “Umphefumulo owonayo—yiwo oyokufa.” (Hezekeli 18:4) Sonke sizuze isono, noma ukungapheleli, ngenxa yesono somuntu wokuqala, u-Adamu. Ngakho lapho sifa, umphefumulo uyafa.—Roma 5:12.

Lapho iBhayibheli lichaza isimo sabafileyo, alisebenzisi inkulumo engaqondakali, kodwa lisebenzisa inkulumo eqondakalayo, njengethi ‘ukulala ekufeni.’ (IHubo 13:3) UJesu wake washo la mazwi ngokuphathelene nentombazane eneminyaka engu-12: “Ayifile ilele.” Abantu “bamhleka usulu, ngoba babazi ukuthi ifile.” Kodwa iBhayibheli lichaza ukuthi uJesu wayivusa ekufeni.—Luka 8:51-54.

Kwenzeka okufanayo nalapho uLazaru efa. UJesu watshela abafundi bakhe ukuthi wayeyovakashela uLazaru ‘ukuze amvuse ebuthongweni.’ Abafundi abaqondanga ukuthi wayesho ukuthini, ngakho “uJesu wathi kubo ngokungagunci: ‘ULazaru ufile.’” Nomphostoli uPawulu wakhuluma ngalabo ‘ababelele ekufeni’ wathi ngesikhathi sikaNkulunkulu esifanele, babeyovuswa baphinde baphile.—Johane 11:11-14; 1 Thesalonika 4:13-15.

Kuyinto ephawulekayo ukuthi akukho ndawo lapho iBhayibheli lifundisa khona ukuthi umphefumulo uyaqhubeka uphila ngemva kokufa komuntu. Ngakho asikho isizathu sokwesaba abafileyo. Kodwa-ke, ivelaphi inkolelo evamile yokuthi kunengxenye ethile yomuntu eqhubeka iphila ngemva kokufa? Futhi kubangelwa yini ukwesaba kokuthi abafileyo bangabalimaza abaphilayo?

Amanga—Inkohliso

Izinkolo zamanga ziye zabhebhethekisa umqondo wokuthi ekufeni, abantu abafi ngempela. Ekuqaleni komlando wesintu, imfundiso yokungafi komphefumulo yasakazeka emhlabeni wonke. Ngenxa yalokho, lapho ababusi abathile befa—abanjengoFaro baseGibhithe lasendulo—izigqila zabo zazibulawa ukuze zikwazi ukukhonza umbusi wazo ekuphileni okuzayo.

Abantu abaningi baye bahlushwa yilokho abafundiswe ukuthi kuyimiphefumulo, noma imimoya yabafileyo. Bayaqiniseka ukuthi ukuhlushwa okunjalo kubangelwa imiphefumulo yezihlobo esezashona neyabanye efuna kushwelezwe kuyo. Kodwa njengoba imiBhalo ibonisa ngokucacile, lokhu akulona iqiniso. Imimoya engabonakali okuthiwa amademoni iyona ehlasela abantu, futhi iyakujabulela ukubahlupha nokubesabisa.—Luka 9:37-43; Efesu 6:11, 12.

ImiBhalo ithi uSathane ‘unguyise wamanga,’ ‘oziguqula ingelosi yokukhanya.’ Yena namademoni akhe ‘badukisa umhlaba wonke owakhiwe.’ (Johane 8:44; 2 Korinte 11:14; IsAmbulo 12:9) Empeleni, uSathane obangela amanga okuthi umphefumulo awufi futhi ungabalimaza abaphilayo.

Nokho, abantu abakholelwa eBhayibhelini bavikelekile ekukhohlisweni amanga anjalo. Bayalazi iqiniso lokuthi uSathane uzama ukukhohlisa abantu ukuze bakholelwe ukuthi abafileyo bangaxhumana nabaphilayo. Njengoba iBhayibheli lisho, iqiniso liwukuthi: “Abaphilayo bayazi ukuthi bayokufa; kodwa abafileyo bona abazi lutho.” (UmShumayeli 9:5) Yebo, iZwi likaNkulunkulu liqukethe amaqiniso akhululayo mayelana nesimo sabafileyo!—Johane 8:32.

INGABE WAKE WAZIBUZA?

◼ Ingabe kukhona abakwaziyo abafileyo?—UmShumayeli 9:5; Isaya 26:14.

◼ Ubani oyimbangela yombono ovamile wokuthi ingxenye ethile yomuntu iyaphila ngemva kokufa?—Johane 8:44.

◼ Singalitholaphi iqiniso mayelana nesimo sabafileyo?—Johane 8:32; 17:17.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 23]

Izidalwa ezimbi zomoya, hhayi abantu abafileyo, yizo ezihlupha abantu

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela