Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • lff isif. 29
  • Kwenzekani Lapho Umuntu Eshona?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kwenzekani Lapho Umuntu Eshona?
  • Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • FUNDA OKWENGEZIWE
  • UKUBUYEKEZA
  • HLOLA OKWENGEZIWE
  • Bakuphi Abafileyo?
    Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
  • Ingabe Kufanele Ubesabe Abafileyo?
    I-Phaphama!—2009
  • Liyini Ithemba Ngabafileyo?
    Izindaba Ezinhle Ezivela KuNkulunkulu!
  • Siyaphi Uma Sesifile?
    Lingasifundisani IBhayibheli?
Bheka Okunye
Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
lff isif. 29
ISifundo 29. Indoda nomkayo bayathandaza phambi kwetshe emathuneni.

ISIFUNDO 29

Kwenzekani Lapho Umuntu Eshona?

Uhlelo Oluprintiwe
Uhlelo Oluprintiwe
Uhlelo Oluprintiwe

Ingabe wake washonelwa umuntu omthandayo? Ngaleso sikhathi esibuhlungu ungase uzibuze: ‘Kwenzekani lapho umuntu eshona? Likhona yini ithemba lokuthi siyophinde sibabone abantu esibathandayo asebashona?’ Kulesi sihloko nesilandelayo, uzofunda ngezimpendulo zeBhayibheli eziduduzayo.

1. Kwenzekani lapho umuntu eshona?

UJesu wafanisa ukufa nobuthongo obujulile. Umuntu olele zwi akazi ukuthi kwenzekani la ekhona. Ukufa kufana kanjani nokulala? Lapho umuntu eseshonile, akabuzwa ubuhlungu. Akazizwa enesizungu, kungakhathaliseki ukuthi wayebathanda kangakanani abangane nomndeni wakhe. IBhayibheli lithi “abafile bona abazi lutho.”​—Funda umShumayeli 9:5.

2. Kusizuzisa kanjani ukwazi iqiniso ngokufa?

Abantu abaningi bayakwesaba ukufa​—baze besabe ngisho nabantu asebashona! Kodwa lokho okushiwo iBhayibheli ngokufa kungakududuza. UJesu wathi: “Iqiniso liyonikhulula.” (Johane 8:32) Ezinye izinkolo zifundisa ukuthi umuntu unomphefumulo ongafi, kodwa akukhona lokho okufundiswa iBhayibheli. Ngakho, akekho oqhubeka ehlupheka lapho eseshonile. Njengoba abantu asebashona bengazi lutho, ngeke bakwazi ukusilimaza. Asikho isidingo sokushweleza kubantu asebashona noma ukubakhonza, futhi asikho isidingo sokuqhubeka sibathandazela.

Abanye abantu bathi bayakwazi ukukhuluma nabantu asebashona. Kodwa lokho akunakwenzeka. Njengoba sesifundile, abantu asebashona “abazi lutho.” Labo abacabanga ukuthi basuke bekhuluma nabantu ababathandayo asebashona, empeleni kungenzeka ukuthi basuke bekhuluma namademoni azenza abantu asebashona. Ngakho, ukwazi amaqiniso ngokufa kuyasivikela emademonini. UJehova usixwayisa ngokuthi singazami ukukhuluma nabantu asebashona ngoba uyazi ukuthi ukuxhumana kwethu namademoni kuzosilimaza.​—Funda uDuteronomi 18:10-12.

FUNDA OKWENGEZIWE

Funda okwengeziwe ngalokho iBhayibheli elikufundisayo ngokufa, uqinise nokholo lwakho kuNkulunkulu onothando ongabahluphi abantu asebashona.

Indoda ihleli nezingane zayo ezincane ezimbili ebhetshini emngcwabeni womkayo. Baduduzwa umndeni nabangane.

3. Funda iqiniso ngesimo sabantu asebashona

Emhlabeni wonke, abantu banezinkolelo ezihlukahlukene ngokuthi kwenzekani lapho umuntu eshona. Akunakwenzeka ukuthi konke abakushoyo kuyiqiniso.

  • Ngakini, abantu bathi kwenzekani kumuntu lapho eseshonile?

Ukuze ubone ukuthi iBhayibheli lifundisani, dlalani IVIDIYO.

IVIDIYO: Siyini Isimo Sabantu Abafile?​—Isiqeshana (1:19)

Izithombe zevidiyo ethi: ‘Siyini Isimo Sabantu Abafile?​—Isiqeshana.’ 1. Isidumbu sisembhedeni esibhedlela. 2. Owesilisa ulele esitimeleni uzungezwe abantu ababili.

Fundani umShumayeli 3:20, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • Leli vesi lithi kwenzekani lapho umuntu eseshonile?

  • Ikhona yini ingxenye yomuntu engafi lapho eshona?

IBhayibheli lisitshela ngokufa kukaLazaru, umngane kaJesu omkhulu. Njengoba ufunda uJohane 11:11-14, phawula ukuthi uJesu wathi kwenzekeni kuLazaru. Ngemva kwalokho, xoxani ngale mibuzo:

  • UJesu wakuqhathanisa nani ukufa?

  • Lokho kusitshelani ngokuthi kwenzekani kubantu asebeshonile?

  • Uzizwa kanjani ngalokho okushiwo iBhayibheli ngokufa?

4. Ukwazi iqiniso ngokufa kuyasizuzisa

Ukwazi iqiniso ngokufa kusenza singabesabi abantu asebashona. Fundani umShumayeli 9:10, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Bangakwazi yini ukusilimaza abantu asebashona?

Iqiniso eliseBhayibhelini lisenza singakukholelwa ukuthi kumelwe sishweleze kubantu asebashona noma sibakhonze. Fundani u-Isaya 8:19 nesAmbulo 4:11, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Ucabanga ukuthi uJehova uzizwa kanjani ngomuntu ofuna usizo kubantu asebashona noma obakhonzayo?

Izithombe ezihlanganisiwe: Amasiko ahlobene nokukhonza amadlozi. 1. Indoda iguqe phambi kwethuna iyathandaza futhi ibeke ukudla ukuba kube iminikelo. 2. Amadoda amathathu ayasina evunule. 3. Abantu bayahamba bagqoke ama-mask ethusayo, baphethe nemifanekiso emikhulu yogebhezi ngoSuku Lwabafile.

Ukwazi iqiniso ngokufa kuyasikhulula emasikweni angamjabulisi uJehova

5. Kuyasiduduza ukwazi iqiniso ngokufa

Abantu abaningi bafundiswa ukuthi lapho beshona, bayojeziselwa izono zabo zangaphambili. Kodwa kuyasiduduza ukwazi ukuthi akukho muntu ohlushwayo lapho eseshonile​—ngisho nomuntu obevame ukwenza izinto ezimbi kakhulu. Fundani eyabaseRoma 6:7, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • IBhayibheli lithi lapho umuntu eshona, uNkulunkulu akabe esambalela izono zakhe, ngakho ucabanga ukuthi lapho umuntu eseshonile uyahlushwa yini ngenxa yezono azenze esaphila?

Njengoba siya simazi kangcono uJehova, siya siqonda ukuthi akasoze abahlupha abantu asebashona. Fundani uDuteronomi 32:4 neyoku-1 Johane 4:8, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • Ingabe uNkulunkulu onezimfanelo ezibalwe kula mavesi angavuma ukuba abantu asebashona bahlushwe?

  • Kuyakududuza yini ukwazi iqiniso ngokufa? Kungani usho kanjalo?

ABANYE ABANTU BATHI: “Kazi kuyokwenzekani kimi lapho ngifa.”

  • Yimaphi amavesi eBhayibheli ongamduduza ngawo?

UKUBUYEKEZA

Lapho umuntu eshona akabe esaphila ndawo. Abantu asebashona akukho la behlushwa khona futhi ngeke bakwazi ukubalimaza abaphilayo.

Ufundeni?

  • Kwenzekani lapho umuntu eshona?

  • Ukwazi iqiniso ngokufa kusizuzisa kanjani?

  • Kungani kusiduduza ukwazi iqiniso ngokufa?

Umgomo

HLOLA OKWENGEZIWE

Thola ukuthi lisho ukuthini ngempela igama elithi “umphefumulo” eBhayibhelini.

“Uyini Umphefumulo?” (isihloko esikuyi-Inthanethi)

Thola ukuthi uNkulunkulu uyabajezisa yini abantu ababi esihogweni.

Ingabe Isihogo Siyindawo Yangempela Yokuhlushwa Kwabantu? (3:07)

Kufanele yini sibesabe abantu asebashona?

Imimoya Yabafileyo​—Ingakusiza Noma Ingakulimaza? Ingabe Ikhona Ngempela? (incwajana)

Funda ngendoda eyaduduzeka lapho ithola iqiniso ngokuthi kwenzekani kumuntu lapho eseshonile.

“Ngazithanda Izimpendulo ZeBhayibheli Ezicacile Nezinengqondo” (INqabayokulinda, Febhuwari 1, 2015)

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela