Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 6/14 kk. 8-9
  • Ukufa

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukufa
  • I-Phaphama!—2014
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Bakuphi abafileyo?
  • Siyini isimo sabafileyo?
  • Likhona yini ithemba ngabafileyo?
  • Siyini Ngempela Isihogo?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • Imimoya Ayizange Iphile Emhlabeni Yase Ifa
    Imimoya Yabafileyo—Ingakusiza Noma Ingakulimaza? Ingabe Ikhona Ngempela?
  • Ungabasiza Yini Abafileyo?
    I-Phaphama!—2006
  • Liyini Ithemba Ngabafileyo?
    Izindaba Ezinhle Ezivela KuNkulunkulu!
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2014
g 6/14 kk. 8-9
Imbali ebunile

UMBONO WEBHAYIBHELI

Ukufa

Bakuphi abafileyo?

“Ngoba uluthuli uyobuyela othulini.”—Genesise 3:19.

OKUSHIWO ABANTU

Abanye bacabanga ukuthi kunokuphila ngemva kokufa—kungaba sezulwini, esihogweni, esihlanzweni noma eLimbo. Abanye bakholelwa ekuzalweni kabusha sebeyisidalwa esihlukile. Ngakolunye uhlangothi, labo abenqaba izimfundiso zenkolo bakholelwa ukuthi ukufa kumane nje kuyisiphetho sokuphila komuntu.

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI

UmShumayeli 9:10 uthi “akukho msebenzi namacebo nalwazi nakuhlakanipha [ethuneni], indawo oya kuyo.” IBhayibheli liphinde lichaze nalokho okwenzekayo kubantu nezilwane lapho sebefile. Lithi: “Konke kuya endaweni yinye. Konke kuye kwaba khona kuvela othulini, futhi konke kubuyela othulini.”—UmShumayeli 3:20.

Siyini isimo sabafileyo?

“Umoya wayo uyaphuma, iphindela emhlabathini wayo; ngalolo suku imicabango yayo iyashabalala.”—IHubo 146:4.

OKUSHIWO ABANTU

Abaningi baye bafundiswa ukuthi lokho umuntu ayobhekana nakho kwelizayo kuxhomeke kulokho akwenza esaphila emhlabeni. Uma ayenza izinto ezinhle, umvuzo wakhe uyoba injabulo yaphakade; uma ayengalungile, isiphetho sakhe siyoba sekuhlushweni kwaphakade. Kuthiwa ngemva kokufa abantu kumelwe bahlanzwe isono ngaphambi kokuba bavele phambi kukaNkulunkulu. Labo abangazange bahlanzwe kuthiwa abayitholi nhlobo leyo njabulo.

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI

Abafileyo abajabuli futhi abahlushwa. Ngempela, njengoba bengazi lutho, akunalutho nhlobo abasengaluzwa; futhi ngeke babasize noma babalimaze abaphilayo. UmShumayeli 9:5, 6 uthi: “Ngoba abaphilayo bayazi ukuthi bayokufa; kodwa abafileyo bona abazi lutho, . . . Futhi uthando lwabo nenzondo yabo nomhawu wabo sekushabalele kakade, abasenaso isabelo nanini kunoma yini okumelwe yenziwe phansi kwelanga.”

Likhona yini ithemba ngabafileyo?

“Uma indoda enamandla ifa ingabuye iphile futhi? Ngiyolinda zonke izinsuku zomsebenzi wami oyimpoqo, kuze kufike impumuzo yami.”—Jobe 14:14.

OKUSHIWO ABANTU

Kuyinkolelo evamile ukuthi lapho umuntu eseyiswe esihogweni, alikho ithemba lokuthi uyophinde aphume. Kuthiwa ukuhlushwa kwasesihogweni kungokwaphakade. Ngakolunye uhlangothi, labo abasesihlanzweni kuthiwa bathola injabulo yasezulwini kuphela ngemva kokukhucululwa kwezono zabo ngomlilo.

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI

Ngemva kokuphumula ekufeni, abafileyo bayovuswa, noma iNdodana kaNkulunkulu iyobabuyisela ekuphileni emhlabeni. IBhayibheli lithi: “Ningamangali ngalokhu, ngoba ihora liyeza lapho bonke abasemathuneni beyokhunjulwa futhi bayolizwa izwi layo baphume.” (Johane 5:26, 28, 29) Ukuziphatha komuntu ngemva kovuko yikona okuyonquma ukuthi uyakuthola yini ukuphila okuphakade noma cha.a

a Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngovuko, sicela ubheke isahluko 7 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela