“Buthela Abantu Ndawonye”
1. Imihlangano yesigodi neyezizwe ifana kanjani nombuthano oyingqopha-mlando ama-Israyeli aba nawo ngokushesha ngemva kokuphuma eGibhithe?
1 Ngemva nje kokuphuma eGibhithe, uJehova wayala uMose ukuba ‘abuthele abantu’ eNtabeni iSinayi ukuze bezwe amazwi aKhe ukuze bamesabe futhi bafundise amadodana abo izindlela zaKhe. (Dut. 4:10-13) Lowo kwakungumbuthano oqinisa ukholo ababengeke bawukhohlwe! Ezinyangeni ezimbalwa ezizayo, abantu bakaJehova bazohlangana emihlanganweni yesigodi neyezizwe ukuze bafundiswe uJehova. Yini okumelwe siyenze ukuze sizuze ngokugcwele?
2. Yini okufanele siyenze ukuze ‘silungele’ umhlangano?
2 ‘Kulungele’: UJehova wayala ama-Israyeli ukuba “alungele” lowo mhlangano oyingqopha-mlando eNtabeni YaseSinayi. (Eks. 19:10, 11) Ngendlela efanayo, sonke esiya emihlanganweni kudingeka senze amalungiselelo okuba khona, angenziwa nje kuphela yilabo abanezingxenye esimisweni. Ngokwesibonelo, abaningi kuzodingeka bacele usuku kubaqashi babo. Kungenzeka isimo sakho sifana nesikaNehemiya. Wayefuna ukushiya umsebenzi wakhe njengomphathindebe weNkosi u-Aritahishashita ukuze ayosiza ekwakhiweni kabusha kwezindonga zeJerusalema, kodwa wayazi ukuthi inkosi yayingase ingavumi. UNehemiya wathandaza futhi waqunga isibindi wayocela ngenhlonipho enkosini. Yamvumela ukuba ahambe yaze yasekela nomsebenzi wokwakha! (Neh. 2:1-9) Ngaphezu kokucela usuku kumqashi wakho, ingabe usuwenzile amalungiselelo ento ozohamba ngayo nendawo ozolala kuyo? Abadala bayokujabulela ukusiza noma ubani ongase adinge usizo. Hlela ukufika ngesikhathi esimisweni ngasinye, ukulungele ‘nokukunaka ngaphezu kokujwayelekile’ lokho oyokuzwa.—Heb. 2:1.
3. Yini eyosisiza ukuba silungise inhliziyo yethu ukuze silalele isimiso?
3 Okunye okudingeka sikwenze ukuze silungele umhlangano ukulungisa inhliziyo yethu ukuze silalele futhi sifunde. (Ezra 7:10) Isimiso somhlangano sizofakwa engosini ethi jw.org ngaphambi komhlangano futhi sizoba nezihloko zazo zonke izinkulumo nomBhalo owodwa noma emibili ezisekelwe kuyo. Lokhu kwaziswa kungasetshenziswa phakathi nobusuku bokuKhulekela Komkhaya emasontweni andulela umhlangano esabelwe kuwo. Abanye abamemezeli bayasiprinta isimiso futhi basisebenzisele ukubhala amaphuzu ambalwa phakathi nomhlangano.
4. Abazali bangawusebenzisa kanjani umhlangano ukuze bafundise abantwana babo?
4 ‘Fundisa Abantwana Bakho’: Enye yezinjongo zomhlangano waseNtabeni iSinayi yayiwukuba abazali abangama-Israyeli “bafundise abantwana babo.” (Dut. 4:10) Umhlangano unikeza abazali ithuba elihle lokwenza okufanayo. Abazali kufanele bahlale nabantwana babo phakathi nesimiso futhi babasize balalele. Ekupheleni kosuku ngalunye nakamuva ekukhulekeleni komkhaya, imikhaya ingaxoxa ngesimiso somhlangano ndawonye.
5. Sizozuza kanjani ngokuya emhlanganweni ozayo?
5 Umhlangano oyingqopha-mlando eNtabeni iSinayi wasiza ama-Israyeli ukuba alazise ilungelo eliyingqayizivele lokuba abantu bakaNkulunkulu. (Dut. 4:7, 8) Umhlangano wethu ozayo uklanyelwe ukuba usizuzise ngendlela efanayo. Phakathi nezinsuku ezintathu sizokwazi ukuphuma ezweni likaSathane eliwugwadule sijabulele ukwakhiwa ngokomoya nobudlelwane obakhayo epharadesi lethu elingokomoya. (Isaya 35:7-9) Njengoba usuku lukaJehova lusondela, kwangathi singaliphaphamela leli thuba lokuhlangana ndawonye ukuze sikhuthazane!—Heb. 10:24, 25.