Lalela Futhi Ufunde
1. Kungani kungase kudingeke imizamo ethe xaxa ukuze silalele futhi sifunde emhlanganweni wesigodi?
1 Imihlangano yesigodi ka-2013 izoqala maduzane. Mkhulu umsebenzi osewenziwe kulungiselelwa isimiso esiqondene nezidingo ezikhona ensimini emhlabeni jikelele. Usuwenzile yini amalungiselelo okuba khona emhlanganweni ngazo zonke izinsuku ezintathu? Ziningi iziphazamiso ezingaba khona emihlanganweni emikhulu, ngakho kungase kudingeke imizamo ethe xaxa ukuze ulalelisise isimiso. Njengoba izingxenye zesimiso zithe ukuba zinde kunezemihlangano yebandla, kufanele ugxilise ingqondo isikhathi eside. Ngaphezu kwalokho, uhambo nezinye izizathu kungase kukwenze ukhathale kakhudlwana. Yini eyosisiza sihlale siphapheme ukuze silalele futhi sifunde?—Dut. 31:12.
2. Inhliziyo yethu singayilungiselela kanjani isimiso somhlangano?
2 Ngaphambi Kokuba Umhlangano Uqale: Ingosi yethu esemthethweni ethi www.jw.org/zu, iba nesimiso semihlangano yamazwe ngamazwe (izikhathi zokuqala kwesimiso salapha zibonisiwe ngezansi), esihlanganisa izihloko zazo zonke izinkulumo nomBhalo owodwa noma emibili eyisihluthulelo senkulumo ngayinye. Uma sikwazi ukungena kuyi-Internet, ukubheka le mininingwane kusengaphambili kuyosiza izinhliziyo zethu zilungele lokho esiyokunikezwa. (Ezra 7:10) Ngobusuku bokuKhulekela Komkhaya, ningayisebenzisa yini ingxenye yesikhathi nixoxe ngesimiso somhlangano ukuze nivuse ilukuluku lokuba khona?
3. Yini eyosisiza ukuze silalelisise?
3 Phakathi Nesimiso: Uma kungenzeka, yiya endlini yangasese ngaphambi kokuba isimiso siqale. Cima umakhalekhukhwini wakho ukuze ungaphazanyiswa yizingcingo noma imiyalezo noma uzithole ubhekene nesilingo sokubhalela abanye phakathi nesimiso. Uma kuwukuthi kufanele ungalucimi ucingo lwakho, lucuphe ngendlela yokuba lungabaphazamisi abanye lapho othile ekuthinta. Uma usebenzisa i-tablet phakathi nesimiso, yisebenzise ngendlela engeke ibaphazamise abanye. Gwema ukudla noma ukuphuza okuthile phakathi nesimiso. (UmSh. 3:1) Gcina amehlo akho egxile esikhulumini. Uma kufundwa umBhalo, ufunde nawe eBhayibhelini lakho. Bhala amaphuzu kafushane.
4. Abazali bangazisiza kanjani izingane zabo ukuba zilalele futhi zifunde?
4 Sifuna ukuba izingane zethu nazo zilalele futhi zifunde. IzAga 29:15 zithi: “Umntwana oyekwayo uyobangela unina amahloni.” Khona-ke, kuhle ukuba imikhaya ihlale ndawonye ukuze abazali baqiniseke ukuthi izingane zilalele isimiso kunokuba zixoxe, zithumelelane imiyalezo noma zigcaluze. Ngisho noma zisencane kakhulu zingakakwazi ukuqonda konke okushiwoyo, izingane zingaqeqeshwa ukuba zihlale ziphapheme futhi zingabangi umsindo.
5. Kungani kuzuzisa ukubukeza isimiso, futhi singakwenza kanjani?
5 Ngemva Kokuphela Kwesimiso Sosuku Ngalunye: Ningahambi nize nibuye ebusuku kakhulu. Sheshani nilale ukuze niphumule ngokwanele. Ukubukeza lokho enikuzwile kuyonisiza nikukhumbule isikhathi eside. Ngakho, kuyonizuzisa ukusebenzisa imizuzu embalwa nixoxe ngesimiso njengomkhaya ubusuku ngabunye. Uma uya endaweni yokudla nabangane, kungani ungahambi nencwadi obhale kuyo amaphuzu futhi uxoxe ngephuzu elilodwa noma amabili owajabulele kakhulu? Uma seniphindela ekhaya ngemva komhlangano, ningase nichithe isikhathi esithile ngobusuku bokuKhulekela Komkhaya nixoxe ngokuthi enikuzwile ningakusebenzisa kanjani njengomkhaya. Ningase nihlele nesikhathi sokubukeza ingxenye ethile yanoma yini ekhululwe emhlanganweni.
6. Ingabe kwanele ukuba khona nje emhlanganweni? Chaza.
6 Injongo yedili ifezeka kuphela uma abantu bedlile futhi betshisa. Singasho okufanayo ngedili elingokomoya elizoba semhlanganweni wesigodi. Sengathi singazuza ngokugcwele ngokuba khona engxenyeni ngayinye yesimiso, ngokulalelisisa nangokukusebenzisa esikufundayo.