Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 4/14 k. 4
  • Isimemo Esikhethekile

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isimemo Esikhethekile
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2014
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isimemo Esiqondile
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2015
  • Umkhankaso Wokumemezela ISikhumbuzo Uqala Ngo-March 1
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2013
  • Umkhankaso Wokuhambisa Isimemo SoMhlangano Wesifunda
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2016
  • Umkhankaso Wokumemela Abantu ESikhumbuzweni Uqala Ngo-March 22
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2014
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2014
km 4/14 k. 4

Isimemo Esikhethekile

1. Uyoqala nini umkhankaso wokuhambisa izimemo zemihlangano ka-2014?

1 Uma ubuhlela ukuphekela abangane noma umndeni isidlo esikhethekile esidinga umzamo nemali eningi, cishe ubuyokujabulela ukubamema. Ngendlela efanayo, mkhulu umsebenzi owenziwe ekulungiseleleni ukudla okungokomoya esizokuthola emihlanganweni yesigodi neyezizwe yango-2014. Siyoba nelungelo lokumemela abanye emhlanganweni kusasele amasonto amathathu ukuba uqale. Yini eyosisiza ukuba sihambise izimemo ngentshiseko?

2. Yini eyosishukumisela ukuba sihlanganyele ngokugcwele emkhankasweni?

2 Uma sicabanga ngokwazisa ngendlela esizuza ngayo edilini elingokomoya uJehova asenzela lona emihlanganweni siyoshukumiseleka ukuba sihlanganyele ngokugcwele kulo mkhankaso. (Isaya 65:​13, 14) Kufanele sikhumbule nokuthi umkhankaso wethu waminyaka yonke uba nemiphumela emihle. Abanye esibamemayo bazoba khona emhlanganweni. Nokho kungakhathaliseki ukuthi bangaki abasabelayo, imizamo yethu eqotho phakathi nomkhankaso iyoletha udumo kuJehova ibonise nomoya wakhe wokupha.​—IHu. 145:​3, 7; IsAm. 22:17.

3. Zizohanjiswa kanjani izimemo?

3 Indikimba ngayinye yabadala kufanele inqume indlela ibandla elingahambisa ngayo izimemo kubantu abaningi, kuhlanganise nokuthi kufanele yini zishiywe emizini engenabantu noma zihanjiswe enkonzweni yasobala ensimini yebandla. Ngezimpelasonto omagazini kufanele bahanjiswe kanye nezimemo uma kufaneleka. Uma uMgqibelo wokuqala enyangeni uwela ezinsukwini zomkhankaso, kufanele kugxilwe kakhulu ekuhanjisweni kwezimemo kunasekuqaleni izifundo zeBhayibheli. Lapho umkhankaso uphela, yeka indlela esiyojabula ngayo ngokwazi ukuthi sihlanganyele ngentshiseko kuwo futhi samema abantu abaningi ngangokunokwenzeka ukuba bahlanganyele nathi edilini elingokomoya uJehova asenzele lona!

Uzothini?

Ngemva kokubingelela, ungase uthi: “Sisemkhankasweni womhlaba wonke wokumemela abantu emhlanganweni obaluleke kakhulu. Usuku, isikhathi kanye nekheli kubhaliwe kulesi simemo.”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela