Isikhathi Sokudla Ngokomoya Nesokujabula
1. UJehova uzinakekela kanjani izidingo ezingokomoya zezinceku zakhe?
1 UJehova unakekela izidingo zezinceku zakhe ezingokomoya ngothando. Nakuba izwe lilonke lilamba ngokomoya, thina ngempela sinenala yokudla. (Isaya 65:13) Enye indlela asondla ngayo ngokomoya kungemihlangano yethu yesigodi yaminyaka yonke. Ingabe wenza amalungiselelo okuba khona kuzo zonke izingxenye zesimiso soMhlangano Wesigodi othi “Ukuqondiswa Umoya Ongcwele” esibheke kuwo? Kuhlelwe idili elingokomoya elimnandi nelinomsoco.
2. Kuhilelani ukuhlelela umhlangano wesigodi kusengaphambili?
2 Hlela Kusengaphambili: “Ngokuqinisekile amacebo okhuthele ayamzuzisa.” (IzAga 21:5) Ngakho, lapho uqedela amalungiselelo akho okuba khona zontathu izinsuku zomhlangano, ungalibali ukukhuluma nomqashi wakho uma udinga isikhathi sokuya emhlanganweni. Uma uyodinga indawo yokulala, ingabe usuhlelile? Ungase uthande nokuhlela ukuthi yini oyoyidla emini ukuze ukwazi ukujabulela ukudla nabafowenu endaweni yomhlangano. Yenza amalungiselelo okufika emhlanganweni kusenesikhathi usuku ngalunye ukuze uthole indawo yokuhlala futhi uhlanganyele engomeni nomthandazo wokuvula.
3. Uhlobo olunjani lwezingubo okufanele sihlele ukulugqoka?
3 Sifuna ukuqiniseka ukuthi izingubo esiyozigqoka zinesizotha futhi zilungiswe kahle. (1 Thim. 2:9, 10) Imihlangano yesigodi isinika ithuba elihle lokufakaza emphakathini. Ngokuzigcina sibukeka ngendlela ehloniphekile lapho sisedolobheni lomhlangano nangokufaka amabheji ethu omhlangano, siyahluka kwabangakholwa futhi sibanika umbono omuhle abasibonayo.
4. Yini eyosisiza thina nemikhaya yethu ukuba sizuze ngokugcwele esimisweni?
4 Lalelisisa: Ngokuqinisekile asifuni ukulahlekelwa yinoma ikuphi ukudla okutholakala kuleli dili elingokomoya! (IzAga 22:17, 18) Ukuhambisana nesikhulumi lapho kufundwa imiBhalo eBhayibhelini futhi sibhale amaphuzu kafushane kuyosisiza ukuba sigxilise ingqondo esimisweni futhi sigweme iziphazamiso. Khona-ke ntambama, singasebenzisa amaphuzu ethu ukuze sixoxe nabanye ngamaphuzu esimiso abalulekile. Kuye kwaphawulwa eminyakeni yamuva nje ukuthi enye intsha ihlala ndawonye emhlanganweni bese ixoxa phakathi nesimiso noma ithumelelane imiyalezo ngomakhalekhukhwini. Uma sinabantwana, kuhlanganise nasebekhulakhulile, kungaba ngcono ukuhlala ndawonye futhi silalele isimiso njengomkhaya kunokuvumela izingane ukuba zihlale nenye intsha endaweni ehlukile.
5. Singalandisa kanjani izinga esiwujabulela ngalo umhlangano?
5 Jabulela Ubudlelwane: Ukudla okwehl’ esiphundu kumnandi uma kuhlanganyelwa nabangane. (IzAga 15:17) Ngokufanayo, ukuba nobudlelwane nabafowethu nodade kwandisa izinga esiwujabulela ngalo umhlangano wethu. Ngakho-ke, lapho isimiso singakaqali, yeka indlela okujabulisa ngayo ukuzethula kwabanye abakhona emhlanganweni futhi sijabulele ubudlelwane nabo! (IHu. 133:1) Lapho usihlalo esicela ukuba sihlale phansi ngaphambi kokuba umculo uqale, kufanele sinqamule ingxoxo futhi sihlale phansi ukuze isimiso siqale.
6. Landisa okuhlangenwe nakho kwakho okubonisa indlela esingashumayela ngayo kubantu edolobheni lomhlangano.
6 Kuphaphamele Ukushumayela: Ngokuvamile imihlangano yesigodi isinika amathuba amahle okushumayela. Abantu abaningi abeza emhlanganweni abaya ezitolo zokudlela ngemva kwesimiso, baye babuzwe oweta nabanye ngesihloko abasibona ebhejini lomhlangano. Lokhu kuye kwaholela ezingxoxweni futhi kwalifakazela kahle iqiniso. Abanye ababuza babe sebemenyelwa esimisweni somhlangano, futhi baba khona.
7. Kungani kufanele sibe khona emhlanganweni wesigodi esibheke kuwo?
7 Kuye kwachithwa izinkulungwane zamahora kulungiselelwa lesi simiso, kufunwa indawo, kuhlelwa iminyango yomhlangano futhi kulungiselelwa nezinkulumo. Konke ukuzikhandla kothando okuhilelekile ekulungiseleleni leli dili elingokomoya kubonisa indlela uJehova abakhathalela ngesisa ngayo abantu bakhe. Kwangathi sonke singaba khona futhi sidle ngokuzimisela! Ngokungafani nezwe, uma senza kanjalo ‘siyokhamuluka ngenjabulo ngenxa yesimo esihle senhliziyo.’—Isaya 65:14.