Esikukhunjuzwa NgoMhlangano Wesigodi
◼ Izikhathi Zesimiso: Isimiso siyoqala ngo-9:00 ekuseni ngazo zontathu izinsuku. Lapho kuqala umculo owandulela isimiso, kufanele sonke sihlale phansi ukuze isimiso siqale ngendlela ehloniphekile. Isimiso siyophela ngo-4:15 ntambama ngoLwesihlanu nangoMgqibelo, ngeSonto siphele ngo-3:20 ntambama.
◼ Indawo Yokupaka: Kuzo zonke izindawo zomhlangano esinegunya lokupaka kuzo, indawo yokupaka iyotholakala mahhala kwabafike kuqala. Kuyodingeka nibe namabheji omhlangano ukuze ninikezwe indawo yokupaka.
◼ Indawo Yokulala: Amafomu e-Sicelo Sendawo Yokulala ayatholakala uma kunabamemezeli abadinga ukufaka isicelo sendawo yokulala. IKomiti Yenkonzo Yebandla kufanele icabangele izimfanelo zommemezeli, isebenzisa iziqondiso ezisefomini kanye nencwadi yomhla ka-July 15, 2008 eyabhalelwa zonke izindikimba zabadala. Leli lungiselelo elabamemezeli abanokuma okuhle kuphela, kanye nezingane zabo eziziphethe kahle.
◼ Ukugcina Izihlalo: Izihlalo zingagcinelwa kuphela labo ohamba nabo emotweni noma ohlala nabo ekhaya.
◼ Ukudla Kwasemini: Sicela niziphathele ukudla kwasemini kunokuba niphume ngesikhathi sekhefu niyokuthenga ngaphandle kwendawo yomhlangano. Ningawaphatha ama-cooler bag amancane angangena ngaphansi kwezihlalo. Ama-cooler bag amakhulu anjengawamapikiniki kufanele agcinwe ngokuvumelana neziqondiso zabalindi. Izitsha ezifayo notshwala akuvunyelwe enkundleni yomhlangano.
◼ Iminikelo: Singabonisa ukwazisa ngamalungiselelo omhlangano ngokunikela ngokuzithandela emsebenzini womhlaba wonke eHholo LoMbuso lethu noma emhlanganweni. Uma ufuna ukunikela ngesheke, siza ubuze igama le-akhawunti eKomitini YoMhlangano.
◼ Izingozi Nezimo Eziphuthumayo: Uma kuphakama isimo sempilo esiphuthumayo endaweni yomhlangano, sizani nithinte umlindi oseduze, oyokwazisa uMnyango Wosizo Lokuqala ngokushesha ukuze izisebenzi eziqeqeshiwe zosizo lokuqala zikwazi ukuhlola isimo bese zinikeza usizo.
◼ Izinqola Zabantwana Nezihlalo Ezisongwayo: Izinqola zabantwana nezihlalo ezisongwayo akufanele kungeniswe ehholo. Nokho, izihlalo zabantwana zokuphepha ezilingana futhi ezingaboshelwa esihlalweni eceleni komzali zamukelekile.
◼ Amakha: Eminye imihlangano yesigodi iqhutshelwa ezindaweni ezivalekile ezinemishini yeziphephetha-moya. Ngakho-ke, siyobe sibonisa umusa uma silinganisela ekusebenziseni amakha anamandla angase abaphathe kabi labo abanezinkinga zokuphefumula noma ezihlobene nalokho.—1 Kor. 10:24.
◼ Amafomu Okulandelela: Ifomu elithi Siza Ulandelele (S-43) kufanele lisetshenziselwe ukubhala ukwaziswa nganoma ubani obonisa isithakazelo lapho sishumayela ngokwethukela phakathi nomhlangano. Abamemezeli kufanele baphathe ifomu elilodwa noma amabili emhlanganweni. Amafomu agcwalisiwe ningawayisa eNdaweni Yezincwadi noma niwanikeze unobhala webandla lenu lapho senibuyele emakhaya.—Bheka INkonzo Yethu YoMbuso ka-February 2005, k. 6.
◼ Izitolo Zokudlela: Dumisa igama likaJehova ngokuziphatha okuhle ezitolo zokudlela. Ezindaweni eziningi kuyinkambiso ukukhipha ithiphu engamaphesenti ayishumi kuya kwangu-15, kuye ngenkonzo eniyenzelwe.
◼ Izingoma: Amabandla angase athande ukuprakthiza izingoma zomhlangano kusengaphambili.
Izingoma zangoLwesihlanu: 190, 79, 42, 57, 157, no-191.
Izingoma zangoMgqibelo: 215, 123, 207, 46, 3, no-10.
Izingoma zangeSonto: 163, 209, 4, 98, 8, no-212.