Hlalani Nilindele UJehova
1. Sithini isihloko somhlangano wesigodi futhi kungani sifaneleka?
1 U-Isaya wabhala: “UJehova unguNkulunkulu wokwahlulela. Bayajabula bonke abahlala bemlindele.” (Isaya 30:18b) Ziningi izindaba eziseBhayibhelini ezikhuluma ngoNkulunkulu ekhipha isahlulelo ezitheni zakhe asindise izinceku zakhe ezithembekile. Abakhulekeli bakaJehova namuhla bafunda ziphi izifundo kulezi zindaba? Yini esingayenza manje ukuze silungiselele ‘usuku lukaJehova olukhulu nolwesabekayo’? (Joweli 2:31, 32) UMhlangano Wesigodi ozayo onesihloko esithi “Ukukhululwa Kuseduze!” uzosikhuthaza ukuba sizindle ngaleyo mibuzo futhi sizihlole. Uzosisiza ukuba sihlale silindele uJehova.
2. Singabonisa kanjani ukuthi siyawazisa umhlangano wethu wesigodi?
2 Usuwenzile yini amalungiselelo okuba khona ukuze uzuze kuzo zontathu izinsuku zomhlangano? Ngokwesibonelo, usukhulumile yini nomqashi wakho wacela isikhathi sokuya emhlanganweni? Kumelwe usicele, ungacabangi ukuthi uzomane usithole nje. Thandaza ngale ndaba, bese ukhuluma nomqashi wakho. (Neh. 2:4, 5) Akufanele futhi sephuze ukwenza amalungiselelo ezinto zokuhamba, indawo yokulala nezinye izinto ezidingekayo. Ukuhlela kahle kubonisa ukuthi silazisa ngokujulile itafula likaJehova elingokomoya. Abadala kufanele baphaphamele ukusiza labo abadinga usizo ngokuqondene namalungiselelo omhlangano, ikakhulukazi asebekhulile ebandleni.—Gal. 6:10.
3. Yiziphi izimfanelo okufanele zibonakale kalula kubantu bakaJehova endaweni yomhlangano?
3 Ukuziphatha Okuhle Kudumisa UNkulunkulu: Lapho sibuthene siyizindimbane emihlanganweni yesigodi, ukuziphatha kwethu okuhle kuyashumayela emphakathini. Lokho kusho ukuthi kudingeka senzeni-ke thina? Lapho sisemahhotela, ezitolo zokudlela noma kwezinye izindawo zamabhizinisi endaweni yomhlangano, abasebenzelana nathi kufanele zibaqabule izimfanelo zethu zobuKristu ezinjengokubekezela, ubumnene, ukuzithiba nokucabangela. (Gal. 5:22, 23; Fil. 4:5) Kufanele sonke sibonise uhlobo lothando ‘olungaziphathi ngokuhlazisayo, olungazifuneli izinzuzo zalo siqu, olungacasuki.’ Ngisho noma kuba nezinkingana, siyofuna ukuba ‘zonke izinto sizenzele inkazimulo kaNkulunkulu.’—1 Kor. 10:31; 13:5.
4. Abazali bangazisiza kanjani izingane zabo ukuba ziziphathe ngendlela edumisa uJehova?
4 Ngemva komhlangano, umphathi wehhotela elithile wayehlabeke umxhwele kakhulu ngokuziphatha nangokubukeka kwentsha yethu kangangokuthi waze wathi ufisa “ukuba njalo oFakazi BakaJehova babe izivakashi kuleli hhotela.” Yeka indlela okujabulisa ngayo lokhu! Bazali, lokhu kubonisa ukuthi niyaqeqesha futhi niyaqondisa. Ngeke kube ukuhlakanipha ngabazali ukushiya izingane zingagadwe muntu ehhotela. Kufanele izingane zigadwe ngendlela efanele njalo. (IzAga 29:15) Kwangathi ukuziphatha kwazo okuhle kungadumisa uJehova, kwenze inhliziyo yakhe ijabule!—IzAga 27:11.
5. Singamdumisa kanjani uJehova ngendlela esigqoka futhi sizilungise ngayo?
5 Ukugqoka Nokuzilungisa Okunesizotha: Ngamunye wethu angaba nesandla endleleni abantu ababheka ngayo umhlangano ngokugwema izitayela zokugqoka nokuzilungisa ezibonisa ukuthi sithonywa kakhulu imfashini, ezeqisayo, ezingenasizotha noma ezibonisa ukunganaki. Lokhu kuhlanganisa nalapho siya noma sibuya edolobheni umhlangano oqhutshelwa kulo, lapho sisiza ekulungiseleleni indawo yomhlangano nalapho siya esimisweni nsuku zonke. Njengoba siyizinceku zikaNkulunkulu, into yokuqala esiyikhathalelayo igama nedumela likaJehova, hhayi ukuthi thina sithandani noma sifunani. Izinhloko zemikhaya zinomthwalo wemfanelo wokuqiniseka ukuthi wonke umuntu ubukeka ngendlela ebonisa isizotha nokuhluzeka engqondweni ngazo zonke izikhathi.—1 Thim. 2:9.
6. Lapho siziphumulele, kungani kufanele sibukeke ngendlela ehloniphekile njengalapho sisemhlanganweni?
6 Kubaluleke ngendlela efanayo nokubukeka ngendlela ehloniphekile lapho siziphumulele emahhotela, nalapho sisezitolo noma ezindaweni zokudlela. Kuyafaneleka ukugqoka izingubo zomhlangano lapho siphumile siyodla ngemva kwesimiso. Ukugqoka ibheji lomhlangano kwakha amathuba okufakaza ngokwethukela.—2 Kor. 6:3, 4.
7. Singaba kanjani nesandla ekwenzeni umhlangano uhleleke futhi ujabulise? (Bheka esithi “Esikukhunjuzwa Ngomhlangano Wesigodi.”)
7 U-Isaya wabikezela: “UJehova uyohlala elindele ukunibonisa umusa, ngakho-ke uyovuka ukuze anibonise isihe.” (Isaya 30:18a) Ukwazisa isihe nomusa kaJehova ongafanele kufanele kusishukumisele ukuba simdumise ngokuziphatha nangendlela esibukeka ngayo lapho sihlangene emihlanganweni yethu. Kwangathi uMhlangano Wesigodi onesihloko esithi “Ukukhululwa Kuseduze!” ungakhazimulisa uNkulunkulu wethu futhi usisize ukuba sihlale simlindele!
[Ibhokisi ekhasini 5]
Esikukhunjuzwa Ngomhlangano Wesigodi
◼ Izikhathi Zesimiso: Isimiso sizoqala ngo-9:00 ekuseni zonke izinsuku. Kusasele imizuzu embalwa ngaphambi kokuba isimiso siqale, usihlalo uyobe esehlezi epulatifomu ngesikhathi kudlala umculo wezingoma zoMbuso owandulela isimiso. Kufanele sonke sihlale ezindaweni zethu ngaleso sikhathi ukuze isimiso siqale ngendlela ehloniphekile. NgoLwesihlanu, isimiso sizophela ngo-4:25 ntambama, ngoMgqibelo ngo-4:15 ntambama, bese ngeSonto siphele ngo-3:20 ntambama.
◼ Indawo Yokupaka: Kuzo zonke izindawo zomhlangano esinegunya lokupaka kuzo, indawo yokupaka iyotholwa yilabo abasheshe bafika, futhi iyotholakala ngaphandle kwenkokhiso. Kuyodingeka nibe namabheji omhlangano ukuze ninikezwe indawo yokupaka. Njengoba ngokuvamile indawo yokupaka ingabi ningi kangako, kufanele sizame ukugcwalisa imoto uma kunokwenzeka, kunokuba kube nomuntu oyedwa noma ababili emotweni.
◼ Ukugcina Izihlalo: Izihlalo zingagcinelwa kuphela labo ohamba nabo emotweni noma ohlala nabo ekhaya.
◼ Ukudla Kwasemini: Sicela niphathe ukudla okulula kunokuba niphume endaweni yomhlangano niyokufuna ngesikhathi sekhefu. Ningaphatha i-cooler bag encane engangena ngaphansi kwesihlalo. Ama-cooler bag amakhulu anjengawamapikiniki angagcinwa lapho abalindi bethi mawagcinwe khona. Izitsha ezifayo notshwala akuvunyelwe enkundleni yomhlangano.
◼ Iminikelo: Ukulungiselela umhlangano wesigodi kuhilela izindleko ezinkulu. Singabonisa ukwazisa kwethu ngokunikela ngokuzithandela emsebenzini womhlaba wonke eHholo lethu LoMbuso noma emhlanganweni. Uma ufisa ukunikela ngesheke, sicela ubuze eKomitini Yomhlangano ukuthi ubhale ukuthi liyaphi.
◼ Izingozi Nezimo Eziphuthumayo: Uma kuphakama isimo sempilo esiphuthumayo endaweni yomhlangano, sizani nithinte umlindi oseduze, oyothinta uMnyango Wosizo Lokuqala ngokushesha ukuze izisebenzi eziqeqeshiwe zosizo lokuqala zikwazi ukuhlola isimo bese zinikeza usizo.
◼ Ukuqopha: Imishini yokuqopha yanoma iluphi uhlobo akufanele ixhunywe kugesi wenkundla yomhlangano noma esimisweni se-sound futhi le mishini ingasetshenziswa kuphela ngendlela engeke ithikameze abanye.
◼ Ukuthatha Izithombe: Uma nithatha izithombe phakathi nesimiso, sicela ningayisebenzisi i-flash.
◼ Ama-pager Nomakhalekhukhwini: Kufanele kucushwe ngendlela yokuba kungaphazamisi.
◼ Amafomu Okulandelela: Ifomu elithi Siza Ulandelele (S-43) kufanele lisetshenziselwe ukubhala noma ikuphi ukwaziswa nganoma ubani obonisa isithakazelo lapho sishumayela ngokwethukela phakathi nomhlangano. Abamemezeli kufanele baphathe ifomu elilodwa noma amabili emhlanganweni. La mafomu azotholakala naseMnyangweni Wezincwadi emhlanganweni. Amafomu agcwalisiwe angayiswa eMnyangweni Wezincwadi noma anganikezwa unobhala webandla lenu lapho senibuyele emakhaya.—Bheka INkonzo Yethu YoMbuso ka-April 2005, k. 5.
◼ Izitolo Zokudlela: Ezindaweni eziningi kuyinkambiso ukukhipha ithiphu engamaphesenti ayishumi noma angu-15, kuye ngenkonzo eniyenzelwe.
◼ Izingoma: Amabandla angase athande ukuprakthiza izingoma zomhlangano kusenesikhathi.
Izingoma zangoLwesihlanu: 91, 40, 59, 38, 74 no-92.
Izingoma zangoMgqibelo: 71, 85, 204, 106, 43 no-195.
Izingoma zangeSonto: 19, 207, 8, 14, 181 no-212.