Dumisa UJehova Ebandleni Elikhulu
1, 2. Umhlangano wesigodi usinikeza ithuba lokwenzani, futhi singakufeza ngaziphi izindlela lokhu?
1 Minyaka yonke imihlangano yethu yesigodi isinikeza ithuba elimangalisayo lokukhazimulisa uJehova. Sizizwa ngendlela azizwa ngayo uDavide, owahlabelela: “Ngiyokudumisa ebandleni elikhulu; phakathi kwabantu abaningi ngiyokudumisa.” (IHu. 35:18) EMhlanganweni Wesigodi ‘Wokulalela UNkulunkulu’ ozayo, singaqiniseka kanjani ukuthi njengabantu abanobunye, senza ukuba uJehova adunyiswe?
2 Enye indlela esingakwenza ngayo lokhu ukuziphatha kwethu. Abaphathi benye inkundla yomhlangano bathi: “Njengoba sesike sabona imihlangano yenu, sesitshele amanye amaqembu enkolo afuna ukuqasha le ndawo ukuba eze azobona indlela oFakazi BakaJehova abahlela ngayo umhlangano, ngoba bawuhlela kahle kakhulu.” Ngokubukeka kwethu, ukubambisana kwethu nangokuziphatha kwethu, ngamunye wethu unengxenye emazwini amahle anjengalawa, okungamazwi empeleni adumisa uNkulunkulu.—1 Pet. 2:12.
3, 4. Isizotha siyosisiza kanjani ukuba sigqoke ngendlela efanele izikhonzi ezingamaKristu, kokubili emhlanganweni nangemva kwesimiso?
3 Ukubukeka Komuntu Siqu: Ukuze sigqoke futhi sizilungise ngendlela edumisa uJehova kudingeka sibe nesizotha. (1 Thim. 2:9) Incwadi ISikole Senkonzo, ikhasi 132, ithi: “Umuntu onesizotha ukhathalela ukungabakhubi ngokungenasidingo abanye nokungazidonseli amehlo abanye ngokungadingekile.” Emazweni amaningi, abantu sebegqoka izingubo ezingenasizotha. Nokho, uJehova uyawazisa umzamo esiwenzayo wokummelela kahle. (IzE. 15:14) Nakuba umhlangano ungase uqhutshelwe enkundleni yemidlalo noma endaweni yezokuzilibazisa, lowo mbuthano uba ‘ibandla elikhulu’ phakathi nezinsuku ezintathu zomhlangano. Ngakho, njengoba sibuthene phambi kukaJehova, kufanele sigqoke ngendlela ehloniphekile efanela uMuntu ophakeme kunabo bonke endaweni yonke.—1 IziKr. 29:11.
4 Kudingeka sinake nokubukeka kwethu ngemva kwesimiso sosuku ngalunye. Nakuba kungenzeka sifise ukugqoka izingubo ezisenza sikhululeke kakhudlwana ngesikhathi sethu sokuphumula noma lapho sidla ezitolo zokudla, kubalulekile ukuba ukugqoka nokuzilungisa kwethu kufanelekele abantu “abathi bahlonipha uNkulunkulu.” (1 Thim. 2:10) Ukugqoka okwamukelekayo asikunqumi ngokwalokho okuthandwa izwe. (1 Joh. 2:16, 17) Izincwadi zethu zobuKristu zinezithombe eziningi ezingasisiza, zamadoda nabesifazane abagqoke kahle ngendlela enesizotha besezimweni ezihlukahlukene. Ukufaka amabheji ethu lapho sisendaweni yomhlangano kuyoba isikhumbuzo sokuthi siyizikhonzi ezingamaKristu zikhathi zonke.—2 Kor. 6:3, 4.
5, 6. Singayibonisa kanjani inhlonipho ngetafula likaJehova elingokomoya?
5 Hlonipha Itafula LikaJehova: INkosi EnguMbusi wendawo yonke isenzele idili. (Isaya 25:6; 1 Kor. 10:21) Uma siyazisa ngempela indawo esinikezwe yona etafuleni likaJehova elingokomoya, siyozibekela umgomo wokuba khona ngazo zontathu izinsuku zomhlangano. Usuyihlelile yini indawo yokulala, into yokuhamba wacela nesikhathi emsebenzini? Uzinike isikhathi esanele yini sokulungiselela nesokuhamba ukuze ufike endaweni yomhlangano kusenesikhathi sokuthola izihlalo, sokujabulela ubudlelwane nabafowenu futhi uhlanganyele ekudumiseni uJehova ngengoma yokuvula nomthandazo?—IHu. 147:1.
6 Inhlonipho ngetafula likaJehova iyosishukumisela ukuba silalelisise phakathi nesimiso futhi sigweme ukukhuluma nabanye, ukudla noma ukuhambahamba emaphaseshi ngokungenasidingo. UJehova usilungiselela ukudla esikudingayo manje ngesigaba senceku ethembekileyo neqondayo. (Math. 24:45) Akekho kithi okufanele alahlekelwe ingxenye ethile yaloku kudla. Abazali kufanele bahlale nezingane zabo bese bezisiza ukuba zizuze ngokugcwele.—Dut. 31:12.
7. Yini esicelwa ukuba siyenze ngokuqondene nokudla kwasemini, futhi ngani?
7 Sicelwa ukuba siziphathele ukudla kunokuba siphume endaweni yomhlangano siyokufuna ngesikhathi sekhefu. Kuyancomeka ukuthi emhlanganweni wanyakenye izihambeli eziningi zomhlangano zaqikelela ukuba zisilandele lesi siqondiso. Yeka ukuthi kungaba kuhle kanjani uma sonke singenza kanjalo kulo nyaka! (Heb. 13:17) Leli lungiselelo lisinikeza ithuba elihle lokujabulela ubudlelwane obakhayo nabafowethu futhi lenza kube nomoya wobunye nokuthula odumisa uJehova.—IHu. 133:1.
8, 9. Iliphi elinye ithuba lokudumisa uJehova umhlangano osinikeza lona?
8 Ukufakaza Ngokwethukela: Lapho siya noma sibuya endaweni yomhlangano, sinamathuba amaningi okudumisa uJehova ngezindebe zethu. (Heb. 13:15) Uma kwenzeka sihlangana nabantu, masifune izindlela zokufakaza kubo. Izingqondo nezinhliziyo zethu ziyobe zigcwele amagugu angokomoya esiwathole emhlanganweni. Lezi zinto ezinhle masizixoxele labo okungenzeka sihlangane nabo.—1 Pet. 3:15.
9 Siyalilangazelela leli thuba lokutusa uJehova “phakathi kwezihlwele ezibuthene.” (IHu. 26:12) Kwangathi singadumisa uJehova ngobunye eMhlanganweni Wesigodi ‘Wokulalela UNkulunkulu.’
[Ibhokisi ekhasini 4]
Esikukhunjuzwa Ngomhlangano Wesigodi
◼ Izikhathi Zesimiso: Isimiso siyoqala ngo-9:00 ekuseni ngazo zontathu izinsuku. Kusasele imizuzu embalwa ngaphambi kokuba isimiso siqale, usihlalo uyobe esehlezi epulatifomu ngesikhathi kudlala umculo wezingoma zoMbuso owandulela isimiso. Sonke kufanele sihlale ezindaweni zethu ngaleso sikhathi ukuze isimiso siqale ngendlela ehloniphekile. Isimiso siyophela ngo-4:15 ntambama ngoLwesihlanu nangoMgqibelo, kanti ngeSonto siyophela ngo-3:20.
◼ Indawo Yokupaka: Indawo yokupaka iyotholakala kulabo abasheshe bafika kuzo zonke izindawo zomhlangano esinegunya lokupaka kuzo. Kuyodingeka ithikithi lokupaka emhlanganweni ukuze unikezwe indawo yokupaka. Njengoba indawo yokupaka ilinganiselwe, kufanele silwele ukugcwalisa imoto uma kunokwenzeka esikhundleni sokuba kube nomuntu oyedwa noma ababili emotweni.
◼ Ukugcina Izihlalo: Izihlalo zingagcinelwa kuphela labo ohamba nabo emotweni noma ohlala nabo ekhaya.
◼ Iminikelo: Ukulungiselela umhlangano wesigodi kuhilela izindleko ezinkulu. Singabonisa ukwazisa kwethu ngokunikela ngokuzithandela emsebenzini womhlaba wonke eHholo LoMbuso lethu noma endaweni yomhlangano. Uma ufisa ukunikela ngesheke, siza uqinisekise igama le-akhawunti neKomiti Yomhlangano.
◼ Ukudla Kwasemini: Sicela nikuphathe ukudla kunokuba niphume endaweni yomhlangano niyokufuna ngesikhathi sekhefu. Singaphatha i-cooler bag encane engangena ngaphansi kwesihlalo. Ama-cooler bag amakhulu omkhaya anjengawamapikiniki, izitsha eziyingilazi notshwala akuvunyelwe enkundleni yomhlangano.
◼ Ukuqopha: Imishini yokuqopha yanoma iluphi uhlobo akufanele ixhunywe kugesi wenkundla yomhlangano noma esimisweni se-sound futhi kufanele isetshenziswe kuphela ngendlela engeke ibathikameze abanye.
◼ Ukuthwebula Izithombe: Uma nithwebula izithombe, sicela ningayisebenzisi i-flash phakathi nesimiso.
◼ Ama-pager Nomakhalekhukhwini: Kufanele kucushwe ngendlela yokuba kungaphazamisi.
◼ Izingozi Nezimo Eziphuthumayo: Uma kuphakama isimo esiphuthumayo endaweni yomhlangano, sizani nithinte umlindi oseduze, oyothinta uMnyango Wosizo Lokuqala ngokushesha ukuze izisebenzi eziqeqeshiwe zosizo lokuqala zikwazi ukuhlola isimo bese zinikeza usizo.
◼ Izindawo Zokudlela: Ezindaweni eziningi sekuyinto evamile ukukhipha ithiphu engamaphesenti ayishumi kuya kwayishumi nanhlanu, kuye ngenkonzo eniyenzelwe.
◼ Izingoma: Amabandla angase athande ukuprakthiza izingoma zomhlangano kusenesikhathi.
Izingoma zangoLwesihlanu: 139, 38, 205, 174, 170 no-4.
Izingoma zangoMgqibelo: 158, 40, 13, 69, 8 no-192.
Izingoma zangeSonto: 162, 123, 221, 207, 181 no-34.