FUNDA KUJESU
“Niyokuzwa Ngezimpi”
“Kusukela ngaqala ukuba yintatheli ngawo-1960, sengibike ngezimpi ezingaphezu kwezingu-40 ezenzeke emhlabeni wonke. Ngayibona ngawami impi eyayiphakathi kwe-United States neSoviet Union iba yimbi nakakhulu, ngaphinde ngayibona iphela esithubeni. Kodwa angikaze ngiwubone unyaka okhathaza njengo-2025—awukhathazi nje ngenxa yezimpi ezihlukahlukene ezikhona kodwa ukhathaza ngenxa yokuthi sekuyacaca ukuthi enye yalezi zimpi ingaba nomthelela omubi kakhulu kwezepolitiki zezwe ngendlela okungakaze kwenzeke ngayo ngaphambili.”—UJohn Simpson, umhleli weBBC world affairs, amagama agqamile sizenzele.
Zibakhathaza kakhulu abantu izimpi ezithe chithi saka emhlabeni. Bayazibuza ukuthi ziyoke ziphele yini. Yini uJesu ayifundisa ngale ndaba?
Lokho uJesu akufundisa
UJesu wayeshilo ukuthi izinto zizoba nje emhlabeni. Waxwayisa abalandeli bakhe, wathi: “Niyokuzwa ngezimpi nemibiko yezimpi.”—Mathewu 24:6.
Ngisho noma izimpi nezingxabano ezinodlame esizibona namuhla zisikhathaza, kumele sibe nethemba. Kungani? Kungenxa yokuthi uJesu wafundisa ukuthi izimpi ezithinta abantu abaningi—kuhlanganise nezinye izenzakalo, izimo kanye nendlela yabantu yokucabanga—ziyoba “uphawu” olufakazela ukuthi siphila ‘esiphelweni sesimiso sezinto.’ (Mathewu 24:3; Luka 21:7) Lokhu kusho ukuthi kuza isikhathi uJesu ayoqeda ngaso zonke izimpi. Kanjani?
Lokho uJesu azokwenza
Maduze, iNkosi yoMbuso kaNkulunkulu, uJesu, ‘izoqeda izimpi emhlabeni wonke.’—IHubo 46:9.
Ukuze ufunde okwengeziwe ngalo mhlaba onokuthula, ukuthi kuyokwenzeka kanjani ube nokuthula nokuthi ukuphila kuyoba njani ngaleso sikhathi, funda isihloko esithi “Indlela Izimpi Nezingxabano Ezinodlame Eziyoqedwa Ngayo.”