Indlela Abayizimpumputhe Abasizwa Ngayo
Kulinganiselwa ukuthi bayizigidi ezingu-43 abantu abayizimpumputhe emhlabeni wonke, babe yizigidi ezingu-295 abangaboni kahle.a Ngokudabukisayo, iningi labo aliphathwa ngomusa noma ngobulungisa.
UNkulunkulu uzizwa kanjani ngabantu abayizimpumputhe? Lithini iBhayibheli ngabo? Yini oFakazi BakaJehova ababasiza ngayo?
Indlela uNkulunkulu azizwa ngayo ngabayizimpumputhe
IBhayibheli lithi uJehovab ubathanda kakhulu abantu abayizimpumputhe. Ufuna baphathwe ngobulungisa futhi bazuze emfundweni ayinikezayo. Ubanika nethemba elimangalisayo ngekusasa.
UmBhalo: “Uqalekisiwe odukisa impumputhe.”—Duteronomi 27:18.
Incazelo: UMthetho uNkulunkulu awunikeza abantu bakhe endulo wawubavikela abayizimpumputhe ekuhlukunyezweni.
UmBhalo: “UNkulunkulu akakhethi.”—IzEnzo 10:34.
Incazelo: UNkulunkulu ubabheka njengabayigugu abantu abayizimpumputhe njengoba nje ebabheka njengabayigugu abangezona.
UmBhalo: UJesu ‘welapha izimpumputhe eziningi ukuze zibone.’—Luka 7:21.
Incazelo: Ngesikhathi esemhlabeni, uJesu wabonisa lokho uMbuso kaNkulunkulu ozokwenza maduzane ngokuvula amehlo ezimpumputhe.
UmBhalo: “Amehlo ezimpumputhe ayovulwa.”—Isaya 35:5.
Incazelo: UJehova uthembisa ukuthi maduzane, lapho sekubusa uMbuso kaNkulunkulu, abantu abayizimpumputhe bayophinde babone.
Indlela oFakazi BakaJehova abasiza ngayo
NjengoFakazi BakaJehova, sidlulisela umyalezo onikeza ithemba ovela kuNkulunkulu kubantu abayizimpumputhe. Sikufeza kanjani lokhu?
Sikhiqiza iBhayibheli nezincwadi zokulitadisha kanye namavidiyo ahlelwe ngendlela yokuthi labo abayizimpumputhe nabangaboni kahle bakwazi ukuzuza kuwo, sikhiqiza nezincwadi ze-braille, ezibhalwe ngokugqamile nokulalelwayo.
Njalo siba nemihlangano yamaKristu futhi wonke umuntu wamukelekile kuyo kuhlanganise nabantu abayizimpumputhe.
Sinika wonke umuntu ithuba lokutadisha iBhayibheli esizwa omunye woFakazi BakaJehova.c
Konke lokhu sikwenza mahhala. Kungani? Kungenxa yokuthi uJesu wasiyala wathi: “Namukele ngesihle, yiphani ngesihle.”—Mathewu 10:8.
OFakazi BakaJehova babathanda ngeqiniso abantu abayizimpumputhe. Labo abafuna ukukhonza uNkulunkulu kanye nathi bathola abangani abakahle nabawusizo. Phawula izindaba zoFakazi BakaJehova abayizimpumputhe.
UTalita Alnashi, waseSweden, ubelokhu engaboni kahle kusukela azalwa. Bona indlela abazali bakhe abamfundisa ngayo iBhayibheli nendlela yena nomndeni wakhe abasekelwa ngayo abangani babo ngothando.
UJames Ryan, wase-United States, wazalwa eyisithulu, ngokuhamba kwesikhathi waba yimpumputhe. Funda ukuthi yini emenza aphile ukuphila okwanelisayo nokujabulisayo.
UCynthia Pablo, wasePhilippines, uyisithulu futhi uyimpumputhe. Abantu akhonza nabo bamsiza kanjani ngesikhathi sobhubhane lweCOVID-19? Thola impendulo yalo mbuzo esihlokweni esithi “Ibandla Lisiza Udade Oyisithulu Futhi Oyimpumputhe Ngesikhathi Sobhubhane.”
Yimaphi amathuluzi okufundisa iBhayibheli asiza abayizimpumputhe?
Izincwadi ze-braille. Sinyathelisa izinhlelo ze-braille zeBhayibheli, liphelele noma liyingxenye, ngezilimi eziningi. (Ukuze uthole uhlu lwalezi zilimi, bheka ibhokisi elithi “INguqulo Yezwe Elisha Nge-braille.”) Sikhiqiza nezincwadi eziningi ezisekelwe eBhayibhelini ngohlelo lwe-braille. Sinyathelisa nencwadi ethi Learn to Read Braille ukuze sisize labo abanesifiso sokufunda i-braille. Yenziwe ngendlela yokuthi isize umuntu oyimpumputhe afunde ukufunda i-braille esizwa umuntu obonayo.
Khuluma nomunye woFakazi BakaJehova noma ucele ukuvakashelwa ukuze uthole incwadi ye-braille.
Ngena kuyi-jw.org/zu, udawunilode amafayela omshini osetshenziswa abantu abangaboni kahle obizwa ngokuthi yi-notetaker.d
Izincwadi ezibhalwe ngamagama agqamile nezinto ezisemshinini wezobuchwepheshe ezenziwe zaba nkulu. Izincwadi zethu eziningi ziyatholakala ngohlelo olubhalwe ngamagama agqamile ukuze kusizwe abangaboni kahle. Iwebusayithi yethu, i-jw.org/zu ihlelwe ngendlela yokuthi ngisho umuntu enganweba ikhasi layo ingashintshi into evezwe kulo. I-JW Library nayo iyamvumela umuntu ukuba akhulise amagama noma awanciphise.
Khuluma nomunye woFakazi BakaJehova noma ucele ukuvakashelwa ukuze uthole izincwadi ezibhalwe ngamagama agqamile.
Ngena kuyi-jw.org/zu, udawunilode izincwadi ezibhalwe ngamagama agqamile ezifana nalezo ezinyathelisiwe.
Izincwadi ezilalelwayo. Sikhiqiza izinto ezilalelwayo zeBhayibheli elithi INguqulo Yezwe Elisha ngezilimi ezingaphezu kuka-200. Siphinde sikhiqize izinto ezilalelwayo zezincwadi zethu eziningi ezisekelwe eBhayibhelini. Ngokuvamile, lezi zinto ezilalelwayo zichaza izithombe.
Dlala noma udawunilode okulalelwayo kuyi-jw.org/zu noma kuyi-JW Library.
Ngena kuyi-jw.org/zu, udawunilode izinhlelo zokufunda ezinjengezinsiza ezikufundela okubhaliwe.e
Amavidiyo anamazwi achaza okwenzeka kuwo.f OFakazi BakaJehova bakhiqiza amavidiyo anamazwi achaza okwenzeka kuwo ngezilimi ezingaphezu kweziyikhulu. La mavidiyo akwenza kube lula ukuba abantu baqonde iseluleko seBhayibheli esiwusizo futhi basisebenzise.
Bheka izingxenye ezilandelayo zamavidiyo anamazwi achaza okwenzeka kuwo:
Imihlangano nezenzakalo. Emhlabeni wonke, sinamabandla esihlangana kuwo isonto ngalinye ukuze sifunde futhi sikhulekele. Njalo ngonyaka, sihlela nemihlangano emikhulu efundisa abantu ngeBhayibheli. Emihlanganweni yethu okudlalwa kuyo amavidiyo, senza umzamo wokuba labo abadinga ukuzwa izincazelo zalokho okwenzeka kumavidiyo bazizwe. Lapho kunabayizimpumputhe nabayizithulu emihlanganweni yethu, sizama ukubasiza ngokuthi kube nothile obatolikela ngokubathinta izandla, uma kungenzeka. Asicwasi muntu, samukela bonke abantu.
Thola ukuthi ibandla elithile lihlanganela kuphi.
Funda ngemihlangano yethu emikhulu yaminyaka yonke.
Yiba khona eSikhumbuzweni Sokufa kukaJesu, okuyisenzakalo esibaluleke kakhulu kithi onyakeni.
UJosé Luis Ayala uhlala eMexico. Wazalwa eyisithulu, waba yimpumputhe lapho eseneminyaka engu-29. Thola ukuthi imihlangano yethu idlala yiphi indima ekuphileni kwakhe nokuthi wasizwa kanjani waba uthisha weBhayibheli ophumelelayo.
a Kulesi sihloko, “ukungaboni kahle” kusho umuntu onenkinga yokungaboni kahle engeke isalungiseka nekwenza kube nzima ngaye ukuba enze imisebenzi yakhe yansuku zonke. Kanti igama elithi “impumputhe” lisho umuntu ongaboni ngokuphelele noma ongaboni kahle.
b Elithi Jehova yigama likaNkulunkulu. (IHubo 83:18) Bheka isihloko esithi “Ungubani UJehova?”
c Ungacela ukukhonjiswa ukuthi siqhutshwa kanjani lesi sifundo seBhayibheli samahhala.
d Imishini okuthiwa ama-notetaker, iyimishini yezobuchwepheshe ongayiphatha noma yikuphi enophini abashintshashintshayo, nezwi elenziwe ngekhompyutha noma kokubili. Ophini abashintshashintshayo bayaphakama noma bashone phansi kuye ngesidingo segama le-braille elibhaliwe. Umuntu one-notetaker akadingi ukuba nenqwaba yamaphepha e-braille anyathelisiwe.
e Izinsiza ezikufundela okubhaliwe zifunda lokho okubhalwe kuyi-screen ngezwi elenziwe ngekhompyutha noma ngokulalelwayo okuqoshiwe. Lezi zinsiza zobuchwepheshe, zisiza umuntu ukuba akwazi ukuthola ingxenye ethile ngokukhethekile encwadini.
f Amazwi achaza okwenzeka kuyividiyo, amazwi aqoshiwe ahambisana nevidiyo achaza lokho okwenzekayo.