Ingabe Siphila Ezinsukwini Zokugcina?
Kusukela kulena, INqabayokulinda izonyathelisa izihloko eziwuchungechunge eziyisishiyagalombili ezixoxa ngezinsuku zokugcina
UBANI ongakathintwa yimpi? Ngubani ongakayizwa imiphumela yezimpi ezimbili zaleminyaka eyikhulu—inkathi yobudlova, ukungalondeki nokwesaba okugidlabezwe phezu kwesintu sonke? Ngubani oye wabalekela ubunzima bezomnotho obungumphumela walokho, ukucindezeleka okwandayo kwezimali zokusingatha izindleko zomkhankaso wempi noma ukulungiselela impi? Okukabani ukuphila manje okungekho engozini yokusongela okukhulu ngisho nokungaphezulu kwempi yenyukliya?
Impi beyilokhu iyisiqalekiso sempucuko kungakhathaliseki ukuthi ilwiwa ngokuhlasela noma ngokuzivikela, ngezizathu ezifanelekile kumbe ezingafanelekile. Isibalo nje sisodwa sabantu abalahlekelwa ukuphila siyashaqisa. Njengoba kubalwe kuyi Academy of Sciences yaseNorway ngo-1969, izwe lazi iminyaka engama-292 kuphela yokuthula kusukela ngo-3600 B.C.E., kuyilapho kuye kwaliwa izimpi eziyizi-14 531.
Iminyaka yekhulu lethu, ikakhulukazi kusukela ngempi yezwe yokuqala ngo-1914, iye yabizwa ngokuthi “inkathi yobudlova.” Ngokuphathelene nayo, uJames Reston wabhala kuyiTimes yaseNew York kaMay 30, 1982: “Lena bekuyiminyaka eyikhulu eye yachitha igazi kunayo yonke emlandweni wesintu. Iye yabhekana nezimpi ezingama-59 ezabikwa phakathi kwezizwe kanye nezigidi zezigidi ezingama-29 ezafa empini, futhi izimpi ezingama-64 zangaphakathi emazweni cishe nezigidi zezigidi eziyisithupha zabafa—kungaphawulwa ezinye izigidigidi zezakhamuzi ezafa ngaphandle kwempi. Yilokhu okushiwo yimpi.”
Imiphumela engase ibekhona yenye impi yezwe ethusa kangangokuba abaholi nososayensi ngokuphindaphindiwe babhekisela kuyiArmagedoni. (IsAmbulo 16:14, 16) Kalula nje bayibheka njengenhlekelele eyenziwe ngumuntu ngokwakhe, kuyilapho iBhayibheli lihlanganisa iArmagedoni no‘kulwa kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke.’ Impi yakhe yokuqeda ububi emhlabeni nokumisa uHlelo Olusha lokulunga ngenxa yesintu esithanda ukulunga.
Lelithemba elinikezwe nguNkulunkulu loHlelo Olusha lokulunga liye laqinisa abantu bokholo kusukela ezikhathini zasendulo. (AmaHeberu, isahluko 11) Laba babebheke phambili ngentshiseko esikhathini lapho uNkulunkulu ayobakhumbula futhi abavusele ekuphileni okuphakade. (Jobe 14:13, 14; IHubo 37:29) Labantu bokulunga babethembele emandleni kaNkulunkulu okubavusela embulungeni ehlanzekile lapho eyo“phelisa ukulwa kuze kube-semikhawulweni yomhlaba.”—IHubo 46:9.
Kodwa babengazi ukuthi lezizinto zaziyokwenzeka nini. Isikhathi lapho uNkulunkulu eyothatha isinyathelo kalula nje kwakubhekiselwe kuso njenge“sikhathi sokuphela” noma “izinsuku ezizayo [zokugcina, NW].” (Daniyeli 11:40; Isaya 2:2) Khona-ke akumangalisi, ukuthi abafundi bakaJesu baya kuye ngasese bambuza: “Lokhu kuyakuba-nini, nesibonakaliso sokuza kwakho nesokuphela kwezwe siyakuba-yini na?”—Mathewu 24:3.
Into yokuqala uJesu ayiphawula eyayizoba isibonakaliso sesiphelo esizayo yayiwukuthi: “Niyakuzwa izimpi namahemuhemu ezimpi.” (Mathewu 24:6) Ingabe iqiniso lokuthi siphila “eminyakeni eyikhulu yokuchitheka kwegazi kunayo yonke emlandweni wesintu” lingaba ukugcwaliseka kwesibonakaliso uJesu asinikeza? Ingabe siphila ezinsukwini zokugcina ngempela?