FUNDA KUJESU
Zinike Isikhathi Sokufunda NgoNkulunkulu Futhi Umazi
Ukuphila kwakho kuzoba ngcono uma uzinika isikhathi sokufunda ngoNkulunkulu futhi ube umngani naye. Lapho wenza lokho, uzobe wanelisa isidingo sakho sokwazi uNkulunkulu. Cabanga ngalokho uJesu akufundisa ngale ndaba.
Lokho uJesu akusho
“Bayajabula abaqaphelayo ukuthi bayamdinga uNkulunkulu.”—Mathewu 5:3.
Sonke siyafuna ukuthola izimpendulo zemibuzo enjengokuthi: Siphilelani? Kungani abantu behlupheka kangaka? Kwenzekani kubantu lapho sebeshonile? Injabulo yethu ixhomeke ekutholeni izimpendulo zale mibuzo.
“Umuntu akumele aphile ngesinkwa sodwa kodwa nangawo wonke amazwi aphuma emlonyeni kaJehova.a”—Mathewu 4:4.
Njengoba sikudinga ukudla, siyaludinga nolwazi olusisondeza eduze noNkulunkulu. UJesu wakwenza kwacaca ukuthi kumele sincike kuNkulunkulu ukuze sigcwalise isidingo sethu esingokomoya.
“Izwi lakho liyiqiniso.”—Johane 17:17.
UJesu wafundisa ukuthi indlela eyinhloko uNkulunkulu ayisebenzisayo ukuze anelise isidingo sethu esingokomoya iwukufunda iZwi laKhe, iBhayibheli.
Sikukhuthaza ukuba uzitholele injabulo engapheli ngokuzinika isikhathi sokufunda ngoNkulunkulu nesokugcwalisa isidingo sakho sokusondelana naYe. Nazi izinto ezingakusiza:
Funda iBhayibheli mahhala.
Cela othile ukuba akuqhubele isifundo seBhayibheli.
a UJehova yigama likaNkulunkulu. (IHubo 83:18) Bheka isihloko esithi “Ungubani UJehova?”