ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 39
INGOMA 54 “Nansi Indlela”
‘Abanesimo Esihle Sengqondo’ Bazozamukela Izindaba Ezinhle
“Bonke labo ababenesimo esihle sengqondo esasiyobenza bathole ukuphila okuphakade baba amakholwa.”—IZE. 13:48.
AMAPHUZU ABALULEKILE
Sizofunda ngokuthi sibacela nini abantu ukufunda nabo iBhayibheli futhi sibamemela nini emihlanganweni yethu yebandla.
1. Abantu basabela kanjani ngezindlela ezingafani lapho bezwa izindaba ezinhle? (IzEnzo 13:47, 48; 16:14, 15)
NGEKHULU lokuqala abantu abaningi balamukela iqiniso ngokushesha nje ngemva kokuzwa umyalezo woMbuso. (Funda izEnzo 13:47, 48; 16:14, 15.) Ngokufanayo nanamuhla, abanye bajabula kakhulu lapho beqala ukuzwa izindaba ezinhle. Ngisho nalabo ababonakala bengenandaba nomyalezo woMbuso lapho beqala ukuwuzwa, kamuva bangase bafune ukufunda ngawo futhi bakhonze uNkulunkulu. Yini okufanele siyenze lapho sithola abantu ‘abanesimo esihle sengqondo’ ensimini yethu?
2. Umsebenzi wethu wokwenza abafundi ufana ngayiphi indlela nomsebenzi womuntu olimayo?
2 Cabanga ngalesi sibonelo. Umsebenzi wethu wokwenza abafundi ungafaniswa nomsebenzi owenziwa umuntu olimayo. Uma kunezithelo esezivuthiwe, cishe umlimi uyozivuna ngisho noma kungenzeka ukuthi kwenye ingxenye yensimu yakhe usahlakula noma usatshala. Ngendlela efanayo, lapho sithola umuntu okulungele ukwamukela umyalezo wethu sifuna ukumsiza ukuba abe umfundi kaKristu ngokushesha ngangokunokwenzeka. Ngesikhathi esifanayo, siyaqhubeka sisiza labo abasadinga isikhathi esengeziwe ukuba babone ukubaluleka kokufunda ngoNkulunkulu nangeBhayibheli. (Joh. 4:35, 36) Ukuqonda kuyosisiza sikhethe indlela ekahle yokukhuluma nalabo esibashumayezayo. Manje, ake sixoxe ngokuthi yini esingayenza lapho sixoxa nomuntu okokuqala ukuze sisize labo asebekulungele ukwamukela izindaba ezinhle. Sizoxoxa nangokuthi sizobasiza kanjani labo bantu ukuba baqhubeke bethuthuka.
LAPHO ABANTU BEKULUNGELE UKWAMUKELA IZINDABA EZINHLE
3. Iyiphi indlela esingase siyisebenzise lapho sithola abantu abazithandayo izindaba ezinhle ensimini yethu? (1 Korinte 9:26)
3 Lapho sithola abantu abazithandayo izindaba ezinhle ensimini yethu, sifuna ukubasiza ukuba baqale ukuhamba endleleni eya ekuphileni zisuka nje. Ezimweni ezinjalo, akufanele sizindele ukucela ukufunda nabo iBhayibheli nokubamemela emihlanganweni yethu lapho siqala nje ukuxoxa nabo.—Funda eyoku-1 Korinte 9:26.
4. Landisa indaba yothile owayekulungele ukusheshe aqale ukuqhutshelwa isifundo seBhayibheli.
4 Ukucela ukumqhubela isifundo seBhayibheli. Abanye esixoxa nabo bakulungele ukusheshe baqale ukuqhutshelwa isifundo seBhayibheli. Ngokwesibonelo, ngelinye ilanga kunguLwesine owesifazane osemusha waseCanada weza enqoleni yokushumayela wafike wathatha incwajana ethi Phila Kuze Kube Phakade! Udade owayesenqoleni wamchazela ukuthi leyo ncwajana yayihambisana nesifundo seBhayibheli samahhala. Lona wesifazane osemusha wayekuthanda ukufunda futhi wanika lo dade izinombolo zakhe zocingo. Kamuva ngalolo suku, lona wesifazane osemusha wathumelela udade umyalezo embuza ukuthi bangafunda nini. Lapho udade ecela ukufika ngempelasonto, lona wesifazane osemusha wambuza: “Kunganjani ufike kusasa? Ngizobe ngikhona.” Bafunda ngoLwesihlanu kulo lelo viki. Owesifazane osemusha waya emhlanganweni webandla okokuqala ngayo kanye leyo mpelasonto futhi waqhubeka ethuthuka ngokushesha.
5. Singakubonisa kanjani ukuqonda lapho sicela ukutadisha nomuntu iBhayibheli? (Bheka nezithombe.)
5 Yiqiniso ukuthi asilindele ukuba wonke umuntu olalela umyalezo wethu akulangazelele njengaloya wesifazane osemusha ukutadisha iBhayibheli. Abanye bangase badinge isikhathi esengeziwe. Kungase kudingeke siqalise ingxoxo ngento umuntu ayithandayo. Noma kunjalo, uma sihlale sinombono omuhle futhi siqhubeka sibonisa umuntu ukuthi sinendaba naye, ngesikhashana nje singakwazi ukuqalisa isifundo seBhayibheli. Yini esingayisho lapho sicela ukufunda nomuntu iBhayibheli? Lo mbuzo wabuzwa abafowethu nodadewethu abaningana abaphumelelayo ekuqaliseni izifundo zeBhayibheli.
Singabenza kanjani bakuthande ukutadisha iBhayibheli laba abavezwe kulezi zithombe? (Bheka isigaba 5)a
6. Yini esingase siyisho kumuntu othandayo ukuxoxa ngeBhayibheli ukuze simenze afune ukuqhubeka nengxoxo?
6 Abamemezeli namaphayona ababuzwa ngokuqalisa izifundo zeBhayibheli bachaza ukuthi kwamanye amazwe kungcono ukukugwema ukusebenzisa amagama anjengokuthi “ukutadisha,” “isifundo seBhayibheli,” noma “ukukufundisa” lapho bechaza ukuthi siqhutshwa kanjani isifundo seBhayibheli. Baqaphela ukuthi kungcono ukusebenzisa amagama anjengokuthi “ukuxoxa,” “ingxoxo,” noma uthi “indlela ongalazi ngayo kangcono iBhayibheli.” Ungamenza athande ukuqhubeka nengxoxo ngokusho into enjengokuthi, “Iyamangaza indlela iBhayibheli eliyiphendula ngayo imibuzo ebalulekile ngokuphila,” noma uthi “IBhayibheli aliyona nje incwadi yenkolo; liyasisiza ngezindlela ezingokoqobo.” Ungase wenezele: “Akuthathi isikhathi eside; ngemizuzu engu-10 kuya kwengu-15 ungakwazi ukufunda okuthile okubalulekile.” Lokho ungakusho ngaphandle kokusho amagama anjengokuthi “isikhathi esizofunda ngaso” noma “masonto onke,” aveza umqondo wokuzibophezela entweni ethile.
7. Abanye baqala nini ukubona ukuthi babefunda amaqiniso eBhayibheli? (1 Korinte 14:23-25)
7 Bamemele emhlanganweni webandla. Kubonakala sengathi ngesikhathi sikamphostoli uPawulu abanye baqala ukubona ukuthi babefunda amaqiniso eBhayibheli ngesikhathi beqala ukuya emihlanganweni yobuKristu. (Funda eyoku-1 Korinte 14:23-25.) Kuvame ukwenzeka okufanayo nanamuhla. Abantu abaningi abaqalayo ukuzihlanganisa nathi bayashesha ukuthuthuka lapho beya emihlanganweni yobuKristu. Kufanele ubameme nini? Incwadi ethi Phila Kuze Kube Phakade! esifundweni 10, imema abantu ukuba beze emhlanganweni webandla, kodwa akudingeki ulinde uze ufike kuleyo ngxenye yencwadi. Engxoxweni yenu yokuqala nje ungamemela umuntu oxoxa naye emhlanganweni wangempelasonto, mhlawumbe umxoxele ngesihloko senkulumo yasobala noma ngephuzu okuzobe kuxoxwa ngalo eSifundweni Se-Nqabayokulinda sangalelo viki.
8. Yiziphi izinto ezenziwa emihlanganweni yethu esingagxila kuzo lapho simemela umuntu kuyo? (Isaya 54:13)
8 Lapho umema umuntu othandayo ukufunda ngeBhayibheli mchazele ukuthi imihlangano yethu ihluke kanjani kwamanye amasonto okungenzeka uwajwayele. Ngesikhathi omunye ofundelwa iBhayibheli eqala ukuba khona eSifundweni Se-Nqabayokulinda, wabuza umuntu amfundelayo, “Ingabe lo muntu ofundisa lapha phambili wazi amagama abo bonke abantu abakhona lapha?” Udade wamchazela ukuthi sonke siyazama ukwazi amagama abantu abasebandleni, njengoba nje siwazi amagama amalungu emindeni yethu. Lokho kwakuhlukile kulokho lona owayefundelwa iBhayibheli ayekujwayele esontweni lakhe. Ngokufanayo, abantu abaningi esisuke sibamemile basuke beqala ukubona indlela esiqhuba ngayo imihlangano yethu nenjongo yemihlangano yethu. (Funda u-Isaya 54:13.) Siyahlangana ukuze sikhonze uJehova, sifunde kuye futhi sikhuthazane. (Heb. 2:12; 10:24, 25) Ngenxa yalokho, imihlangano yethu ihlelekile futhi iyazuzisa, ayiyona eyokugcina isiko. (1 Kor. 14:40) Izindawo esihlangana kuzo noma amaHholo oMbuso aziyona imicikilisho futhi zenziwe ngendlela yokuba kube lula ukufunda lapho sikuzo. Asilokothi sikhuthaze abantu ukuba basekele iqembu elithile lezepolitiki ngoba asithathi hlangothi kwezepolitiki futhi asiqhudelani noma sibe nezingxabano. Kungaba usizo ukumbonisa kusengaphambili umuntu ofunda naye iBhayibheli ividiyo ethi Kwenziwani EHholo LoMbuso? Ngaleyo ndlela uyokwazi ukuthi yini okumele ayilindele.
9-10. Lapho simemela umuntu emhlanganweni webandla, yini esingayenza ukuze simqinisekise ukuthi ngeke simcindezele ukuba abe uFakazi kaJehova noma ukuba enze izinto ezenziwa emhlanganweni webandla? (Bheka nesithombe.)
9 Abanye bayanqikaza ukuza emhlanganweni webandla ngoba besaba ukuthi sizobacela ukuba babe oFakazi BakaJehova. Qinisekisa umuntu ukuthi siyakujabulela ukuba nezivakashi futhi asizicindezeli ukuba zibe oFakazi BakaJehova noma ukuba zenze izinto ezenziwa emhlanganweni webandla. Imindeni yamukelekile kuhlanganise naleyo enezingane ezisencane. Emihlanganweni yethu, izingane azifundiswa zodwa eceleni. Kunalokho abazali nezingane bahlala ndawonye bafunde ndawonye. Ngaleyo ndlela abazali bayazi ukuthi izingane zabo zinobani futhi yini eziyifundiswayo. (Dut. 31:12) Asithathi nkongozelo noma sidlulise izimvilophu zeminikelo. Kunalokho, silandela umyalo kaJesu othi: “Namukele ngesihle, yiphani ngesihle.” (Math. 10:8) Ungase utshele lowo muntu nokuthi akudingeki abe nezimpahla ezibizayo ukuze eze emhlanganweni webandla. UNkulunkulu ubheka inhliziyo, hhayi indlela abukeka ngayo.—1 Sam. 16:7.
10 Uma umuntu eza emhlanganweni yenza konke ongakwenza ukuze umenze azizwe esekhaya. Methule kubadala nakwabanye abamemezeli. Uma ezizwa esekhaya maningi amathuba okuthi uzofuna ukubuya. Phakathi nomhlangano uma engenalo iBhayibheli funda naye kwelakho, umbonise ukuthi sihambisana kanjani nesikhulumi noma nesifundo esisuke siqhutshwa.
Uma umuntu esheshe eqala ukuza emihlanganweni yebandla, uzoshesha ukusondelana noJehova (Bheka izigaba 9-10)
LAPHO UQALISA ISIFUNDO SEBHAYIBHELI
11. Ungabonisa kanjani ukuthi uyasihlonipha isikhathi somuntu nezinto ahlele ukuzenza ngalolo suku?
11 Yiziphi izinto okufanele sizikhumbule lapho siqhubela umuntu isifundo seBhayibheli sasekhaya? Hlonipha isikhathi somninikhaya nezinto ahlele ukuzenza ngalolo suku. Ngokwesibonelo, uma nivumelene ngesikhathi esithile sigcine leso sikhathi kungakhathaliseki ukuthi abantu balapho uhlala khona bakubheka kanjani ukugcina isikhathi. Ngaphezu kwalokho, ungase ukuthole kuwusizo ukuba ningafundi isikhathi eside lapho niqala ukufunda. Abanye abamemezeli abangomakad’ ebona basikisela ukuba nisheshe niqede ngisho noma umuntu efuna ukuzwa okwengeziwe. Ungakhulumi kakhulu. Vumela umninikhaya aveze indlela azizwa ngayo.—IzAga 10:19.
12. Kufanele ube yini umgomo wethu lapho siqala nje ukuqhubela umuntu isifundo seBhayibheli sasekhaya?
12 Zisuka nje, umgomo wakho kufanele ube ukusiza umuntu azi uJehova noJesu futhi aqhubeke ekhulisa uthando analo ngabo. Lokho ukwenza ngokumenza agxile kulokho okushiwo yiZwi likaNkulunkulu kunokuba agxile kuwe nasolwazini onalo ngeBhayibheli. (IzE. 10:25, 26) Lapho umphostoli uPawulu efundisa abantu, wayevame ukugxila kuJesu Kristu, lowo uJehova amthuma ukuba asisize sazi uJehova futhi simthande. (1 Kor. 2:1, 2) UPawulu wakwenza kwacaca nokuthi kubaluleke kangakanani ukusiza abafundi abasha babe nezimfanelo ezinhle ezingafaniswa negolide, isiliva namatshe ayigugu. (1 Kor. 3:11-15) Lezo zimfanelo eziyigugu zihlanganisa ukholo, ukuhlakanipha, ukuqonda nokwesaba uJehova. (IHu. 19:9, 10; IzAga 3:13-15; 1 Pet. 1:7) Lingisa indlela uPawulu ayefundisa ngayo ngokusiza ofunda nabo iBhayibheli babe nokholo oluqinile nobuhlobo obuseduze noBaba wabo osezulwini onothando.—2 Kor. 1:24.
13. Singasibonisa kanjani isineke nokuqonda njengoba sisiza abantu abathanda ukufunda ngeBhayibheli? (2 Korinte 10:4, 5) (Bheka nesithombe.)
13 Lingisa indlela kaJesu yokufundisa ngokuba nesineke nokuqonda. Gwema ukubuza imibuzo ebangela umuntu amahloni. Uma kunesidingo, dlulela phambili uma kunamaphuzu akuthola kunzima ukuwaqonda, ubuyele kuwo kamuva. Kunokuba uzame ukumphoqelela ukuba amukele imfundiso ethile engakakulungeli ukwenza kanjalo, mnike isikhathi sokuba iqiniso ligxile enhliziyweni yakhe. (Joh. 16:12; Kol. 2:6, 7) IBhayibheli lithi izimfundiso zamanga zifana ‘nezinto ezimbelwe ngokuqinile’ okudingeka ‘sizigumbuqele.’ (Funda eyesi-2 Korinte 10:4, 5.) NgesiGreki, kuleli vesi iBhayibheli likhuluma ngenqaba okudingeka ibhidlizwe. Kungase kungabi lula ngomuntu ofunda naye iBhayibheli ukuba ayeke ukukholelwa entweni asekholelwe kuyo isikhathi eside. Kunokuba ugijimele ukubhidliza inqaba yakhe, kudingeka umsize aqale akhe inqaba entsha, okusho ukumsiza enze uJehova abe yisiphephelo sakhe.—IHu. 91:9.
Nika umuntu ofunda naye iBhayibheli isikhathi sokuba iqiniso ligxile enhliziyweni yakhe (Bheka isigaba 13)
LAPHO ABANTU BEQALA UKUZA EMIHLANGANWENI YEBANDLA
14. Kufanele sibaphathe kanjani labo abaqalayo ukuza emihlanganweni yethu?
14 UJehova ulindele ukuba sibaphathe kahle bonke abantu abaqalayo ukuza emihlanganweni yebandla, kungakhathaliseki ukuthi ayini amasiko abo, indlela ababhekwa ngayo emphakathini noma ukuthi bayiluphi uhlanga. (Jak. 2:1-4, 9) Ngakho singababonisa kanjani uthando labo abasuke besivakashele emihlanganweni yethu yebandla?
15-16. Singabasiza kanjani labo abaqalayo ukufika emihlanganweni yethu ukuba bazizwe besekhaya?
15 Abanye bangase beze emihlanganweni yethu ngoba nje behalela ukubona ukuthi kwenzekani kuyo noma ngoba becelwe othile ohlala kwenye indawo ukuba baye kuyo. Ngakho akufanele sinqikaze ukuya kulabo abasuke beze emihlanganweni yethu. Bamukele ngemfudumalo ngaphandle kokubenza bazizwe bekhungathekile. Bacele ukuba bahlale nawe. Funda naye eBhayibhelini lakho noma ezincwadini ezifundwayo, noma umnike elakhe iBhayibheli nezincwadi ezifundwayo. Ngaphezu kwalokho, cabanga ngendlela ongabenza ngayo bazizwe bekhululekile. Enye indoda eyayivakashe eHholo LoMbuso yatshela umzalwane owayamukela eHholo ukuthi yayithukile ngoba yayingagqokile ngendlela abanye ababegqoke ngayo. Lo mzalwane wayenza yakhululeka, wayichazela ukuthi oFakazi BakaJehova bangabantu abavamile. Le ndoda, eyagcina ibhapathiziwe ayikaze iyikhohlwe indlela umzalwane ayenza yazizwa ikhululeke ngayo. Kodwa nakhu okumele sikuqaphe: Lapho ukhuluma nabantu abasivakashele ngaphambi noma ngemva kwemihlangano, bonisa ukuthi unendaba nabo ngaphandle kokubagubha izindaba zabo zangasese.—1 Pet. 4:15.
16 Enye indlela esingenza ngayo abasivakashele bazizwe besekhaya ukuba sikhulume ngenhlonipho lapho sikhuluma ngabantu abangebona oFakazi noma ngezinkolelo zabo, kungaba sezingxoxweni zethu, lapho sinikeza izimpendulo nalapho senza izabelo ebandleni. Gwema ukusho izinto ezingase zibakhube noma ezingase zizwakale zibahlambalaza. (Thithu 2:8; 3:2) Ngokwesibonelo, ngeke silokothe sigxeke izinkolelo zalabo abanezinkolelo ezihlukile kwezethu. (2 Kor. 6:3) Kule ndaba abazalwane abenza izinkulumo zomphakathi kudingeka baqaphe kakhudlwana. Babonisa nokuthi bayabacabangela labo abangebona oFakazi abakhona ezilalelini ngokuchaza amagama noma izinkulumo umphakathi ongeke uziqonde.
17. Uyini umgomo wethu lapho sithola abantu ‘abanesimo esihle sengqondo’ lapho sisenkonzweni yasensimini?
17 Usuku nosuku umsebenzi wethu wokwenza abafundi uya ngokuya uphuthuma futhi siyaqhubeka sithola abantu ‘abanesimo esihle sengqondo esiyobenza bathole ukuphila okuphakade.’ (IzE. 13:48) Lapho sibathola, akufanele sinqikaze ukubacela ukufunda nabo iBhayibheli noma ukubamemela emihlanganweni yethu. Ngokwenza kanjalo, singabasiza bathathe izinyathelo zokuqala zokuya ‘endleleni eholela ekuphileni.’—Math. 7:14.
INGOMA 64 Ukuhlanganyela Ngentokozo Ekuvuneni
a INCAZELO YEZITHOMBE: Abazalwane ababili baxoxa nendoda eyayiyisosha, esithathe umhlalaphansi ezipholele kuvulandi wayo; odade ababili bashumayeza umama omatasa, baxoxa naye kafushane.