INDABA YOKUPHILA
UJehova Wasisiza ‘Sazivumelanisa Nezimo Futhi Sajabula Nomaphi Lapho Sasabelwe Khona’
AMAZWI athi “zivumelanise nezimo futhi ujabule nomaphi lapho wabelwe khona” angazwakala njengeseluleko esimangazayo. Kodwa abashadikazi baseSweden, uMats no-Ann-Catrin, bathola izabelo ezintsha izikhathi eziningi. Kwenzeka kanjani lokho futhi leso seluleko sabasiza kanjani?
AbakwaKassholm baya eSikoleni SaseGileyadi ngo-1979 futhi kule minyaka edlule babelwa ukuba bayokhonza e-Iran, eMauritius, eMyanmar, eTanzania, e-Uganda naseZaire. KwakuseGileyadi lapho bezwa khona uthisha wakuleso sikole uJack Redford enikeza iseluleko esabasiza njengoba “babethola isabelo esisha,” “besuswa beyiswa kwesinye,” “bephinde bethola esinye isabelo esisha” izikhathi eziningi. Ake basichazele.
Mats, sicela uqale usitshele ukuthi walithola kanjani iqiniso.
UMats: Njengoba sasihlala ePoland phakathi neMpi Yezwe Yesibili, ubaba wabona ubuzenzisi obuningi eSontweni LamaKatolika. Noma kunjalo, wayevame ukuthi, “Kumele ukuba ikhona inkolo yeqiniso!” Ngokuhamba kwesikhathi, ngakwazi ukubona ukuthi lokho ayekusho kwakuyiqiniso. Ngathenga izincwadi ezase zisebenzile eziningi. Enye yazo kwakuyincwadi eluhlaza enesihloko esithi IQiniso Eliholela Ekuphileni Okuphakade. Ngasithanda kakhulu isihloko sayo futhi ngayifunda yonke ebusuku, ngosuku engayithola ngalo. Ngakusasa ekuseni ngase ngazi ukuthi ngithole iqiniso!
Kusukela ngo-Ephreli 1972 kuqhubeke, ngafunda nezinye izincwadi zoFakazi BakaJehova eziningi, ngathola nezimpendulo zemibuzo enganginayo ngeBhayibheli. Ngangizizwa njengomthengisi osemfanekisweni kaJesu, okwathi ngemva kokuthola ipharele elilodwa elibiza kakhulu, wathengisa zonke izinto ayenazo ukuze alithenge. Yilokho kanye engakwenza—nganquma ukukhonza uJehova kunokuba ngiye eyunivesithi ngiyofundela ubudokotela. (Math. 13:45, 46) Ngabhapathizwa ngoDisemba 10, 1972.
Ungakapheli nonyaka, abazali bami nomfowethu omncane nabo balamukela iqiniso, babhapathizwa. NgoJulayi 1973, ngaqala inkonzo yesikhathi esigcwele. Phakathi kwamaphayona ashisekayo ayesebandleni lethu, kwakukhona nodade omuhle owayemthanda kakhulu uJehova okuthiwa u-Ann-Catrin. Sathandana sabe sesishada ngo-1975, sachitha iminyaka emine eyalandela edolobheni laseStrömsund, elaliyindawo enhle kakhulu eSweden nenabantu abaningi ababethanda ukufunda ngeBhayibheli.
U-Ann-Catrin: Ubaba wafunda iqiniso lapho esezophothula izifundo zakhe eyunivesithi yaseStockholm. Nganginezinyanga ezintathu nje kuphela ngaleso sikhathi, kodwa wayeya nami emihlanganweni yebandla nasenkonzweni yasensimini. Umama wayengakuthandi lokho futhi wazama ukuveza ubufakazi bokuthi lokho okwakwenziwa oFakazi BakaJehova kwakungalungile. Kodwa wehluleka ukwenza kanjalo, ngakho ngokuhamba kwesikhathi naye wabhapathizwa. Lapho sengineminyaka engu-13, ngabhapathizwa, kwathi lapho sengineminyaka engu-16 ngaqala ukuphayona. Ngemva kokukhonza e-Umeå, endaweni eyayinesidingo esikhulu sabamemezeli boMbuso, ngaba yiphayona elikhethekile.
Ngemva kokuba mina noMats sesishadile, sakujabulela ukusiza abantu abaningana ukuba bafunde iqiniso. Kulabo bantu kwakukhona nentombazane okuthiwa uMaivor, eyayeka ezemidlalo yaphayona nodadewethu omncane. Baya eGileyadi ngo-1984 futhi manje bayizithunywa zevangeli e-Ecuador.
Kulezi zabelo eziningi esenizenzile niyizithunywa zevangeli, yini enisizile ukuba ‘nizivumelanise nezimo futhi nihlale nijabule nomaphi lapho nabelwe khona’?
UMats: Sasivame ukushintshwa ezabelweni zethu sicelwe ukuba siyokwenza isabelo esisha. Kodwa sasizama ukwenza konke esingakwenza ukuze silingise uJesu, ikakhulukazi ukuthobeka kwakhe. (Kol. 2:6, 7) Ngokwesibonelo, kunokuba silindele ukuba oFakazi bakuleyo ndawo benze izinto ngendlela esiyijwayele, sasizama ukuqonda ukuthi kungani babenza izinto ngendlela ababezenza ngayo. Sasifuna ukuqonda indlela ababecabanga ngayo namasiko abo. Lapho silingisa uJesu, kwakuba lula ukuba sizivumelanise nezimo futhi sijabule nomaphi lapho sasikhonza khona.—IHu. 1:2, 3.
Sasihlale sivakashela amabandla
U-Ann-Catrin: Ukuze isihlahla sikhule ngemva kokutshalwa endaweni entsha, sidinga nokushisa kwelanga. UJehova wayehlale ‘eyilanga’ lethu. (IHu. 84:11) Wasibusisa ngabafowethu nodadewethu abaningi esikholwa nabo abanothando nemfudumalo. Ngokwesibonelo, ebandleni lethu elincane eTehran, e-Iran, abafowethu nodadewethu basibonisa umoya wokungenisa izihambi, ofana nalowo owawuboniswa abanye esifunda ngabo eBhayibhelini. Sasingathanda ukuhlala e-Iran, kodwa ngoJulayi 1980, umsebenzi woFakazi BakaJehova wavalwa ngokusemthethweni lapho futhi sayalwa ukuba sihambe engakapheli amahora angu-48. Sathola isabelo esisha sokuyokhonza eZaire (manje eyaziwa ngokuthi iCongo) e-Afrika.
Izikhathi ezimnandi esasinazo esabelweni sethu eZaire, ngo-1982
Lapho ngiqala ukuzwa ukuthi sasabelwe ukuba siyokhonza e-Afrika, ngakhala. Lokho engangikuzwile ngezinyoka nangezifo zase-Afrika kwakungithusa. Kodwa abangani bethu abangabashadikazi esisondelene nabo ababekhonze khona isikhathi eside bathi kithi: “Anikayi khona! Ake nikuzameni, nizobona—nizoyithanda i-Afrika.” Yilokho kanye okwenzeka! Abafowethu nodadewethu balapho banothando nemfudumalo. Empeleni, lapho sekudingeka sihambe eZaire ngemva kweminyaka eyisithupha, ngenxa yokuthi umsebenzi wethu wawuvinjelwe, ngamamatheka ngoba indlela engangizizwa ngayo yayisishintshe ngokuphelele futhi ngangithandaza kuJehova ngithi, “Ngicela usivumele ukuba sihlale e-Afrika.”
Yiziphi izinto enizijabulele kule minyaka edlule?
“Ikamelo lethu” eTanzania, ngo-1988
UMats: Sijabulele ukuba nabangani esisondelene nabo abayizithunywa zevangeli basemazweni ahlukahlukene nabanezizinda ezingafani. Kwezinye izabelo, besiqhuba izifundo zeBhayibheli eziningi, okusenze sajabula futhi saneliseka—ngezinye izikhathi izifundo ezingaba ngu-20 umuntu emunye! Angisoze ngalukhohlwa uthando nomoya wokungenisa izihambi wabafowethu nodadewethu base-Afrika. Ngesikhathi sivakashele amabandla eTanzania, abafowethu abaningi basibonisa umoya wokungenisa izihambi ‘ongaphezu kwamandla abo’ ngesikhathi sipake “ikamelo lethu”—iKombi yakwaVolkswagen—eduze kwemizi yabo. (2 Kor. 8:3) Into eyayikhetheke kakhulu kithi yilokho esasikubiza ngokuthi ingxoxo yosuku. Leyo ngxoxo yayiba sekupheleni kosuku ngalunye, mina no-Ann-Catrin sasihlala phansi sixoxe ngezinto ezazenzeke ngalolo suku, sibonge noJehova ngokuba nathi.
U-Ann-Catrin: Mina into engiyijabulele kakhulu ukuhlala nabafowethu nodadewethu abavela emazweni ahlukahlukene emhlabeni wonke. Sifunde izilimi ezintsha—okuhlanganisa isiFarsi, isiFulentshi, isiLuganda nesiSwahili—ngesikhathi esifanayo safunda ngamasiko ahlukahlukene amangazayo. Sibe nesandla ekuqeqesheni abafundi abaqalayo ukuzihlanganisa nebandla, sazitholela abangani beqiniso, sakhonza nabo “ngobunye” enkonzweni kaJehova.—Zef. 3:9.
Sibone nezinto ezimangalisayo ezihlukahlukene endalweni kaJehova enhle. Isikhathi ngasinye lapho sasamukela isabelo esisha enkonzweni kaJehova, sasizwa sengathi sithatha uhambo noJehova njengoMqondisi wethu. Usifundise izinto ebesingeke sikwazi ukuzifundela zona.
Ngesikhathi sishumayela ensimini yaseTanzania enabantu abavela ezindaweni ezihlukahlukene
Yiziphi izinselele eniye nabhekana nazo futhi nibhekane kanjani nazo?
UMats: Siphathwe yizifo ezibangelwa ukushisa eziningana kule minyaka edlule, kuhlanganise nesifo sikamalaleveva. Kube nanezimo eziphuthumayo ezibangele ukuba u-Ann-Catrin ahlinzwe izikhathi ezimbalwa. Sasikhathazeka nangabazali bethu asebekhulile, ngakho sibonga kakhulu ezinganeni zakithi ebezibanakekela. Ziwenze ngokwethembeka lowo msebenzi, zawenza ngesineke, ngenjabulo nangothando. (1 Thim. 5:4) Noma kunjalo, ngezinye izikhathi sasihlushwa imizwa engakhi, sifisa sengathi singabenzela okwengeziwe abazali bethu kunokuba simane sibasekele sikude.
U-Ann-Catrin: Ngo-1983, ngesikhathi sikhonza eZaire, ngaphathwa ikholera enzima kabi. Udokotela wathi kuMats, “Mkhiphe kuleli zwe khona namuhla!” Ngosuku olulandelayo, sasigibele indiza ethwala impahla—okuwukuphela kwendiza eyayikhona ngaleso sikhathi—siya eSweden.
UMats: Sasicabanga ukuthi inkonzo yethu yokuba yizithunywa zevangeli yayisiphelile, ngakho sadinda isililo. Kodwa akubanga njengoba udokotela ayeshilo, u-Ann-Catrin welulama. Kamuva, ngemva kwesikhathi esingangonyaka, sakwazi ukubuyela eZaire, kulokhu saya ebandleni elincane lesiSwahili eLubumbashi.
U-Ann-Catrin: Ngesikhathi siseLubumbashi, ngaphuphunyelwa isisu. Nakuba sasingahlelanga ukuba nabantwana, kimina kwaba nzima kakhulu ukukhuthazelela ukushona komntwana wethu. Kodwa phakathi naleso sikhathi sosizi, sathola isipho esasingasilindele esivela kuJehova. Saqalisa izifundo zeBhayibheli eziningi kunanini ngaphambili. Ungakapheli nonyaka, ibandla lakhula lisuka kubamemezeli abangu-35 liya kubamemezeli abangu-70, nenani lababa khona emihlanganweni yebandla landa lisuka ku-40 laya ku-220. Sasimatasa kakhulu enkonzweni yasensimini futhi isibusiso sikaJehova sangiduduza kakhulu. Noma kunjalo, sivame ukucabanga nokukhuluma ngomntwana wethu othandekayo. Sikulangazelela ngempela ukubona indlela uJehova ayozipholisa ngayo ngokuphelele izinhliziyo zethu.
UMats: Ngesinye isikhathi, u-Ann-Catrin waqala ukuzizwa engenamandla futhi ekhathele kakhulu. Ngesikhathi esifanayo, kwatholakala ukuthi nginekhensa kapopopo esesigabeni sesine futhi kwakudingeka ngihlinzwe. Kodwa namuhla ngiqhuba kahle kakhulu no-Ann-Catrin wenza konke okusemandleni akhe.
Sibonile ukuthi akuthina sodwa esibhekene novivinyo. Ngemva kokuqothulwa kohlanga eRwanda ngo-1994, savakashela abafowethu nodadewethu abaningi emakamu ababaleki. Ukubona ukholo lwabo, ukukhuthazela kwabo nokubabona beqhubeka bebonisa umoya wokungenisa izihambi, kwasifundisa ukuthi uJehova unamandla okusekela abantu bakhe noma ngabe babhekene naluphi uvivinyo.—IHu. 55:22.
U-Ann-Catrin: Ngesikhathi siyothamela isimiso sokunikezelwa kwegatsha e-Uganda ngo-2007, sabhekana nenye inselele. Ngemva kwesimiso, sasisendleleni eya eNairobi, eKenya, sihamba nezithunywa zevangeli nezikhonzi zaseBethel, siyiqembu labantu abangaba ngu-25. Ngaphambi kokuba sifike emngceleni waseKenya, iloli esasizophambana nalo lavele laphaphalaza lazosishayisa ngaphambili. Umshayeli nabafowethu nodadewethu abahlanu bashona ngaso leso sikhathi; omunye udade washona kamuva esibhedlela. Sikulangazelela ngempela ukuphinde sibabone labo bafowethu nodadewethu!—Jobe 14:13-15.
Ngagcina ngipholile la engangilimele khona. Kodwa mina noMats sasiphakathi kwabagibeli abaningana ababehlushwa ukucindezeleka kwangemva kwesenzakalo esibuhlungu. Mina, lokho kucindezeleka kwakungihlasela ebusuku, ngangiphaphama ngizwe sengathi ngiphethwe yisifo senhliziyo. Kwakuthusa ngempela lokho. Kodwa ukuthandaza kuJehova ngokusuka enhliziyweni neminye imiBhalo esiyithandayo eduduzayo kwasisiza sakwazi ukubhekana naleso simo. Sathola nosizo kodokotela bezifo zengqondo, okuyinto eyasisiza kakhulu. Manje sesingcono kakhulu futhi sicela uJehova ukuba asisize siduduze nabanye abahlushwa yinkinga efanayo.
Ngesikhathi nichaza ukuthi yini enisize nakwazi ukubhekana nezimo ezicindezelayo, nithe uJehova waniphathisa “okweqanda.” Benisho ukuthini ngalokho?
UMats: Leyo nkulumo ivela kwesinye isaga sesiSwahili esithi “Tumebebwa kama mayai mabichi,” noma “Sasiphathiswa okweqanda.” Njengoba nje umuntu eliphatha ngokucophelela iqanda ukuze lingaphihliki, noJehova usiphathe ngothando wasisekela esabelweni sethu ngasinye. Sasihlale sinakho esikudingayo, ngisho nokungaphezu kwalokho esasikudinga. Uzwela esasiluboniswa yiNdikimba Ebusayo lungenye yezindlela esiluzwe ngayo uthando lukaJehova nokusisekela kwakhe.
U-Ann-Catrin: Ngingathanda ukusho isibonelo sendlela uJehova asisekela ngayo ngothando. Ngolunye usuku ngathola ucingo olwaluthi ubaba wami eSweden wayesesibhedlela egunjini labagula kakhulu. UMats wayesanda kululama ekuphathweni yisifo sikamalaleveva. Sasingenayo imali yokuthenga amathikithi ebhanoyi eliya ekhaya, ngakho sanquma ukuthi kwakudingeka sithengise imoto yethu. Sabe sesithola ezinye izingcingo ezimbili; olunye lwaluvela kubashadikazi ababezwile ngesimo sethu, ababefuna ukusithengela ithikithi elilodwa. Olunye lwaluvela kudade osekhulile owayeqongelele imali ebhokisini elibhalwe ukuthi “Eyomuntu oyidinga ngempela.” Ngemizuzwana nje, uJehova wasisiza!—Heb. 13:6.
Lapho ucabanga ngeminyaka engaphezu kwengu-50 oyichithe enkonzweni yesikhathi esigcwele, yini oyifundile?
Sisesabelweni sethu esisha eMyanmar
U-Ann-Catrin: Ngifunde ukuthi sithola amandla uma ‘sizola futhi sithemba’ uJehova. Lapho sithemba uJehova, ngandlela-thile uyasilwela. (Isaya 30:15; 2 IziKr. 20:15, 17) Ngokukhonza uJehova ngokwenza konke okusemandleni ethu esabelweni ngasinye, sithole izibusiso eziningi kunalezo ebesingazithola lapho senza enye into.
UMats: Isifundo esikhulu engisifundile ukuthembela kuJehova kuzo zonke izimo engibhekana nazo, ngibone ukuthi uzongisiza kanjani. (IHu. 37:5) Akakaze ahluleke ukufeza isithembiso sakhe sokusisiza. Sisakubona ukuba yiqiniso kwalokho esabelweni esisenzayo njengamanje eBethel, eMyanmar.
Sithemba ukuthi abaningi abasebasha abafuna ukwandisa inkonzo yabo, nabo bazoluzwa uthando oluqotho uJehova asibonise lona. Siyaqiniseka ukuthi bazoluzwa uma bevumela uJehova abasize bazivumelanise nezimo futhi bajabule nomaphi lapho babelwe khona.