MEYI 4-10, 2026
INGOMA 53 Ukulungiselela Ukuyoshumayela
Thuthukisa ‘Ikhono Lakho Lokufundisa’ Enkonzweni Yasensimini
“Shumayela izwi . . . ngaso sonke isineke nekhono lokufundisa.”—2 THIM. 4:2.
AMAPHUZU ABALULEKILE
Sizofunda ngezindlela ezintathu esingathuthukisa ngazo ikhono lethu lokufundisa enkonzweni yasensimini.
1. Yiliphi ikhono okufanele sifune ukuba nalo, futhi kungani? (2 Thimothewu 4:2) (Bheka nesithombe.)
UJESU wathi kubalandeli bakhe: ‘Yenzani abafundi . . . , nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho.’ (Math. 28:19, 20) Lo myalo ubonisa ukuthi wonke amaKristu kufanele afundise abanye. Yiqiniso ukuthi uJehova udonsa labo ‘abanesimo esihle sengqondo’ futhi nezingelosi zinesandla ekusiqondiseni kulabo bantu. (IzE. 13:48; Joh. 6:44; IsAm. 14:6) Noma kunjalo, nathi kudingeka senze okuthile. Cabanga ngesibonelo uPawulu noBarnaba abasibekela sona. IBhayibheli lithi ngesikhathi beshumayela esinagogeni lase-Ikoniyu, “bakhuluma ngendlela eyenza ukuba uquqaba lwamaJuda namaGreki lube amakholwa.” (IzE. 14:1) Akungabazeki ukuthi uPawulu noBarnaba bafunda ukuba “nekhono lokufundisa.” (Funda eyesi-2 Thimothewu 4:2.) Wonke amaKristu ayobe enza kahle uma efunda ukuba nalelo khono.
Kuningi esingakufunda ‘ngekhono lokufundisa’ esibonelweni esasibekelwa uJesu nabafundi bakhe abanjengomphostoli uPawulu noBarnaba (Bheka isigaba 1)
2. Kungani amanye amaKristu engase abe nomuzwa wokuthi ngeke akwazi ukuthuthukisa ikhono lawo lokufundisa?
2 Abanye bangase babe nomuzwa wokuthi ngeke bakwazi ukuthuthukisa ikhono labo lokufundisa ngoba abafundile kangako noma abanalo ikhono lokuchaza kahle izinto. Amanye amadoda okukhulunywa ngawo eBhayibhelini nawo ayezizwa ngaleyo ndlela. (Eks. 4:10; Jer. 1:6) Abanye ingase ibadumaze indlela abafundisa ngayo ngoba babona sengathi abayitholi imiphumela emihle etholwa abanye. Yiqiniso ukuthi akuyena wonke umuntu esikhuluma naye noma esihlangana naye oyokujabulela ukuzwa izindaba ezinhle. Imiphumela esiyitholayo lapho sishumayela ayincikile emizamweni esiyenzayo kuphela. Njengoba kushiwo ekuqaleni, uJehova nezingelosi yibo abasisiza sithole abantu abanezinhliziyo eziqotho. Noma kunjalo, sifuna ukwenza konke esingakwenza ukuze sethule izindaba ezinhle ngendlela ezobakhanga abantu. Ukuze lesi sihloko sisisize senze kanjalo, sizoxoxa ngezindlela ezintathu esingathuthukisa ngazo ikhono lethu lokufundisa enkonzweni yasensimini.
BONISA UKUTHI UYABAKHATHALELA ABANTU OBASHUMAYEZAYO
3. Kungani uJesu akwazi ukuthinta izinhliziyo zabantu ayebashumayeza?
3 IBhayibheli lithi uJesu “wayekwazi okungaphakathi kumuntu.” (Joh. 2:25) La mazwi abonisa ukuthi uJesu wayazi ukuthi abantu bacabanga kanjani nokuthi zaziyini izisusa zabo. UJesu wakwazi ukuthinta izinhliziyo zabantu ayebashumayeza ngoba wayeziqonda izidingo zabo. Wayebona ukuthi abantu babengondlekile kahle ngokomoya nokuthi babecindezelwa amasiko amaningi nayimithetho eyayibekwa abantu. (Math. 9:36; 23:4) UJesu wakhuluma ngazo kanye lezo zinkinga eNtshumayelweni yakhe yaseNtabeni. Abantu abaningi babekuthanda ukulalela uJesu ngoba wayekhuluma ngezinto ezazibathinta.
4. Singabonisa kanjani ukuthi siyabakhathalela abantu? (Bheka nezithombe.)
4 Singabonisa ukuthi siyabakhathalela abantu esihlangana nabo ngokuzama ukuqonda izinto ezibakhathazayo. Wonke umuntu esimshumayezayo ngandlela-thile unenkinga ethile ebangelwa yileli zwe likaSathane elikhohlakele. Ukukhumbula lokho kungasisiza sizwelane nabantu abasensimini yethu. Ngokwesibonelo, ikhona yini imibiko yezindaba yamuva okungenzeka ikhathaza abantu abasensimini yethu? Ingabe abazali bakhathazeke ngokuphepha kwezingane zabo? Ingabe lapho uhlala khona abantu abaningi bakuthola kunzima ukuthola umsebenzi wokuziphilisa? Zama ukucabanga ngokuthi kunjani ukuphila kwabantu njengoba bebhekene ‘nezikhathi ezibucayi’ bebe bengenalo ithemba esilithola eBhayibhelini.—2 Thim. 3:1; Isaya 65:13, 14.
Zama ukuqonda izimo zalabo obafundisayo, ufunde nokubakhathalela (Bheka isigaba 4)
5. Njengomfundisi, uJesu wayehluke kanjani kubaFarisi? (Mathewu 11:28-30)
5 UJesu wayebakhathalela abantu ayebashumayeza futhi lokho babekubona endleleni ayebaphatha ngayo. Wayehluke ngempela kubaFarisi, ababebabukela phansi abantu abavamile futhi bebabheka njengabanengekayo! (Math. 23:13; Joh. 7:49) Kodwa uJesu wayebaphatha ngendlela enomusa nenenhlonipho abantu. ‘Wayemnene futhi ethobekile,’ okwamsiza ekubeni umfundisi ophumelelayo. (Funda uMathewu 11:28-30.) Nathi kufanele sibabonise umusa nenhlonipho abantu esibashumayezayo.
6. Singababonisa kanjani umusa nenhlonipho labo abangathandi ukulalela noma abaphikisa umyalezo esiwushumayelayo?
6 Abanye abafuni ukulalela umyalezo esiwushumayelayo futhi abanye baze bawuphikise nokuwuphikisa. Kufanele sisabele kanjani? UJesu wasiyala ukuba singagcini nje ngokukhuthazelela ukuphikiswa. Wathi kumele ‘senze okuhle kwabasizondayo,’ ‘sibusise abasiqalekisayo,’ size ‘sithandazele nalabo abasithukayo.’ (Luka 6:27, 28) Kuyoba lula ukwenza kanjalo uma sikhumbula ukuthi kungenzeka kunesizathu esenza bangafuni ukusilalela. Kuyavunywa ukuthi abanye bathanda ukusiphikisa nje. Kodwa abanye kungenzeka bacindezelekile ngenxa yenkinga abanayo emndenini, noma bakhathazwe yisimo esithile esingahlangene nathi. Mhlawumbe simane safika ngesikhathi esibi. Kunoma yikuphi, kufanele silalele iseluleko esithi “amazwi [ethu] ngaso sonke isikhathi mawabe nomusa, anongwe ngosawoti, ukuze [sazi] ukuthi kufanele [simphendule] kanjani umuntu ngamunye.” (Kol. 4:6) Uma sinozwela futhi sizama ukuqonda izidingo zabo, mancane amathuba okubacasukela futhi singase sibe othisha abangcono.
THEMBELA EZWINI LIKANKULUNKULU
7. UJesu wabonisa kanjani ukuthi wayethembele eZwini likaNkulunkulu lapho efundisa? (Johane 7:14-16)
7 UJesu akazange athembele olwazini ayenalo. Lokho ayekufundisa kwakusekelwe eZwini likaNkulunkulu futhi wakufundisa ngendlela elula eyayiyokwenza izilaleli zakhe zikuqonde kalula futhi zikukhumbule. IBhayibheli lisitshela ukuthi uJesu wayefundisa “njengomuntu onegunya, hhayi njengababhali.” ‘Yayibakhexisa’ abantu indlela ayefundisa ngayo. (Marku 1:22) Ukuze basekele izimfundiso zabo, ababhali bangesikhathi sikaJesu babecaphuna amazwi orabi ababehlonishwa kakhulu. Kodwa uJesu yena lokho ayekutshela abantu wayekucaphuna emiBhalweni ephefumulelwe futhi wayengesabi ukwenza kanjalo. NjengeNdodana kaNkulunkulu eyayikade iphila ezulwini, wayengasebenzisa ukuhlakanipha okukhulu ayenakho ukuze abahlabe umxhwele labo ababemlalele, aze abenze bazizwe bengahlakaniphile. Kodwa akakwenzanga lokho. Kunalokho, wasekela lokho ayekufundisa entandweni kaNkulunkulu naseZwini lakhe. (Funda uJohane 7:14-16.) UJesu wababekela isibonelo esihle kakhulu abalandeli bakhe.
8. Umphostoli uPetru wasilingisa kanjani isibonelo sikaJesu?
8 Abafundi bakaJesu nabo babethembele eZwini likaNkulunkulu lapho befundisa. Ngokwesibonelo, cabanga ngenkulumo kamphostoli uPetru ayethula phambi kwesixuku sabantu ngePhentekoste lika-33 C.E. UPetru wayengafundile kangako. Noma kunjalo, indlela achaza ngayo ukuthi uJesu wazigcwalisa kanjani iziprofetho ezazibikezelwe uNkulunkulu esebenzisa imiBhalo, yathinta izinhliziyo zalabo ababemlalele. (IzE. 2:14-37) Yini eyenzeka ngemva kokuba eseqedile ukukhuluma? “Labo abamukela izwi lakhe ngenjabulo babhapathizwa, ngalolo suku kwanezelwa abantu abangaba ngu-3 000.”—IzE. 2:41.
9. Lapho sifundisa, kungani kufanele sithembele eZwini likaNkulunkulu?
9 Alikho ithuluzi elingafinyelela izinhliziyo zabantu njengeZwi likaNkulunkulu. (Heb. 4:12) Ngakho, kudingeka sigxile eBhayibhelini lapho sifundisa. Sifuna ‘ukushumayela izwi,’ hhayi imicabango yethu. (2 Thim. 4:2) IzAga 2:6, zithi: “UJehova unikeza ukuhlakanipha; emlonyeni wakhe kuphuma ulwazi nokuqonda.” Ngakho, lapho sifundisa izinto ezisemiBhalweni, kufana nokuthi sivumela uJehova akhulume. (Mal. 2:7) Sifuna abantu bazi ukuthi iBhayibheli linokuthile okungcono kakhulu kunokuhlakanipha kwabantu. Liphefumulelwe uNkulunkulu futhi lisinika ulwazi esiludingayo ukuze sijabulise uMdali wethu, siphile nokuphila okujabulisayo nokwanelisayo.—2 Thim. 3:16, 17.
10. Singamsiza kanjani esifunda naye iBhayibheli agxile eZwini likaNkulunkulu?
10 Njengoba ulungiselela ukuyoqhuba isifundo seBhayibheli, thola izindlela ongasiza ngazo ofunda naye agxile kulokho okufundiswa yiBhayibheli. Ofunda naye kufanele aqonde ukuthi nakuba izithombe namavidiyo kungasenza sikuqonde kangcono esikufundayo, iBhayibheli iyona ncwadi eyinhloko esiyifundayo. Ngakho, bheka amavesi ayinhloko, usize ofunda naye acabange ngokuthi yini angayifunda kuwo. Lapho nixoxa ngezithombe nangamavidiyo, qikelela ukuthi ofunda naye uyaziqonda izimiso zeBhayibheli eziyisisekelo ezifundiswa kulezo zithombe namavidiyo. Akudingeki usho okuningi kakhulu noma ufunde imiBhalo eminingi kakhulu ukuze wenze lokho. Kunalokho, nikeza umfundi isikhathi sokucabanga ngokuthi lisho ukuthini ivesi ngalinye enilifundile, ningaze niphinde nilifunde ivesi uma kudingeka. Ngaleyo ndlela, siyobe siqhuba isifundo seBhayibheli ngempela, hhayi isifundo sencwadi noma isifundo sesithombe noma isifundo sevidiyo.—1 Kor. 2:13.
11-12. (a) Singababonisa kanjani isineke esifunda nabo iBhayibheli? (IzEnzo 17:1-4) (Bheka nesithombe.) (b) Yini abanye abangase bangayiqondi ngeBhayibheli, futhi singabasiza kanjani?
11 Uma ofunda naye iBhayibheli ekuthola kunzima ukwamukela iphuzu elithile, khumbula ukuthi ‘sishumayela izwi . . . ngaso sonke isineke.’ Akuyena wonke umuntu othuthuka ngezinga elifanayo. Abanye esifunda nabo bangase badinge isikhathi esengeziwe ukuze baqonde amaqiniso thina esiwathatha kalula. UPawulu kwadingeka ashumayeze amaJuda aseThesalonika izikhathi eziningana, ebonisana nawo ngemiBhalo ngaphambi kokuba amanye awo aqonde iphuzu ayekhuluma ngalo.—Funda izEnzo 17:1-4.
12 Enye indlela esingababonisa ngayo isineke labo esifunda nabo iBhayibheli ukubabuza imibuzo nokubanika ithuba lokuveza abakucabangayo, sizibambe singakhulumi kakhulu. Zama ukubalalelisisa nokuqonda indlela abacabanga ngayo. Ngemva kwalokho, fundani futhi nixoxe ngemiBhalo ethile ukuze ubasize baqonde lokho uNkulunkulu akucabangayo ngendaba enixoxa ngayo. Cabanga nangalokhu: Abanye abantu abalijwayele nhlobo iBhayibheli, abazi ngempela ukuthi likhuluma ngani. Kungaba wusizo yini ukubabonisa iBhayibheli elinyathelisiwe? Ungababonisa ingxenye ethi “ISethulo SeZwi LikaNkulunkulu,” etholakala emakhasini okuqala enguqulweni ethi IBhayibheli—ImiBhalo Engcwele, ukuze ubabonise izihloko ezibalulekile ezitholakala eBhayibhelini. Mhlawumbe ungababonisa indlela iBhayibheli eliwusizo ngayo ngokusebenzisa umBhalo owodwa noma emibili esembuzweni 15 ukuze ubachazele indlela iBhayibheli elingasisiza ngayo sithole injabulo. Ngamafuphi nje, uma ubonisa ofunda nabo iBhayibheli ukuthi iZwi likaNkulunkulu linamandla kangakanani, bayokusebenzisa ekuphileni kwabo lokho obafundisa kona futhi bayofuna ukufunda okwengeziwe.
Uthisha onekhono uyamlalela umuntu amfundisayo, akalokhu ekhulume njalo (Bheka izigaba 11-12)
GXILA KUJEHOVA LAPHO UFUNDISA
13. Lapho sifundisa, ubani okufanele sigxile kuye? Fanekisa.
13 Umgomo wethu ukusiza abantu esibashumayezayo bazi uJehova futhi basondelane naye. (Jak. 4:8) Ngaleyo ndlela, singafanisa umsebenzi esiwenzayo nomsebenzi owenziwa unjiniyela oqondisa amalambu okukhanyisa isiteji emdlalweni weshashalazi. Njengoba umdlalo uqhubeka, amalambu akawabhekisi kuye. Kunalokho, uwabhekisa kubalingiswa abayinhloko, eqikelela ukuthi yibo ababonakala kahle. Lapho sifundisa, kufanele senze okufanayo—kufanele sigxile kuJehova, hhayi kithi.
14. Singamsiza kanjani esifunda naye iBhayibheli agxile kuJehova?
14 Lapho uqhuba isifundo seBhayibheli, siza ofunda naye abe nesifiso sokujabulisa uJehova. (IzAga 27:11) Akukhona ukuthi umane umsiza ukuba alandele imithetho ethile, njengokungathi ujoyina iqembu elithile. Ufuna enze izinguquko ukuze ajabulise uJehova. Ngokwesibonelo, uma ekuthola kunzima ukuyeka umkhuba othile omubi, mbuze imibuzo enjengokuthi: “Kungani uJehova ekuzonda ukuziphatha okunjalo? Kungani uJehova engafuna uyeke ukwenza into okujabulelayo ukuyenza? Lokho afuna ukwenze, kubonisa kanjani ukuthi uJehova uyakuthanda?” Njengoba uqhubeka ukhuthaza ofunda naye iBhayibheli ukuba acabange ngoJehova, kuyomcacela kakhudlwana ukuthi sinoBaba omangalisayo. Lokho kuyomenza afune ukujabulisa uJehova.
QHUBEKA UTHUTHUKISA IKHONO LAKHO LOKUFUNDISA
15. Yini ongayenza ukuze uqhubeke uthuthukisa ikhono lakho lokufundisa?
15 Ungathandaza kuJehova, umcele akusize uhlole ikhono lakho lokufundisa ukuze ubone ukuthi ungathuthukisa kuphi. (1 Joh. 5:14) Ungenza ngokuvumelana nemithandazo yakho, ngokunakisisa futhi usebenzise izinto uJehova asifundisa zona emihlanganweni yebandla njengoba esuke esiqeqesha. Ungacela abamemezeli abanekhono bahambe nawe njengoba uyoqhuba isifundo sakho seBhayibheli bese ucela bakutshele ukuthi ungathuthukisa kuphi. Khumbula nokuthi nakuba wena uzijwayele izinto ozifundisayo, omfundelayo yena akazijwayele. Zifake ezicathulweni zakhe. Njengoba nifunda, msize abone ukuthi umyalezo esiwushumayelayo uyizindaba ezinhle ngempela. Ukwenza kanjalo kungamenza afune ukuba nobungani obuseduze noJehova futhi kungamenza ajabule ngempela.—IHu. 1:1-3.
16. Kuyosizuzisa kanjani ukuqhubeka sithuthukisa ikhono lethu lokufundisa?
16 Ukufundisa abanye ngoJehova kungenye yezinto ezingasijabulisa ngempela. Umsebenzi ojabulisayo wokufundisa uyodingeka nakakhulu ezweni elisha elizayo. Ngakho, masiqhubeke sikhathalela abantu esibashumayezayo, sithembele eZwini likaNkulunkulu, sigxile kuJehova njengoba sishumayela izindaba ezinhle. Ngokwenza kanjalo, singathuthukisa ikhono lethu lokufundisa enkonzweni yasensimini.
INGOMA 65 Qhubekela Phambili!