ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 38
INGOMA 120 Lingisa Ubumnene BukaKristu
Bonisa Abanye Inhlonipho
“Ukuhlonishwa kungcono kunesiliva negolide.”—IZAGA 22:1.
AMAPHUZU ABALULEKILE
Sizofunda ngokuthi kungani kufanele sibonise abanye inhlonipho nokuthi singakwenza kanjani lokho lapho kunzima ukwenza kanjalo.
1. Kungani abantu bekuthanda ukuhlonishwa? (IzAga 22:1)
UYAKUTHANDA yini ukuhlonishwa? Akungabazeki ukuthi uyakuthanda ukuboniswa inhlonipho. Wonke umuntu uyakudinga ukuhlonishwa. Siyajabula lapho abanye besihlonipha. Yingakho iBhayibheli lithi “ukuhlonishwa kungcono kunesiliva negolide”!—Funda izAga 22:1.
2-3. Yiziphi ezinye izimo okumele sibabonise kuzo inhlonipho abanye?
2 Kungase kungabi lula ngaso sonke isikhathi ukubonisa abanye inhlonipho. Esinye isizathu salokho ukuthi siyawabona amaphutha abantu esiphila nabo. Esinye ukuthi siphila esikhathini lapho kuyinto evamile ukungabahloniphi abanye abantu. Kodwa thina kumele sihluke. Kungani? Kungenxa yokuthi uJehova ufuna sizibonise udumo, noma sizibonise inhlonipho, “zonke izinhlobo zabantu.”—1 Pet. 2:17.
3 Kungasizuzisa ukuxoxa ngokuthi kusho ukuthini ukuhlonipha abanye nokuthi singawabonisa kanjani inhlonipho (1) amalungu omndeni, (2) esikholwa nabo, nalabo (3) esingakholwa nabo. Sizogxila ekutheni singayibonisa kanjani inhlonipho lapho kunzima ukwenza kanjalo.
KUSHO UKUTHINI UKUHLONIPHA ABANYE?
4. Kusho ukuthini ukuhlonipha abanye?
4 Ungayichaza kanjani inhlonipho? Kwezinye izilimi, igama elithi “hlonipha” nelithi “dumisa” ahlobene. Kanjani? Ngokuyinhloko “inhlonipho” ibhekisela endleleni esibheka ngayo umuntu. Lapho sibahlonipha abanye sibabheka njengabakufanelekele ukuba sibanike isikhathi sethu futhi sibacabangele, mhlawumbe ngenxa yezimfanelo zabo, izinto abazifezile noma isikhundla sabo. Kodwa “ukudumisa” kubhekisela endleleni esiphatha ngayo umuntu. Lapho sibadumisa abanye, sibaphatha ngendlela ebenza bazizwe bebalulekile, beyigugu futhi behlonishwa. Yiqiniso ukuthi ukuze sibadumise ngobuqotho abanye lokho kumele kusuke enhliziyweni.—Math. 15:8.
5. Yini engasisiza ukuba sibonise abanye inhlonipho?
5 UJehova ufuna sibabonise inhlonipho abanye; empeleni usiyala ukuba sibahloniphe labo ‘abasemagunyeni aphakeme.’ (Roma 13:1, 7) Kodwa abanye bangase bathi, “Ngiyakuthanda ukuhlonipha abantu, uma nje bekufanelekela ukuthola leyo nhlonipho.” Kunengqondo yini ukucabanga ngaleyo ndlela? Njengezinceku zikaJehova, siyaqaphela ukuthi inhlonipho esinayo ngabantu ayincikile kulokho abakwenzayo kuphela. Incike kokuthile okubaluleke kakhulu—uthando esinalo ngoJehova nesifiso sokumjabulisa.—Josh. 4:14; 1 Pet. 3:15.
6. Kungenzeka yini uhloniphe umuntu ongakuhloniphi? Chaza. (Bheka esisekhasini 1.)
6 Abanye bangase bazibuze, ‘Kungenzeka ngempela yini uhloniphe umuntu ongakuhloniphi?’ Yebo. Cabanga ngezinye izibonelo zalokho. INkosi uSawule yahlambalaza indodana yayo uJonathani phambi kwabantu. (1 Sam. 20:30-34) Noma kunjalo, ngenhlonipho uJonathani wasekela ubaba wakhe empini kwaze kwaba usuku uSawule ashona ngalo. (Eks. 20:12; 2 Sam. 1:23) UmPristi Ophakeme u-Eli wasola uHana ngokuthi udakiwe. (1 Sam. 1:12-14) Kodwa uHana wakhuluma no-Eli ngenhlonipho, ngisho noma amaphutha akhe njengobaba nanjengompristi ophakeme ayaziwa yiwo wonke umuntu kwa-Israyeli. (1 Sam. 1:15-18; 2:22-24) Amadoda ase-Athene athuka umphostoli uPawulu, ambiza ngokuthi ‘umuntu okhulumela safuthi.’ (IzE. 17:18) Noma kunjalo, uPawulu wakhuluma nawo ngenhlonipho. (IzE. 17:22) Kusobala ukuthi uthando olujulile ngoJehova nokwesaba ukumdumaza kungasenza sibabonise inhlonipho abanye, hhayi nje kuphela lapho kulula ukwenza kanjalo, kodwa ngisho nalapho kunzima. Ake sixoxe ngokuthi obani abafanelwe yinhlonipho yethu nangokuthi kungani kufanele sibahloniphe.
Nakuba ubaba wakhe amhlambalaza, uJonathani waqhubeka elwela ubaba wakhe futhi emsekela njengenkosi (Bheka isigaba 6)
HLONIPHA AMALUNGU OMNDENI
7. Yini engenza kube nzima ngathi ukuba sihloniphe amalungu omndeni?
7 Inselele. Sichitha isikhathi esiningi nemindeni yethu. Ngenxa yalokho sazi izimfanelo ezinhle namaphutha amalungu emindeni yethu. Amanye kungenzeka anesifo esenza kube nzima ukuba siwanakekele, noma kungenzeka ahlushwa ukukhathazeka ngokweqile. Amanye angase asho noma enze izinto ezisizwisa ubuhlungu. Kunokuba azame ukwenza ikhaya lawo libe yindawo yokuphumula nenokuthula, amanye alenza libe yindawo yezingxabano ngokungawahloniphi amanye amalungu omndeni. Ngenxa yalokho akubi nokuzwana ekhaya. Njengesifo samathambo esenza amalunga omzimba angakwazi ukusebenzisana kahle, ukungahloniphi kwenza amalungu omndeni angasebenzi ngokubambisana. Kodwa ngokungefani nesifo samathambo esingeke sikwazi ukuselapha thina ngokuphelele, singakwazi ukungakuvumeli ukungabi nanhlonipho ukuba kulimaze ubuhlobo esinabo namalungu emindeni.
8. Kungani kubalulekile ukubonisa amalungu emindeni yethu inhlonipho? (1 Thimothewu 5:4, 8)
8 Kungani kufanele sibonise inhlonipho? (Funda eyoku-1 Thimothewu 5:4, 8.) Encwadini yakhe yokuqala ayibhalela uThimothewu, uPawulu wakhuluma ngendlela amalungu omndeni okufanele anakekele ngayo izidingo zomunye nomunye. Wachaza ukuthi akufanele sidumise amalungu omndeni ngoba nakhu nje kufanele senze kanjalo, kodwa kufanele siwadumise ngenxa yokuthi ‘sizinikele kuNkulunkulu.’ Le nkulumo ibhekisela ekukhonzeni uNkulunkulu ngobuqotho nasenkonzweni esimenzela yona. UJehova wasungula ilungiselelo lomndeni. (Efe. 3:14, 15) Ngakho lapho sidumisa ilungu lomndeni, empeleni sisuke sidumisa uJehova, uMsunguli womndeni. (1 Thim. 5:4) Leso yisizathu esibaluleke ngempela sokubonisa amalungu emindeni yethu inhlonipho!
9. Indoda nomkayo bangabonisana kanjani inhlonipho? (Bheka nezithombe.)
9 Indlela esingabonisa ngayo inhlonipho. Umyeni odumisa umkakhe ubonisa umkakhe ukuthi uyigugu kuye lapho bebodwa nalapho bephambi kwabantu. (IzAga 31:28; 1 Pet. 3:7) Akalokothi amshaye, amhlambalaze noma amenze azizwe engelutho. U-Ariel,a ohlala e-Argentina, uthi: “Ngenxa yokugula komkami, ngezinye izikhathi usho izinto ezingiphatha kabi. Lapho enza kanjalo, ngiyazikhumbuza ukuthi usuke engaqondile ukusho lezo zinto. Lapho isimo sishubile, ngizikhumbuza eyoku-1 Korinte 13:5, engikhuthaza ukuba ngikhulume ngendlela enenhlonipho kunokukhuluma ngendlela elulazayo.” (IzAga 19:11) Inkosikazi edumisa umyeni wayo ikhuluma kahle ngaye kwabanye. (Efe. 5:33) Iyakugwema ukumbhuqa, ukuhlekisa ngaye nokumbiza ngamagama ayiziswana; iyaqaphela ukuthi ukuziphatha okunjalo kuyowulimaza umshado wabo. (IzAga 14:1) Udade wase-Italy onomyeni ohlushwa yisifo sokukhathazeka uthi: “Ngezinye izikhathi, ngiba nomuzwa wokuthi umyeni wami ukhathazeka ngokweqile. Esikhathini esidlule, izinto engangizisho nendlela enganginyakazisa ngayo ubuso bami kwakubonisa ukuthi angimhloniphi. Kodwa ngithole ukuthi lapho ngichitha isikhathi esiningi nabantu abakhuluma ngabanye abantu ngenhlonipho, ngikhuthazeka nakakhulu ukuba ngimbonise inhlonipho umyeni wami.”
Lapho siwabonisa inhlonipho amalungu emindeni yethu, sidumisa iNhloko yomndeni wethu, uJehova (Bheka isigaba 9)
10. Abasebasha bangabonisa kanjani ukuthi bayabahlonipha abazali babo?
10 Basha, hloniphani imithetho eniyibekelwe abazali benu. (Efe. 6:1-3) Khulumani ngenhlonipho nabazali benu. (Eks. 21:17) Njengoba bekhula, abazali benu bangase badinge ukuba nibanake kakhudlwana. Yenza konke ongakwenza ukuze ubanakekele. Cabanga ngesibonelo sikaMaría, onobaba ongeyena uFakazi KaJehova. Ngesikhathi ubaba wakhe egula, wayekwenza kube nzima ngoMaría ukuba amnakekele. Uyakhumbula: “Angigcinanga nje ngokuthandazela ukuba ngimhloniphe ubaba, kodwa ngathandazela nokuba ngikwazi nokumbonisa inhlonipho. Ngazitshela ukuthi uma uJehova engiyala ukuba ngidumise abazali bami, kunengqondo ukuphetha ngokuthi angakwazi nokunginika amandla okwenza kanjalo. Ngokuhamba kwesikhathi, ngaqonda ukuthi ubaba akudingeki ashintshe indlela aziphatha ngayo ukuze ngimhloniphe.” Lapho sidumisa amalungu omndeni naphezu kwamaphutha awo, sifakazela ukuthi siyalihlonipha ilungiselelo likaJehova.
BABONISE INHLONIPHO OKHOLWA NABO
11. Kungani kungase kube nzima ukuhlonipha esikholwa nabo?
11 Inselele. Esikholwa nabo baphila ngemithetho yeBhayibheli; kodwa ngezinye izikhathi bangase basiphathe ngendlela engabonisi umusa, basahlulele basho izinto ezingelona iqiniso ngathi, noma basicasule. Uma esikholwa naye esinika ‘isizathu sokukhononda,’ kungase kube nzima ukuqhubeka simhlonipha. (Kol. 3:13) Yini engasisiza ukuba siqhubeke simbonisa inhlonipho?
12. Kungani kubalulekile ukuhlonipha esikholwa nabo? (2 Petru 2:9-12)
12 Kungani kufanele sibonise inhlonipho? (Funda eyesi-2 Petru 2:9-12.) Encwadini yakhe yesibili ephefumulelwe, uPetru wathi abanye ebandleni lobuKristu langekhulu lokuqala babengakhulumi ngenhlonipho ‘ngabakhazimulayo,’ okuwukuthi, abadala abangamaKristu. Zasabela kanjani izingelosi ezithembekile ezakubona lokho okwakwenzeka? “Ngenxa yokuhlonipha uJehova,” azizange zisho ngisho igama elilodwa ngalabo bantu ababenza okungafanele. Cabanga nje! Lezo zingelosi ezingenaphutha zaqikelela ukuba zingakhulumi kabi ngalawo madoda aqhoshayo. Kunalokho zakushiyela kuJehova ukuba awahlulele futhi awakhuze. (Roma 14:10-12; qhathanisa noJude 9.) Kukhona esingakufunda kulezo zingelosi. Uma kufanele sibahloniphe abasiphikisayo, kumele ukuba kufanele sibahloniphe ngisho nakakhulu esikholwa nabo. Kufanele ‘sihole’ ekubaboniseni udumo. (Roma 12:10) Ukwenza kanjalo kubonisa ukuthi siyamhlonipha uJehova.
13-14. Singababonisa kanjani inhlonipho labo esinabo ebandleni? Nikeza izibonelo. (Bheka nezithombe.)
13 Indlela esingabonisa ngayo inhlonipho. Abadala bazama ukufundisa abanye ngendlela enothando. (Filem. 8, 9) Uma kudingeka weluleke othile, meluleke ngomusa, hhayi ngesikhathi osuke uthukuthele ngaso. Bodade, ningadlala indima enkulu ekwenzeni ibandla libe nenhlonipho nasekugcineni lowo moya wenhlonipho ngokugwema ukuhleba noma ukunyundela. (Thithu 2:3-5) Sonke singabonisa ukuthi siyabahlonipha abadala bebandla ngokubambisana nabo nangokubabonga ngokusebenza ngokuzikhandla ukuze baqhube imihlangano yebandla, baqondise umsebenzi wokushumayela, basize nalabo abathathe “isinyathelo okungesona.”—Gal. 6:1; 1 Thim. 5:17.
14 Udade okuthiwa uRocío wayekuthola kunzima ukuhlonipha umdala owayemnike iseluleko. Uthi: “Ngaba nomuzwa wokuthi wakhuluma nami ngendlela engabonisi uthando. Lapho ngisekhaya, ngangikhuluma kabi ngaye. Nakuba ngangizama ukukufihla, ngaphakathi ngangizingabaza izisusa zakhe futhi angisilalelanga iseluleko sakhe.” Yini eyasiza uRocío? Uyachaza: “Ngesikhathi ngifunda iBhayibheli, ngafunda eyoku-1 Thesalonika 5:12, 13. Lapho ngiqaphela ukuthi ngangingambonisi inhlonipho lo mzalwane, unembeza wami waqala ukungihlupha. Ngathandaza kuJehova, ngacwaninga nasezincwadini zethu ukuze ngithole okungangisiza ngilungise isimo sami sengqondo. Ekugcineni ngaqaphela ukuthi inkinga kwakungeyena umzalwane, kodwa yimi engangiziphakamisa. Manje sengiyaqonda ukuthi kudingeka ngithobeke ukuze ngikwazi ukuhlonipha abanye. Kusadingeka ngithuthukise, kodwa njengoba ngilwela ukubonisa inhlonipho ngizizwa nginokuthula noJehova.”
Sonke singabonisa ukuthi siyabahlonipha abadala bebandla ngokubambisana nabo nangokubabonga ngokusebenza kwabo ngokuzikhandla (Bheka izigaba 13-14)
BABONISE INHLONIPHO LABO ESINGAKHOLWA NABO
15. Kungani kungase kube nzima ukuhlonipha labo esingakholwa nabo?
15 Inselele. Enkonzweni yasensimini sivame ukuhlangana nabantu ababonakala bengawathandi amaqiniso eBhayibheli. (Efe. 4:18) Abanye bakhetha ukungawulaleli umyalezo esiwushumayelayo ngenxa yendlela abakhuliswe ngayo. Kungase kudingeke sisebenzelane nabaqashi noma nothisha okunzima ukubajabulisa kanye nesisebenza nabo noma esifunda nabo okunzima ukusebenzelana nabo. Ngokuhamba kwesikhathi, ingase inciphe inhlonipho esinayo ngabantu abanjalo futhi singase sihluleke ukubaphatha ngendlela esingathanda ukuphathwa ngayo.
16. Kungani kubalulekile ukubabonisa inhlonipho labo abangakamkhonzi uJehova? (1 Petru 2:12; 3:15)
16 Kungani kufanele sibonise inhlonipho? Khumbula ukuthi uJehova uyayibona indlela esiphatha ngayo labo abangakamkhonzi. Umphostoli uPetru wakhumbuza amaKristu ukuthi ukuziphatha kahle kwawo kungenza abanye ‘bakhazimulise uNkulunkulu.’ Ngenxa yalokho, wawayala ukuba achaze izinkolelo zawo “ngomoya omnene nangenhlonipho ejulile.” (Funda eyoku-1 Petru 2:12; 3:15.) Kungakhathaliseki ukuthi amaKristu ayechaza izinkolelo zawo enkantolo noma noma kumakhelwane, kwakufanele aphathe abangakholwa ngendlela abengabaphatha ngayo ukube ebephambi kukaNkulunkulu. Khumbula ukuthi uJehova usibhekile futhi uyakulalela esikushoyo nendlela esikusho ngayo. Leso yisizathu esibaluleke ngempela sokuhlonipha labo esingakholwa nabo!
17. Singababonisa kanjani inhlonipho labo esingakholwa nabo?
17 Indlela esingabonisa ngayo inhlonipho. Lapho sishumayela, asifuni nanini ukwenza abantu bacabange ukuthi sibabukela phansi labo abanolwazi oluncane ngeBhayibheli noma abangenalo nhlobo. Kunalokho, sifuna ukubheka abanye njengabayigugu kuNkulunkulu nanjengabakhulu kunathi. (Hag. 2:7; Fil. 2:3) Uma umuntu ekudelela ngenxa yezinkolelo zakho, melana nesifiso sokuziphindiselela, njengokuthi usho into eyihlaya kodwa embhuqayo. (1 Pet. 2:23) Uma kwenzeka usho into ozisolayo ngayo, xolisa ngokushesha. Ungayibonisa kanjani inhlonipho emsebenzini? Sebenza ngokuzikhandla, uzame ukubheka okuhle kosebenza nabo nakulabo abakuqashile. (Thithu 2:9, 10) Uma uyisisebenzi esithembekile, esikhuthele nesisebenza ngomphefumulo wonke, kungenzeka ubajabulise noma ungabajabulisi ngaso sonke isikhathi abantu, kodwa nakanjani uyomjabulisa uNkulunkulu.—Kol. 3:22, 23.
18. Kungani kuwusizo ukulwela ukuba nenhlonipho nokubabonisa inhlonipho abanye?
18 Sinezizathu ezinhle ngempela zokulwela ukuba nenhlonipho nokuyibonisa abanye! Sibonile ukuthi lapho siwabonisa inhlonipho amalungu omndeni wethu, sidumisa iNhloko yomndeni wethu, uJehova. Ngendlela efanayo, lapho sibabonisa inhlonipho abafowethu nodadewethu abangokomoya, sidumisa uBaba wethu osezulwini. Lapho sibabonisa inhlonipho labo esingakholwa nabo, senza kube lula ngabo ukuba ngelinye ilanga bakhazimulise, noma badumise, uNkulunkulu wethu omkhulu. Ngisho noma abanye abantu kungenzeki basihloniphe, kuyoba wusizo ukulwela ukuba nenhlonipho nokubabonisa inhlonipho. Kungani? Kungenxa yokuthi uJehova uzosibusisa. Uyasithembisa: “Labo abangidumisayo ngiyobadumisa.”—1 Sam. 2:30.
INGOMA 129 Masiqhubeke Sikhuthazela
a Amanye amagama ashintshiwe.