Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • wp24 No. 1 kk. 6-9
  • Okuhle Nokubi: IBhayibheli Liyisiqondiso Esingasethemba

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuhle Nokubi: IBhayibheli Liyisiqondiso Esingasethemba
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2024
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • ISIQONDISO ESISIDINGAYO
  • IBHAYIBHELI LIYASITSHELA UKUTHI YINI UNKULUNKULU AFUNA SIYENZE
  • Okunye Okungasiza Imindeni
    I-Phaphama!—2018
  • Yini Engakusiza Ube Nekusasa Elilondekile?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2021
  • Okuhle Nokubi: Kufanele Sikhethe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2024
  • Isiqondiso Esidlula Umzwelo Ongokwemvelo
    I-Phaphama!—2007
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2024
wp24 No. 1 kk. 6-9

Okuhle Nokubi: IBhayibheli Liyisiqondiso Esingasethemba

Ukusekela izinqumo zethu endleleni esizizwa ngayo noma endleleni abanye abazizwa ngayo akuqinisekisi ukuthi ziyophumelela. IBhayibheli liyasitshela ukuthi kungani, kodwa aligcini lapho. Linesiqondiso esingasethemba esisisiza sihlukanise okubi nokuhle. Liyasisiza sibe nokuphila okujabulisayo nokwanelisayo.

ISIQONDISO ESISIDINGAYO

EBhayibhelini, uJehovaa uNkulunkulu usitshela ukuthi wayehlose ukuba abantu basifune kuye isiqondiso, bangaziqondisi bona. (Jeremiya 10:23) Yingakho esinikeze iziqondiso zendlela okufanele siziphathe ngayo eBhayibhelini. Uyabathanda abantu futhi ufuna bagweme ukungaqiniseki lapho benza izinqumo ezibalulekile ekuphileni ezizobenza bezwe ubuhlungu futhi badumazeke. (Duteronomi 5:29; 1 Johane 4:8) Ngaphezu kwalokho, njengoMdali wethu, uhlakaniphile futhi unolwazi oludingekayo ukuze asinikeze iseluleko sokuhlukanisa phakathi kokuhle nokubi. (IHubo 100:3; 104:24) Nokho, uNkulunkulu akaphoqi muntu ukuba aphile ngemithetho yakhe.

UJehova wanikeza indoda nowesifazane bokuqala, u-Adamu no-Eva, konke ababekudinga ukuze bahlale bejabule. (Genesise 1:​28, 29; 2:​8, 15) Wabanikeza imithetho ecacile ayelindele ukuba bayilandele. Nokho, wabayeka bazikhethela ukuthi babezoyilalela yini leyo mithetho noma cha. (Genesise 2:​9, 16, 17) Ngokudabukisayo, u-Adamu no-Eva bakhetha ukuphila ngeyabo imithetho kunokulalela ekaNkulunkulu. (Genesise 3:6) Waba yini umphumela? Ingabe kungcono ukuba abantu bazinqumele bona ukuthi yini enhle noma embi? Cha. Umlando ubonisa ukuthi ukungayinaki imithetho kaNkulunkulu akuyilethi injabulo nokuthula okuhlala njalo.—UmShumayeli 8:9.

IBhayibheli lisinikeza iseluleko esihlakaniphile esisisiza senze izinqumo ezinhle, kungakhathaliseki ukuthi siphuma emndenini onjani. (2 Thimothewu 3:​16, 17; bheka ibhokisi elithi “Incwadi Esiza Wonke Umuntu.”) Ake sibone ukuthi iBhayibheli likwenza kanjani lokhu.

Funda okwengeziwe, uthole ukuthi kungani iBhayibheli libizwa ngokuthi “izwi likaNkulunkulu.”—1 Thesalonika 2:13. Bukela ividiyo ethi Ngubani Umlobi WeBhayibheli? ku-jw.org.

INCWADI ESIZA WONKE UMUNTU

Singalindela ukuba uMdali onothando nohlakaniphile anikeze wonke umuntu iziqondiso ezisisiza sihlukanise phakathi kokubi nokuhle. Cabanga ngala maqiniso aphathelene neBhayibheli:

Abantu bezizwe ezihlukahlukene bafunda iBhayibheli. AmaBhayibheli anyathelisiwe nasemishinini yezobuchwepheshe aboniswe ngaphambili.
  • 3 500+ Leli yinani lezilimi iBhayibheli elitholakala ngazo liyingxenye, okulenza libe incwadi ehunyushwe kunazo zonke emhlabeni.

  • 5 000 000 000+ Leli yinani lamakhophi eBhayibheli anyathelisiwe, okulenza libe incwadi esakazwe ukuzedlula zonke emlandweni.

IBhayibheli aliphakamisi olunye uhlanga, ubuzwe, isizwe noma isiko kunelinye. Ngempela liyincwadi eyenzelwe bonke abantu.

Funda iBhayibheli ku-inthanethi (litholakala ngezilimi ezingaphezu kuka-250) ku-jw.org

Indoda ilandelisa ngomunwe njengoba ifunda iBhayibheli.

KUNGANI ABANYE BECABANGA UKUTHI IBHAYIBHELI NGEKE LIBASIZE?

Abanye abantu bathi iBhayibheli alinaso isiqondiso esingabasiza bakhethe phakathi kokuhle nokubi. Bangase basho lokhu okulandelayo.

Abanye abantu bathi: “IBhayibheli liyaziphikisa.”

Iqiniso liwukuthi: Ezinye izingxenye ezibonakala ziphikisana singakwazi ukuziqonda ngokuhlola umongo wendaba, amaqiniso angokomlando, indlela umbhali ayebheka ngayo izinto nokunye.

Ukuze uthole izibonelo zalokhu, funda isihloko esithi “Ingabe IBhayibheli Liyaziphikisa?” ku-jw.org.

Abanye abantu bathi: “Abantu abathi bafunda iBhayibheli benza izinto ezimbi, ngakho kumele ukuba alinaso isiqondiso esikahle.”

Iqiniso liwukuthi: Angeke sisole iBhayibheli ngokuziphatha kabi kwabantu abangakusebenzisi lokho elikushoyo. Labikezela ukuthi abantu abaningi okuhlanganisa abaholi benkolo, abathi bayakwenza lokho elikushoyo, babeyokwenza okuphambene nalokho elikufundisayo. IBhayibheli liphinde lithi umphumela walokho uba ukuthi izimfundiso zalo ‘ziyahlanjalazwa.’—2 Petru 2:​1, 2.

Ukuze uthole isibonelo esisodwa sezindlela abaholi benkolo abaye banhlanhlatha ngazo kulokho okufundiswa yiBhayibheli, funda isihloko esithi “Ingabe Inkolo Isiphenduke Ibhizinisi Elikhulu?” ku-jw.org.

Abanye abantu bathi: “Abantu abafunda iBhayibheli ababahloniphi abantu abenza izinto ezihlukile kubo.”

Iqiniso liwukuthi: IBhayibheli likhuthaza ukuba abantu bahloniphane. Alikhuthazi. . .

  • ukuzibona umkhulu kunabanye.—Filipi 2:3.

  • ukudelela abantu abahlukile noma abanezinkolelo ezihlukile.—1 Petru 2:17.

  • ukuphoqa abantu ukuba bavumelane nemibono yethu—Mathewu 10:14.

IBhayibheli libonisa ukuthi uNkulunkulu uhlale ebaphatha ngomusa nangobulungisa abantu futhi ufuna nathi senze okufanayo.—Roma 9:14.

Ukuze uthole okwengeziwe, funda isihloko esithi “Ukubekezelelana—Lingasiza Yini IBhayibheli?” ku-jw.org.

IBHAYIBHELI LIYASITSHELA UKUTHI YINI UNKULUNKULU AFUNA SIYENZE

IBhayibheli liyincwadi enembile futhi enomlando obonisa indlela uJehova ayesebenzelana ngayo nabantu. Elikuqukethe kungasisiza sibone ukuthi yini uNkulunkulu ayibheka njengelungile nengalungile, ezuzisayo neyingozi. (IHubo 19:​7, 11) Sithola imithetho engaphelelwa isikhathi esisiza senze izinqumo ezihlakaniphile lapho sikhetha phakathi kokuhle nokubi nsuku zonke.

Ngokwesibonelo, cabanga ngeseluleko esisithola encwadini yezAga 13:20: “Ohamba nabahlakaniphile uyohlakanipha, kodwa osebenzelana neziphukuphuku kuyomhambela kabi.” Lesi seluleko sisasebenza esikhathini sethu njengoba sasisebenza endulo. Ziningi izeluleko eziwusizo njengalezi eBhayibhelini.—Bheka ibhokisi elithi “Ukuhlakanipha OkuseBhayibhelini Akuphelelwa Isikhathi.”

Kodwa ungase uzibuze, ‘Izeluleko zeBhayibheli zingangisiza kanjani mina?’ Isihloko esilandelayo sizokhuluma ngezibonelo zabantu abasebenzisa iseluleko seBhayibheli.

a UJehova yigama likaNkulunkulu.—IHubo 83:18.

UKUHLAKANIPHA OKUSEBHAYIBHELINI AKUPHELELWA ISIKHATHI

Nakuba iBhayibheli labhalwa futhi laqedwa eminyakeni engaba ngu-2 000 edlule, lisewusizo nasesikhathini sethu. Abantu abakashintshi, basafuna ukwaneliseka nokujabula ekuphileni. (UmShumayeli 1:9) Ukuhlakanipha okuseBhayibhelini okungaphelelwa isikhathi kungasisiza sithole ukwaneliseka futhi sijabule.

Ukwethembeka

  • “Sifisa ukuziphatha ngokwethembeka ezintweni zonke.”—Hebheru 13:18.

  • “Owebayo makangabe eseba; kunalokho makasebenze kanzima.”—Efesu 4:28.

Ubudlelwane Bethu Nabanye

  • “Yilowo nalowo makangazifuneli inzuzo yakhe siqu, kodwa eyomunye umuntu.”—1 Korinte 10:24.

  • “Qhubekani nibekezelelana futhi nithethelelana ngokukhulukile.”—Kolose 3:13.

Ukwenza Izinqumo

  • “Oyisiphukuphuku ukukholwa konke akuzwayo, kodwa okhaliphile uyacabangisisa ngazo zonke izinyathelo zakhe.”—IzAga 14:15.

  • “Onokuqonda uyayibona ingozi acashe, kodwa abangenalwazi bayaqhubeka behamba bese beyavuna.”—IzAga 22:3.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela