Ingabe indlela esizizwa ngayo iyohlale iyisiqondiso esingasethemba?
Okuhle Nokubi: Abaningi Baqondiswa Yini?
Cishe abantu abaningi bayavuma ukuthi ezinye izenzo zimbi noma zinhle. Ngokwesibonelo, abantu abaningi bathi kubi ukubulala, ukudlwengula, ukunukubeza izingane ngokocansi kanti baphinde bathi kuhle ukungakhethi, ukuba nomusa nozwela. Kodwa abantu abaningi bakholelwa ukuthi ayikho indlela embi noma enhle uma kuziwa ezindabeni ezithinta ucansi, ukwethembeka noma ukukhulisa izingane. Bacabanga ukuthi noma yini oyikhethayo iyamukeleka. Ngokuvamile, abantu benza izinqumo ngokwendlela abazizwa ngayo nangokwendlela abanye abazizwa ngayo ngaleyo ndaba. Ingabe leyo indlela esingayethemba yokwenza izinqumo?
INDLELA ESIZIZWA NGAYO
Sijwayele ukwenza izinqumo ngenxa yendlela esizizwa ngayo noma ngenxa yomuzwa ongaphakathi kithi wokuhlukanisa okubi nokuhle, obizwa ngokuthi unembeza. (Roma 2:14, 15) Ngisho nezingane ziyakwazi ukubona izenzo zobulungisa nezokungabi nabulungisa futhi ziba nawo umuzwa wecala. Ngokuhamba kwesikhathi, unembeza wethu ulolongwa izinto esizifundiswe emndenini, ontanga, othisha, umphakathi, inkolo kanye nezinto esikhule zenziwa. Lapho senza izinqumo, unembeza wethu uyasitshela ukuthi lokhu esikukhethayo kuyahambisana yini nalokho esifundiswe khona.
Umuzwa esinawo wokubona okuhle nokubi ungasenza sibonise uzwela, ukubonga, ubulungisa futhi sizifake ezicathulweni zabanye. Ungaphinde usivimbe ukuba singezi izinto ezingaphatha kabi abantu esibathandayo noma ezingasibangela amahloni, ukuphoxeka nomuzwa wecala.
Ingabe kufanele sihlale siqondiswa indlela esizizwa ngayo? UGarrick wathi lapho eseyinsizwa wayenza noma yini ayefuna ukuyenza. Kodwa wathola ukuthi lokho ayekwenza futhi ayecabanga ukuthi kulungile akuzange kube nemiphumela emihle. Kamuva wachaza impilo ayeyiphila ngokuthi “ubumnyama obugcwele ukuziphatha kabi ngokocansi, ukudla izidakamizwa, ukudakwa nodlame.”
INDLELA ABANYE ABANTU ABAZIZWA NGAYO
Sijwayele ukuqondiswa yindlela abanye abazibheka ngayo izinqumo zethu naphezu kwendlela esizizwa ngayo. Lokho kungasisiza sifunde kubo nasekuhlakanipheni kwabo. Umndeni wethu, abangani nomphakathi bayasihlonipha uma senza lokho abacabanga ukuthi kulungile.
Ingabe indlela abanye abazizwa ngayo ihlale iyisiqondiso esingasethemba? UPriscila wayenza okwakwenziwa ontanga yakhe futhi wayelwenza ngokukhululeka ucansi ebe engashadile. Nakuba ayenza lokho abanye ababecabanga ukuthi kulungile, wathi: “Ukwenza lokho abanye ababekwenza akungijabulisanga futhi kwangenza ngathatha izinqumo eziwubuwula neziyingozi.”
IKHONA YINI INDLELA ENGCONO YOKWENZA IZINQUMO?
Lapho kufanele sikhethe phakathi kokuhle nokubi, imizwa yethu neyabanye idlala indima ebalulekile. Kodwa leyo mizwa iyodwa ayihlali inemiphumela emihle. Ngezinye izikhathi, singase sizizwise thina ubuhlungu nabanye ngenxa yokungaboni ukuthi izinqumo esizenzayo zingasiholela kuphi. (IzAga 14:12) Ngaphezu kwalokho, asikho isiqinisekiso sokuthi imibono yethu noma eyabanye iyohlala isenza siphumelele nokuthi ngeke ishintshe. Ngaphezu kwakho konke, izenzo ezazingamukeleki manje seziyamukeleka kanti izenzo ezazamukeleka manje sezibhekwa njengezingafaneleki.
Ingabe ukulandela abanye abantu kuhlezi kuyindlela esingayethemba?
Ikhona yini into engasiqondisa ukuze sinqume phakathi kokuhle nokubi? Ikhona yini indlela esingayilandela ezosenza singazisoli eminyakeni ezayo kusukela manje?
Siyabonga ngokuthi ukhona umthombo ongashintshi nothembekile onendlela okufanele siziphathe ngayo, ongasiza wonke umuntu. Isihloko esilandelayo sizochaza ukuthi singawuthola kuphi umthombo othembekile ongasisiza sikhethe phakathi kokubi nokuhle.