Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • wp24 No. 1 kk. 14-15
  • Okuhle Nokubi: Kufanele Sikhethe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuhle Nokubi: Kufanele Sikhethe
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2024
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Khonza UJehova Ngokwezindinganiso Zakhe Eziphakeme
    Lukhumbule Njalo Usuku LukaJehova
  • Izimiso ZikaJehova Ziyasisiza
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Abantu BakaJehova Bayakuthanda Ukulunga
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2022
  • Ezikabani Izindinganiso Ongazethemba?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2024
wp24 No. 1 kk. 14-15
Insizwa esiyibone esithombeni esedlule ibuka ibanga esilihambile ngenjabulo njengoba isisesiqongweni sentaba.

Okuhle Nokubi: Kufanele Sikhethe

Ukuthi siyajabula yini ekuphileni noma cha kuyoncika ekutheni sikhetha ukuphila okunjani. UJehova uNkulunkulu naye uyakwazi lokho. Yingakho efuna siphile ngemithetho yakhe.

UJehova ufuna siphile ukuphila okunokuthula nokujabulisayo.

“Mina, Jehova, nginguNkulunkulu wakho, Lowo okufundisayo ukuze uzuze, Lowo okuqondisa endleleni okufanele uhambe ngayo. Ukube nje ubuyoyilalela imiyalo yami! Ukuthula kwakho bekuyoba njengomfula nokulunga kwakho kube njengamagagasi olwandle ahlale egubha.”—Isaya 48:​17, 18.

UNkulunkulu uyayazi indlela engcono kakhulu okufanele siphile ngayo ngoba unguMdali wethu. Ufuna silalele imithetho yakhe ngoba izosisiza. Uma siyilalela, ngeke kudingeke sikhathazeke ngokuthi izinqumo zethu ziyoba nomphumela omuhle yini noma cha. Siyohlale senza izinqumo ezifanele ezisenza sibe nenjabulo nokuthula.

UJehova akasiceli ukuba senze into esingeke sikwazi ukuyenza.

“Lo myalo engikuyala ngawo namuhla awulukhuni kuwe futhi ungakwazi ukuwufinyelela.”—Duteronomi 30:11.

Uma sifuna ukuphila ngemithetho kaNkulunkulu yokuziphatha, kungase kudingeke sishintshe indlela esicabanga ngayo nendlela esenza ngayo izinto. UJehova akasiceli ukuba senze izinto esingeke sikwazi ukuzenza. NjengoMdali wethu, uyakwazi lokho esingakwenza. Njengoba siqhubeka simazi uJehova, sizothola ukuthi “imiyalo yakhe ayiwona umthwalo.”—1 Johane 5:3.

OFakazi BakaJehova batadisha iBhayibheli nowesifazane ngencwadi ethi “Phila Kuze Kube Phakade!”

UJehova uthembisa ukubasiza labo abakhetha ukuphila ngemithetho yakhe.

“Mina, Jehova uNkulunkulu wakho, ngibambe isandla sakho sokudla, Mina engithi kuwe, ‘Ungesabi. Ngizokusiza.’”—Isaya 41:13.

Singakwazi ukuphila ngemithetho kaNkulunkulu ngoba uyosisiza. Angasebenzisa iZwi lakhe, iBhayibheli, elisinikeza isikhuthazo nethemba.

Izigidi zabantu emhlabeni zithole ukuthi ukuphila ngemithetho kaNkulunkulu kwenze ukuphila kwazo kwaba ngcono. Funda okwengeziwe ukuze uthole ezinye izeluleko eziseBhayibhelini. Ungaqala ngokufunda incwajana esekelwe eBhayibhelini ethi Phila Kuze Kube Phakade! etholakala mahhala ku-jw.org. Inalezi zihloko:

  • Lingakusiza Kanjani IBhayibheli?

  • IBhayibheli Linikeza Ithemba

  • Ungalethemba Yini IBhayibheli?

Njengoba uqhubeka utadisha iZwi likaNkulunkulu, uzothola ukuthi aliphelelwa isikhathi; ‘lihlala lithembekile manje naphakade.’ (IHubo 111:8) Ukulandela imithetho etholakala eBhayibhelini kuyindlela engcono kunazo zonke esingaphila ngayo. Kodwa uNkulunkulu ngeke asiphoqe ukuba siyilalele. (Duteronomi 30:​19, 20; Joshuwa 24:15) Kufanele sizikhethele thina.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela