Ingabe Niyalihlonipha IHholo Lenu LoMbuso?
1 “Bheka, kuhle, kumnandi kangaka ukuba abazalwane bahlalisane ndawonye bemunye.” (IHu. 133:1) Imihlangano eHholo lethu LoMbuso isinikeza ithuba lokuba sibe munye nabazalwane bethu ukuze sivuselelane othandweni nasemisebenzini emihle, sikhuthazane.—Heb. 10:24, 25.
2 Njengoba iHholo LoMbuso noma indawo esiyiqashile ifeza umsebenzi obaluleke kangaka ekuphileni kwethu, ingabe siyalihlonipha ngempela? IHholo LoMbuso liyisikhungo sokukhulekela kweqiniso endaweni. Khona-ke, kumelwe silihloniphe ngokujulile. Sonke kumelwe sibe nomuzwa wesidingo sokuhlanganyela ekuligcineni lihlanzekile futhi lisesimweni esihle. Kunezikhathi lapho iqembu lethu lesifundo sencwadi liyokwabelwa ukuba lihlanze ihholo. Uma kunokwenzeka ngathi ukuba sikwazi ukuhlanganyela kulowomsebenzi, kumelwe sifune ukwenza kanjalo, ngaleyondlela sibonise ukwazisa kwethu ngendawo yokuhlangana ehlanzekile nekhangayo.
3 Sonke singasibonisa isithakazelo eHholo LoMbuso, kungakhathaliseki ukuthi sabelwe ukulihlanza noma cha. Kanjani? Ngesenzo nje esilula njengokusula izinyawo zethu lapho singena ehholo ukuze singangeni nokungcola. Lokhu kuyiqiniso ikakhulukazi lapho isimo sezulu singesihle. Uma kuye kwadingeka ukuba sisebenzise indlu yangasese, singasula usinki ngemva kokuwusebenzisa ukuze siwushiye uhlanzekile ngenxa yomuntu olandelayo. Labo abasebenza ezindaweni zezincwadi nomagazini bangabonisa isithakazelo sabo ngokulahla ngokushesha amabhokisi angenalutho. Zonke izibi kufanele zifakwe emigqonyeni elungiselelwe leyonjongo. Uma sibona amaphepha alahliwe noma omunye udoti phansi, kufanele sikucoshe kunokuba sikushiyele omunye ukuba akucoshe. INkonzo Yethu YoMbuso yangoJanuary 1989 yanikeza ukusikisela endabeni yokugcina ibhodi lezaziso licocekile. Abanye kumelwe babambisane nombonisi owengamele ekuqikeleleni ukuthi lesiseluleko siyalandelwa.—kmZU 1/89 k. 3.
4 Isimiso esifanayo siyasebenza lapho siya emihlanganweni yesifunda neyesigodi. Indawo yomhlangano iyisikhungo sokukhulekela okuhlanzekile, kungakhathaliseki ukuthi ingenye yamaHholo ethu oMhlangano noma enye indawo ethile, futhi kumelwe iphathwe ngenhlonipho. Kumelwe njalo sibheke la pho sesihamba ukuze siqiniseke ukuthi asishiyi noma imuphi udoti lapho besihleli khona. Kumelwe sibe nesimo sokusiza futhi singabi nomuzwa wokuthi bakhona labo ababelwe ukuhlanza futhi bazosicoshela.
UKUHLANGANYELA IHHOLO
5 Ngenxa yokubiza kwesakhiwo, amaHholo oMbuso amaningi asetshenziswa amabandla angaphezu kwelilodwa. Kwamanye amazwe, amabandla ayisihlanu noma ayisithupha angase ahlanganyele iHholo LoMbuso elilodwa. Ibandla ngalinye kumelwe libe nesithakazelo eHholo LoMbuso, liqaphela ukuthi lingelikaJehova futhi lisetshenziselwa ukukhulekelwa kwakhe. Ngakho inhlonipho ngeHholo LoMbuso ayihlanganisi nje kuphela uthando lwethu ngoJehova kodwa futhi nothando lwethu ngabazalwane bethu abakwamanye amabandla asebenzisa ihholo.
6 Ngokuvamile, ukuhlanzwa kweHholo LoMbuso kwenziwa kanye ngesonto. Lapho ihholo lisetshenziswa amabandla angaphezu kwelilodwa, kudingekile Ukuba kwenziwe ukucoca okuthile ngemva komhlangano ngamunye ukuze ibandla elilandelayo eliza ehholo lilithole lisesimweni esihle. Lokhu kuyasebenza futhi nangamaSonto lapho elinye ibandla liza ngokushesha ngemva kwelinye. Kuhle ukuba kwenziwe ukucoca okuthile uma isikhathi sivuma ngenxa yebandla elilandelayo. Lapho kunamabandla amaningana asebenzisa ihholo ngosuku olulodwa, lingaba elingacocekile ngempela ekushoneni kwelanga uma kungekho muntu okunakekelayo lokhu.
7 Ngisho nanjengoba ‘sipheleliswe emqondweni munye nasekuboneni kunye’ lapho kuziwa ezindabeni ezingokomoya, kwasengathi singaba munye futhi nasekuboniseni inhlonipho ngamaHholo oMbuso.—1 Kor. 1:10.