Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 8/89 k. 7
  • Izaziso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izaziso
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1989
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1989
km 8/89 k. 7

Izaziso

● Isipho sencwadi sangoAugust: Enye yezincwajana ezilandelayo ezingangomagazini ngomnikelo ka-60c: Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade!, UHulumeni Oyoletha IPharadesi, “Bheka, Ngenza Konke Kube-Kusha,” noma IGama LaPhezulu Eliyohlala Phakade. Insimu engabelwe: Isipho esivamile sangoAugust, izincwadi ezindala ngesiBhunu, isiTsonga, isiVenda nesiXhosa njengoba kwaphawulwa encwadini eyayivela eNhlanganweni yangoApril 20,1989, futhi lapho kuboniswe khona isithakazelo, kungahanjiswa incwadi Umvuthwandaba WesAmbulo ngomnikelo ka-R6,00. NgoSeptember: Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni ngomnikelo ka-R7,50. Izincwadi ezincane ngo-R3,75. Ngo-October: Isikhokhelo sonyaka sePhaphama! ngomnikelo kaR6,00 noma seNqabayokulinda ngomnikelo ka-R12,00 noma zombili, ngomnikelo ka-R18,00. NgoNovember: Ukwenza Ukuphila Komkhaya Wakho Kujabulise nethi “Bheka, Ngenza Konke Kube-Kusha,” ngomnikelo ka-R3,25.

● Ngenxa yezindleko ezikhulayo kanye nokwehla okuqhubekayo kwerandi uma liqhathaniswa nedollar, kuye kwadingeka ukuba kukhushulwe amanani azo zonke izincwadi zethu. Lokhu kukhushulwa kwamanani kuyoqala ukusebenza kusukela ngoSeptember 1, 1989. Inani lomagazini labamemezeli manje lizoba u-60c futhi izikhokhelo zibe u-R12,00. Sithumela amakhophi eCost List entsha kuwo wonke amabandla. Enye ikhophi kumelwe ichonywe ebhodini lezaziso ngokushesha. Sinikhuthaza nonke ukuba nizijwayelanise namanani amasha.

● Ibandla ngalinye lizothola amafomu amathathu okuBalwa Kwezincwadi futhi kumelwe lizibale ngokoqobo izincwadi zomkhankaso. Sizani nigcwalise amafomu ngokugcwele futhi nisithumelele elokuqala kungakadluli umhla kaSeptember 6, 1989. Gcinani elesibili emafayilini enu. Sithumela ikhophi yesithathu engasetshenziswa njengephepha lokubalela.

● Amabandla kumelwe aqale uku-oda iKhalenda LoFakazi BakaJehova Lika-1990 e-odeni lawo lezincwadi langoSeptember. Amakhalenda abonisa futhi izindawo ezingokweBhayibheli futhi ayotholakala ngesiBhunu, isiShayina, isiNgisi, isiFulentshi, isiJalimane, isiGreki, isiNtaliyane, isiPutukezi, isiSuthu, isiXhosa, nesiZulu. Abanye bangase bathande ukuthola elinye ikhalenda futhi bafake izithombe zalo kuyiframe noma bazifake emqulwini ukuze bazisebenzise njalo. Lezithombe kumelwe zibe ukwandiswa okuyigugu komtapo wenu ongokwasezulwini. Sizani nikucabangele lokhu lapho nifaka ioda lenu. Amakhalenda ayisitokwe esi-odwa ngokulinganisela futhi ayofakwa ku-akhawunti yezincwadi ngo-R2,60 lilinye, okuyinani labamemezeli, amaphayona, neningi. Ningayithumeli imali ne-oda ngaphandle kokuba i-akhawunti yenu ingekho esimweni esihle eNhlanganweni. Khona-ke uma kunjalo kumelwe nithumele i-oda lenu nokheshe. Kuze kube yilapho amakhalenda etholakala futhi esethunyelwe, ayobhalwa ngokuthi “Kusazothunyelwa” kumainvoice ebandla.

Lapho nithola ikhalenda lika-1990, nizophawula ukuthi amazwi athi “Hlanganyela enkonzweni yasensimini” akhishiwe eSontweni lokuqala lenyanga nathi “Hlanganyela enkonzweni kamagazini” akhishiwe kuMgqibelo wesibili nowesine wenyanga. Kungani? Kungenxa yokuthi kuwumkhuba ofanelekile ngabamemezeli ukuba bahlanganyele enkonzweni yasensimini ngayo yonke iMigqibelo namaSonto abangakwazi ngayo. Ngempela, abaningi babeka isibonelo esihle ngokuhlanganyela enkonzweni cishe ngayo yonke iMigqibelo namaSonto phakathi nenyanga.

● Amakhasethi Amasha Atholakalayo: Ukulalela UMfundisi oMkhulu (amakhasethi amane nencwadi eyialbhamu; ibandla neningi: R27.00; amaphayona: R21.00)​—ngesiFulentshi

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela