Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 8/89 k. 8
  • Bhekisisani Ukuthi Nihamba Kanjani

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Bhekisisani Ukuthi Nihamba Kanjani
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1989
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isimiso Esisha SoMhlangano Wesifunda
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1999
  • Ukuthwala Umthwalo Wethu Wemfanelo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
  • Masihlale Siphapheme Futhi Siqaphe
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1990
  • Isimiso Esisha Somhlangano Wesifunda
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1995
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1989
km 8/89 k. 8

Bhekisisani Ukuthi Nihamba Kanjani

1 Isimiso esisha somhlangano wesifunda sonyaka wenkonzo ka-1990 siyoqala ngoSeptember. Siyogcizelela ukubaluleka kokubhekisisa indlela esihamba ngayo, ukuphishekela izinto eziletha ukuthula, kanye nokugwema izingibe eziningi ezibekwa endleleni yethu uSathane noquqaba lwakhe, olungokomoya kanye nolungabantu.

2 Ukuhamba endleleni yokulunga akuyikuba lula kulezinsuku zokugcina. Khona-ke, isimiso sezinsuku ezimbili somhlangano wesifunda siyonikeza isikhuthazo neseluleko esisebenzayo ukuze sisize abantu bakaJehova balondoloze ukulinganisela kwabo okungokomoya futhi bazibonakalise bengabagcini bobuqotho.

3 Isihloko somhlangano esithi, “Bhekisisani Ukuthi Nihamba Kanjani,” esisekelwe kwabase-Efesu 5:15,16, siyafaneleka ngempela ekuthuthukiseni nasekunikezeni ukwaziswa okulungiselelwe. Iseluleko siyonikezwa ngezinkulumo, imiboniso, okuhlangenwe nakho, izingxoxo, nemiboniso esangxoxo ebonisa izimo ezingokoqobo. NgoMgqibelo kuyoba nethuba ngabasanda kuzinikezela lokuba babhapathizwe. Khona-ke, labo abalungiselela ukubhapathizwa emhlanganweni wesifunda kumelwe bazise umbonisi owengamele kusengaphambili ukuze kwenziwe amalungiselelo okubukeza nabo imibuzo yabazobhapathizwa.

4 Isici esivelele somhlangano wesifunda inkulumo yeningi enikezwa umbonisi wesigodi. Isihloko senkulumo yakhe siyothi “Abaphathi Bokukhanya Ezweni Elimnyama.” Lengxoxo engokweBhayibheli iyoba nokwaziswa okubalulekile ngabantu abasanda kuthakazela, futhi iyoba ngekhuthazayo kulabo kakade asebekhonza njengezikhonzi zezindaba ezinhle.​—Math. 24:14.

5 Umbonisi wenu wesifunda uyonazisa ukuthi umhlangano wenu wesifunda uyoba nini futhi kuphi. Yenzani amalungiselelo aqondile okuba khona kuzo zonke izingxenye zesimiso ngazo zombili izinsuku. Akumelwe silahlekelwe yinoma iyiphi ingxenye yesimiso. UJehova uyoyibusisa imizamo yenu ngokunisiza ukuba nibhekisise ukuthi nihamba kanjani.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela