Basha, Fakazani Ngokuphumelelayo Esikoleni
1 Ukukhonza uJehova lapho usemusha futhi ugcwele ukwazisa ngezithembiso zakhe kuyinto ejabulisa ngokumangalisayo. (UmSh. 12:1) Nina basha ninethuba elikhethekile lokuhlanganyela iqiniso nalabo enifunda nabo kanye nothisha, insimu ngokuvamile abantu abadala abangakwazi ukuyifinyelela. Ingabe niziphaphamele izindlela eziningi eningafakaza ngazo ngokwethukela esikoleni?
2 Kungani abanye bekuthola kunzima ukuhlanganyela iqiniso nabanye esikoleni? Ingabe kungenxa yokwesaba lokho abafunda nabo abayokucabanga ngabo uma bekhuluma ngoNkulunkulu? (Qhathanisa noMarku 8:38.) Mhlawumbe waba naloluhlobo lokwesaba lapho uqala ukuya endlini ngendlu nezindaba ezinhle. Nokho, uma usiqaphela isidingo enye intsha enaso ngeqiniso, kanye nomthwalo wakho wemfanelo njengomvangeli, uyofuna amathuba okuhlanganyela isigijimi soMbuso nabanye. (Math. 9:36-38; Luka 12:8, 9) Ukuze uphumelele ekufakazeni ngokwethukela kulabo ofunda nabo kudinga ukulungiselela kusengaphambili kanye nokuhlela engxenyeni yakho.
INDLELA YOKUKWENZA
3 Omunye osemusha wayefunda nsuku zonke incwadi yakhe Yezindaba ZeBhayibheli phakathi nemizuzu eyi-15 yokukhululeka. Lapho afunda naye efuna ukwazi ngalencwadi, wamenywa ukuba ahlale phansi futhi bafunde naye enye indaba. Ngemva kwalokho, akazange alinde ukuba aze amenywe ukuba bafunde kodwa wazizela ngentshiseko ukuze bacabangele indaba elandelayo. Wahlanganyela nonina lokho ayekufundile. Ngenxa yalokho, unina waqala ukutadisha iBhayibheli nokuya emihlanganweni eHholo LoMbuso kanye nendodakazi yakhe encane.
4 Kungani ungathathi isinyathelo kuqala futhi ukhulume kwabanye ngencwadi Yezindaba ZeBhayibheli? Ngokwesibonelo, ungase uthi: “Lencwadi ibonisa indlela uNkulunkulu angavikela ngayo izinceku zakhe ezithembekile. [Vula indaba 79.] UJehova wavikela uDaniyeli emphandwini wamabhubesi. Ingabe ucabanga ukuthi uNkulunkulu uyobalondoloza abantu bakhe ngokuqeda ububi esikhathini esizayo?” Ngemva kokuvumela ukukhulumela, ungase uvule indaba 114 ukuze ubonise ukuthi uJehova uyophelisa ububi futhi asindise abantu bakhe.
5 Ungase ubeke incwadi ethi Creation phezu kwedeski lakho ukuze abanye bayibone. Noma lapho ithuba livela, ungase uvule umfanekiso osekhasini 83 bese ubuza ofunda naye noma uthisha: “Ingabe ucabanga ukuthi okhokho bethu babenje?” Ngemva kokuthola impendulo, ungase uxoxe ngokwaziswa okusekhasini 89, izigaba 19 no-20. Kwabanye kungase kuvuswe isifiso sabo esinamandla sokufuna ukwazi uma beboniswa izihloko zezahluko ezihlelwe ekhasini 5. Ungase uhlanganyele nabo okunye ukwaziswa okuvela kwezinye izingxenye zencwadi iCreation, noma ungase ubabonise indlela lencwadi engafundwa ngayo ngokufunda isigaba bese ubuza umbuzo ekugcineni kwekhasi, kuye ngokwendlela abasabela ngayo.
6 Lapho engena esikoleni esiphakeme, omunye ummemezeli osemusha wakwenza umgomo wakhe ukuqalisa isifundo seBhayibheli. Lowo ayefunda naye wayenezinkinga ezithile nabazali bakhe futhi lokhu wakuxoxela intombazane ewuFakazi. Ummemezeli osemusha wambonisa isihloko esifanelekile esithi “Intsha Iyabuza . . .” esivela kuPhaphama! Afunda naye wahlatshwa umxhwele ukwaziswa futhi wabuza imibuzo eyengeziwe. Ummemezeli osemusha wamhambisela incwadi ethi Ungaphila Phakade, futhi wamchazela ukuthi lencwadi ingamsiza ekuphenduleni imibuzo yakhe, futhi waqalisa isifundo seBhayibheli.
7 Ukuze sibe ufakazi kaJehova, kumelwe sikhulume ngaye. (Isaya 43:10-12) Ingabe uye wawenza umzamo ngobuqotho wokuba uhlanganyele iqiniso nalabo ofunda nabo nothisha esikoleni ofunda kuso? Lungiselela izihloko ezithakazelisayo oyozixoxa nabo. Yenza umzamo. Cela abazali bakho noma abanye ukuba bakusize. Thandaza kuJehova ukuze abusise imizamo yakho, njengoba eye wayibusisa eyabanye abamemezeli abaningi abasebasha abangofakazi abaphumelelayo bakaJehova esikoleni.—Kol. 1:9,10.