Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w95 1/1 kk. 24-26
  • “Emlonyeni Wezingane”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Emlonyeni Wezingane”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuziphatha Okuhle Kuwubufakazi
  • Intsha EngoFakazi Ephumelelayo
  • Isibindi Sabancane Sinikeza Ubufakazi Obuhle
  • Ukufuna Iqiniso Kwavuzwa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
w95 1/1 kk. 24-26

“Emlonyeni Wezingane”

NGESIKHATHI uSamuweli esengumfanyana, wazimelela ngokuqinile izimiso ezilungileyo naphezu kobubi bamadodana omPristi Omkhulu u-Eli. (1 Samuweli 2:22; 3:1) Ezinsukwini zika-Elisha, umthunjwa osemncane ongumIsrayeli wafakaza ngesibindi kumqashikazi wakhe e-Aramu. (2 AmaKhosi 5:2-4) Lapho uJesu eneminyaka engu-12 ubudala, wakhuluma ngesibindi kubafundisi bakwa-Israyeli, ebuza imibuzo futhi enikeza izimpendulo ezabakhexisa ababebukele. (Luka 2:46-48) Kuwo wonke umlando, uJehova ubelokhu ekhonzwa ngokwethembeka abakhulekeli bakhe abasebancane.

Ingabe intsha namuhla ibonisa lowomoya ofanayo wokwethembeka? Yebo, iyawubonisa! Imibiko evela emahhovisi egatsha e-Watch Tower Society ibonisa ukuthi intsha eningi kakhulu enokholo ‘izinikela ngokuzithandela’ enkonzweni kaJehova. (IHubo 110:3, qhathanisa ne-NW.) Imiphumela emihle yemizamo yayo ikhuthaza wonke amaKristu, amancane namadala, ukuba ‘angakhathali ekwenzeni okuhle.’—Galathiya 6:9.

Esinye isibonelo esihle ngu-Ayumi, intombazanyana yaseJapane eyaba ngummemezeli ineminyaka eyisithupha ubudala futhi yakwenza umgomo wayo ukufakaza kubo bonke ekilasini layo. Yathola imvume yokubeka izincwadi eziningana emtatsheni wezincwadi wasekilasini, izilungiselela ukuba iphendule noma imiphi imibuzo eyayingase ibuzwe efunda nabo. Cishe bonke efunda nabo kuhlanganise nothisha wayo bajwayelana nalezizincwadi. Phakathi neminyaka eyisithupha yesikole esiphansi, u-Ayumi wahlela izifundo zeBhayibheli ezingu-13. Wabhapathizwa esafunda ibanga lesibili, kanti omunye wabangane bakhe ayebafundele wabhapathizwa esebangeni lesine. Ngaphezu kwalokho, unina walomfundi weBhayibheli kanye nodadewabo ababili abadala nabo bafundelwa futhi babhapathizwa.

Ukuziphatha Okuhle Kuwubufakazi

“Nibe-nenkambo enhle phakathi kwabezizwe,” kusho umphostoli uPetru, futhi intsha engamaKristu iwuthatha ngokungathi sína lomyalo. (1 Petru 2:12) Ngenxa yalokho, ukuziphatha kwawo okuhle kuvame ukunikeza ubufakazi obuhle. Ezweni lase-Afrika eCameroon, indoda ethile yeza okwesibili emhlanganweni webandla woFakazi BakaJehova futhi kwenzeka ukuba ihlale eduze kwentombazanyana ethile. Lapho isikhulumi simema izilaleli ukuba zibheke indinyana eBhayibhelini, lendoda yaphawula ukuthi lentombazanyana yayilithola masinyane lelovesi eBhayibhelini layo siqu futhi ihambisane ngokucophelela nokufundwa kwalo. Isimo sayo sengqondo sayihlaba umxhwele kakhulu kangangokuthi ekupheleni kwalowomhlangano, lendoda yaya esikhulumini yafike yathi: “Lentombazanyana ingenze ngafuna ukuba ungifundele iBhayibheli.”

ENingizimu Afrika kunesikole lapho abafundi bakhona abangu-25 bengoFakazi BakaJehova. Ukuziphatha kwabo okuhle kuye kwaphumela ekubeni oFakazi BakaJehova babe nedumela elihle. Omunye uthisha wavuma komunye umzali onguFakazi ukuthi akazi ukuthi oFakazi baphumelela kanjani ekuqeqesheni abantwana babo kahle kangaka, ikakhulukazi njengoba elakhe isonto lalizibonakalise lihluleka ukusiza intsha. Kwafika uthisha omusha ukuzosiza kulesosikole futhi wakuphawula ngokushesha ukuziphatha okuhle kwabantwana abangoFakazi. Wabuza omunye wabafana abangoFakazi ukuthi kwakufanele enzenjani ukuze abe omunye woFakazi BakaJehova. Umfana wamchazela ukuthi kufanele abe nesifundo seBhayibheli, wabe esehlela ukuba abazali bakhe balandelele lesosithakazelo.

ECosta Rica, uRigoberto wabona inhlansi yeqiniso lapho ababili afunda nabo besebenzisa iBhayibheli ekuphenduleni imibuzo yakhe mayelana noZiqu-zintathu, umphefumulo, nesihogo somlilo. Lokho abakusho akumthonyanga nje kuphela ngenxa yekhono labo lokusebenzisa imiBhalo kodwa nangenxa yokuthi ukuziphatha kwabo okuhle kakhulu kwakuhluke kakhulu kulokho ayekubone emasontweni eLobukholwa. Naphezu kokuphikisa komkhaya, uRigoberto uthuthuka kahle kakhulu esifundweni sakhe seBhayibheli.

ESpain oFakazi BakaJehova ababili—omunye wabo eneminyaka engu-9 ubudala—bavakashela indoda ethile egama layo lingu-Onofre. Nakuba owayekhuluma kakhulu kwakunguFakazi osekhulile, uFakazi omncane wayehambisana naye ngemiBhalo futhi wacaphuna amavesi athile ngekhanda. U-Onofre wahlabeka umxhwele. Wanquma ukuthi ufuna ukufunda iBhayibheli kuyo kanye leyondawo lomfanyana ayefunde kuyo ukusebenzisa imiBhalo kahle kangaka. Ngakho-ke, ngeSonto elilandelayo ekuseni, waya eHholo LoMbuso. Kwadingeka alinde ngaphandle kuze kube semini yantambama, lapho oFakazi beza emhlanganweni wabo. Kusukela lapho kuqhubeke, wathuthuka kahle futhi usanda kubonakalisa ukuzinikezela kwakhe ngobhapathizo lwamanzi.

Intsha EngoFakazi Ephumelelayo

Yebo, uJehova usebenzisa abancane kanye nabadala ukuze afinyelele abanhliziyo-zithobekileyo. Lokhu kwabonakala ngokuqhubekayo kokunye okuhlangenwe nakho kwaseHungary. Lapho, umhlengikazi wasesibhedlela waphawula ukuthi zonke izivakashi ezazizobona isiguli esithile esineminyaka eyishumi, zazisiphathela izincwadi zokufunda kanye nokudla. Ehlabeke umxhwele, wazibuza ukuthi ingabe yayifundani lentombazanyana futhi wathola ukuthi kwakuyiBhayibheli. Lomhlengikazi wakhuluma nayo futhi kamuva wathi: “Zisuka nje, yavele yangifundisa.” Lapho lentombazanyana iphuma esibhedlela, yamemela lomhlengikazi emhlanganweni omkhulu, kodwa umhlengikazi wasenqaba lesisimemo. Nokho, kamuva wavuma ukuba khona eMhlanganweni Wesigodi “Wolimi Oluhlanzekile.” Ngokushesha ngemva kwalokho, waqala ukufundelwa iBhayibheli, futhi ngemva konyaka wabhapathizwa—ngenxa nje yentombazanyana eyasebenzisa isikhathi sayo esibhedlela ifunda izincwadi zeBhayibheli.

E-El Salvador u-Ana Ruth, wayenza unyaka wesibili esikoleni esiphakeme. Wayenomkhuba wokushiya izincwadi zeBhayibheli phezu kwedeski lakhe ukuze abanye bazifunde uma bethanda. Ephawula ukuthi lezizincwadi zazinyamalala zibuye zivele ngemva kwesikhathi esithile, u-Ana Ruth wathola ukuthi omunye walabo ayefunda nabo, u-Evelyn, wayezifunda. Ngemva kwesikhathi esithile, u-Evelyn wavuma ukufundelwa futhi waqala ukuya emihlanganweni yebandla. Ekugcineni, wabhapathizwa, futhi manje ukhonza njengephayona elisizayo lasikhathi sonke. U-Ana Ruth yena uyiphayona elivamile.

EPanama omunye udade waqala isifundo nowesifazane othile omyeni wakhe waqala ukuliphikisa iqiniso kwaze kwaba yilapho lesosifundo sicishe siyekwa. Nokho, kancane kancane isimo sengqondo salendoda saya sithamba. Esikhathini esithile kamuva, umfowabo wegazi, onguFakazi wayicela ukuba izomfakela inhlaba-mkhosi evimbela abagqekezi endlini. Ngesikhathi isafaka lenhlaba-mkhosi, indodakazi yomfowabo eneminyaka engu-9 yafika ekhaya ibukeka idangele. Yayibuza ukuthi kwakwenzenjani, yathi yona nodadewabo omdala babeye koqhuba isifundo seBhayibheli kodwa lowomuntu wayengekho ekhaya, manje ayikwazanga ukumenzela lutho uJehova ngalelolanga. Uyise omncane wathi: “Kungani ungashumayezi mina? Kanjalo uzobe umenzele okuthile uJehova.” Lendodakazi yagijima ngenjabulo yalanda iBhayibheli layo, futhi kwaqalwa isifundo.

Unina (umkamfowabo walendoda) wayelalele. Wayezitshela ukuthi yonke lento imane iyihlaya nje, kodwa njalo nje uma lendoda ize kulomuzi, yayicela lendodakazi ukuba iyifundele iBhayibheli. Lapho lomama ebona ukuthi umlamu wakhe uzimisele futhi wayenemibuzo enzima, wanquma ukusiqhuba yena lesisifundo nendodakazi yakhe ikhona. Waqala ukufunda kabili ngesonto futhi wathuthuka ngokushesha. Ekugcineni, wafinyelela eqophelweni lokuzinikezela futhi wabhapathizwa emhlanganweni ofanayo nokwabhapathizwa kuwo umkakhe—ngenxa nje yesimo esihle sengqondo somntwana osemncane womfowabo.

Isibindi Sabancane Sinikeza Ubufakazi Obuhle

IBhayibheli lithi: “Uqine, inhliziyo yakho ime isibindi; yebo, lindela uJehova.” (IHubo 27:14) Lamazwi asebenza kuzo zonke izinceku zikaNkulunkulu, futhi abancane nabadala bawasebenzisa kulonyaka odlule. E-Australia, lapho intombazanyana eneminyaka emihlanu iqala esikoleni esisha, unina waya kuthisha eyochaza izinkolelo zoFakazi BakaJehova. Uthisha wathi: “Sengiyazi kakade ukuthi yini eniyikholelwayo. Indodakazi yakho isingichazele konke.” Lentombazanyana ayibanga namahloni kangangokuba ingaziyeli ngokwayo kuthisha iyochaza lokho ekukholelwayo.

U-Andrea oneminyaka emihlanu eRomania naye wabonisa isibindi. Lapho unina eshiya isonto lobu-Orthodox ukuze abe uFakazi, omakhelwane bakhe benqaba ukumlalela. Ngolunye usuku eSifundweni Sencwadi Sebandla, u-Andrea wezwa umbonisi wenkonzo egcizelela isidingo sokuba umuntu ashumayele komakhelwane bakhe. Wacabangisisa ngokungathi sína ngalendaba, futhi lapho sebebuyele ekhaya wathi kunina: “Uma usuhambile ukuya emsebenzini, mina ngizovuka, ngifake izincwadi esikhwameni sami, ngendlela ovame ukwenza ngayo, wena Ma, futhi ngizothandaza kuJehova ukuba angisize ngikhulume ngeqiniso nomakhelwane.”

Ngosuku olulandelayo u-Andrea wenza njengoba eshilo. Khona-ke, equnga isibindi, wangqongqoza kwamakhelwane. Lapho umakhelwane evula umnyango, lentombazanyana yathi: “Ngiyazi ukuthi umama wami animthandi selokhu aba uFakazi. Uzamile ukukhuluma nani kaningana, kodwa anithandanga ukumlalela. Lokho akumphathi kahle, kodwa ngifuna nazi ukuthi thina siyanithanda.” Khona-ke u-Andrea wayeqhubeka enikeza ubufakazi obuhle. Ngosuku olulodwa nje, wahambisa izincwadi eziyisithupha, omagazini abayisithupha, izincwajana ezine, namapheshana amane. Kusukela ngalesosikhathi, uphuma njalo ukuya enkonzweni yasensimini.

ERwanda abafowethu kuye kwadingeka ukuba babonise isibindi esikhulu ngenxa yombango olapho. Kwesinye isehlakalo omunye umkhaya woFakazi wafakwa endlini amasosha ayelungiselele ukuwubulalela kuyo. Lomkhaya wacela imvume yokuba uthandaze kuqala. Wavunyelwa, futhi wonke wathandaza buthule, ngaphandle kwendodakazi yakhona uDeborah. Ngokombiko, uDeborah wathandaza ngokuzwakalayo wathi: “Jehova, kulelisonto mina noBaba sihambise omagazini abahlanu. Sizobuyela kanjani kulababantu ukuze sibafundise iqiniso futhi sibasize ukuba bathole ukuphila? Ngaphandle kwalokho, sengizoba kanjani ummemezeli manje? Bengifuna ukubhapathizwa ukuze ngikukhonze.” Lapho lizwa lokhu, elinye isosha lathi: “Asikwazi ukunibulala ngenxa yalentombazanyana.” UDeborah waphendula: “Siyabonga.” Lomkhaya wasinda.

Lapho uJesu engena njengonqobayo eJerusalema ngasekupheleni kokuphila kwakhe kwasemhlabeni, wahlangatshezwa izixuku ezinkulu, zihalalisa. Izixuku zazinabantwana kanye nabadala. Ngokusho komlando, abafanyana abancane ‘babememeza ethempelini‚ bethi: Hosiyana kuyo iNdodana kaDavide.’ Lapho abapristi abakhulu nababhali bekhononda ngalokhu, uJesu waphendula: “Anizange nifunde yini ukuthi: Emlonyeni wezingane nowabancelayo uzilungisele indumiso‚ na?”—Mathewu 21:15, 16.

Akuvusi amadlingozi yini ukubona ukuthi ngisho nanamuhla amazwi kaJesu ayiqiniso? “Emlonyeni wezingane nowabancelayo”—futhi singanezela ukuthi nowabeve eshumini nambili nowezinsizwa nezintombi—uJehova ulungiselele indumiso. Ngempela, uma kuziwa ekudumiseni uJehova, akekho omncane kakhulu.—Joweli 2:28, 29.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela