Imihlangano Yokusisiza Ekwenzeni Abafundi
ISONTO ELIQALA NGOAUGUST 7
INgoma 109
12 imiz: Izaziso zebandla nombiko webandla womsebenzi wasensimini wangenyanga edlule. Yazisa abazalwane ngalokho okwafezwa, futhi ubakhuthazelele umsebenzi ongaphambili. Xoxa ngesithi “Bhekisisani Ukuthi Nihamba Kanjani.” Khuthaza bonke ukuba benze amalungiselelo okuba khona emhlanganweni wesifunda. Xoxa ngokusiza asebegugile nababuthakathaka abadinga usizo. Nikeza ukusikisela okungokoqobo. Khuthaza ukufakaza ngomagazini ngaloMgqibelo. Hlanganisa nemiboniso emifushane ngokuhanjiswa komagazini bamuva.
20 imiz: “Ukuphila Okuphakade—Umgomo Wethu.” Ingxoxo yemibuzo nezimpendulo. Hlanganisa nemiboniso emibili kusetshenziswa izincwajana ezingangomagazini ezihlukahlukene esekelwe ekusikiseleni okukuNkonzo Yethu YoMbuso ka-August 1988. Komunye umboniso, njengoba umninikhaya esenqaba isipho sencwadi, ummemezeli angaphetha ngokuphakamisa umbuzo ofanelekayo ovela encwadini Ukubonisana wengxoxo yangesinye isikhathi.
13 imiz: “Ukulungiselela USeptember Kusengaphambili.” Inkulumo. Qalani ukuhlela lokho eningakwenza njengabantu ngabanye nanjengebandla ukuze kwandiswe ukusakazwa kweqiniso. Khuthaza ukungenela inkonzo yamaphayona ngoSeptember. Kungase kuhlanganiswe namaphuzu akuNqabayokulinda kaMay 1, 1985, amakhasi 13-17.
INgoma 15 nomthandazo wokuphetha.
ISONTO ELIQALA NGOAUGUST 14
INgoma 28
10 imiz: Izaziso zebandla neZaziso ezikhethiwe ezivela kuNkonzo Yethu YoMbuso. Umbiko wezimali kanye nokubonga noma imiphi iminikelo eyenziwe.
20 imiz: “Ukushumayela Izindaba Ezinhle—Ngezindlela Ezihlukahlukene Emsebenzini Wendlu Ngendlu.” Kumelwe isingathwe njengengxoxo kuhlanganyela nezilaleli. Ngokuphathelene nesigaba 2 no-3, yiba nommemezeli olungiselele kahle enza umboniso wokuhanjiswa kukamagazini ngemizuzwana engama-30 kuya kwengama-60. Lapho nicabangela isigaba 4 no-5, bonisa indlela elula, neqondile yokusebenzisa izethulo ezimbili ezingefani ezivela encwadini Ukubonisana noma kuNqabayokulinda kaJuly 15, 1988. Khetha izethulo ezisebenzayo ensimini yebandla.
15 imiz: Izidingo zebandla noma inkulumo esekelwe esihlokweni esithi “Iziphi Izindinganiso Ezibusa Ukuphila Kwakho?” esivela kuPhaphama! ka-August 8, 1989, amakhasi 8-10.
INgoma 34 nomthandazo wokuphetha.
ISONTO ELIQALA NGOAUGUST 21
INgoma 50
10 imiz: Izaziso zebandla. Sikisela izihloko ezikomagazini bamuva ezingasetshenziswa ngaloMgqibelo. Bukeza esithi “Ukuma Siqinile Njengomhlambi Owodwa,” futhi wazise nosuku lomhlangano okhethekile uma selwaziwa kakade. Yisho kafushane amalungiselelo okuya ensimini engabelwe ngokulandelayo. Khuthaza ngemfudumalo ukusekela okugcwele kwebandla. Uma nihlanganisa insimu engasetshenzwa njalo khuthaza ukuhlanganiswa kwayo kahle ngesipho sensimu engabelwe.
15 imiz: “Ingabe Niyalihlonipha IHholo Lenu LoMbuso?” Imibuzo nezimpendulo. Kumelwe isingathwe umdala, aqokomise izingxenye zesihloko ezisebenzayo ebandleni.
20 imiz: “Ingabe Uyakusebenzisa Lokho Onakho?” Xoxa nezilaleli ngokwaziswa okusesenezelweni. Sebenzisa amaIndex onyaka akomagazini bakaDecember 15 beNqabayokulinda nabakomagazini bePhaphama! bakaDecember 8, ukuze ubonise indlela yokuthola ukwaziswa obekudingeka ebandleni.
INgoma 80 nomthandazo wokuphetha.
ISONTO ELIQALA NGOAUGUST 28
INgoma 70
8 imiz: Izaziso zebandla. Khuthaza bonke ukuba bahlanganyele enkonzweni yasensimini ngalempelasonto. Sikisela amaphuzu okukhulunyelwa ekuhambiseni incwadi Ungaphila Phakade phakathi noSeptember.
24 imiz: “Basha, Fakazani Ngokuphumelelayo Esikoleni.” Hlanganisa nemiboniso emithathu yoFakazi abasha besebenzisa izintshumayelo ezisikiselwe ezigabeni 4-6.
13 imiz: Imiphumela Yentsha Efakaza Esikoleni. Kumelwe isingathwe umdala. Sebenzisa okuhlangenwe nakho kwendawo. Uma kungekho okuhlangenwe nakho kwendawo okukhona, kungalandiswa okuhlangenwe nakho okulandelayo kwenye intsha eyizibonelo: iYearbook ka-1989, ikhasi 45, izigaba 1 no-2, kanye nekhasi 49, izigaba 1 no-2; iYearbook ka-1988, ikhasi 53, izigaba 1-3, kanye nekhasi 60, izigaba 1-3. Khuthaza intsha ukuba ithathe isinyathelo kuqala ekufuneni amathuba okufakaza esikoleni. Khuthaza abazali ukuba basize abantwana babo ukuba bazilungiselele ukuze bafakaze ngokuphumelelayo esikoleni.
INgoma 75 nomthandazo wokuphetha.