Ukuphila Okuphakade—Umgomo Wethu
1 Izinkulungwane zabantu ezazifundiswa uJesu zazibona izibonakaliso azenza. Yeka ilungelo ezalijabulela! Ngesinye isikhathi uJesu wahlalisa phansi isixuku, wabonga, futhi wasipha isinkwa nenhlanzi okuningi. Kwakunamadoda alinganiselwa ezi-5 000, kungabalwa abesifazane nezingane. Nakuba uJesu ayezicabangela izidingo ezingokwenyama zabantu, ngokuyinhloko wayekhathalela izidingo zabo ezingokomoya.—Funda uJohane 6:27.
2 NjengamaKristu eqiniso, sifuna ukulandela iseluleko sikaJesu futhi sisebenzele izinzuzo ezingokomoya zaphakade. Ngakho-ke, siyamlingisa uJesu futhi senza wonke umzamo ofanelekile ukuba sihlanganyele iqiniso nabanye futhi sibasize ukuba bazise izinto ezingokomoya, benomgomo wokuphila okuphakade.
UMSEBENZI WANGOAUGUST
3 Phakathi noAugust, sizoqhubeka sihambisa izincwajana ezingangomagazini ezithi Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade!, “Bheka, Ngenza Konke Kube-Kusha,” IGama LaPhezulu Eliyohlala Phakade, noma UHulumeni Oyoletha IPharadesi. Phakathi nomkhankaso wensimu engabelwe siyobe sihambisa isipho esivamile sangoAugust. Amabandla asebenza insimu engabelwe lapho kukhulunywa khona isiBhunu, isiTsonga, isiVenda, nesiXhosa angahambisa futhi nezincwadi ezindala ngo-R1,00 njengoba kwaboniswa encwadini eyayivela eNhlanganweni yangoApril 20, 1989. (Ukuze bathole isaphulelo, abadala kumelwe babheke iziqondiso ezikuNkonzo Yethu YoMbuso kaJanuary 1989.) Lapho kuboniswe khona isithakazelo, kungahanjiswa futhi nencwadi Umvuthwandaba WesAmbulo.
4 Kuhle ukuba nezithile zalezincwadi ezinhle. Lokhu kusenza ukuba sivumelane nesimo, sivumelane nesithakazelo esiboniswa umninikhaya, futhi sihambise incwajana ebonakala ifaneleka kakhulu. Ukusikisela okuwusizo ekuhambiseni izincwajana kwanikezwa kwesithi “Ukushumayela Izindaba Ezinhle” kuNkonzo Yethu YoMbuso ka-August 1988.
5 Uma ingekho incwadi ethathwe umninikhaya, singase sishiye ipheshana ukuze sivuse isithakazelo sakhe ezindabeni ezingokomoya. Noma singase siphakamise umbuzo ongokweBhayibheli futhi sisikisele ukuba umninikhaya awucabangele ukuze sixoxe ngawo lapho siphindela futhi. Ungase ukhethe owodwa emibuzweni eminingi okukhulunywa ngayo encwadini Ukubonisana, njengaleyo ephawulwe emakhasini 242, 247, 316, noma 318.
6 Ukuze siphumelele ekuhlanganyeleni izindaba ezinhle nabanye, sidinga ukuba ngabalungiselele kahle. Lokhu kudinga ukulungiselela kusengaphambili. Ingabe sijwayelene neSihloko Sengxoxo, futhi ingabe sinamaphuzu aqondile esiyowakhulumela avela encwadini esiyihambisayo? Ngokwenza isabelo sethu sokufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke kanye nokucabangela itekisi nsuku zonke, ingokomoya lethu liyokhula, futhi siyoba nezinto eziningi ezinhle esiyokhuluma ngazo enkonzweni yethu.—Qhathanisa noJeremiya 20:9.
7 Phakathi noAugust, ungase ube nethuba lokusebenza nabamemezeli abaningi abahlukahlukene. Lokhu kungase kwandise ukujwayelana kanye nobungane nabanye. Futhi kuyokwenza ukuba ubone indlela abanye abashumayela ngayo izindaba ezinhle. Yebo, umgomo wethu uyinkonzo yokwethembeka kuJehova sinombono wokuphila okuphakade. Kwangathi singabonisa ukwazisa ngezinto ezingokomoya ngomsebenzi wethu njengoba sishukumisela abanye othandweni nasemisebenzini emihle.—Heb. 10:24.