Okwenza Abanye Bashintshe Inkolo Yabo
Kwabaningi, inkolo iyinkolo ngegama nje. Ingase ibe indawo lapho umuntu eya khona ngezinye izikhathi ngeSonto, lapho eshadela khona nalapho eyongcwatshelwa khona. Kodwa ayibonisi uhlobo lomuntu ayilo noma lokho akwaziyo nakukholelwayo. Ngokwesibonelo, okunye ukuhlola kwembula ukuthi amaphesenti angu-50 abantu abathi bangamaKristu awazi ukuthi ubani owanikeza iNtshumayelo yaseNtabeni. Phela, ngisho nomholi odumile waseNdiya uMohandas Gandhi, owayengumHindu, wayekwazi lokho!
INGABE kuyamangaza ukuthi abantu bayayishiya inkolo njengoba abaningi kangaka kubo bengenalo ulwazi olwanele ngenkolo yabo? Cha, akumangazi. Nokho, akuyona futhi into engenakugwenywa. Labo abaye bamukela usizo lokufunda iBhayibheli ngokuvamile bakhexa umlomo lapho bethola indlela lokho okubazuzisa ngayo. IBhayibheli ngokwalo lithi: “NginguJehova uNkulunkulu wakho okufundisile okukusizayo, okuholile ngendlela omelwe ukuhamba ngayo.” (Omalukeke sizenzele.)—Isaya 48:17.
Yini okufanele yenziwe yilabo abanesidingo esingokomoya esinganelisiwe? Akufanele bayeke ukukhonza uNkulunkulu! Kunalokho, kufanele babheke eBhayibhelini babone ukuthi yini uNkulunkulu ngokwakhe abalungiselele yona.
Izimpendulo Zemibuzo Enzima
Eneminyaka engu-7 ubudala, uBernd wabona unina eshona.a Ebuntwaneni bakhe bonke, wayezibuza, ‘Ukuphi umama? Kungani kufanele ngikhule ngaphandle kwakhe?’ Lapho esengomusha oweve eshumini nambili, uBernd wayeyilungu elikhuthele lesonto. Ekhathazeke ngokuhlupheka kwesintu, waba nesifiso sokuba isisebenzi esisiza kwamanye amazwe. Nokho, wayekhathazwa imibuzo isonto ayekulo elalingenazo izimpendulo ezigculisayo zayo.
Khona-ke uBernd waxoxa nothile ayefunda naye esikoleni owayengomunye woFakazi BakaJehova. Lona osemusha wabonisa uBernd eBhayibhelini ukuthi unina wayengezwa lutho, wayelele ekufeni. UBernd wezwa ngamavesi amaningi eBhayibheli achaza lokhu, njengomShumayeli 9:5 othi: “Abafileyo abazi-lutho.” Ngakho uBernd wayengasenaso isizathu sokukhathazeka ngokuthi unina wayehlupheka ohlotsheni oluthile lwesihlanzo—noma okunye okubi nakakhulu. Nakuba imfundiso yokungafi komphefumulo ifundiswa ezinkolweni eziningi, uBernd wabona eBhayibhelini ukuthi umphefumulo womuntu umane ungumuntu ngokwakhe. Lapho umuntu efa, umphefumulo uyafa. “Umphefumulo owonayo uyakufa.”—Hezekeli 18:4.
UBernd wezwa nangethemba elimangalisayo ngabafileyo. Wazifundela ngokwakhe encwadini yeBhayibheli yezEnzo ukuthi: “Luyoba khona uvuko kokubili olwabalungileyo nabangalungile.” (IzEnzo 24:15) Yeka indlela ajabula ngayo ukuthola ukuthi lolu vuko luzokwenzeka lapha emhlabeni, lowo uNkulunkulu azowubuyisela ekubeni ipharadesi!—IHubo 37:29; IsAmbulo 21:3, 4.
Ngokushesha izidingo zi-kaBernd ezingokomoya zaneliswa ngolwazi lwangempela lweBhayibheli. UBernd akazange ayiyeke inkolo. Kunalokho, waphuma esontweni elalihluleka ukwanelisa isidingo sakhe futhi wamukela uhlobo lokukhulekela olusekelwe ngokuqinile eBhayibhelini. Uthi: “Kwakuseminyakeni engu-14 edlule, futhi angikaze ngizisole ngalesi sinyathelo. Manje ngiyazi ukuthi uMdali akakubangeli ukuhlupheka. USathane ungunkulunkulu walesi simiso, futhi nguye okumelwe asolwe ngezimo ezisizungezile. Kodwa maduze nje uNkulunkulu uzowulungisa wonke umonakalo oye wenziwa izwe likaSathane. Nomama uzobuya ngovuko. Yeka ukuthi kuyojabulisa kanjani!”
Kwaqondana, ngoba uBernd uye wawufinyelela umgomo wakhe wokuyosebenza kwelinye izwe asize abanye. Usebenza kwelinye izwe, usiza abanye ukuba bafunde ngoMbuso kaNkulunkulu, ikhambi langempela losizi lwabo. NjengoBernd, izigidi ziye zafunda ukuthi ngokushesha uNkulunkulu uzokuqeda ukuhlupheka kwabantu. Ziyajabula kakhulu ukuthola ukuthi ikhona inkolo eyanelisa isidingo sazo esingokomoya.—Mathewu 5:3.
Iyini Injongo Yokuphila?
Njengoba izwe laseNtshonalanga liya ngokuya liyeka inkolo, abaningi bayabuza, ‘Iyini injongo yokuphila?’ Impendulo itholakala eBhayibhelini, njengoba uMichael athola. Phakathi nawo-1970, uMichael wayefuna ukujoyina iqembu lamaphekula. Wayenenjongo eyodwa kuphela ekuphileni—ukuhlasela labo bantu ayebabheka njengabayimbangela yokungabi nabulungisa kwesimiso sokuhweba ngokukhululekile. Uthi: “Ngangingalokothi ngiphume ekhaya ngingasiphethe isibhamu. Ngangihlele ukubulala izikhulu zezombangazwe nabashisekeli besimiso sokuhweba ngokukhululekile abaningi ngangokunokwenzeka. Ngangingadela ukuphila kwami ngenxa yalokho.”
UMichael wayeya esontweni, kodwa akekho esontweni ayekulo owayengachaza injongo yangempela yokuphila. Ngakho lapho oFakazi BakaJehova befika lapho ehlala khona futhi bembonisa izimpendulo zeBhayibheli zemibuzo yakhe, uMichael walalelisisa. Waqala ukuba khona emihlanganweni yokukhulekela eHholo LoMbuso lendawo loFakazi BakaJehova.
Abangane bakaMichael babenelukuluku lokwazi ngesithakazelo ayesanda kuba naso eBhayibhelini. UMichael wabanxusa: “Wozani emhlanganweni kuleli Sonto. Nihlale isikhashana. Uma ningakuthandi lokho enikuzwayo, khona-ke khululekani niye emakhaya.” Kwaba njalo, ngemva kwenkulumo yemizuzu engu-45 esekelwe eBhayibhelini, abaningi babangane bakhe baphuma ehholo. Kodwa oyedwa—uSusan—wasala. Lona wesifazane osemusha wayekhangwe yilokho ayekuzwile. Kamuva uMichael noSusan bashada futhi babhapathizwa njengoFakazi BakaJehova. UMichael uthi: “Ngiyazi manje ukuthi kungani silapha emhlabeni. Sadalwa uJehova. Injongo yethu yangempela ekuphileni iwukumazi nokwenza intando yakhe. Yilokho okuletha ukwaneliseka kwangempela!”
Izigidi zinenkolelo efana nekaMichael. Zilalela amazwi eBhayibheli athi: “Nakhu ukuphela kwendaba, lapho sekuzwakele konke: Mesabe uNkulunkulu, ugcine imiyalo yakhe, ngokuba lokho kungokwabantu bonke.”—UmShumayeli 12:13.
Ukubhekana Nezinkinga Zokuphila
Sonke siyakubona ukugcwaliseka kwesiprofetho esitholakala ku-2 Thimothewu 3:1 esithi: “Ezinsukwini zokugcina kuyofika izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.” Akekho ongazibalekela izinkinga zalezi “zikhathi ezibucayi.” Kodwa iBhayibheli liyasisiza ukuba sibhekane nazo.
Cabangela uSteven no-Olive, umbhangqwana oshadile. Lapho beqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova, njengabanye abaningi, babenezinkinga zomshado. “Sasiya ngokuya sihlukana,” kuchaza uSteven. “Sasinemigomo nezithakazelo ezingafani.” Yini eyabasiza ukuba baqhubeke bendawonye? “OFakazi BakaJehova basibonisa indlela esasingasebenzisa ngayo izimiso zeBhayibheli ekuphileni kwethu,” kuqhubeka uSteven. “Okokuqala ngqá, safunda ukuthi kusho ukuthini ukuba ongenabugovu nonakekelayo. Ukusebenzisa izimiso zeBhayibheli kwasikhonkela ndawonye. Manje sinomshado ojabulisayo nozinzile.”
Ubuhlobo Obuseduze NoNkulunkulu
Ngokokuhlola kwamuva kwe-Gallup, amaphesenti angu-96 abantu baseMelika ayakholelwa kuNkulunkulu, futhi abaningi balaba bayathandaza kuye. Nokho, ukuhlola okuhlukile kwabonisa ukuthi inani lababa khona esontweni nasesinagogeni lehle kakhulu phakathi nale ngxenye yekhulu leminyaka. Amaphesenti angaba ngu-58 abantu baseMelika athi aya kanye ngenyanga noma ngaphansi kwalokho esontweni. Ngokusobala, inkolo ayizange ibasondeze eduze noNkulunkulu. Futhi le nkinga ayikho e-United States kuphela.
ULinda wakhulela eBavaria. WayengumKatolika oshisekayo futhi ethandaza njalo. Ngesikhathi esifanayo, wayenovalo ngekusasa. Wayengazi lutho ngenjongo kaNkulunkulu ngesintu. Lapho eneminyaka engu-14 kuphela ubudala, uLinda wahlangana noFakazi BakaJehova, futhi uyabika: “Abakusho kwakuthakazelisa, ngakho ngamukela izinsiza-kufundisa zeBhayibheli ezimbili futhi ngazifunda ngokushesha.” Eminyakeni emibili kamuva, uLinda waqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Uthi: “Konke engangikufunda ngoNkulunkulu eBhayibhelini kwakunengqondo.” ULinda wasula esontweni ayekulo futhi wabhapathizwa njengomunye woFakazi BakaJehova eneminyaka engu-18 ubudala.
Yini eyashukumisela uLinda ukuba ashintshe inkolo yakhe? Uyachaza: “Isonto engangikulo langisiza ukuba ngibone ukuthi kunoNkulunkulu, futhi ngafunda ukukholelwa kuye. Kodwa wayengeyena umuntu ongokoqobo futhi ekude. Ukutadisha iBhayibheli akungisizanga ukuba ngiqinisekise ukukholelwa kwami kuNkulunkulu kuphela kodwa kwangisiza nokuba ngimazi futhi ngimthande. Manje nginobuhlobo obuyigugu bomuntu siqu noNkulunkulu, okuthile okubaluleke ukudlula noma yini enye.”
Inkolo Yeqiniso Iyazuzisa!
Ingabe inkolo yakho iyakunika isiqondiso esingokomoya futhi ikubonise indlela iBhayibheli elingakusiza ngayo ukuba ubhekane nezinkinga zokuphila? Ingabe liyafundisa ngethemba eliseBhayibhelini ngekusasa? Ingabe liyakwenza ube nobuhlobo obuseduze, bomuntu siqu noMdali, ngokusekelwe olwazini olunembile lweBhayibheli? Uma kungenjalo, ungapheli amandla. Kunokuba uyeke inkolo, funa uhlobo lokukhulekela olusekelwe ngokuqinile eBhayibhelini. Khona-ke uyofana nalabo okwaprofethwa ngabo encwadini yeBhayibheli ka-Isaya: “Isho kanje iNkosi uNkulunkulu, ithi: Bhekani, izinceku zami ziyakudla . . . izinceku zami ziyakuphuza . . . izinceku zami ziyakuthokoza . . . izinceku zami ziyakujabula ngokwenama kwenhliziyo.”—Isaya 65:13, 14.
[Umbhalo waphansi]
a Amanye amagama kulesi sihloko ashintshiwe.
[Izithombe ekhasini 4, 5]
IBhayibheli lisisiza ukuba simazi futhi simthande uNkulunkulu